Ukudingida Impilo Yasenkonzweni Nempilo Yangokoqobo

Abantu bacabanga ukuthi bakwazi ukuguquka ngaphakathi empilweni yebandleni kuphela. Uma bengekho ngaphakathi kwempilo yebandla, bazizwa bengakwazi ukuguquka, kube sengathi inguquko ayinakufezeka empilweni yangempela. Niyazi ukuthi yini ngempela inkinga kulokhu? Ngike ngakhuluma ngokuletha uNkulunkulu empilweni yomuntu yeqiniso, futhi le yindlela yalabo abakholelwa kuNkulunkulu ukuba bazi ngokweqiniso amazwi kaNkulunkulu. Empeleni, impilo yebandla yindlela nje ekhawulekile yokuba abantu babe ngabamsulwa nabangenasihla. Indawo eyisisekelo yokuba ngabantu abamsulwa nabaphelele kuseyiyo impilo uqobo lwayo. Le yinqubo yeqiniso neyoqobo yokuqeqeshwa engikhulume ngako, okwenza abantu bakwazi ukuphila impilo yobuntu ejwayelekile futhi bakhombise ubuntu beqiniso empilweni yansukuzonke. Iphuzu elilodwa ngelokuthi umuntu kufanele athole ukufundiseka ukuze enyuse izinga lakhe lokufundiseka, akwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, bese ethola amandla okuqonda kahle. Elinye futhi iphuzu elokuthi umuntu kufanele ahlome ngolwazi oluyisisekelo oludingekayo ukuze aphile njengomuntu akwazi nokufinyelela ekuqondeni nasekucabangeni ezingeni lobuntu obujwayelekile, ngoba abantu esikhathini esiningi bavame ukungabi nalo leli khono. Phezu kwalokho, umuntu kufanele afinyelele esimweni sokuwathokozela amazwi kaNkulunkulu ngempilo yasenkonzweni, bese kancane kancane akwazi ukuthola ukuliqonda ngokucacile iqiniso.

Kungani kuye kuthiwe uma umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kufanele alethe uNkulunkulu empilweni yakhe uqobo? Akukhona nje kuphela ukuthi impilo yasenkonzweni ingamshintsha umuntu, kodwa okubaluleke kakhulu, umuntu kufanele angene empilweni yeqiniso empilweni yoqobo. Nanivame ngaso sonke isikhathi ukukhuluma ngesimo senu somoya nezindaba zomphefumulo kodwa nibe niyekelele ukuqeqeshwa ezintweni eziningi, ekuphileni kwangempela, kanjalo nokunganaki ukungena kwenu kuzona. Nabhala zonke izinsuku, nalalela zonke izinsuku, futhi nafunda zonke izinsuku. Nakhuleka ngenkathi nipheka: “Awu Nkulunkulu! Ake Wena ube ukuphila kwami ngaphakathi kimina. Ngizodlula kanjani kulolu suku? Ngicela ungibusise, ungikhanyisele. Nanoma yikuphi ongikhanyisela ngakho namuhla, ngicela ungisize ngikuqondisise ngalesi sikhathi, ukuze amazwi aKho abe ukuphila kwami.” Naphinde nakhuleka ngenkathi nidla isidlo sakusihlwa: “Awu Nkulunkulu! Usiphe lesi sidlo. Ake usibusise. Amen! Sicela usivumele sincike Kuwe ngezimpilo zethu. Ake ube nathi. Amen!” Emva kokuqeda isidlo senu sakusihlwa ngenkathi nigeza izitsha, naqala futhi Nalanda nithi: “O Nkulunkulu, ngiyilesi sitsha. Singcoliswe nguSathane futhi sinjengezitsha nje esezisetshenzisiwe okufanele zihlanzwe ngamanzi, Wena-ke ungamanzi, amazwi Akho angamanzi aphilayo anikeza ukuphila kimina.” Masinyane nje kwase kuyisikhathi sokulala waqala ukulanda futhi: “Awu Nkulunkulu! Ungibusisile wangihola osukwini lonke. Ngibonga kakhulu kuWe….” Usuku lwakho luhambe kanje waze wathathwa ubuthongo. Abantu abaningi baphila kanje zonke izinsuku, ngisho namanje, abakanaki ukungena kweqiniso, kodwa bagxila kuphela ekwenzeni izinto ngezindebe zomlomo kuphela emikhulekweni yabo. Le yimpilo yomuntu yangaphambilini—impilo yakhe yakudala. Abantu abaningi banje, abanakho ukuqeqesheka kweqiniso, futhi kuncane kakhulu ukuguquka kweqiniso kubona. Bakhuluma nje ngezindebe zomlomo imikhuleko yabo, beza kuNkulunkulu ngamazwi abo kodwa kabanakho ukujula ekuqondeni kwabo. Ake sithathe isibonelo esilula nje—uku ikhaya lakho. Uyabona ukuthi ikhaya lakho lingcolile, ngakho uhlala lapho ukhuleke: “Awu Nkulunkulu! Buka inkohlakalo uSathane ayilethe kimi. Ngingcole njengaleli khaya. Awu Nkulunkulu! Ngiyakudumisa futhi ngiyakubonga. Ngaphandle kwensindiso nokukhanyisela Kwakho, bengingeke ngilibone leli qiniso.” Uhlala lapho nje ukhulume, ukhuleka isikhathi eside, bese wenza sengathi akukho lutho olwenzekile, uziphathise okowesifazane omdala ohhemayo. Udlula empilweni yomphefumulo wakho ngale ndlela ngaphandle kokungena ngempela esimweni njengoba sinjalo, kunemikhuba eminingi oyenza ngenjwayelo hhayi ngokweqiniso! Ukungena ekuziqeqesheni koqobo kubandakanya izimpilo zabantu zangempela nezingqinamba zangokoqobo—yilokhu kuphela okuyindlela abaguquka ngayo. Ngaphandle kwempilo yeqiniso, abantu ngeke baguquke. Kusiza ngani ukukhuleka ngezindebe zomlomo nje kuphela? Ngaphandle kokuqonda isimo somuntu, yonke into ingukuchitha nje isikhathi, futhi ngaphandle komendo ocacile wokwenza izinto, yonke into iyize leze! Imithandazo yeqiniso ingasigcina isimo esifanele ngaphakathi ebantwini, kodwa ayikwazi ukubaguqula ngokuphelele. Njengoba wazi ukuzenzisa komuntu, ukuzidla, ukuqhosha, ukuziqhenya, kanye nesimo senkohlakalo—ukwazi lezi zinto akufiki ngomthandazo, kodwa kutholakala ngokunambithisisa amazwi kaNkulunkulu, futhi azwiwa ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele empilweni. Esikhathini sanamhlanje bonke abantu bayakwazi ukukhuluma kushelele ulimu, futhi bavame ukulalela izintshumayelo eziphakeme, eziphakeme kunazo zonke ezake zazwakala eminyakeni edlule, kodwa kuncane kakhulu kwalezo zintshumayelo okwenziwayo empilweni yoqobo. Lokho kusho ukuthi, ezimpilweni zabantu akunaNkulunkulu, abanayo impilo yomuntu omusha emva kokuguquka. Akukho ukuliphila iqiniso empilweni, futhi akukho Nkulunkulu ezimpilweni eziphilwa ngabantu. Izimpilo zabantu ziphilwa sengathi bangamadodana esihogo. Ingabe lokhu akukona ukuchezuka okucace bha?

Ukuze kuhlunyeleliswe isimo somuntu ojwayelekile, okusho, ukufeza ubuntu obujwayelekile, abantu abakwazi ukumthokozisa uNkulunkulu ngamazwi abo nje kuphela. Bayazilimaza ngokwenza lokho, futhi akunamvuzo empilweni yabo nasekuguqukeni. Ngakho-ke, ukuthola inguquko, abantu kufanele bakwenze kancane kancane, bangene ngokungasheshi, bafune futhi bafunisise kancane kancane, bangene kokuhle, futhi baphile impilo yangokoqobo yeqiniso, impilo yabangcwele. Kusukela manje kuya phambili, ibandakanya izihloko zeqiniso, izinto zeqiniso, kanye nezimo zeqiniso, ivumela abantu ukuba bathole ukuqeqeshwa okungokoqobo. Akudingi ukuba benze ngezindebe zomlomo; kunalokho, kudinga izimo zeqiniso zokuqeqesheka. Abantu bagcina bebona ukuthi banezinga eliphansi, bese beqala ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokujwayelekile, futhi bangene baphinde benze ngokujwayelekile; kutholakala ngale ndlela ukuphila kwangempela, futhi kungenwa kanje nangokushesha. Ukuguqula abantu, kufanele kube khona ukubuka ngendlela efanele, kufanele bazejwayeze izinto ngezimo zangempela, izinto zeqiniso, kanye nezimo zeqiniso. Ngokuncika nje empilweni yasenkonzweni kuphela, ingabe kungenzeka ukufeza ukuqeqeshwa kweqiniso? Ingabe umuntu angangena ezimweni zangempela? Cha. Uma umuntu engakwazi ukungena empilweni yangempela, ngakho-ke akakwazi ukuguqula izindlela zakhe zakudala zokwenza izinto zokuphila impilo. Akungenxa nje kuphela yobuvila bomuntu noma yokuthembela kuyena ngokunzulu, kodwa kungenxa yokuthi umuntu akanawo amandla okuphila, ngaphezu kwalokho, akanakho ukuqonda amazinga esimo umuntu ojwayelekile afunwa uNkulunkulu. Ngaphambilini, abantu babehlale bexoxa, bekhuluma, behlanganyela, baze baphenduka “abaqaphuzi”; kodwa akekho namunye wabo owayefuna inguquko esimweni sempilo yabo; babegxile nje ekufuneni amathiyori anzulu. Ngakho-ke, namhlanje kufanele nishintshe le mpilo yenkolo yokukholwa kuNkulunkulu. Kufanele ningene futhi nizejwayeze ukugxila entweni eyodwa, udaba olulodwa, umuntu oyedwa. Kufanele nenze izinto ngokugxila kokuthile—yilapho kuphela lapho niyothola imiphumela. Ukuze kuguqulwe abantu, kufanele kuqale ngesiqu sabo uqobo. Umsebenzi kufanele uqondiswe esiqwini nasesimilweni sabantu, izimpilo zabo, ekuvilapheni kwabo, ukuzimela ngabanye, kanye nokwahlulwa yizinhliziyo kwabantu, futhi kungale ndlela kuphela lapho beyothola ukuguquka khona.

Yize noma impilo yebandla ingakhiqiza imiphumela kwezinye izindawo, okusemqoka ukuthi impilo yeqiniso ingaguqula abantu, kanti isimo sabo sakudala ngeke saguquka ngaphandle kwempilo yeqiniso. Ake sithathe umsebenzi kaJesu ngeNkathi Yomusa. Ngenkathi uJesu echitha imithetho yangaphambilini esungula imithetho yesikhathi esisha, Wakhuluma ngezibonelo zempilo yangokoqobo. Ngenkathi uJesu ehola abafundi Bakhe bedabula ensimini kakolweni ngeSabatha, kwathi lapho abafundi sebelambile bakha bazidlela ukolweni, abaFarisi bakubona lokhu bathi abaligcini iSabatha. Baphinde bathi abantu babengavunyelwe ukusindisa amankonyane ayewele emgodini ngeSabatha, beqonde ukuthi akukho msebenzi okufanele wenziwe ngeSabatha. UJesu wasebenzisa lezi zehlakalo ukumisa kancane kancane umthetho wesikhathi esisha. Ngaleso sikhathi, Wasebenzisa izimo eziningi zangokoqobo ukuze abantu baqonde futhi baguquke. Lona ngumgomo uMoya oNgcwele enza ngayo umsebenzi waKhe, futhi ukuphela kwendlela engaguqula abantu. Uma bengenazo izibonelo ezingokoqobo, abantu bangakwazi ukuthola ukuqonda ngokwethiyori kuphela bese bekwazi ukuqonda izinto ngokomqondo—lena akuyona indlela esebenzayo yokuguqula abantu. Uma kukhulunywa ngokuthola ulwazi ubuhlakani nokuqonda ngokuqeqeshwa, kungafezwa kanjani lokhu? Ingabe umuntu uthola ubuhlakani nokuqonda ngokuba nje alalele, afunde, kanye nokuthuthukisa ulwazi lwakhe? Ingabe lokhu kuholela kanjani ekutholeni ubuhlakani nokuqonda? Umuntu kufanele alwele ukuqonda nokuba namava ngempilo yangokoqobo. Ngakho-ke, ukuqeqesha akufanele kube kuncane futhi umuntu angabe esagudluka empilweni yangokoqobo. Umuntu kumele aqikelele ukubheka amaphuzu ahlukene akwazi ukungena emaphuzwini ahlukahlukene: izinga lokufundiseka, ukuzizwakalisa, ikhono lokubona izinto, ikhono lokuhlola isimo, ikhono lokuqonda amazwi kaNkulunkulu, ukuphusa komqondo nemithetho yobuntu, kanye nezinye izinto ezihlobene nobuntu umuntu okufanele ahlome ngazo. Emva kokuba ukuqonda sekutholakele, umuntu kufanele agxile ekungeneni, yilapho kuphela lapho inguquko izotholakala khona. Uma umuntu esethole ukuqonda kodwa enganaki ukuba akusebenzise, pho inguquko izokwenzeka kanjani? Manje, umuntu usenokuqonda okukhulu, kodwa akaphili isimo ngokweqiniso, ngaleyo ndlela ukwazi ukuthola ukuqonda amazwi kaNkulunkulu kancane nje. Uthole ukukhanyiseleka okuncane nje; uthole ukukhanya okuncane okuvela kuMoya oNgcwele, kodwa awukangeni empilweni yeqiniso, noma kungenzeka awunandaba nhlobo nokungena, yingakho uzoba nenguquko encane. Emva kwesikhathi eside kangaka, abantu sebeqonda okuningi futhi bayakwazi ukukhuluma mayelana nolwazi lwamathiyori abo, kodwa isimo sabo sangaphandle asikaguquki, nohlobo lwabantu abayilo selokhu lunjalo akukho nokuncane ukuba ngcono. Uma lokhu kunjalo, niyoze nigcine ningene nini?

Impilo yasenkonzweni ukuphela kohlobo lwempilo lapho abantu behlanganyela khona ukuze betshise amazwi kaNkulunkulu, kuthatha ingxenyana encane nje yempilo yomuntu. Uma impilo yabantu yangempela nayo ingake ifane nempilo yasebandleni—okubandakanya impilo yomoya ejwayelekile, ukunambitha amazwi kaNkulunkulu ngokujwayelekile, ukukhuleka nokusondelana noNkulunkulu ngokufanele, ukuphila impilo yeqiniso lapho kwenziwa yonke into ngokuhambisana neqiniso, ukuphila impilo yeqiniso yokuphila ngokukhuleka kanye nokuthula cwaka phambi kukaNkulunkulu, impilo yokucula amaculo nokusina phambi kukaNkulunkulu, ukuphela kwempilo engaletha umuntu empilweni yamazwi kaNkulunkulu. Abantu abaningi bagxila kuphela emahoreni ambalwa empilo yabo yasenkonzweni ngaphandle “kokunakekela” impilo yabo yangaphandle kwalawo mahora, sengathi ayibalulekile kubona. Kuphinde kube khona abantu abaningi abangena empilweni yobungcwele uma bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu, becula amaculo noma bekhuleka, bese bebuyela ezimpilweni zabo zakudala emva kwalezo zikhathi. Izimpilo ezinjalo azikwazi ukuguqula abantu, futhi ngeke zibavumele ukuba bamazi uNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, uma umuntu elangazelele inguquko esimweni sakhe, kufanele angazihlanguli empilweni yangokoqobo. Empilweni yangokoqobo, kufanele uzazi wena, uzihlubuke, uphile iqiniso, kanjalo nokufunda imigomo, amaphuzu aphusile nenza umqondo nemithetho yokuziphatha kuzo zonke izinto ngaphambi kokuba ukwazi ukufeza uguquko oluza kancane kancane. Uma ugxila kuphela olwazini lwamathiyori uphile kuphela phakathi kwemicimbi yezenkolo ngaphandle kokungena ujule empilweni yangokoqobo, awusoze-ke wangena empilweni yangokoqobo, awusoze wazazi wena uqobo, iqiniso, noma uNkulunkulu, futhi uyohlezi uyimpumputhe futhi ungazi. Umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu akuwona owokubenza baphile impilo ejwayelekile emva kwesikhathi esifushane, noma ukuguqula imibono nezimfundiso zabo eziyiphutha. Kunalokho, inhloso Yakhe ukuguqula izimo zabantu ezindala, ukuguqula yonke indlela yabo yokuphila endala, nokuguqula zonke izindlela zabo zokucabanga nezimo zomqondo eseziphelelwe yisikhathi. Ukugxila kuphela empilweni yasenkonzweni ngeke kushintshe imikhuba yakhe yakudala yokuphila noma kushintshe izindlela zakhe zangaphambilini asephile ngazo isikhathi eside. Noma kwenzenjani, umuntu akufanele aqhelelane kakhulu nempilo ngokoqobo. UNkulunkulu ucela abantu ukuba baphile ubuntu obujwayelekile ngokwempilo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela; kodwa ukuba baphile iqiniso empilweni yabo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela; ukuba bagcwalise imisebenzi yabo yempilo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela. Ukungena empilweni yangokoqobo, umuntu kufanele aphendukisele yonke into empilweni yangokoqobo. Uma, ekukholweni kuNkulunkulu, abantu bengakwazi ukuzazi ngokungena empilweni yangokoqobo futhi uma bengakwazi ukuphila ubuntu obujwayelekile empilweni yangokoqobo, bazoba yizahluleki. Labo abangamlaleli uNkulunkulu yibo bonke abantu abangeke bakwazi ukungena empilweni yangokoqobo. Yibo bonke abantu abakhuluma ngobuntu kodwa baphile ngemvelo yamadimoni. Yibo bonke abantu abakhuluma iqiniso kodwa baphile ngokwezimfundiso esikhundleni salo. Labo abangakwazi ukuphila iqiniso empilweni yangokoqobo yilabo abakholwa kuNkulunkulu kodwa abazonda futhi bemphika Yena. Kufanele uzejwayeze ukungena empilweni yangokoqobo, uwazi amaphutha akho, ukungalaleli nokunganaki, kanye nobuntu bakho obungajwayelekile kanjalo nobuthakathaka bakho. Ngaleyo ndlela, lonke ulwazi lwakho luzodidiyelwa esimweni sakho sangokoqobo nezingqinamba. Yilolu hlobo lolwazi kuphela olungolweqiniso futhi olungakuvumela ukuba uqonde kahle isimo sakho futhi ukwazi ukuthola inguquko yesimo sakho.

Manje njengoba ukulungisiswa komuntu sekuqale ngokuhlelekile, umuntu kufanele angene empilweni yeqiniso. Ngakho-ke, ukuze kufezeke inguquko, umuntu kufanele aqale ukungena empilweni yeqiniso, aguquke kancane kancane. Uma ugwema impilo yomuntu ejwayelekile ukhulume kuphela ngezihloko zezikamoya, kusho ukuthi izinto zizokoma zihlale ziyisicaba, azibi ngezeqiniso, futhi-ke pho umuntu uyoshintsha kanjani? Manje utshelwa ukuba ungene empilweni yangokoqobo wenze izinto, ukuze ukwazi ukusungula isisekelo sokungena kumava eqiniso. Lena ngenye yezinto umuntu okufanele azenze. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokuqavile ukuhola, ngenkathi okunye konke kuncike ekwenzeni kwabantu nokungena. Bonke abantu bangakwazi ukuthola ukungena empilweni yangokoqobo ngezindlela ezahlukahlukene, njengokuthi bangamletha uNkulunkulu empilweni yeqiniso, baphile ubuntu obujwayelekile bangempela. Yile mpilo kuphela enomqondo!

Okwedlule: Okumayelana Nempilo Yokomoya Ejwayelekile

Okulandelayo: Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp