Isahluko 35

Kulezi zinsuku, bonke abantu, ngamazinga ahlukahlukene, bafinyelele ekuthini basolwe. Njengoba uNkulunkulu ethi, “Ngiya phambili nabantu beseceleni Kwami.” Lokhu kuliqiniso lempela, kodwa abantu abakakakwazi ukuliqonda ngokwempela leli phuzu. Ngaleso sizathu, ingxenye yomsebenzi kwasebewenzile kube ngongenasidingo. UNkulunkulu wathi, “Ngiyabesekela futhi ngibanikeze ngokuvumelana nbunjalo babo. Ngokuthi abantu yibo abangabadlali abaqavile ohlelweni lonke lokuphatha Kwami, Nginikela isiqondiso esengeziwe kulabo abadlala indawo ‘yobuntu’ ukuze bayidlale ngenhliziyo ephelele nangekhono labo lonke,” kanye nokuthi, “Nokho, ngiyenqaba ukuyigxeka ngokuqondile imicabango yabo; kunalokho, ngiyaqhubeka nokubaqondisa ngesineke kanye nangokuhlelekile. Vele nje, abantu babuthakathaka, futhi abakwazi ukufeza noma yimuphi umsebenzi.” Okucatshangwa nguNkulunkulu yilokhu: Noma angaphetha ngokubaqeda bonke laba bantu, umsebenzi waKhe emhlabeni usazoqhubeka ngokohlelo lwaKhe lasekuqaleni. UNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenalusizo lwalutho; konke akwenzayo kuhle. Njengoba uPetru athi, “Noma ngabe uNkulunkulu ubedlala nabantu sengathi bebengamathoyisi, bangakhononda ngani abantu? Yiliphi ilungelo abangaba nalo?” Esikhathini samanje, ngabe lokhu akukhona lokho uNkulunkulu akufezayo ngabantu? Bangaba nawo ngempela yini abantu lo mbono? Kungani uPetru ophile ezinkulungwaneni ezimbalwa ezedlule zeminyaka akwazi ukusho into enjalo, bebe bengakwazi “oPetru” abaphakeme, besimanjemanje ezikhathini zanamuhla? Angikwazi ukusho ngokuqinisileyo ukuthi umlando ngabe uya phambili noma uyahlehla yini. Ukuthi isayensi seyithathe inyathelo eliya phambili noma emuva yini, okwamanje, ngumbuzo okungekho muntu okwazi ukuwuphendula. Konke okwenziwe nguNkulunkulu kubantu kube ukubenza babe nombono omuhle nokubavumela ukuthi bakhule empilweni. Ingabe abantu ngeke bakuqonde lokhu? Yonke into ekwenza ube nombono ophambene ubuthakathaka bakho; yiphuzu elibalulekile eliveza ukuba yisisulu, sokuhlaselwa uSathane. Uyakuqonda lokhu? Kungani uNkulunkulu akhuluma ngale ndlela? “Ngibacela ngakho konke ukwethembeka nobuqotho Bami. Ingabe ngempela abakwazi ukwenza engibacela khona?” Asho ukuthini la mazwi? Kungani uNkulunkulu ebuze lo mbuzo? Kukhombisa ukuthi kunezinto eziningi kubantu ezinokungemukeli, kanti uhlobo lulunye lokungemukeli lwanele ukubawisa abantu. Ungazibonela nawe ukuthi ukuqhubeka nezimo zokungemukeli kuzokulethelani. Konke okwenziwa nguNkulunkulu okokwenza umuntu ukuba aphelele. Ngabe lokhu kuyayidinga enye incazelo? Angicabangi kanjalo! Kungashiwo ukuthi abantu bangenwe nguSathane, kodwa kungaba ngcono kakhulu ukusho ukuthi abantu bangenwe ukungabi nombono omuhle. Lena yindlela abantu abakhuluma ngayo; kuyingxenye yengama yabo. Ngakho-ke, bonke bawele esimeni sokungemukeli, okuhambisana nalokho, ukusolwa Ngunoxhaka lona olungiswe nguNkulunkulu ewulungisela abantu, futhi yinkathi lena lapho abantu behlupheka khona kakhulu. Ngokuthi abantu bahlala benombono ongemuhle, kulukhuni ukuthi baphunyule ekusolweni. Ngabe lokhu akuyona indlela izinto eziyiyo ngempela kulezi zinsuku? Kodwa bakwenza kanjani abantu ukuthi banganaki amazwi kaNkulunkulu: “Kulezi zinsuku, uSathane uphumile wakhuphula izinga. Kungani ngingathathi leli thuba Ngikhombise ukubhekana nawo umsebenzi Wami ukuze ngiveze amandla Ami?” Uma Ngibakhumbuza ngokusho okuthile, bawela ekusolweni kungazelelwe abantu bamabandla. Lokhu kungoba emva kwezinyanga ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu, baye bangaguquki ngokuphelele ngaphakathi kubo abantu. Bamane bacwaninge amazwi kaNkulunkulu ngemiqondo yabo. Nokho, eqinisweni, izimo zabo kazikakaguquki nakancane; baselokhu benombono ophambenee. Lokhu kunjalo, ngenkathi uNkulunkulu ethi izikhathi zokusolwa zifikile, abantu baba nokukhathazeka masinyane, bacabange: “Angazi ukuthi nginqunyelwe ngaphambili nguNkulunkulu noma cha, angazi futhi ukuthi ngingama ngiqine yini kulokhu kusolwa. Kulukhuni nakakhudlwana ukwazi ukuthi uNkulunkulu yiziphi izindlela azozisebenzisa ukusola abantu.” Abantu bonke bakwesaba kakhulu ukusolwa, kepha abakwazi ukuguquka khona kunjalo. Bamane bakhathazeke buthule, kodwa futhi bayesaba ukuthi ngeke bakwazi ukuma baqine. Kulezi zimo, bengasolwa futhi bengahlushwa ngamazwi, abantu bonke ngokunganakile bawele ekusolweni. Ngalokho, bonke bayesaba futhi abahlalisekile. Kubizwa “ngokuvuna abakutshalileyo” lokhu, ngoba abantu abawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu nhlobo. Empeleni, uNkulunkulu akanayo inhloso yokuchitha amazwi amaningi kulaba bantu; uNkulunkulu ubukeka esethathe enye indlela yokubhekana nabo engekhona ukusolwa kwangempela. Kufana nalapho umuntu ebamba itshwele futhi eliphakamisa ukuze abone ukuthi liyisikhukhukazi noma yiqhude yini; lokhu akubonakali kuyinto enkulu, kodwa itshwele elincane lethuka kakhulu lizame kanzima ukuphunyula, kungathi lesaba ukuthi umuntu uzolibulala futhi adle inyama yalo, ngoba itshwele kalinalwazi ngokwalo uqobo. Angakwenza kanjani umuntu ukuthi abulale itshwele futhi alidle libe lisenesesindo se-awunsi nje kuphela? Akuwona amampunge lawo? Kufana nse nalokho uNkulunkulu akushilo ethi: “Kungani, manje, ukuthi abantu njalo nje bangigweme? Ngabe kungoba ngizobaphatha njengamaphuphu, babulawe nxa bebanjwa?” Ngakho-ke ukuba senkathazweni komuntu kuwukuzinikela “kokuzidela”, kungashiwo futhi ukuthi ukuzidela okungenanzuzo. Kungoba kabazazi benalokhu kwesaba nje; ngenxa yalokho abakwazi ukuzifaka engozini. Ubuthakathaka bomuntu lobu. Ngabe amazwi akhulunywe nguNkulunkulu athi, “Ekugcineni, yenza abantu bazazi bona uqobo. Lena yinjongo Yami yokugcina,” aphelelwe yisikhathi? Ngobani abazazi bona uqobo ngempela? Uma umuntu engazazi yena uqobo, yini ebanika ilungelo lokusolwa? Make senze amawundlu njengesibonelo. Angahlatshwa kanjani uma engakakhuli abe yizimvu? Kungenzeka kanjani ukuthi isihlahla esingakabi nazo izithelo sijatshulelwe ngabantu? Wonke umuntu wenza ubaluleke kakhulu “umjovo.” Ngakho, abantu bonke benza umsebenzi wokukuzila ukudla, bese belamba. Lesi yisibonelo sokuvuna abakutshalile; bazilimaza bona. Akukhona ukuthi uNkulunkulu unesihluku noma akanabuntu. Uma ngelinye ilanga abantu beye bazazi masinyane bona uqobo futhi baqhaqhazela ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu, lapho uNkulunkulu ube zoqala ukubasola. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bebazokwamukela khona ubunzima ngokuzithoba nangokuzimisela. Khonake, kuthiwani namuhla? Abantu bonke bathola ukusolwa ngaphandle kwentando yabo, njengabantwana bephoqwa ukuthi bapheke ukudla. Uma lokhu kunjalo, kungenzeka kanjani ukuthi bangazizwa bengakhululekile? Wonke umuntu ucabanga athi, “Hhayi-ke! Uma nje kungukuthi ngiyasolwa, ngingagoba ikhanda ngilivume icala! Yini engingayeza? Noma ngabe ngiyakhala, kusamele ngimanelise uNkulunkulu, ngakho yini engingayenza? Ngubani ongitshele ukuthi ngihambe ngiqonde kule ndlela? Hhayi-ke! Ngizozitshela ukuthi anginayo inhlanhla!” Akuyona indlela abacabanga ngayo lena abantu?

Njengoba uNkulunkulu asho wathi, “Wonke umuntu uziphethe kahle, futhi akekho noyedwa onesibindi sokudlubulunda. Bonke bangaphansi kokuqondiswa Kwami, benza imisebenzi yabo engibanike yona.” Ngokucacileyo, akukho noyedwa umuntu othola ukusolwa ngenhloso, futhi ngaphezu kwalokho, lokhu kuvela KuNkulunkulu, ngoba abantu bonke bafuna ukuphila ngokuzijabulisa kunokuthi babe nesiphithiphithi kanye nenxushunxushu. UNkulunkulu wathi, “Ngubani ongakwesabi ukufa? Ngabe abantu bazimisele ngempela ukuzinikela bona uqobo?” Lokhu kuyikho ngempela; wonke umuntu uyesaba ukufa ngaphandle, empeleni, uma egajwe yintukuthelo nokuphela kwethemba. Lokhu yingqikithi yomuntu, futhi kunzima kakhulu ukukuxazulula. Namuhla uNkulunkulu ufikele ukusombulula le nkinga ngqo. Abantu bonke kabanamandla, ngakho uNkulunkulu usebenzise konke anakho ukuzifikela mathupha kubo azohlela isibhedlela esikhethekile ukubelapha kulolu hlobo lwesifo. Abantu abakwazi ukuzelapha bona kulesi sifo esibabambileyo, okuyisizathu esibenza bonke babe nexhala kushise umlomo, futhi izisu zabo zinwebeke. Ngokuhamba kwesikhathi inani lomoya abawuqukethe liyakhula, libe nomphumela wengcindezelo ngokuphakeme. Ekugcineni, izisu zabo ziyaqhuma futhi bafe bonke. Ngakho-ke, kulelo phuzu, uNkulunkulu ukwelaphile lokhu kugula komuntu okunzima kakhulu, ngoba wonke umuntu ufile. Ngabe lokhu akwelaphi isimo somuntu? UNkulunkulu wenze ngamabomu ukuthi afike ukuzokwenza lo msebenzi. Ngokuthi abantu bagajwe ukwesaba ukufa, uNkulunkulu Uqobo ufikile ukuzibandakanya nomsebenzi ofanayo nowabantu; ngokuthi banesibindi esincane kangaka, uqale ngokwenza isibonelo abazobukela kuso. Kusemva kokubona lesi sibonelo kuphela lapho beye baba nesifiso sokulalela khona. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu wathi, “Ngoba akekho noyedwa ongenza umsebenzi Wami, ngibeke unyawo enkundleni yempi mathupha ukuba ngizibandakanye emzabalazweni wokufa nokuphila noSathane.” Lena yimpi engumnqamula-juqu, kuphakathi kokuthi inhlanzi iyafa noma inethi iyadabuka. Kuliqiniso lokhu. Ngokuthi umoya uzonqoba ekugcineni, inyama kumele ibe yisisulu sokufa. Ngabe uyayiqonda imiphumela yalokhu? Nokho, ningabi ngabathinteka kalula. Mhlawumbe lo musho ulula, noma mhlawumbe uyinkimbinkimbi. Nakuba kunjalo, abantu abakakwazi ukuwukala. Lokhu kuliqiniso. Abantu bayakwazi, ekukhathazekeni kwabo, ukwamukela ukucwengwa yizwi likaNkulunkulu; ngalokho umuntu usengasho ukuthi lena yinhlanhla yabo enhle. Nakuba kunjalo kusangashiwo futhi ukuthi akuyona inhlanhla yabo. Ngisathanda ukukhumbuza wonke umuntu, nokho, ukuthi inhloso kaNkulunkulu ikahle, vele—kungafani nezinhloso zabantu, ezivame ukuthi kube ngezokwenza amasu nezinhlelo zabo. Kumele kunicacele lokhu, futhi kungacwili nje emicabangweni engenasiphelo. Akulona iphutha langempela labantu leli? Bonke banje; esikhundleni sokuthanda uNkulunkulu kakhulu, bazithanda bona kakhulu. UnguNkulunkulu onomona ngabantu, njalo wethula izicelo Zakhe kubo. Ngokuqhubeka kwabantu nokuzithanda kwabo, kwanda nokuthi uNkulunkulu afune bathande Yena, futhi ngokuqina nezindinganiso Zakhe kubo. Kungathi uNkulunkulu udlala nabo ngenhloso. Uma abantu bemthanda ngeqiniso, kubukeka sengathi akabavumi. Ngenxa yalokhu, abantu bonke benwaya amakhanda benyakazisa izindlebe zabo ngenkathi befikelwa imicabango ejulile. Lena yindaba kaNkulunkulu nesimo saKhe, ukuphawula nje into eyodwa noma ezimbili. Yintando kaNkulunkulu lena. Yilokho uNkulunkulu adinga ukuthi abantu bakwazi; kuyimpoqo. Umsebenzi omusha odinga nina bantu ukuthi nikwazi ukusebenza kanzima ukuphumelela kulokhu futhi nenze intuthuko entsha. Niyakuqonda lokhu? Nisadinga ukuthi Mina ngisho okwengeziwe ngesihloko?

Ngokwezikhathi ezedlule, uNkulunkulu wathi, “akukho noyedwa oke wakhethwa Yimi; bonke bachithwe ukuthula Kwami. Lokhu kungoba laba bantu esikhathini esedlule abazange bangisebenzele ngokuzinikela okuphelele; ngakho Nami angizange ngibathande ngokuphelele. Bathathe ‘izipho’ zikaSathane babuya bazethula Kimina. Lokho akukhona yini ukungithunaza?” Angachazwa kanjani la mazwi? Kunjengoba uNkulunkulu asho ethi: “Zonke izipho zivela kuSathane.” Izizukulwane ezedlule zabafundi nabaphrofethi zazincike ngokuphelele kuzo izipho ngenkathi zenza umsebenzi wazo, futhi sekuyiminyaka eminingi, uNkulunkulu ezisebenzisa izipho ukwenza umsebenzi waKhe. Lokhu kuyiso isizathu sokuthi kuthiwe umsebenzi wabo bonke abantu onezipho uvela kuSathane. Nokho, njengoba uNkulunkulu esho, “Ngisebenzisa iqhinga likaSathane njengesiqhathaniso Sami,” ngenxa yokuhlakanipha kwaKhe. Ngakho, uNkulunkulu uwubize ngezipho ezivela kuSathane umsebenzi wabantu wezipho. Ngenxa yokuthi zingezikaSathane, uNkulunkulu uzibiza ngokunyundela. Akukhona ukubalahla okungenasizathu abantu ngecala; yincazelo enesizathu nefanelekileyo. Ngalesi sizathu, wathi, “angikuvezanga ukwenyanya Kwami; kunalokho, Ngizame ukuguqula icebo labo ukuze lisetshenziswe Yimi ngokwengeza lezi ‘zipho’ ezintweni ezisetshenziselwa ekuphatheni Kwami. Kamuva, lapho umshini sewukusebenzile, Ngizoshisa yonke imfucuza esele.” Yilokhu okuhle ngokuyisimangaliso ngomsebenzi kaNkulunkulu. Leli phuzu lisekugcineni nemicabango yomuntu, ngoba akukho noyedwa obeyocabanga ukuthi labo ababusa njengamakhosi akubona abantu abanezipho, ngabantu abangenazipho abathandayo uNkulunkulu. Njengoba singabona, imibono noma amathemba kaWitness Lee benoWatchman Nee wonke aphenduke umlotha—kanti abantu bezipho osukwini lwanamuhla abanakukhishelwa ngaphandle. Manje uNkulunkulu uwuqalile lo msebenzi, futhi uthatha kancane kancane ebuyisela emuva wonke umsebenzi kaMoya oNgcwele kulabo bantu abavela njengabaqhathanisekayo nomsebenzi waKhe. Lapho sewuphele ngokuphelele umsebenzi kaNkulunkulu, laba bantu bazobuyela bonke ezindaweni zabo zokuqala. Nokho, Ngiyabanxusa abantu ukuba bangabi ngabanganaki ngesizathu salokhu engikushilo. Kumele uhambe nabahambayo, ulandele izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ukugwema ukuwuphazamisa. Uyalizwa leli phuzu? Ngokuthi lesi yisinyathelo kanye nendlela yomsebenzi kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu “esebenzisa” lezi “zipho” zibe “umkhiqizo osuqediwe,” zonke izinhloso Zakhe zizocaca, futhi izipho ezenza umsebenzi waKhe zisuswe; nokho, uNkulunkulu uzoba nomkhiqizo osuqediwe ukuba awujabulele. Uyakuqonda lokhu? Okufunwa nguNkulunkulu yimikhiqizo ephelele, hhayi izipho zobucebi ezinikelwa ngabantu. Kuphela lapho wonke umuntu esehlezi endaweni Yakhe efanele, okusho ukuthi lapho uNkulunkulu esebuyele esihlalweni Sakhe sakuqala, nodeveli, naye, esehlezi kwesakhe isihlalo, kanjalo nezingelosi, ngothi lwazo—kungaleso sikhathi kuphela lapho kuyoba khona nokumamatheka ebusweni bukaNkulunkulu, ngoba izinhloso Zakhe zizobe sezanelisiwe, inhloso Yakhe izobe seyifeziwe. UNkulunkulu akaseyubuye afune “usizo” oluvela “kudeveli” ngoba izinhloso zikaNkulunkulu ziyobe sezambulwe zabekwa obala kubantu, futhi abantu abasoze basaphinde benziwe bazedlulise. Ngalesi sikhathi, imizimba yabo yenyama iyoba munye nemimoya yabo. Yilokhu uNkulunkulu akwembulayo kubantu; yindawo yokugcina okuyofinyelela kuyo umoya, umphefumulo kanye nomzimba. Ukubuyekezwa kombono wokuqala “ngabantu.” Lokhu akudingi ukucwaningwa ngokujulile; kwanele ukwazi into eyodwa noma ezimbili ezimayelana nakho. Uyakuqonda?

Okwedlule: Isahluko 33

Okulandelayo: Isahluko 36

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp