Ukwenza Iqiniso Kuphela Okuwukuba Nokungokoqobo

Ukukwazi ukuwachaza kahle amazwi kaNkulunkulu akusho ukuthi usesimweni esingokoqobo—izinto azilula njengoba ubungase ucabange. Ukuthi usesimweni esingokoqobo noma cha akuncikile kulokho okushoyo, kunalokho, kuncike kulokho okuphilayo. Lapho amazwi kaNkulunkulu eba ukuphila kwakho nokuba kwakho ngokwemvelo, yilokho kuphela okubhekwa njengokuba ngokoqobo, futhi yilokho okubhekwa njengokuba nokuqonda nesiqu sangempela. Kumele ukwazi ukumelana nokuhlolwa isikhathi eside, futhi kumele ukwazi ukuphila ngendlela uNkulunkulu ayifuna kuwe; akumele kumane kube ukubukeka nje, kodwa kumele kube ngokwemvelo kuwe. Yilapho kuphela lapho ngempela uyoba khona nengokoqobo, futhi yilapho kuphela lapho uyozuza khona ukuphila. Ake ngisebenzise isibonelo sokuvivinywa kwabenzi bomsebenzi esijwayelekile kubo bonke abantu. Noma ubani angakhuluma ngezimfundiso eziphakeme mayelana nabenzi benkonzo, futhi wonke umuntu unokuqonda okusezingeni elihloniphekile ngalesi sihloko; ukhuluma ngaso futhi leyo naleyo nkulumo yedlula eyanduleleyo, futhi umuntu nomuntu kini unekhono ekukhulumeni ngale ndaba kunomuntu owandulelayo, njengokungathi lona bekuwumncintiswane. Nokho, uma umuntu engakadluli ovivinyweni olukhulu, kunzima ukuthi unobufakazi obuhle. Ngamafuphi, ukuphila komuntu kusashoda kakhulu, futhi lokhu akuhambisani nokuqonda kwakhe. Ngakho, yima kuphenduka isiqu somuntu sangempela, futhi akukakabi ukuphila komuntu. Ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu akukakabi ngokoqobo, isiqu sakhe sifana nesakhiwo esakhiwe esihlabathini, siyantengantenga futhi kusele kancane sibhidlike. Kuncane umuntu anakho ngengokoqobo—cishe akunakwenzeka ukuthola okungokoqobo kumuntu. Kuncane kakhulu ukuba ngokoqobo okuphuma ngokwemvelo kumuntu futhi lonke ingokoqobo empilweni yakhe liphoqiwe, okuyinto engenza ngithi umuntu anganakho ukuba ngokoqobo. Ungabeki umthwalo omningi komuntu othi uthando lwakhe ngoNkulunkulu alushintshi—yilokhu kuphela abakushoyo ngaphambi kokubhekana nezivivinyo. Lapho sebebhekane nezivivinyo bengalindele, izinto abakhuluma ngazo ziyophinde zingahambisani nokungokoqobo, futhi kuyophinde kufakazele ukuthi umuntu akanalo ingokoqobo. Kungashiwo ukuthi noma nini lapho ubhekana ezingahambisani nemibono yakho ezidinga ukuthi wena uzibeke eceleni, lezi izivivinyo zakho. Ngaphambi kokuba intando kaNkulunkulu yembulwe, kunovivinyo olukhulu lwawo wonke umuntu, isilingo esijulile sawo wonke umuntu—uyayibona ngokucacile le ndaba? Lapho uNkulunkulu evivinya abantu, uhlale ebavumela benze izinqumo zabo ngaphambi kokwembulwa kwamaqiniso. Lokhu kusho ukuthi lapho uNkulunkulu evivinya umuntu, akasoze akutshela iqiniso, futhi leyo indlela abantu abangembulwa ngayo. Lena indlela uNkulunkulu afeza ngayo umsebenzi Wakhe, ukuze abone ukuthi uyamqonda yini uNkulunkulu wanamuhla, nokubona ukuthi kukhona yini ukuba ngokoqobo onakho. Ingabe ngempela awusawungabazi nakancane umsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe uyokwazi ukuma uqine lapho wehlelwa izivivinyo ezinkulu? Ubani ongalokotha asho amazwi afana nathi “Ngiyafunga ngeke kube nazinkinga”? Ubani ongalokotha asho amazwi afana nathi “Abanye kungenzeka bangabaze, kodwa angisoze ngingabaze”? Njengasezikhathini uPetru afakwa ezivivinyweni—wayehlale ekhuluma kakhulu ngaphambi kokwembulwa kwamaqiniso. Lobu akubona ubuthaka obehlela uPetru kuphela; lobu ubunzima obukhulu kunabo bonke wonke umuntu abhekene nabo njengamanje. Uma bengizovakashela izindawo eziningi, noma uma bengizovakashela abafowethu nodadewethu abaningi, kuze ngibone ukuqonda kwenu umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, nakanjani benizokwazi ukukhuluma ngokuqonda kwenu okuningi, futhi bekuzobonakala sengathi akukho ukungabaza eninakho. Ukube bengikubuza: “Ingabe ngempela ungabona ukuthi umsebenzi wanamuhla wenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe? Ngaphandle kokungabaza?” nakanjani ubuyophendula: “Ngaphandle kokungabaza, ungumsebenzi owenziwa uMoya kaNkulunkulu.” Lapho usuphendule ngaleyo ndlela, nakanjani ubungeke unikeze ukungabaza futhi ubungase ngisho uzwe injabulo enkulu—ungase uzwe sengathi uzuze kancane okungokoqobo. Labo abavamise ukuqonda izinto ngale ndlela yilabo abanengokoqobo elincane; lapho umuntu ecabanga ukuthi uselizuzile, yilapho angeke akwazi khona ukuma aqine ezilingweni. Maye kulabo abazidlayo nabazikhukhumezayo, futhi maye kulabo abangazazi. Abantu abanjalo bazi ukukhuluma nje kodwa bebe benza izenzo ezimbi kakhulu. Lapho kunophawu oluncane lwenkinga, laba bantu bazoqala ukungabaza futhi umcabango wokushiya phansi ungena emqondweni wabo. Alikho ingokoqobo abanalo; okuwukuphela kwento abanayo izimfundiso eziphakeme kunezenkolo, ngaphandle kwezinto ezingokoqobo uNkulunkulu azidinga manje. Nginengwa kakhulu yilabo abakhuluma izimfundiso kuphela bengenalo ingokoqobo. Bakhala kakhulu lapho benza umsebenzi wabo, kodwa bayawa ngemva nje kokuhlangana nengokoqobo. Akubonisi yini ukuthi laba bantu abanalo ingokoqobo? Akunandaba ukuthi umoya namagagasi kunolaka olungakanani, uma ungalokhu umile ngaphandle kokungabaza okungena engqondweni yakho, futhi ungama uqine ungabi sesimweni sokuphika ngisho kungenamuntu osele, khona-ke lokhu kubhekwa njengokuthi unokuqonda kwangempela nokuthi ngempela unengokoqobo. Uma ulandela noma iyiphi indlela umoya oya kuyo, uma ulandela iningi bese ufunda ukusho okushiwo abanye, akunandaba ukuthi uzisho kahle kanjani lezo zinto, akubona ubufakazi bokuthi unengokoqobo. Ngakho, ngithi ungasheshi umemeze amazwi ayize. Uyawazi yini umsebenzi uNkulunkulu azowenza? Ungenzi njengomunye uPetru ugweme ukuzilethela ihlazo futhi ungabe usaphakamisa ikhanda lakho—lokhu akusizi muntu. Abantu abaningi abanaso isiqu sangempela. UNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kakhulu kodwa akakakulethi okuwuqobo phezu kwabantu; ukuyihlaba esikhonkosini, uNkulunkulu akazange asole muntu. Abanye abantu badalulwe izivivinyo ezinjalo, nezandla zabo ezinesono ziya ngokuya zeluleka, becabanga ukuthi kulula ukunqoba uNkulunkulu, ukuthi bangenza noma yini abayithandayo. Njengoba bengakwazi ngisho ukumela lolu hlobo lovivinyo, azithandabuzwa nezivivinyo eziningi, nengokoqobo nalo alithandabuzwa. Ingabe lokhu akukhona ukuphamba uNkulunkulu? Ukuba nengokoqobo akuyona into ongazenzisa kuyo, futhi akuyona into ongayizuza ngolwazi onalo ngayo. Lincike esiqwini sakho sangempela, futhi lincike ekutheni ungakwazi yini ukumela zonke izivivinyo. Ingabe manje usuyaqonda?

Into uNkulunkulu ayifuna kubantu akukhona nje ukuthi bakwazi ukukhuluma ngengokoqobo. Ingabe lokho bekungeke kube lula kakhulu? Kungani uNkulunkulu ekhuluma ngokungena ekuphileni? Kungani ekhuluma ngokuguquka? Uma umuntu emane azi inkulumo eyize ngengokoqobo, ingabe ukushintshwa kwesimo kungenzeka? Ukuqeqesha ibutho lamasosha amahle ombuso akufani nokuqeqesha abantu abazi kuphela ukukhuluma ngengokoqobo noma abantu abaqhoshayo kuphela, kodwa kuwukuqeqesha abantu abangaphila ngamazwi kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, abangadunyazwa yinoma yiziphi izingqinamba abahlangana nazo, futhi abaphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, futhi bangabuyeli ezweni. Leli ingokoqobo uNkulunkulu akhuluma ngalo, futhi yilokhu uNkulunkulu akufuna kubantu. Ngakho, ungabheki ingokoqobo uNkulunkulu akhuluma ngalo njengelilula kakhulu. Ukumane ukhanyiselwe uMoya Ongcwele akulingani nokuba nengokoqobo: Lesi akusona isiqu somuntu, kodwa umusa kaNkulunkulu, futhi akuhileli noma iyiphi impumelelo yomuntu. Umuntu nomuntu kumele abekezelele izinhlupheko zikaPetru, ngaphezu kwalokho abe nenkazimulo kaPetru, okuyinto abantu abayiphilayo ngemva kokuzuza umsebenzi kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngengokoqobo. Ungacabangi ukuthi uzoba nengokoqobo ngenxa yokuthi ungakhuluma ngengokoqobo. Lena inganekwane, lokhu akuhambisani nentando kaNkulunkulu, futhi akunakho ukubaluleka kwangempela. Ungazisho lezo zinto ngokuzayo—zihlukanise lezo nkulumo! Bonke labo abawaqonda ngokungeyikho amazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Alukho ulwazi lwangempela abanalo, ingasaphathwa eyesiqu sangempela; bangabantu abangenandaba abangenalo ingokoqobo. Okusho ukuthi, bonke labo abaphila ngaphandle kwesiqu samazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Labo abantu abangababheki njengamakholwa bayizilwane emehlweni kaNkulunkulu, futhi labo uNkulunkulu angababheki njengamakholwa yilabo abangenawo amazwi kaNkulunkulu njengokuphila kwabo. Ngakho, labo abangenalo ingokoqobo lamazwi kaNkulunkulu nabahluleka ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Inhloso kaNkulunkulu ukwenzela ukuthi wonke umuntu aphile ngokuba ngokoqobo kwamazwi kaNkulunkulu. Akuyikho ukuthi wonke umuntu amane akwazi ukukhuluma ngengokoqobo, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuphila ngengokoqobo la mazwi kaNkulunkulu. Ingokoqobo umuntu alibonayo lingaphezulu kakhulu kwemvelo, alibalulekile, alinakuyifeza intando kaNkulunkulu, liphansi kakhulu, akusiyo nento esingakhuluma ngayo, lintula okuningi, futhi liqhele kakhulu ezingeni lezimfuno zikaNkulunkulu. Nonke nizohlolwa kabanzi ukuze kubonakali ukuthi ubani kini okwazi kuphela ukukhuluma ngokuqonda kwenu kodwa ongakwazi ukukhomba indlela, nokubona ukuthi ubani kini owudoti ongenamsebenzi. Khumbula ukuthi lokhu kusesikhathini esizayo! Ungakhulumi ngokuqonda okuyize—khuluma kuphela ngendlela yokwenza, nengokoqobo. Ukushintsha kusukela olwazini lwangempela kuya ekwenzeni kwangempela, nokushintsha kusukela ekwenzeni kuya ekuphileni ingokoqobo. Ungabashumayezi abanye, futhi ungakhulumi ngolwazi lwangempela. Uma ukuqonda kwakho kuyindlela, ungakwazi ukuyikhulula; uma kungeyona indlela, ngicela uthule, uyeke ukukhuluma. Okushoyo akunamsebenzi. Kumane kungamazwi athile okuqonda ukuze ukhohlise uNkulunkulu nokwenza abanye bakuzonde. Ingabe leso akusona isifiso sakho? Ingabe lokhu akukhona ukudlala ngabanye ngamabomu? Ingabe kukhona okubalulekile kulokhu? Khuluma kuphela ngokuqonda ngemva kokukubona, ngemva kwalokho ngeke usaqhosha. Ngale kwalokho uma ungumuntu okhuluma amazwi anokuzidla. Awukwazi ngisho nokunqoba izinto eziningi noma ukudlubulunda enyameni yakho esimweni sakho sangempela, uhlale wenza noma yini izifiso zakho ezifuna uyenze, awuyanelisi intando kaNkulunkulu, kodwa usenesibindi sokukhuluma ngokuqonda kwezimfundiso—awunamahloni! Usenesibindi sokukhuluma ngokuqonda kwakho amazwi kaNkulunkulu—awunamahloni! Ukushumayela nokuqhosha sekuphenduke imvelo yakho, futhi usukujwayele ukukwenza. Njalo uma ufisa ukukhuluma, ukwenza kalula, kodwa uma kufika ekwenzeni, ulibala ukuzihlobisa. Ingabe lokhu akukhona ukukhohlisa abanye? Ungase ukwazi ukukhohlisa abantu, kodwa uNkulunkulu akanakukhohliswa. Umuntu akazi futhi akanakuqonda, kodwa uNkulunkulu akadlali ngezindaba ezinjalo, futhi ngeke akuvikele. Abafowenu nodadewenu bangase bakuthande, badumise ukuqonda kwakho, bakwazise, kodwa uma ungenalo ingokoqobo, uMoya Ongcwele ngeke ukuvikele. Mhlawumbe uNkulunkulu ongokoqobo ngeke abunake ubuthakathaka bakho, kodwa uMoya kaNkulunkulu ngeke ukunake, futhi lokho kuyokwanela ukuthi ukuthwale. Ingabe uyakukholwa lokhu? Khuluma kakhulu ngengokoqobo lokwenza; ingabe usukhohliwe njalo? Khuluma kakhulu ngezindlela ezingokoqobo; ingabe usukhohliwe njalo? “Ungakhulumi kakhulu ngezimfundiso eziphakeme noma inkulumo eyize eyihaba, futhi kungcono ukuqala ukwenza njengamanje.” Ingabe usuwakhohliwe la mazwi? Ingabe akukho okuqondayo kulokhu? Ingabe akukho ukuqonda onakho ngentando kaNkulunkulu?

Okwedlule: Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo

Okulandelayo: Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp