Isahluko 33

Eqinisweni, ngokwalokho uNkulunkulu akwenze kubantu, nabanike khona, kanye nalokho abantu abanakho, kungashiwo ukuthi izimfuno Zakhe kubantu azilona ihaba, ukuthi akafuni okuningi kubo. Kungenzeka kanjani ke ukuthi bangazami ukwanelisa uNkulunkulu? UNkulunkulu ubanika amaphesenti ayikhulu abantu, kodwa Yena acele ingxenye encane yephesenti kubantu—ingabe lokhu kuwukucela okuningi? Ingabe uNkulunkulu udala inkinga ngento engekho? Kaningi, abantu abazazi, abazihloli phambi kukaNkulunkulu, ngakho kunezikhathi eziningi ababanjwa ngazo ugibe—kungashiwo kanjani ukuthi lokhu ukubambisana noNkulunkulu? Uma kuwukuthi sake saba khona isikhathi lapho uNkulunkulu engazange abeke khona umthwalo osindayo phezu kwabantu, bebeyochoboka njengodaka, futhi bebengeke bakubeke emahlombe abo ukuthola izinto abangazenza. Abantu banjalo, kuphakathi kokuthi bayayekelela noma banombono ongemuhle, bahlale bengakulungele ukubambisana noNkulunkulu ngendlela ebonakalayo, bahlale befuna isizathu esingesihle abangasisho ngenxa yabo. Ingabe ngempela uwumuntu owenza konke hhayi ngenxa yakhe, kodwa ukuze anelise uNkulunkulu? Ingabe ngempela uwumuntu ongathembeli emizweni, ongenzi ngokuthandwa nguye, futhi ogwalisa izidingo zomsebenzi kaNkulunkulu? “Kungani behlale bezama ukwenza isivumelwano Nami? Ingabe ngiyimenenja yesikhungo sezohwebo? Kungani ngikufeza ngenhliziyo yonke lokhu abantu abakufuna Kimi, kodwa engikucela kubantu kuphenduke ize?” Kungani uNkulunkulu ebuza izinto ezinjalo izikhathi eziningi ezilandelanayo? Kungani ekhala kanjalo ngokudumazeka? UNkulunkulu akazuzanga lutho kubantu, konke akubonayo umsebenzi abawuqokayo futhi bawukhethe. Kungani uNkulunkulu ethi, “kodwa engikucela kubantu kuphenduke ize”? Zibuzeni: Kusukela ekuqaleni kuye ekugcineni, ubani ongenza umsebenzi awunikezwe ngempoqo? Ubani ongenzi ngobuhle bemizwa esenhliziyweni yakhe? Abantu bazinika inkululeko eningi, bengabekezeli kulokho abakwenzayo, kube sengathi badoba izinsuku ezintathu, bese beshiya amanethi abo bahlale izinsuku ezimbili bengenzi lutho. Balokhu beshisa baphinde babande: Lapho beshisa, bayakwazi ukushisa zonke izinto emhlabeni, futhi lapho bebandla, bayakwazi ukuphendula wonke amanzi asemhlabeni iqhwa. Lona akuwona umsebenzi womuntu, kodwa kuyisiqhathaniso esifaneleka kakhulu ngesimo somuntu. Ingabe leli akulona iqiniso? Mhlawumbe “kunemibono” enginayo ngabantu, mhlawumbe ngibabukela phansi—kodwa noma kunjalo, “Ngeqiniso uyowuhamba wonke umhlaba; kodwa ngaphandle kwalo, ngeke uye ndawo.” Nakuba lokhu kubachaza kafushane abantu, ngicabanga ukuthi kusebenziseka kahle lapha. Angibabhunyeli ngenhloso ngamanzi abandayo abantu noma ngiphike izenzo zabo. Ake nginibuze eminye imibuzo: Obani ababona umsebenzi kaNkulunkulu njengomsebenzi wabo? Obani abangathi, “Uma nje ngisakwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ngizonikela ngakho konke”? Obani abakwazi ukuthi, “Ngaphandle kwabanye, ngizokwenza konke lokho uNkulunkulu akudingayo, akunandaba ukuthi isikhathi somsebenzi kaNkulunkulu side noma sifishane, ngizowufeza umsebenzi wami; ukuphela komsebenzi Wakhe indaba kaNkulunkulu, akuyona indaba engicabanga ngayo”? Ubani owazi ulwazi olunjalo? Akuzona izindaba enizicabangayo—mhlawumbe ninokuqonda okukhulu, kunoma ikuphi ngiyavuma, ngivuma ukwehluleka—kodwa kumele nginitshele ukuthi uNkulunkulu akufunayo yinhliziyo eqotho ethembekile futhi enogqozi, hhayi inhliziyo yenkentshane engabongi. Yini eniyaziyo ngalesi “sivumelwano”? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, “nilihambile izwe.” Ngomzuzu “niseKunming,” nentwasahlobo yakhona, bese ngokuphazima kweso senifike emakhazeni ashubisa umnkantsha, “iNingizimu Yomhlaba” eyembozwe yiqhwa. Ubani ongakaze abuyele emuva? Into uNkulunkulu ayicelayo umoya “Wokungaphumuli kuze kufike ukufa,” akufunayo ukuthi abantu “bangajiki bengakashayisi odongeni oluseningizimu.” Ngokwemvelo, inhloso kaNkulunkulu akukhona ukuthi abantu bathathe indlela engafanele, kodwa ukuthi babe nomoya onjalo. Njengoba nje uNkulunkulu esho, “Lapho ngiqhathanisa ‘izipho’ abazinike izinto Zami, abantu kaningi babona ukuba yigugu Kwami, babubona lapho kuphela ubukhulu Bami obungalinganiseki.” La mazwi angachazwa kanjani? Mhlawumbe, ukufunda amazwi angenhla kukunikeza ulwazi oluthile, ngoba uNkulunkulu ukhipha yonke inhliziyo yomuntu ukuze ayihlole, ngesikhathi abantu abawazi ngaso la mazwi. Kodwa ngenxa yencazelo ejulile yangaphakathi yamazwi kaNkulunkulu, abantu abakacacelwa ngenyama endala, ngoba abakaze bafunde enyuvesi yezokwelapha, futhi ababona abavubukuli, ngakho bacabanga ukuthi le nkulumo entsha ayiqondakali—kulapho kuphela lapho behlela khona ngezansi. Ngoba abantu abanamandla ngaphambi kwenyama endala; nakuba kungafani nesilwane esikhulu esinolaka, futhi kungakwazi ukubhubhisa isintu njengebhomu le-athomu, abazi ukuthi benzeni ngakho, njengokungathi abanamandla. Kodwa Kimi, kunezindlela zokusebenzelana nenyama endala. Umuntu akalokothi enze umzamo wokucabanga ngengozi eholele ezintweni ezihlukahlukene eziyinqaba ezenza umuntu abonakale kaningi phambi kwamehlo Ami; njengoba nje uNkulunkulu athi: “Lapho ngibabonisa sonke isiqu Sami, bangibheka ngamehlo amakhulu, bame phambi Kwami banganyakazi, njengensika kasawoti. Lapho ngibona ukuba yinqaba kwabo, ngivele ngiphele yinsini. Kodwa bayeza bazobuza izinto Kimi, ngibanika izinto ezisesandleni Sami, bazibeke esifubeni sabo, bazazise njengengane esanda kuzalwa, umuzwa wabo kodwa wesikhashana.” Akuzona yini lezi izenzo zenyama endala? Njengoba namuhla, abantu bayaqonda, kungani bengaliphonsi ithawula, kunalokho besaqhubeka bebambelele? Eqinisweni, ingxenye yezimfuno zikaNkulunkulu umuntu angazifinyelela, kodwa abantu abazinaki, ngoba “angimsoli kalula umuntu. Yilesi sizathu esenza abantu bahlale bekhululiwe enyameni yabo. Abayifezi intando Yami, kodwa bahlale bengikhohlisa phambi kwesihlalo Sami sokwahlulela.” Ingabe lesi akusona isiqu somuntu? Akukhona ukuthi uNkulunkulu ulokhu ecusumbula ngamabomu, kodwa ukuthi lokhu kungokoqobo—ingabe uNkulunkulu kumele akuchaze lokhu? Njengoba nje uNkulunkulu esho, “Kungenxa yokuthi ukholo lwabantu lukhulu kakhulu ngezinga lokuthi ‘bayancomeka.’” Ngenxa yalesi sizathu, ngilalela amalungiselelo kaNkulunkulu, ngakho angikhulumi okuningi ngalokhu; ngenxa yokholo lwabantu, ngiyakuthatha lokhu, ngisebenzisa ukholo lwabo ukuze ngibenze benze umsebenzi wabo ngaphandle kokuthi kube Yimi obakhumbuzayo. Ingabe kubi ukwenza lokhu? Ingabe lokhu akukhona ngempela lokhu uNkulunkulu akudingayo? Mhlawumbe, lapho bezwa lawo mazwi, abanye abantu bangase bakhathazeke—ngakho ngizokhuluma ngenye into, ukuze ngibakhulule kancane. Lapho bonke abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu abasendaweni yonke bedlula ekusolweni, futhi lapho kulungiswa isimo esikumuntu, abantu bayojabula ngasese ezinhliziyweni zabo, kube sengathi baphunyuke osizini. Ngalo mzuzu, abantu ngeke besazikhethela, ngoba lesi yiso kanye isiphetho esifinyelelwe phakathi nomsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Ngezigaba Zakhe esezihambe zaze zafika namuhla, amadodana kaNkulunkulu kanye nabantu bonke bangene ekusolweni, futhi ama-Israyeli nawo, ngeke aphunyuke kulesi sigaba, ngoba abantu bagcwele ukungcola ngaphakathi, ngakho uNkulunkulu uholela bonke abantu ekungeneni esithandweni esikhulu esincibikalisayo sokucwengwa, okuyindlela edingekayo. Lapho lokhu sekudlulile, abantu bayovuswa ekufeni, okuyinto kanye uNkulunkulu ayibikezela “emazwini oMoya abayisikhombisa.” Akusafanele ngikhulume ngalokhu, ukuze ngingacasuli abantu. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyamangalisa, iziprofetho eziphume emlonyeni kaNkulunkulu kumele ekugcineni zigcwaliseke; lapho uNkulunkulu ethi abantu abaphinde bakhulume ngemibono yabo, inkukhu inqunywa umlomo, ngakho akekho okufanele akhathazeke noma ethuke. Njengoba ngishilo, “Kuwo wonke umsebenzi Wami, ingabe sake saba khona isinyathelo esenziwa izandla zomuntu?” Ingabe uyayiqonda incazelo yala mazwi?

Okwedlule: Isahluko 32

Okulandelayo: Isahluko 35

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp