Okumayelana Nempilo Yokomoya Ejwayelekile

Ukukholwa kuNkulunkulu kudinga impilo yokomoya ejwayelekile, eyisisekelo sokuzwa amazwi kaNkulunkulu kanye nokungena kokungokoqobo. Ingabe konke ukwenza kwenu kwamanje kokuthandaza, kokusondela kuNkulunkulu, kokucula amaculo, ukudumisa, ukucabanga, nokuzindla ngamazwi kaNkulunkulu kuhlangana kube “yimpilo yokomoya ejwayelekile”? Akekho kinina obonakala azi. Impilo yomoya ejwayelekile ayipheleli ekwenzeni izinto ezinjengokuthandaza, ukucula amaculo, ukuhlanganyela empilweni yebandla, kanye nokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Kunalokho, ibandakanya ukuphila impilo yokomoya entsha nenomdlandla. Okubalulekile akusiyo indlela owenza ngayo, kodwa ukuthi yiziphi izithelo ezikhishwa ukwenza kwakho. Abantu abaningi bakholwa ukuthi impilo yokomoya ejwayelekile kudingeka ibandakanye ukuthandaza, ukucula amaculo, ukudla kanye nokuphuza amazwi kaNkulunkulu noma ukuzindla ngamazwi Akhe, kungakhathaleki ukuthi lokhu kwenza kunawo yini umthelela noma kuyaholela yini ekuqondeni kwangempela. Laba bantu bagxila ekulandeleni izinqubo ezingasho lutho ngaphandle kokucabanga ngemiphumela yazo; bangabantu abaphila ngezinqubo zenkolo, abayibo abantu abaphila ngaphakathi kwebandla, ingasaphathwa-ke eyokuba abantu bombuso. Imithandazo yabo, ukucula amaculo, kanye nokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu konke kuwukulandela umthetho nje, kwenziwa ngokucindezelwa kanye nokulandela okwenziwa ngabanye, hhayi ngokuzimisela nangokusuka enhliziyweni. Kungakhathaleki ukuthi laba bantu bathandaza noma bacula kanjani, imizamo yabo ngeke ithele zithelo, ngoba lokho abakwenzayo kuyimithetho nemikhuba yenkolo nje; abenzi wona ngempela amazwi kaNkulunkulu. Bagxila kuphela ekukhathazekeni ngendlela abenza ngayo, futhi baphatha amazwi kaNkulunkulu njengemithetho yokulandelwa. Abantu abanjalo abenzi amazwi kaNkulunkulu; banelisa inyama nje, futhi benzela ukubonwa abanye abantu. Le mithetho kanye nezinqubo zenkolo konke kuvela kubantu; akuveli kuNkulunkulu. UNkulunkulu akalandeli imithetho, futhi akaphethwe umthetho. Kunalokho, wenza izinto ezintsha nsuku zonke, ufeza umsebenzi ongokoqobo. Njengabantu beBandla Leziqu Ezintathu, abazibophezela kuphela ekwenzeni izinto ezifana nokuya ezinkonzweni zasekuseni nsuku zonke, benze imithandazo yakusihlwa kanye nemithandazo yokubonga ngaphambi kokudla, nokubonga kuzo zonke izinto—kungakhathaleki ukuthi benzani nokuthi bakwenza isikhathi eside kangakanani, ngeke babe nomsebenzi kaMoya oNgcwele. Lapho abantu bephila ngemithetho futhi benezinhliziyo ezigxile ezindleleni zokwenza, uMoya oNgcwele akakwazi ukusebenza, ngoba izinhliziyo zabo zigcwele imithetho kanye nemibono yobuntu. Ngakho, uNkulunkulu akakwazi ukungenelela bese esebenza kubo, futhi bangaqhubeka baphile ngokulawulwa yimithetho kuphela. Abantu abanjalo abakwazi unomphelo ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu.

Impilo yokomoya ejwayelekile iwukuphila okuphilwa phambi kukaNkulunkulu. Lapho ethandaza, umuntu angathulisa inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi ngomthandazo, umuntu angafuna ukukhanyiselwa uMoya oNgcwele, azi amazwi kaNkulunklu, futhi aqonde intando kaNkulunkulu. Ngokudla kanye nokuphuza amazwi Akhe, abantu bangathola ukuwuqonda ngokucacile nangokugcwele umsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Futhi bangathola indlela entsha yokwenza, bangabe besabambelela kwendala; konke abakwenzayo kungenhloso yokuba bathole ukukhula ekuphileni. Umthandazo, awusikho ukukhuluma amazwi ambalwa amnandi noma ukukhala phambi kukaNkulunkulu ukuze ubonise ukuthi umkweleta kangakanani; kunalokho, injongo yawo ukuziqeqesha ekusebenziseni umoya, okuvumela umuntu ukuba athulise inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, ukuziqeqeshela ukufuna ukuqondisa okuvela emazwini kaNkulunkulu kuzo zonke izindaba, ukuze inhliziyo yakhe idonseleke ekukhanyeni okusha nsuku zonke, nokuthi umuntu angahlali angenzi lutho noma avilaphe kodwa aqale ukuhamba endleleni efanele yokwenza amazwi kaNkulunkulu. Abantu abaningi ezinsukwini zanamuhla bagxila ezindleleni zokwenza, kodwa lokho abakwenzeli khona ukuphishekela iqiniso nokuba bafinyelele ekukhuleni empilweni. Kulapha-ke lapho beduke khona. Bakhona futhi abanye abakwaziyo ukuthola ukukhanya okusha, kodwa izindlela zabo zokwenza aziguquki. Beza nemibono yabo yenkolo emidala ngesikhathi befuna ukuthola amazwi kaNkulunkulu anamuhla, ngakho lokho abakutholayo kuselokhu kuyimfundiso enemibono yenkolo; abakutholi kalula ukukhanya kwanamuhla. Ngenxa yalokho, izenzo zabo zinokuthunazeka; kuseyizenzo ezifanayo ezindala ezisesitsheni esisha. Noma bangenza kahle kangakanani, bangabazenzisi. UNkulunkulu uhola abantu ekwenzeni izinto ezintsha nsuku zonke, ufuna ukuba ngosuku nosuku bathole ukuqonda okusha, futhi ufuna ukuthi bangenzi ngendlela yakudala futhi bangaphindaphindi. Uma usuneminyaka eminingi ukholwa kuNkulunkulu, kodwa izindlela zakho zokwenza zingaguqukile nhlobo, futhi uma usalokhu ushiseka futhi umatasatasa ngezindaba zangaphandle, kodwa ungenayo inhliziyo ethulile ongayiletha phambi kukaNkulunkulu ukuze ujabulele amazwi Akhe, khona-ke ngeke uthole lutho. Ekwamukeleni umsebenzi kaNkulunkulu omusha, uma ungahleli ngendlela ehlukile, ungenzi izinto ngendlela entsha, futhi ungaphishekeli ukuqonda okusha, kodwa esikhundleni salokho ubambelela kokudala futhi wamukela ukukhanya okunomkhawulo kuphela, ngaphandle kokuguqula indlela owenza ngayo, khona-ke abantu abanjengawe bakulo mgudu ngegama kuphela; empeleni, bangabaFarisi benkolo abangaphandle komgudu kaMoya oNgcwele.

Ukuze aphile impilo yokomoya ejwayelekile, umuntu kufanele akwazi ukuthola ukukhanya okusha nsuku zonke futhi aphishekele ukuwaqonda ngempela amazwi kaNkulunkulu. Umuntu kufanele alibone ngokucacile iqiniso, athole indlela yokwenza kuzo zonke izindaba, athole imibuzo emisha ngokufunda amazwi kaNkulunkulu nsuku zonke, futhi abone ukusilela kwakhe ukuze abe nenhliziyo elangazelelayo nefunayo ezoshukumisa bonke ubuntu bakhe, futhi ukuze athule phambi kukaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, esabe ngokujulile ukusalela emuva. Umuntu onenhliziyo elangazelela futhi efuna kanjalo, ozimisele ukuqhubeka nokufinyelela ekungeneni, usemgudwini ofanele wempilo yokomoya. Labo abashukunyiswa uMoya oNgcwele, abafisa ukwenza kangcono, abazimisele ukuphishekela ukupheleliswa uNkulunkulu, abalangazelela ukuqonda ngokujulile amazwi kaNkulunkulu, abangaphishekeli amandla angaphezu kwemvelo kodwa kunalokho abenza umzamo ofanele, abanakekela ngempela intando kaNkulunkulu, abafinyelela ngempela ekungeneni ukuze abahlangene nakho kube okwangempela nokungokoqobo ngokwengeziwe, abangaphishekeli amazwi nezimfundiso eziyize noma ukuphishekela ukuzwa amandla angaphezu kwawemvelo, abangakhonzi noma yimuphi umuntu omkhulu—laba yibo asebengenile empilweni yokomoya ejwayelekile. Konke bakwenza ngenhloso yokuthola ukukhula okwengeziwe ekuphileni kanye nokubenza babe basha futhi baphile emoyeni, futhi ngaso sonke isikhathi bakwazi ukufinyelela ekungeneni ngentshisekelo. Bengazelele, bazithola sebeqonda iqiniso bese bengena kokungokoqobo. Labo abanokuphila ngokomoya okujwayelekile bathola inkululeko nokukhululwa emoyeni nsuku zonke, futhi benza amazwi kaNkulunkulu ngokukhulekeka ngendlela emenelisayo. Kulaba bantu, ukuthandaza akuwona uthetho noma inqubo; nsuku zonke, bayakwazi ukuhambisana nokukhanya okusha. Ngokwesibonelo, abantu baziqeqeshela ukuba bathulise izinhliziyo zabo phambi kukaNkulunkulu, futhi izinhliziyo zabo ziyakwazi ukuthula ngempela phambi kukaNkulunkulu, futhi ngeke ziphazanyiswe muntu. Akekho umuntu, isehlakalo, noma into engavimba izimpilo zabo zokomoya ezijwayelekile. Ukuqeqeshwa okunjalo kwenziwa ngenhloso yokuthola imiphumela; hhayi ngenhloso yokwenza abantu balandele imithetho. Lokhu kwenza akukho mayelana nokulandela imithetho, kodwa, kunalokho, kumayelana nokuthuthukisa ukukhula kwempilo yabantu. Uma uthatha lokhu kwenza njengemithetho yokulandelwa kuphela, impilo yakho ngeke iguquke. Kungenzeka wenze njengabanye abantu, kodwa ngesikhathi bona begcina bekwazi ukuhambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, wena uyasuswa emgudwini kaMoya oNgcwele. Ingabe awuzikhohlisi? Injongo yala mazwi ukuvumela abantu ukuba bathulise izinhliziyo zabo phambi kukaNkulunkulu, baphendulele izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, ukuze umsebenzi kaNkulunkulu kubo ungabi nokuthikamezeka futhi uthele izithelo. Kulapho kuphela abantu bengahambisana khona nentando kaNkulunkulu.

Okwedlule: Indlela Yokwazi Iqiniso

Okulandelayo: Ukudingida Impilo Yasenkonzweni Nempilo Yangokoqobo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp