Isahluko 79

Niyizimpumputhe! Anazi lutho! Ingqumbi kadoti ongenamsebenzi! Nehlukanisa ubuntu obejwayelekile ebunkulunkulwini Bami obuphelele! Ngabe anicabangi ukuthi lokhu kuyisono Kimi? Futhi okungaphezulu kwalokhu kuyinto okulukhuni ukuyithethelela! UNkulunkulu ongokoqobo ufika phakathi kwenu namuhla kodwa nina nazi kuphela uhlangothi Lwami olulodwa okuwubuntu Bami obejwayelekile, futhi anilubonile neze uhlangothi Lwami olunobunkulunkulu ngokuphelele. Ngabe ucabanga ukuthi angazi ukuthi ngubani ozama ukungikhohlisa ngemuva Kwami? Angikugxeki manje, ngibheka kuphela izinga ongafika kulo nokuthi isiphetho sakho siyoba yini. Amazwi Ami akhulunywe ngezinkulungwane futhi nenze izinto eziningi ezimbi. Kungani niphindaphinda nizama ukungikhohlisa? Qaphela ukulahlekelwa ukuphila kwakho! Uma uvusa ulaka Lwami kuze kube sezingeni elithile khona-ke ngeke ngikukhombise musa futhi ngiyokuxosha. Ngeke ngibheke ukuthi ubunjani ngaphambili, ukuthi ubuthembekile noma ubunentshisekelo, ukuthi uyaluze kangakanani, ukuthi ukhokhe kangakanani ngenxa Yami—ngeke nhlobo ngibheke lezi zinto. Udinga kuphela ukungithukuthelisa manje bese ngikuphonsa emgodini ongenamkhawulo. Ngubani oyolokotha azame ukungikhohlisa? Khumbula lokhu! Kusuka manje kuya phambili lapho ngithukuthela, noma kungenxa kabani, ngiyokususa ngokushesha ukuze kungabi nankinga esikhathini esizayo futhi ukuze kungadingeki ukuba ngikubone futhi. Uma ungedelela ngiyokusola ngokushesha—uyokukhumbula lokhu? Labo abahlakaniphile bayophenduka ngokushesha.

Namuhla, okungukuthi manje, nginolaka. Kufanele nonke nethembeke Kimi, futhi ninikele konke okwenu Kimi. Akukwazi ukuba khona okunye ukulibala. Uma ungalaleli amazwi Ami ngizokwelula isandla Sami ngikushaye ngikuwise. Ngalokhu ngiyokwenza bonke abantu bangazi, futhi namuhla nginolaka nobukhosi kubo bonke (lokhu kunzima ngokwengeziwe kunokwahlulela Kwami). Sengikhulume amazwi amaningi kakhulu kodwa anikaphenduli nhlobo; ngabe ngempela niyiziwula kangaka? Angicabangi ukuthi ninjalo, kunjalo? NguSathane omdala phakathi kini oqonde ububi—niyakubona ngokucacile lokhu? Sheshisani nenze ukuguquka okuphelele! Namuhla, umsebenzi woMoya oNgcwele Wakhe uqhubekele kulesi sigaba—anikawuboni? Igama Lami lizosabalala lisuka endlini liya kwenye kuzo zonke izizwe nakuzo zonke izindawo futhi liyomenyezwa emilonyeni yabadala neyezingane ngokufanayo kuwo wonke umhlaba; lokhu kuyiqiniso elingephikwe. NginguNkulunkulu Ngokwakhe okungekho lutho olunjengaye, futhi ngaphezu kwalokho ngiyisiqu sikaNkulunkulu esisodwa futhi okuwukuphela kwaso, futhi Mina, engiwukuphelela kwenyama, ngiwukubonakaliswa okuphelele ngokwengeziwe kukaNkulunkulu. Noma ngubani olokotha angangihloniphi, noma ngubani olokotha akhombise ukwedelela emehlweni akhe, noma ngubani olokotha akhulume amazwi okungedelela nakanjani uyobulawa yiziqalekiso nolaka Lwami (kuyoba nokuqalekisa ngenxa yolaka). Futhi noma ngubani olokotha angethembeki noma abe njengomntwana Kimi, noma ngubani olokotha azame ukungenzela ubuqili nakanjani uyofa enzondweni Yami. Ukulunga, ubukhosi nokwahlulela Kwami kuyohlala phakade naphakade. Ekuqaleni, nganginothando futhi nginomusa, kodwa lokhu akusona isimo sobunkulunkulu Bami obuphelele; ukulunga, ubukhosi nokwahlulela kuyisimo Sami nje—uNkulunkulu ophelele Ngokwakhe. Ngesikhathi seNkathi Yomusa nganginothando futhi nginesihawu. Ngenxa yomsebenzi okwakufanele ngiwuqede nganginomusa wothando noma isihawu (bekungasekho kusukela lapho). Konke kuwukulunga, ubukhosi, nokwahlulela futhi lokhu kuyisimo esiphelele sobuntu Bami obejwayelekile buhlangene nobunkulunkulu Bami obuphelele.

Labo abangangazi bayobhubha emgodini ongenamkhawulo futhi labo abaqinisekile Ngami bayophila phakade, banakekelwe futhi bavikelwe othandweni Lwami. Lapho nje ngikhuluma izwi elilodwa, umhlaba nezulu nawo wonke amagumbi omhlaba kuyaqhaqhazela. Ngubani ongezwa amazwi Ami futhi angaqhaqhazeli ngenxa yovalo? Ngubani ongatholi inhliziyo engihloniphayo? Ngubani ongakwazi ukulunga nobukhosi Bami ezenzweni Zami! Futhi ngubani ongakwazi ukubona ukuba namandla onke nokuhlakanipha Kwami phakathi kwezenzo Zami! Noma ngubani onganaki uyofa nakanjani. Lokhu kungenxa yokuthi labo abanganaki yilabo abamelana Nami futhi abangangazi; bayingelosi enkulu, futhi abazithibi ngokwedlulele. Zihloleni: Noma ngubani ongazithibi, ozibona elungile, ozithwele futhi oziqhayisayo nakanjani uzothola inzondo Yami futhi uyobhubha!

Manje ngimemezela izinqumo zokuphatha zombuso Wami: Zonke izinto zingaphakathi kokwahlulela Kwami, zonke izinto zingaphakathi kokulunga Kwami, zonke izinto zingaphakathi kobukhosi Bami, futhi ukulunga kwenziwa kubo bonke. Labo abathi bakholwa Kimi kodwa abangiphikisayo ezinhliziyweni zabo, noma izinhliziyo zabo ezingilahlile bayoxoshwa, kodwa konke ngesikhathi esilungele Mina. Labo abakhuluma ngokubhinqa Ngami, kodwa ngendlela abantu abangayiqapheli, bayofa ngokushesha (bayofa emoyeni, emzimbeni nasemphefumulweni). Kulabo abacindezela noma bazibe labo engibathandayo, ulaka Lwami lubahlulela ngokushesha. Lokhu kusho ukuthi labo abanenhliziyo enomona ngalabo engibathandayo futhi abacabanga ukuthi angilungile bayonikelwa kulabo engibathandayo ukuze babahlulele. Bonke labo abaziphethe kahle, abaqondile nje nabaqotho (kuhlanganisa labo abantula ukuhlakanipha) nabaqotho ngokungangabazi Kimi bonke bayosala embusweni Wami. Bonke abangedlulile ekuqeqeshweni, okusho labo bantu abaqotho abantula ukuhlakanipha nolwazi, bayoba namandla embusweni Wami. Nokho baphinde futhi badlula ekubhekanweni nabo nokwephulwa. Ukuthi abedlulile ekuqeqeshweni akunasiqiniseko, kodwa kunalokho ngiyokhombisa ngalezi zinto bonke abantu ukuba namandla onke nokuhlakanipha Kwami. Ngiyoxosha labo abasangingabaza manje, angifuni noyedwa wabo (ngiyabenyanya labo abasangingabaza kanje esikhathini esinje). Ngezenzo engizenza emhlabeni wonke, ngiyokhombisa abantu abaqotho ukumangalisa kwezenzo Zami, kulokho ngikhulise ukuhlakanipha, ulwazi nokwahlukanisa kwabo, futhi ngiyokwenza ukuthi abantu abakhohlisayo babhujiswe ngomzuzu ngenxa yezenzo Zami ezimangalisayo. Wonke amadodana angamazibulo aba ngawokuqala ukwamukela igama Lami (okuchaza labo bantu abangcwele nabangangcolile, abaqotho) ayoba ngawokuqala ukungena embusweni bese ebusa zonke zizwe nabo bonke abantu kanye Nami, abuse njengamakhosi embusweni futhi ndawonye ahlulele zonke izizwe nabo bonke abantu (okusho wonke amadodana angamazibulo embusweni, hhayi abanye). Labo phakathi kwezizwe zonke nabo bonke abantu abahlulelwe futhi abaphendukile bayongena embusweni Wami futhi babe ngabantu Bami, futhi labo abanenkani nabangaphenduki bayophonswa emgodini ongenamkhawulo (ukuze babhubhe kuze kube phakade). Ukwahlulela embusweni kuyoba ngokokugcina futhi kuyoba ngokuhlanzwa komhlaba. Khona-ke ngeke kusaba khona ukwenza okungalungile, usizi, izinyembezi, ukububula futhi ngaphezu kwalokho ngeke kube khona umhlaba. Konke kuyoba ngukubonakaliswa kukaKristu, konke kuyoba ngumbuso kaKristu. Inkazimulo engaka! Inkazimulo engaka!

Okwedlule: Isahluko 78

Okulandelayo: Isahluko 80

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp