Isahluko 29

Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. Kodwa kukhona izinto ezithile ezidinga ukubekwa obala, futhi kukhona ezithile ezidinga ukushiya abantu bemangele futhi bedidekile; lokhu ngokudingwa umsebenzi kaNkulunkulu. Isibonelo, ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu esuka ezulwini: ukuthi wafika kanjani, wafika ngamuphi umzuzu, noma ukuthi amazulu nomhlaba nazo zonke izinto kwaguquka yini noma cha—lezi zinto zidinga ukuthi abantu badideke. Lokhu futhi kusekeleke ezimweni zangempela, ngoba inyama yomuntu uqobo ayikwazi ukungena ngqo endaweni yomoya. Ngalokho, ngisho ngabe uNkulunkulu ukubeka ngokusobala ukuthi wafika kanjani esuka ezulwini eya emhlabeni, noma lapho ethi, “Ngosuku lapho zonke izinto zavuswa khona, Ngeza phakathi komuntu, ngachitha izinsuku nobusuku obumangalisayo naye,” amazwi anjalo afana nomuntu ekhuluma nesiqu somuthi—akukho ngisho encane impendulo, ngoba abantu abazazi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Noma bazi ngokweqiniso, bakholwa ukuthi uNkulunkulu wandizela emhlabeni esuka ezulwini njengesidalwa esindizayo sasezinganekwaneni wase ezalwa kabusha phakathi kwabantu. Lokhu ngokutholwa yimicabango yomuntu. Kungenxa yokuthi ingqikithi yomuntu ingukuthi akakwazi ukuqonda ubunjalo bu kaNkulunkulu, futhi akakwazi ukuqonda ubunjalo bendawo yomoya. Ngobunjalo babo kuphela, abantu babengeke bakwazi ukwenza njengomfuziselo kwabanye, ngoba bonke abantu bazalwe bafana, abehlukene. Ngalokho ukucela abantu ukuthi babeke isibonelo kwabanye noma basebenze njengemifuziselo kuba yigwebu, kuba yisisi esisuka emanzini. Kanti lapho uNkulunkulu ethi, “uthola ulwazi oluthile ngenginakho nengiyikho,” la mazwi aqondiswe nje ekuvezweni komsebenzi uNkulunkulu awenza esenyameni; ngamanye amazwi, aqondiswe ebusweni bukaNkulunkulu obuyiqiniso—ubunkulunkulu, okuqondise kakhulu esimweni Sakhe sobunkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, abantu bacelwa ukuthi baqonde izinto ezifana nokuthi kungani uNkulunkulu esebenza ngale ndlela, yiziphi izinto ezizofezwa ngamazwi kaNkulunkulu, lokho uNkulunkulu afisa ukukufeza emhlabeni, lokho afisa ukukufeza phakathi kwabantu, izindlela uNkulunkulu akhuluma ngazo, nendlela uNkulunkulu abuka ngayo umuntu. Kungashiwo ukuthi akukho nto efanele ukuziqhenya kumuntu, okungukuthi, akukho lutho kuye olungabeka isibonelo sokulandelwa ngabanye.

Kungenxa kanye yokujwayeleka kukaNkulunkulu esenyameni, ngenxa yokungafani kukaNkulunkulu osezulwini noNkulunkulu osenyameni, ongabonakali ezalwe nguNkulunkulu ezulwini, okwenza uNkulunkulu athi, “Ngichithe iminyaka eminingi phakathi kwabantu, kodwa balokhu bengaboni, futhi abakaze bangazi.” UNkulunkulu ubuye athi, “Uma izinyathelo Zami zinyathela yonke indawo emhlabeni, umuntu uzoqala ukuzindla ngaye, bese bonke abantu beza Kimi bakhothame phambi Kwami bangidumise. Lolu kuzoba usuku lokukhazimuliswa Kwami, usuku lokubuya Kwami, futhi nosuku lokuhamba Kwami.” Lolu yilona suku kuphela ubuso bukaNkulunkulu beqiniso obukhonjiswa ngalo kumuntu. Nokho uNkulunkulu akawulibazisi umsebenzi Wakhe ngenxa yalokho, futhi uvele enze umsebenzi okufanele wenziwe. Lapho ahlulela, ugweba ngokuhambisana nendlela abantu abathatha ngayo uNkulunkulu osenyameni. Lokhu kungomunye wemicu eyinhloko ymazwi kaNkulunkulu ngale nkathi. Isibonelo, uNkulunkulu uthi, “sengiqale ngokusemthethweni, emhlabeni wonke, isiphetho sohlelo Lwami lokuphatha. Ukusuka manje kuya phambili, noma ubani ongaqapheli angaphonswa ekusolweni okungenamusa noma nini.” Lokhu ngokuqukethwe uhlelo lukaNkulunkulu, olungaxakile nolungesiso isimanga, kodwa lonke luyisinyathelo somsebenzi. Abantu namadodana kaNkulunkulu ezindaweni zonke, khona lapho, behlulelwa nguNkulunkulu ngokwakho konke abakwenza emabandleni, okungakho uNkulunkulu ethi, “Njengoba ngisebenza, zonke izingelosi ziqala impi empini yokugcina kanye Nami, zinquma ukufeza izifiso Zami esigabeni sokugcina, ukuze abantu emhlabeni bavume phambi Kwami njengoba kwenza izingelosi, bangabi nesifiso sokungiphikisa, bangenzi lutho ebahlubukisa Kimi, lokhu kuyizimo zomsebenzi Wami emhlabeni wonke.” Yilona umehluko emsebenzini uNkulunkulu awenzayo emhlabeni wonke; usebenzisa izindlela ezehlukene kuya ngalowo ezibhekiswe kuye. Namuhla, abantu basemabandleni bonke banenhliziyo enokulangazelela, futhi sebeqalile ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu—okwanele ukukhombisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ususondele ekupheleni kwawo. Ukubuka phansi usesibhakabhakeni kuyafana nokuphinde ubuke izigcawu ezingathokozisi zamagatsha abunile namaqabunga awile, nehlabathi lipheshulwa umoya wasekwindla, kubonakala sengathi ukubhubha komhlaba sekusondele ukuthi kwenzeke phakathi kwabantu, sengathi konke sekuzoguqukela ekubeni yincithakalo. Mhlawumbe kungenxa yokuzwela koMoya, kuhlala kunomuzwa wokungathokozi enhliziyweni, kunenhlese yokuthokomala okunokuthula, kodwa lokhu futhi kuxubene nosizi oluthile. Lokhu kungaba ukwethulwa kwamazwi kaNkulunkulu athi “umuntu uyavuka, yonke into emhlabeni ihamba kahle, futhi izinsuku zokusinda komhlaba azisekho, ngoba sengifikile!” Abantu bangase babe nokungabi namdlandla okuthile emva kokuzwa la mazwi, noma bangadumala kancane ngomsebenzi kaNkulunkulu, noma bagxile kakhulu emuzweni osemoyeni wabo. Kodwa ngaphambi kokuqeda umsebenzi Wakhe emhlabeni, uNkulunkulu ubengeke abe yisilima kangangokuba ubenganikeza abantu lokhu kukhohlisa. Uma ngempela unemizwa enje, kusho ukuthi unaka kakhulu imizwa yakho, ukuthi ungumntu owenza njengoba ethanda, futhi ongamthandi uNkulunkulu; kukhombisa ukuthi abantu abanje bagxila ngokwedlulele ezintweni ezingaphezu kwemvelo, bangamshayi mkhuba nhlobo uNkulunkulu. Ngubani ongaphunyuka esandleni sikaNkulunkulu? Kunini lapho isimo sakho nezimo-mpilo zakho kungahleliwe khona nguNkulunkulu? Noma uyahlupheka noma ubusisiwe, unganyomuka kanjani esandleni sikaNkulunkulu? Lena akuyona indaba yesintu, iyisidingo sikaNkulunkulu ngokuphelele—ngubani ongelalele ngenxa yalokhu?

“Ngizosebenzisa ukusola ukusabalalisa umsebenzi Wami phakathi kwabeZizwe, okusho ukuthi, ngizosebenzisa indluzula kubo bonke labo abangabeZizwe. Ngokusobala, lo msebenzi uzokwenziwa ngesikhathi esisodwa nomsebenzi Wami phakathi kwabakhethiweyo.” Ngokukhuluma la mazwi, uNkulunkulu uqala umsebenzi wakhe emhlabeni wonke, futhi kuyisinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu, osuvele uqhubekele kuleli qophelo; akekho ongaguqula izinto. Inhlekelele ibhekana nengxenye eyodwa yesintu, isenze sibhubhe kanye nomhlaba. Uma umhlaba ususolwe ngokuphelele, uNkulunkulu uvela ngokusemthethweni kuzo zonke izizwe. Futhi ngenxa yokuvela kwakhe, abantu bayasolwa. Okungaphezulu, uNkulunkulu waphinde wathi, “Uma ngivula ngokusemthethweni umqulu kulapho abantu emhlabeni jikelele besolwa khona, lapho abantu emhlabeni wonke bedlula ezivivinyweni.” Kulokhu kubonakala ngokusobala ukuthi okuqukethwe yizimpawu eziyisikhombisa kungokuqukethwe ukusola, okusho ukuthi, kukhona inhlekelele ezimpawini eziyisikhombisa. Kanjalo, namuhla, izimpawu eziyisikhombisa yilapho zisazovulwa; “izivivinyo” okuqondiswe kuzo lapha zingukusolwa okutholwa ngumuntu, futhi phakathi kwalokhu kusolwa iqembu labantu liyozuzwa lamukele ngokusemthethweni “isitifiketi” esikhishwa uNkulunkulu, futhi ngalokhu bayokuba ngabantu embusweni kaNkulunkulu. Lezi yizimpande zamadodana nabantu bakaNkulunkulu, futhi namuhla yilapho zizonqunywa, futhi zisabeka nje isisekelo sezigameko ezizayo. Uma umuntu enokuphila kweqiniso, uyokwazi ukuma aqine ngesikhathi sovivinyo, futhi uma engenakho ukuphila, lokhu-ke kukhombisa ngokwanele ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabi namthelela kubo, ukuthi badoba emanzini ayingozi, futhi abagxili emazwini kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi lokhu kungumsebenzi wezinsuku zokugcina, okungukufikisa le nkathi ekugcineni esikhundleni sokuqhuba umsebenzi, kungakho uNkulunkulu ethi, “Ngamanye amazwi, kuyimpilo umuntu angakange ayiphile ukusuka esikhathini sendalo kuze kube usuku lwanamuhla, ngakho ngithi ngenza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambili,” abuye athi futhi, “Ngoba isikhathi Sami siyasondela kuso sonke isintu, ngoba asibonakali sisekude kodwa siphambi kwamehlo omuntu.” Ezikhathini ezedlule, uNkulunkulu wabhubhisa amadolobha amaningi mathupha, kodwa awekho kuwona adilizwa njengasesikhathini sokugcina. Nakuba, esikhathini esedlule, uNkulunkulu ashabalalisa iSodoma, iSodoma lanamuhla ngeke liphathwe njengasezikhathini ezedlule—ngeke lishabaliswe ngqo, kodwa liyoqala linqotshwe bese lahlulelwa, bese, ekugcineni, lifakwa ekusolweni okungapheli. Lezi yizinyathelo zomsebenzi, futhi ekugcineni, iSodoma lanamuhla liyobhujiswa ngokulandelana kwezigameko okufanayo nokokubhujiswa komhlaba okwedlule—okuwuhlelo lukaNkulunkulu. Usuku uNkulunkulu ovela ngalo wusuku lokuluchitha ngokusemthethweni, futhi akuhlosiwe ukulusindisa ngokuvela Kwakhe. Ngalokho, uNkulunkulu uthi, “Ngibonakala embusweni ongcwele, ngizifihle ezweni lokungcola.” Ngenxa yokuthi iSodoma lanamuhla alimsulwa, uNkulunkulu akaveli kulo ngempela, kodwa usebenzisa le ndlela ukulisola—anikakuboni ngokucacile lokhu? Kungashiwo ukuthi akekho emhlabeni okwazi ukubona ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. UNkulunkulu akaze avele kumuntu, futhi akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu ukuliphi izinga lezulu. Yilokhu okuvumele abantu banamuhla ukuba babe kulesi simo. Uma babengabubona ubuso bukaNkulunkulu, lokho kwakuyoba yisikhathi sokwembulwa kwesiphetho sabo, isikhathi lapho lowo nalowo ehlukaniswa ngokohlobo. Namuhla, amazwi obunkulunkulu akhonjiswa ngokuqondile kubantu, okubikezela ukuthi izinsuku zokugcina zesintu sezifikile, futhi ngeke zidonse isikhathi eside. Lokhu kungolunye lwezimpawu zokubekwa kwabantu ovivinyweni ngesikhathi uNkulunkulu evela kubo bonke abantu. Ngalokhu, noma abantu bethokozela amazwi kaNkulunkulu, bahlale benomuzwa wovalo, kube sengathi kukhona inhlekelele enkulu ezobehlela maduze. Abantu banamuhla bafana nojolwana emazweni aneqhwa, kubo okusengathi ukufa kubasela ukukhokhwa kwesikweletu, kubashiya bengenandlela yokusinda. Ngenxa yesikweletu sokufa esikweletwa ngumuntu, bonke abantu bezwa ukuthi izinsuku zabo zokugcina sezifikile. Yilokhu okwenzekayo ezinhliziyweni zabantu emhlabeni wonke, futhi nakuba kungembuliwe ebusweni babo, okusezinhliziyweni zabo akukwazi ukucasha emehlweni Ami—lokhu kuwubunjalo bomuntu. Mhlawumbe, iningi lamagama ngandlela thize awakhethiwe kahle—kodwa yila magama impela enele ukukhombisa inkinga. Wonke la mazwi akhulunywa umlomo kaNkulunkulu ayogcwaliseka, noma awakudala noma awamanje; ayokwenza amaqiniso avele phambi kwabantu, idili lamehlo abo, ngesikhathi abayoxhopheka badideke ngaso. Anikaboni namanje ukuthi iyiphi inkathi namuhla?

Okwedlule: Isahluko 28

Okulandelayo: Isahluko 30

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp