Isijobelelo 3: Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu. Bacabanga ukuthi lokhu kuphatha kungumsebenzi kaNkulunkulu yedwa, indaba kaNkulunkulu uqobo, ngakho isintu asikhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, insindiso yesintu seyiphenduke yangabonakala yaphinde yangaqondakala, futhi manje seyiwubuciko bokukhuluma obuyize kuphela. Nakuba umuntu elandela uNkulunkulu ukuze asindiswe futhi angene esiphethweni esihle, umuntu akakhathazekile ukuthi uNkulunkulu uwenza kanjani umsebenzi Wakhe. Umuntu akakhathazekile ngalokho uNkulunkulu ahlele ukukwenza kanye nendima okufanele ayidlale ukuze asindiswe. Kwaze kwawusizi lokho! Ukusindiswa komuntu akunakuhlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kwehlukaniswe nohlelo lukaNkulunkulu. Kepha umuntu akacabangi lutho mayelana nokuphatha kukaNkulunkulu, futhi uyenyukela kakhulu ukuqhelelana Naye. Lokhu sekudale ukuthi sikhule isibalo sabantu abangazazi izindaba eziqondene kakhulu nesihloko sokusindiswa—njengokuthi indalo iyini, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, uNkulunkulu ykhonzwa kanjani, njalo njalo. Okwamanje, kufanele sixoxe ngokuphatha kukaNkulunkulu, ukuze umlandeli ngamunye azi ngokucacile ukubaluleka kokulandela uNkulunkulu nokukholwa Nguye. Bazokwazi futhi ukukhetha indlela okufanele bahambe ngayo ngokuqondile, esikhundleni sokulandela uNkulunkulu kuphela ukuze bazuze izibusiso, bagweme isidumo noma baphumelele.

Nakuba ukuphatha kukaNkulunkulu kungabonakala kujulile kumuntu, akunzima kumuntu ukukuqonda, ngoba wonke umsebenzi kaNkulunkulu uxhumene nokuphatha Kwakhe, uphathelene nomsebenzi wokusindisa umuntu, futhi umayelana nempilo, nokuphila kanye nesiphetho sesintu. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kwesintu nakuso isintu, kungathiwa, obonakalayo futhi onenjongo kakhulu. Ungabonwa umuntu, ungezwiwa umuntu, futhi ukude ekubeni yinto ecatshangwayo nje. Uma umuntu engakwazi ukwemukela wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, kuyini ukubaluleka kwalo msebenzi? Futhi ukuphatha okunjalo kungaholela kanjani ensindisweni yomuntu? Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi leyo nhloso ukuthola izibusiso. Abantu abanjalo abazihluphi ngokunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela. Akukho ukuqonda, kuphela ukuthukuthela okucindezelwe nenkohliso. Akukho ukuzwana, kuphela kunegebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.

Into edabukisa kakhulu ngenkolelo yesintu kuNkulunkulu ukuthi umuntu uyaziphatha ngokwakhe phakathi komsebenzi kaNkulunkulu futhi akakhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhluleka okukhulu komuntu kulele ekutheni, ngesikhathi efuna ukuthobela uNkulunkulu amkhonze, umuntu uzakhela esakhe isiphetho asithandayo futhi uyabala ukuze abone ukuthi angasithola kanjani isibusiso esikhulu kakhulu kanye nesiphetho esihle kunazo zonke. Ngisho noma abantu bangaqonda ukuthi badabukisa, bazondeka, futhi babanga umunyu kangakanani, bangaki abashiya ngokushesha le miqondo namathemba abo? Futhi ubani okwazi ukuma nse ezindleleni zabo futhi ayeke ukuzicabangela yena kuphela? UNkulunkulu udinga labo abazobambisana naye kakhulu ukuze bafeze ukuphatha Kwakhe. Udinga labo abazonikela umqondo kanye nomzimba wabo emsebenzini wokuphathwa Nguye ukuze bazithobe Kuye; Akadingi abantu abakhipha izandla zabo baMuncenge zonke izinsuku; akusaphathwa ukuthi Akabadingi labo abapha kancane bese belinda ukubuyiselwa ngesenzo sabo esihle. UNkulunkulu uyabazonda labo abanikela ngokuncane bese bephumula bezithela ngabandayo. Uyabazonda labo bantu abanesihluku abawucasukelayo umsebenzi wakhe wokuphatha futhi abafuna ukukhuluma kuphela ngokuya ezulwini nokuzuza izibusiso. Unenzondo enkulu nakakhulu yalaba abasebenzisa ithuba elilethwa umsebenzi awenzayo ekusindiseni isintu. Ingoba laba bantu abakaze bazikhathaze ngolokho uNkulunkulu afisa ukukuthola futhi akufinyelele ngomsebenzi Wakhe wokuphatha. Bazihlupha ngokuthi bangasebenzisa kanjani ithuba elivezwa umsebenzi kaNkulunkulu ukuthola izibusiso. Abakhathazekile ngenhliziyo kaNkulunkulu, bazikhathaze ngokuphelele ngekusasa nesiphetho sabo. Labo abacasulwa umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu abangenandaba nakancane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu kanye nentando Yakhe, bonke benza okuthandwa yibo, ngokungahambisani nomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo akukhunjulwa noma kunanelwe nguNkulunkulu—kungasaphathwa ukuthi kuthole umusa kuNkulunkulu.

Ebubanzini bomhlaba nomkhathi, izidalwa ezingenakubalwa ziyaphila futhi zizalane, zilandela umthetho wokuphila ozungezayo, futhi zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu sesiyibuzile le mibuzo izinkulungwane zeminyaka, siphindelela. Ngeshwa, lapho isintu sishisekela kakhulu ngale mibuzo, yilapho kukhula kakhulu ukomela kwaso isayensi. Isayensi inika ukwaneliseka okufishane kanye nenjabulo yesikhashana, kodwa ayenele neze ukukhulula isintu esizungwini, umzwangedwa kanye nengebhe ecishe ingafihleki nokungabi namandla okusekujuleni komphefumulo waso. Isintu simane sisebenzise ulwazi lwesayensi olubonakala ngamehlo enyama nalokho ingqondo yaso engakuqonda ukuze kwenze inhliziyo yaso ibe ndikindiki ingabe isezwa. Kepha lolu lwazi oluyisayensi alwenele ukuvimba isintu ukuthi sihlole izimfihlakalo. Isintu asazi nhlobo ukuthi ngubani oyiNkosi yomhlaba nazo zonke izinto, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula.Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka. Akunandaba ukuthi uyakwazi ukubona isenzo sikaNkulunkulu, akusho lutho noma uyakholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi isimiselo sakho singaphansi kokumisa kukaNkulunkulu, futhi akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebusa phezu kwezinto zonke. Ubukhona negunya Lakhe akumisiwe phezu kokuthi kuyabonwa noma kuyaqondwa ngumuntu. Nguye kuphela owazi isikhathi esiphambilini, isikhathi samanje nekusasa lomuntu, futhi Nguye kuphela ongalawula isimiselo sesintu. Akunandaba noma uyakwazi ukwemukela leli qiniso, kungekudala umuntu uzozifakazela lezi zinto ngamehlo akhe, futhi yileli qiniso uNkulunkulu azoliveza licace. Isintu siyaphila futhi sife uNkulunkulu ebhekile. Isintu siphilela ukuphatha kukaNkulunkulu, futhi uma amehlo akhe evaleka okokugcina, lokho kungenxa yakho lokho kuphatha. Ngokuphindelela, umuntu uyafika futhi ahambe, kuye le nale. Ngaphandle kokukhetha, konke kuyingxenye yokubusa nokuhlela kukaNkulunkulu. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuya phambili futhi akukaze kukhawuke. Uzokwenza isintu sazi ngokuba khona Kwakhe, sithembe ubukhosi Bakhe, sibone isenzo Sakhe, futhi sibuyele embusweni Wakhe. Uhlelo Lwakhe lolu, kanye nomsebenzi Akade Ewenza izinkulungwane zeminyaka.

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

Emuva kwalokho, uNkulunkulu wanikezela ngesintu kuSathane, umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, futhi lokhu kancane kancane kwaholela emsebenzini kaNkulunkulu wenkathi yokuqala: indaba yeNkathi Yomthetho…. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi yeNkathi Yomthetho, isintu sajwayela ukuqondiswa kweNkathi Yomthetho, futhi baqala bakuthatha kalula, futhi kancane kancane, bakushiya ukunakekelwa nguNkulunkulu. Ngakho, ngesikhathi benamathele emthethweni, bakhonza izithixo futhi benza izinto ezimbi. Babengavikelwe nguJehova, futhi babemane bephila izimpilo zabo phambi kwethempeli. Empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu wabe usubashiyile kudala, nakuba abakwa-Israyeli babebambelele emthethweni, futhi bekhuluma ngegama likaJehova, futhi ngokuziqhenya besakholelwa ukuthi kwabe kuyibo bodwa abantu baJehova futhi babengabakhethiweyo baJehova, inkazimulo kaNkulunkulu yabalahla buthule …

Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uyayishiya buthule indawo ethile kodwa abe enza umsebenzi omusha ngokuthulile, uqala kwenye indawo. Lokhu kubukeka kungakholeki kubantu, abasala bendikindiki. Abantu selokhu benza igugu lokho okudala, futhi babuke izinto ezintsha, ezingajwayelekile ngobutha, noma njengohlupho. Ngakho, noma imuphi umsebenzi omusha uNkulunkulu awenzayo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni ngci, umuntu ungowokugcina ukwazi ngawo phakathi kwezinto zonke.

Njengoba kwakuhlale kwenzeka, emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama—wathatha isimo somuntu iminyaka eyishumi, amashumi amabili—futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. Njengenkinga, kwavela owayebizwa ngoPawulu, awazibeka ebutheni obunokufa noNkulunkulu. Ngisho emuva kokuthi eshaywe phansi waphenduka umpostoli, imvelo kaPawulu endala ayizange ishintshe futhi wahamba indlela yokuphikisa uNkulunkulu. Ngesikhathi esebenza, uPawulu wabhala izincwadi eziningi; ngeshwa, izizukulwane eziza ngemuva zathokozela izincwadi zakhe njengamazwi kaNkulunkulu, ngendlela yokuthi zafakwa eTestamenteni Elisha futhi zadideka namazwi akhulunywa nguNkulunkulu. Lokhu yihlazo elikhulu impela selokhu kwaqala imiBhalo! Futhi leli phutha alenzekanga ngenxa yobuwula bomuntu na? Kuncane ababekwa ngokuthi, emibhalweni yomsebenzi kaNkulunkulu eNkathini yoMusa, izincwadi kanye nomibhalo yangomoya yabantu kwakungafanele nje ibe khona ukuthatha indawo yomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kodwa lokhu kuseceleni, ngakho masibuyele esihlokweni sethu sokuqala. Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala njengendaba eyinganekwane; futhi kubonakala kuyindida. Abantu bacabanga ukuthi kunjengendaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi zingaki izindaba ezenzekile emhlabeni nasemkhathini. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. Ngesikhathi somsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu lesi sikhathi, isintu siwumenziwa wenkohlakalo kaSathane, futhi ngaso leso sikhathi siwumenziwa wensindiso kaNkulunkulu, kanye nento uNkulunkulu noSathane abayilwelayo. Ngesikhathi enza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu kancane kancane uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, ngakho umuntu uba seduzane kakhulu noNkulunkulu …

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kungenkathi uswazi lukaNkulunkulu lusondela kumuntu, nangenkathi ubuso bukaNkulunkulu buya ngokuya bubonakala bucacile phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje yisikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo okungekho muntu oke wakubona ukuthi kuyokwenzeka. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule? … Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokwazi, usefike ekuqondeni izimiso zokuziphatha komuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

Mandulo 23, 2005

Okwedlule: Isijobelelo 2: UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

Okulandelayo: Isijobelelo 4: Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp