Isahluko 14

Umuntu akaze afunde lutho ezwini likaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, umuntu wazisa nje kuphela ingaphezulu lezwi likaNkulunkulu, kodwa engawazi umqondo walo wangempela. Ngakho-ke, noma iningi labantu lilikhonzile izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uthi empeleni abalazisi. Lokhu kungenxa yokuthi ngokubona kukaNkulunkulu, noma izwi lakhe liyinto ebalulekile, abantu abakabunambithi ubumnandi balo bangempela. Kanjalo-ke, “bangaqeda ukoma kwabo kuphela ngemicabango yamathungulu.” ngalokho bedambisa izinhliziyo zabo ezinomhobholo. UMoya kaNkulunkulu awusebenzi nje kuphela phakathi kwabantu bonke, kukhona nokukhanyiseleka futhi ngezwi likaNkulunkulu. Ukuthi nje abantu abanaki kakhulu ngendlela yokuthi abakwazi ukwazisa ingqikithi yalo. Emqondweni womuntu, manje sekuwukufezeka okugcwele kwenkathi yombuso, kodwa empeleni akunjalo. Nakuba okwabikezelwa nguNkulunkulu kuyilokho asekufezile, umbuso uqobo awukafiki ngokugcwele emhlabeni. Esikhundleni salokho, ngokuhambisana nezinguquko esintwini, ngokuhambisana nokuqhubeka komsebenzi, nangokuhambisana futhi nokuqhamuka kombani eMpumalanga, okungukuthi, ngokuhambisana nokujula kwezwi likaNkulunkulu, umbuso uyofika kancane kancane emhlabeni, kancane kancane kodwa wehlele ngokuphelele emhlabeni. Indlela yokuza kombuso yiyona ndlela futhi yomsebenzi wobunkulunkulu emhlabeni. Ngesikhathi esifanayo nalesi, uNkulunkulu useqalile emhlabeni wonke umsebenzi obungakaze wenziwe kuzo zonke izinkathi zomlando ukuhlela kabusha umhlaba wonke. Ngokwesibonelo, kunezinguquko ezinkulu ezenzekayo emhlabeni wonke, ezifaka phakathi izinguquko eMbusweni wakwa-Israyeli, ukuketulwa kombuso e-United States of America, izinguquko eGibhithe, izinguquko eSoviet Union, nokuketulwa kweChina. Lapho wonke umhlaba usuzothile wase uphindiselwa esimweni esejwayelekile, kuyobe sekuyisikhathi lapho umsebenzi kaNkulunkulu uyobe usuqediwe; kuyobe sekuyisikhathi sokufika kombuso emhlabeni. Lokhu kungumqondo wangempela wamazwi athi “Lapho zonke izizwe zomhlaba ziphazanyiswa, kungaleso sikhathi lapho umbuso Wami uzobunjwa khona yingaleso sikhathi engizoguqulwa ngaso ngiphendukele kuwo wonke umhlaba.” UNkulunkulu akafihli lutho esintwini, yilokhu eqhubekile etshela abantu ngakho konke ukunotha kwakhe, kodwa abakwazi ukuqonda umqondo wakhe, bamukela nje izwi lakhe njengesiwula. Kulesi sigaba somsebenzi, umuntu usefundile ngokungaqondakali kukaNkulunkulu futhi phezu kwalokho useyabona ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi wokumqonda; ngalesi sizathu sebezwe ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuyinto elukhuni kabi, efana nokufundisa ingulube ukucula. Abanamandla neze, njengegundane libambeke kunoxhaka. Impela, noma ngabe umuntu unamandla angakanani noma unekhono eliphezulu kangakanani, noma ngabe umuntu unamakhono angenamkhawulo kangakanani ngaphakathi kuye, uma kuyiwa ezwini likaNkulunkulu lezi zinto azisho lutho. Kusengathi isintu siyingqumbi yomlotha wamaphepha ashile emehlweni kaNkulunkulu, ayinakubaluleka nhlobo, ingasaphathwa eyokuba nomsebenzi. Lokhu kuyisithombe esiphelele somqondo wangempela wamazwi athi “sengifihleke kakhulu kubantu ngakhula nasekungaqondakalini kubona.” Kulokhu kuyabonakala ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ulandela umgudu wemvelo futhi wenzelwa esisekelweni salokho okungemukelwa yizitho zokuqonda zomuntu. Lapho imvelo yomuntu iqinile futhi inganyakaziseki, amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ahambisana ngokugcwele nemicabango yabo futhi kubonakala sengathi imicabango kaNkulunkulu nesintu iyefana, akukho mehluko nhlobo. Lokhu kwenza abantu ngandlela thize bazi ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu, kodwa akuyona inhloso nqangi kaNkulunkulu lena. UNkulunkulu uvumela abantu ukuthi bazinze ngaphambi kokuqala umsebenzi Wakhe wangempela emhlabeni. Ngakho-ke ngesikhathi sokuqala esididayo esintwini, isintu siyabona ukuthi imiqondo yaso yakuqala yayingashayi khona nokuthi uNkulunkulu nomuntu behlukene njengezulu nomhlaba futhi abefani neze. Ngenxa yokuthi amazwi kaNkulunkulu ngeke esalinganiswa ngokusebenzisa ukubona komuntu, umuntu usheshe aqale ukubuka uNkulunkulu ngendlela entsha, bese ngalokho babuke uNkulunkulu ngokumangala, sengathi uNkulunkulu ongokoqobo akaqondeki ngokufanayo njengoNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki, kusengathi inyama kaNkulunkulu ingaphandle futhi ayinayo ingqikithi yakhe. Ngale kokuthi uMoya kaNkulunkulu uthathe isimo senyama, angaguqukela esimweni soMoya antante emoyeni noma nini. Ngakho-ke, abantu sebethathe isimo-mqondo esinokuqaphela okuthile. Ekuphathweni kukaNkulunkulu, abantu bamgqokisa ngemicabango yabo, bethi uyakwazi ukugibela amafu nenkungu, angahamba emanzini, angavela futhi anyamalale ngokuphazima kweso phambi kwabantu, futhi abanye banezincazelo ezichaza kakhudlwana. Ngenxa yokungazi komuntu nokungabi nalo ulwazi, uNkulunkulu wathi “uma bekholwa ukuthi bangizabalazele noma bephule izinqumo Zami zokuphatha, ngiyaziba.”

Uma uNkulukulu embula uhlangothi olubi nomhlaba ongaphakathi wesintu, uhlala enemba ngempela, engenakho nokuncane ukuphambuka. Kungaze kushiwo ukuthi akukho phutha neze. Lokhu kuyisiqinisekiso esenza ngokugcwele ukuthi abantu bakholwe. Ngenxa yesimiso somsebenzi kaNkulunkulu, iningi lamazwi nezenzo Zakhe kushiya umsizilo ongesuleki, nabantu babonakala benokuqonda okujule kakhudlwana Ngaye, sengathi bathola izinto eziyigugu elikhulu kuye. “Ezinkumbulweni zabo, nginguNkulunkulu okhombisa umusa kubantu kunokubasola, noma nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongaqondi lokho akushoyo. Konke lokhu kungukubona ngamehlo engqondo okuvela emcabangweni womuntu futhi okungahambelani namaqiniso.” Nakuba isintu singakaze sibeke kubaluleka okutheni ebusweni bangempela bukaNkulukulu, siyalwazi “uhlangothi oluseceleni lwesimo sakhe” njengelingemuva lesandla sabo; sihlala sikhomba amaphutha emazwini nasezenzweni zikaNkulunkulu. Lokhu kungoba isintu sihlala sizimisele ukunaka izinto ezimbi, sizizibe izinto ezinhle, sizibukele phansi nje izenzo zikaNkulunkulu. Ukusho kaningi kukaNkulunkulu ukuthi uzifihla ngokuthobeka endaweni yakhe yokuhlala, kwenza kwande ukufuna kwabantu izinto kuye. Bathi: “Uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ebheka sonke isenzo somuntu, futhi ezwa impilo yomuntu, kungani esikhathini esiningi uNkulunkulu engasazi isimo sethu sangempela? Ngabe kusho ukuthi uNkulunkulu ufihlwe ngempela?” Nakuba uNkulunkulu ebuka ekujuleni kwenhliziyo yomuntu, usasebenza ngokwezimo zemiqondo yesintu, engenakho ukungaqondakali noma ukuba ngaphezu kwemvelo. Ukuze asiqede ngokuphelele isimo esidala esiphakathi kwesintu, uNkulunkulu usenze konke ukuze akhulume eqhamuka ezinhlangothini ezehlukene: embula imvelo yaso yangempela, ememezela ukwahlulela ngokungalaleli kwabo; kowodwa umzuzu ethi uzobhekana nabo bonke abantu, ngomzuzu olandelayo abesethi uzosindisa iqembu labantu; ebeka izidingo kubantu noma ebaxwayisa; noma ebahlinza ngaphakathi, noma ebelapha. Ngale ndlela, ngaphansi kokuqondiswa yizwi likaNkulunkulu, kusengathi isintu sesihambe saya kuwo wonke amagumbi omhlaba futhi sangena ensimini enenala lapho leyo naleyo mbali ilwela ukuba ngenhle kunazo zonke. Noma yikuphi uNkulunkulu akushoyo isintu siyokungenisa ezwini lakhe, kube sengathi uNkulunkulu uwuzibuthe, yonke into enensimbi izodonseleka kuwo. Uma bezwa amazwi athi “Abantu abangilaleli, ngokunjalo Nami angibathatheli phezulu. Abantu abanginaki, kanjalo Nami angidingi ukusebenzisa amandla phezu kwabo. Ingabe lokhu akukhona okuhle kakhulu kwemihlaba yomibili?” bonke abantu bakaNkulunkulu babonakala sengathi sebephonswe emgodini ongenamkhawulo futhi, noma sebeshaywe endaweni ebucayi futhi, basala beshaqeke kakhulu. Kanjalo, futhi bangena endleleni yokwenza. Badideke ngokukhethekile uma kuya kula mazwi “Uma, njengobanye babantu Bami embusweni, ningakwazi ukwenza umsebenzi wenu, nizonyanywa futhi nilahlwe Yimi!” Abantu abaningi sebefikelwe yizinyembezi ezephula inhliziyo: “Ngizabalaze kanzima ngiphuma emgodini onganamkhawulo, ngakho ngeke neze ngibe nethemba uma ngingaphonseka kuwo futhi. Angizuzanga lutho emhlabeni wabantu, ngedlula kubo bonke ubunzima nezinkinga empilweni yami. Ikakhulu, emva kokungena ekukholweni, ngedlule ekulahlweni ngabathandiweyo, ukushushiswa imindeni, ukukhulunywa kabi ngabantu bomhlaba, futhi angizange ngiyizwe intokozo yomhlaba. Uma ngiphinda ngiphonseka emgodini ongenamkhawulo, ingabe impilo yami ngeke ibe yize ngokwengeziwe?” (Njalo uma umuntu ecabanga ngalokhu uzizwa elusizi ngokwengeziwe.) “Onke amathemba ami abekwe ezandleni zikaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu engilahla, sengingamane ngife manje… Yebo, konke kudalelwe ngaphambili nguNkulunkulu, manje ngingafuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu, konke okunye kuyalandela. Ngubani owenze lokhu kudalelwa kwami?” Lapho umuntu ecabanga ngokwengeziwe, usondela ngokwengeziwe ezindinganisweni zikaNkulunkulu nasenhlosweni yamazwi Akhe. Ngale ndlela inhloso yamazwi Akhe iyafezeka. Emva kokuba abantu sebebone amazwi kaNkulunkulu bonke baba nodweshu lomqondo nkolelo ngaphakathi kubo. Abangakukhetha kuphela ukuzinikela emgomweni wokudalelwa kwabo, bese ifezeka kanjalo inhloso kaNkulunkulu. Ukuqina kwamazwi kaNkulunkulu, kwenza umhlaba ongaphakathi kwesintu ube nokuphithana okwengeziwe. Lokhu kufana nje nokuthinta inxeba; uma lithintwa kakhudlwana liba buhlungu kakhudlwana, kuze kufike eqophelweni lokuthi umuntu alenge phakathi kokuphila nokufa aze alahlekelwe uthando lokuphila. Ngale ndlela, kulapho umuntu ehlupheka khona kakhulu noma esekujuleni kokuphelelwa yithemba lapho enganikela khona inhliziyo yakhe ngokweqiniso kuNkulunkulu. Imvelo yesintu ithi uma kusekhona isicucwana nje sethemba ngeke siyocela usizo kuNkulunkulu, kodwa siyothatha izindlela zokwaneliseka emandleni aso okusindisa imvelo. Lokhu kungoba imvelo yomuntu ingukukuzethemba, futhi ubukela phansi wonke umuntu. Ngakho-ke, uNkulunkulu wathi: “akekho noyedwa umuntu okwazile ukuthi angithande Nami esanethezekile. Akekho namunye umuntu owelule isandla ngesikhathi sakhe sokuthula nenjabulo ukuze Nami ngijabule kanye naye.” Lokhu kuyadumaza impela: UNkulunkulu wadala isintu, kodwa uma efika emhlabeni wabantu bafuna ukumelana naye, bayamxosha endaweni yabo, sengathi uyintandane ethile nje ezula emhlabeni, noma njengomuntu womhlaba ongenazwe. Akekho ozizwa exhumene noNkulunkulu, akekho omthanda ngokweqiniso, akekho owamukele ukufika Kwakhe. Esikhundleni salokho ngenkathi bebona ukufika kukaNkulunkulu, ubuso babo obunenjabulo buyaguquka ngokuphazima kweso, kube sengathi kunesiphepho esisheshayo esizayo, sengathi uNkulunkulu uzothatha ukujabula komndeni wabo, sengathi uNkulunkulu akaze asibusise isintu, kodwa ulokhu elethele isintu amashwa. Ngakho-ke, emiqondweni yesintu, uNkulunkulu akayona inhlanhla kubona, kodwa uyilona ohlale ebaqalekisa; ngakho, isintu asimlaleli, asimemukeli, sihlale sibanda kuye, futhi lokhu akukaze kuguquke. Ngoba isintu sinalezi zinto ezinhliziyweni zaso, uNkulunkulu uthi isintu asicabangi futhi asinasimilo, futhi akubonakali kubo ngisho imizwa abantu okufanele ukuthi banayo. Isintu asikhombisi ukucabangela imizwa kaNkulunkulu, kodwa sisebenzisa lokhu okuthiwa “ukulunga” ekubhekaneni noNkulunkulu. Isintu selokhu saba nje iminyaka eminingi futhi ngalesi sizathu uNkulunkulu usethe isimo sabo asikaguquki. Lokhu kukhombisa ukuthi abanangqikithi kunezimpaphe ezimbalwa. Kungashiwo ukuthi bayizihlupheki ezingenamsebenzi ngoba abazazisi bona. Uma bengazithandi kwabona, kodwa bezinyathela bona, ingabe lokhu akukhombisi ukuthi abanamsebenzi walutho? Isintu sinjengowesifazane ongenasimilo odlala imidlalo ngobuyena futhi azinikele kwabanye ukuze anukubezwe. Kodwa, noma kunjalo, basaqhubeka nokungazi ukuthi baphansi kangakanani. Bajabulela ukusebenzela abanye abantu, noma ekukhulumeni nabanye, ukuzibeka ngaphansi kokulawulwa ngabanye abantu; lokhu akukhona ukungcola kwangempela kwesintu? Noma ngingaphilanga impilo phakathi kwesintu, njengoba ngingayiphilanga ngempela impilo yabantu, nginokuqonda okucacile ngakho konke ukunyakaza, sonke isenzo, lonke izwi nazo zonke izenzo zesintu. Ngikwazi ngisho ukuvezela abantu ihlazo labo elijulile, kuze kufike eqophelweni lokuthi bangalingi bakhombise amaqhinga abo futhi bangaphindi bavumele izinkanuko zabo. Njengomnenke ohoshekela egobongweni lawo, abasalingi baveze isimo sabo esibi. Ngenxa yokuthi isintu asizazi, ubuthakathaka baso obukhulu ngukuveza obala amathonya abo phambi kwabanye, bekhombisa ubuso babo obubi; yilokhu uNkulunkulu akwenyanya kakhulu. Ngenxa yokuthi ubudlelwano phakathi kwabantu abubuhle, futhi abukho ubudlelwano bokuphilisana obejwayelekile phakathi kwabantu, ingasaphathwa eyobudlelwane obujwayelekile phakathi kwabo noNkulunkulu. UNkulunkulu usesho okuningi kakhulu, futhi ekwenzeni lokhu, inhloso yakhe ukuthola indawo yokuhlala ezinhliziyweni zesintu, ukwenza abantu basuse zonke izithixo ezinhliziyweni zabo, ukuze uNkulunkulu aphathe amandla phezu kwaso sonke isintu bese efeza inhloso Yakhe yokuba semhlabeni.

Okwedlule: Isahluko 13

Okulandelayo: Isahluko 15

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp