Isahluko 27

Namuhla, amazwi kaNkulunkulu asefike esicongweni sawo, okusho ukuthi, ingxenye yesibili yenkathi yokwahlulela isifike ovuthondabeni. Ngalesi sikhathi, iphimbo likaNkulunkulu seliguqukile, alisabhuqi futhi alisancokoli, futhi alisashayi, alisaqalekisi; uNkulunkulu uselithambisile iphimbo lamazwi Akhe. Manje, uNkulunkulu uqala “ukushintshanisa imizwa” nomuntu. UNkulunkulu uqhubeka nomsebenzi wenkathi yokwahlulela nokucaba indlela yesigaba esilandelayo somsebenzi, ukuze zonke izingxenye zihlangane nezinye. Kolunye uhlangothi, ukhuluma “ngenkani yomuntu nokuphindaphinda iziphambeko zakhe,” futhi kolunye, uthi “Ekujabuleni nasekudabukeni kokuhlukaniswa bese ngihlanganiswa futhi nomuntu.”—kokubili okuqala ukunyakaza ezinhliziyweni zabantu, kunyakazise ngisho izinhliziyo zabantu ezindikindiki kunazo zonke. Inhloso kaNkulunkulu ngokusho la mazwi ikakhulu ukwenza bonke abantu bawe phansi phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle komsindo nomncane, ekugcineni ngci, futhi kungemuva kwalapho kuphela “ngenza izenzo zami zibonakale, ngenze ukuthi bonke abantu bangazi ekwahlulekeni kwabo.” Ulwazi lwabantu bale nkathi ngoNkulunkulu lulokhu lungajulile, akulona ulwazi oluyiqiniso. Noma bezama kakhulu abakwazi ukwenza isifiso senhliziyo kaNkulunkulu; namuhla, amazwi kaNkulunkulu asefike esicongweni sawo, kodwa abantu basele ezigabeni zangasekuqaleni, futhi abakwazi ukungena emazwini amanje—okukhombisa ukuthi uNkulunkulu nomuntu behlukene njengoshoki noshizi. Ngenxa yalokhu, lapho amazwi kaNkulunkulu efika esiphethweni abantu bayokwazi kuphela ukufinyelela ezindinganisweni eziphansi kakhulu zikaNkulunkulu. Lokhu kuyindlela uNkulunkulu asebenza ngayo kulaba bantu aseboniwe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, futhi uNkulunkulu kufanele asebenze ngale ndlela ukuze athole umphumela ophezulu. Abantu bamabandla bawanaka kangconywana amazwi kaNkulunkulu, kodwa inhloso kaNkulunkulu ukuthi bazi uNkulunkulu emazwini Akhe—ingabe awukho umehluko? Nokho, njengoba izinto zimi kanje, uNkulunkulu akasabunaki ubuthakathaka bomuntu futhi uyaqhubeka akhulume kungasho lutho ukuthi abantu bayakwazi ukwamukela amazwi Akhe noma cha. Ngokwenhloso Yakhe, lapho kugcina khona amazwi Akhe kuyoba yilapho kuqedwa khona umsebenzi Wakhe emhlabeni. Kodwa lo msebenzi awufani nowesikhathi esedlule. Lapho amazwi kaNkulunkulu efika esiphethweni, akekho oyokwazi; futhi ngenkathi kuguquka isimo sikaNkulunkulu, akekho oyokwazi. Kunjalo-ke ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ukugwema noma yikuphi ukumangalela kukaSathane nakho konke ukugxambukela kwamandla obutha, uNkulunkulu usebenza kungazi muntu, futhi kulesi sikhathi akukho kunyakaza phakathi kwabantu bomhlaba. Noma kuke kwakhulunywa ngezimpawu zokuguquka kukaNkulunkulu, akekho okwazi ukukubona, ngoba umuntu useyikhohliwe le ndaba, futhi akayinaki. Futhi ngenxa yokuhlasela kwangaphakathi nangaphandle—izinhlekelele zomhlaba ongaphandle nokushisa nokuhlanza kwamazwi kaNkulunkulu—abantu abasazimisele ukusebenzela uNkulunkulu, ngoba bamatasatasa kakhulu ngemisebenzi yabo. Lapho bonke abantu bephika ulwazi nokwenza kwesikhathi esedlule, lapho abantu sebezibone ngokucacile, bayokwehluleka bese kuthi ububona bungabi nandawo ezinhliziyweni zabo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu beyowalangazelela ngeqiniso amazwi kaNkulunkulu, kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi kaNkulunkulu enendawo ngempela ezinhliziyweni zabo, futhi kuyoba ngaleso sikhathi lapho la mazwi ayobe esebe wumthombo wokuphila kwabo—futhi kulo mzuzu, isifiso senhliziyo kaNkulunkulu siyobe sesifezekile. Kodwa abantu banamuhla basekude kakhulu ukufika kukho. Abanye abanyakazi ngisho nakancane, ngalokho uNkulunkulu uthi lokhu “ukuphindaphinda iziphambeko.”

Wonke amazwi kaNkulunkulu aqukethe imibuzo eminingi. Kungani uNkulunkulu elokhu ebuza imibuzo enje? “Kungani bengaguquki bazalwe kabusha? Kungani abantu bethanda ukuqhubeka bahlale exhaphozini kunasendaweni engenalo udaka? …” Esikhathini esedlule, uNkulunkulu usebenze ngendlela yokukhomba izinto noma ukuziveza ngokuqondile. Kodwa emva kokuthi abantu sebezwe ubuhlungu obukhulu, uNkulunkulu akabange esakhuluma kanje ngokuqondile. Ngakolunye uhlangothi, abantu babona ubufishane babo kule mibuzo, kuthi kolunye, baqonde indlela yokuphila. Ngenxa yokuthi bonke abantu bathanda ukudla lokho okutholakala kalula, uNkulunkulu ukhuluma ngokufanelene nezimfuneko zabo, ebanika izihloko zokucatshangwa, ukuze bacabange ngazo. Lena yingxenye eyodwa yokubaluleka kwemibuzo kaNkulunkulu. Ngokusobala, lokhu akukhona ukubaluleka kweminye yemibuzo Yakhe, isibonelo: “Kungaba ukuthi ngibaphathe kabi? Kungaba ukuthi ngibakhombise indlela engalungile? Kungaba ukuthi ngibaholele esihogweni?” Imibuzo enjengale ikhomba imicabango esekujuleni kwezinhliziyo zabantu. Noma imilomo yabo ingakusho lokho, kukhona ukungabaza ngaphakathi kwezinhliziyo eziningi zabo, futhi bakholwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu abaveza njengabangenamsebenzi walutho. Ngokusobala, abantu abanje abazazi, kodwa ekugcineni, bayokuvuma ukunqotshwa ngamazwi kaNkulunkulu—lokhu akunakugwemeka. Emva kwale mibuzo, uNkulunkulu uthi futhi “Ngizophihliza zonke izizwe zibe yizicucu, ngingasawubali umndeni womuntu.” Lapho abantu bemukela igama likaNkulunkulu, zonke izizwe ziyozamazama ngenxa yalokho, abantu bayoya ngokuya beguqula isimo somqondo wabo, futhi emindenini ubudlelwano phakathi kukayise nendodana, unina nendodakazi noma umyeni nenkosikazi buyophela. Okungaphezu kwalokho, ubudlelwano phakathi kwabantu emindenini buyoqhelelana; bayohlanganyela emndenini omkhulu, futhi ukuqhubeka ngokwejwayelekile kwempilo cishe yayo yonke imindeni kuyohlakazwa. Futhi ngenxa yalokhu, umqondo womndeni ezinhliziyweni zabantu uyoya ngokuya uba luvindi.

Kungani, emazwini kaNkulunkulu anamuhla, kugxiliswe okuningi kangaka “ekushintshaniseni imizwa nabantu?” Ngokusobala, lokhu nakho kwenziwe ukuze kube nomphumela othile, okukhombisa ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu igcwele ukukhathazeka. UNkulunkulu uthi, “uma ngidabukile, ngobani abangangiduduza ngezinhliziyo zabo?” UNkulunkulu usho la mazwi ngoba inhliziyo yakhe igcwele usizi. Ngenxa yokuthi abantu abakwazi ukunaka intando kaNkulunkulu, futhi bahlala bengeqotho, futhi abakwazi ukuzithiba—benza njengoba bethanda; ngoba baphansi kakhulu, futhi bahlale bezixolela, futhi abayinaki intando kaNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokuthi abantu seboniwe nguSathane kwaze kwaba namuhla, futhi abakwazi ukuzikhulula, uNkulunkulu uthi: “bangaphunyuka kanjani emihlathini yempisi ehahayo? Bangazikhulula kanjani ekusabiseni nasekulingeni kwayo?” Abantu baphila enyameni – emlonyeni wempisi ehahayo. Ngenxa yalokhu, futhi ngenxa yokuthi abantu abanakho ukuzazi futhi bahlale bezijabulisa bona futhi bevumela ukonakala, uNkulunkulu akukho angakwenza ngaphandle kokuzizwa ekhathazekile. Lapho uNkunkulu ekhumbuza abantu ngokwengeziwe ngalokhu, kwenza bazizwe kamnanjana ezinhliziyweni zabo, bese bezimisela ukubambisana noNkulunkulu. Kungaleso sikhathi lapho umuntu noNkulunkulu beyozwana khona, ngaphandle kokwehlukana noma ibanga phakathi kwabo. Namuhla, sonke isintu silindele ukufika kosuku lukaNkulunkulu, ngakho isintu asikaze siye phambili. Kodwa uNkulunkulu uthi: “Lapho iLanga lokulunga livela, iMpumalanga iyokhanyiswa, bese nayo ikhanyisa umhlaba wonke, ifinyelele kuwo wonke umuntu.” Ngamanye amazwi, lapho uNkulunkulu eguqula isimo sakhe, iMpumalanga iyokhanyiswa kuqala futhi izwe laseMpumalanga liyoba elokuqala ukususwa, okuyothi ngemva kwalokho amazwe aseleyo ayovuselelwa kusuka eNingizimu kuya eNyakatho. Yilolu uhlelo, futhi konke kuyohambisana namazwi kaNkulunkulu, futhi kuyothi kungaphela lesi sigaba abantu bonke babone. UNkulunkulu usebenza ngalolu hlelo. Lapho bebona lolu suku, abantu bayojabula kakhulu. Kuyabonakala enhlosweni kaNkulunkulu ephuthumayo ukuthi lolu suku alukude.

Emazwini anamuhla, ingxenye yesibili neyesithathu ivusa izinyembezi zosizi kulabo abathanda uNkulunkulu. Izinhliziyo zabo ngokuphazima kweso zembozwa yithunzi, futhi kusuka kulesi sikhathi kuya phambili bonke abantu bagcwala usizi olukhulu ngenxa yenhliziyo kaNkulunkulu—kuyoba kuphela emva kokuba uNkulunkulu eqeda khona umsebenzi Wakhe emhlabeni, lapho beyozizwa bekhululekile. Lona ngumgudu owejwayelekile. “Intukuthelo iyaphakama ngaphakathi enhliziyweni Yami, iphelezelwa umuzwa okhulayo wosizi. Lapho amehlo Ami ebona izenzo zabantu nalo lonke izwi nokwenza kwabo kungokungcolile, intukuthelo yami iyaphakama, futhi enhliziyweni yami kuyakhula ukuzwa ukungalungi komhlaba wesintu, okungenza ngibe lusizi kakhulu; ngilangazelela ukuqeda inyama yomuntu khona lapho. Angazi ukuthi kungani umuntu engakwazi ukuzihlanza enyameni, kungani umuntu engakwazi ukuzithanda enyameni. Kungaba ukuthi ‘umsebenzi’ wenyama mkhulu kangaka?” Emazwini kaNkulunkulu namuhla, uNkulunkulu usekuveze konke ukukhathazeka okuphakathi enhliziyweni Yakhe kumuntu akaze agodla lutho. Lapho izingelosi zezulu lesithathu zimdlalela umculo, uNkulunkulu usalangazelela abantu abasemhlabeni, futhi kungenxa yalokhu ethi “Uma izingelosi zidlala umculo zingidumisa, angikwazi ukungabi nozwelo kumuntu. Ngokushesha inhliziyo Yami igcwala usizi, futhi kunzima ukususa lomuzwa obuhlungu.” Kungenxa yalesi sizathu uNkulunkulu esho la mazwi: “Ngiyolungisa ukungalungi komhlaba wabantu. Ngizokwenza umsebenzi Wami ngezandla Zami emhlabeni wonke, nginqabele uSathane ekuthini alimaze abantu Bami futhi, nginqabele izitha ekuthini senze intando yaso. Ngiyoba yiNkosi emhlabeni ngihambise isihlalo sami sobukhosi lapho, ngenze ukuthi zonke izitha Zami ziwele phansi zivume amacala azo phambi Kwami.” Usizi lukaNkulunkulu lwandisa ukuzonda Kwakhe odeveli, kanjalo wembula isiphetho sabo ezihlweleni ngaphambi kwesikhathi. Yilona umsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu yilokhu efisa ukuphinde ahlangane nabo bonke abantu futhi aphethe inkathi endala. Bonke abantu emhlabeni wonke sebeqala ukunyakaza—okusho ukuthi, bonke abantu ngaphansi kwesibhakabhaka bangena ekuqondisweni uNkulunkulu. Umphumela walokho ukuthi, imicabango yabo iphendukela ekuvukeleni ababusi babo. Esikhathini esifushane, abantu bomhlaba bayosusa isiphithiphithi bese kuthi abaholi bawo wonke amazwe babaleke babheke ndawo zonke, ekugcineni bagcine sebenqunywe ngabantu babo. Lesi yisiphetho sokugcina samakhosi odeveli; ekugcineni, akekho oyokwazi ukuphunyuka, bonke kufanele bedlule kukho. Namuhla, labo “abahlakaniphile” sebeqalile ukuhlehla. Bebona ukuthi izinto azibukeki zizinhle, basebenzisa leli thuba ukuhlehla bese besinda ebunzimeni benhlekelele. Kodwa ngisho ngokusobala, umsebenzi uNkulunkulu awenza ngezinsuku zokugcina ikakhulu ungukusola umuntu, ngakho bangakwazi kanjani laba bantu ukusinda? Namuhla yisinyathelo sokuqala. Ngelinye ilanga, konke emhlabeni wonke kuyowela esiphithiphithini sempi, abantu bomhlaba ngeke baphinde babe nabaholi, umhlaba wonke uyoba njengengqumbi yehlabathi eliyinhlakanhlaka, bengaphethwe muntu, futhi abantu bayonaka kuphela izimpilo zabo, bangabi nandaba nomunye umuntu, ngoba konke kuqondiswa yisandla sikaNkulunkulu—okungakho uNkulunkulu ethi, “Bonke abantu bahlakaza izizwe ezehlukahlukene ngokwentando Yami.” “Amacilongo ezingelosi” uNkulunkulu akhuluma ngawo manje awuphawu, ashaya insimbi yokuvusa umuntu, futhi lapho ephinde ekhala amacilongo, usuku lokugcina lomhlaba luyobe selufikile. Ngaleso sikhathi, konke ukusola kukaNkulunkulu kuyokwehlela umhlaba wonke jikelele; lokhu kuyobe kungukwahlulela okungenanhliziyo, futhi kuyoba ukuqala ngokusemthethweni kwezikhathi zokusola. Phakathi kwama-Israyeli, kuyovama ukuba nephimbo likaNkulunkulu ukubahola ezimweni ezehlukene, futhi kuyovela kubona nezingelosi. Ama-Israyeli ayopheleliswa ezinyangeni ezimbalwa nje, ngoba ngeke kudingeke ukuba edlule esinyathelweni sokukhipha ubuthi bukadrako omkhulu obomvu, kuyoba lula kubona ukungena emzileni ofanele ngaphansi kokuqondiswa okwehlukene. Kulokhu okwenzeka kwa-Israyeli kubonakala isimo sawo wonke umhlaba, futhi lokhu kukhombisa ukuthi zishesha kanjani izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. “Isikhathi sesifikile! Ngizoqala umsebenzi Wami, ngizobusa njengeNkosi phakathi kwabantu!” Esikhathini esedlule, uNkulunkulu wayebusa ezulwini kuphela. Namuhla, ubusa emhlabeni; uNkulunkulu usebuyisele kuye onke amandla akhe, ngakho kubikezelwa ukuthi umuntu ngeke aphinde abe nempilo yobuntu eyejwayelekile, ngoba uNkulunkulu uyohlela kabusha izulu nomhlaba. Ngalokhu, uNkulunkulu uhlala ekhumbuza umuntu ukuthi “Isikhathi sesifikile.” Lapho ama-Israyeli esebuyele wonke ezweni lawo—ngosuku izwe lakwa-Israyeli selibuyiswe ngokugcwele—umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu uyobe usuphelele. Ngaphandle kokubona kwabantu, abantu emhlabeni wonke bayohlubuka, futhi amazwe emhlabeni wonke ayowa njengezinkanyezi ezulwini; emzuzwini nje, bayoba yincithakalo. Futhi emva kokubhekana nawo, uNkulunkulu uyokwakha umbuso othandeka enhliziyweni Yakhe.

Okwedlule: Isahluko 26

Okulandelayo: Isahluko 28

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp