Isahluko 15

Umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ukuthi amazwi kaNkulunkulu njalo aya ngokuqondile enhliziyweni yendaba, awafihli lutho. Ngakho, lesi sici sesimo sikaNkulunkulu singabonakala emshweni wokuqala wanamuhla. Ayidalula ngokushesha imibala yangempela yomuntu futhi asembula ngokucacile isimo sikaNkulunkulu. Singumthombo wezici eziningana zekhono lamazwi kaNkulunkulu lokuthola imiphumela. Nokho, abantu bayehluleka ukukuqonda lokhu; njalo beza emazwini kaNkulunkulu ukuze bazazi bona nje, ngaphandle “kokucubungula” uNkulunkulu. Kuba sengathi besaba ukumthukuthelisa noma ukuthi uzobabulala “ngokucophelela” kwabo. Eqinisweni, lapho abantu abaningi bedla futhi bephuza izwi likaNkulunkulu, benza lokho benombono ophambene, hhayi ngombono ofanele. Kungathiwa abantu manje sebeqalile “ukugxila ekubeni bathobe futhi balalele” ekuqondisweni amazwi Akhe. Ngokwalokhu, kusobala ukuthi abantu sebeqalile ukuya kolunye ukweqisa—ekunganakini noma yimaphi amazwi Akhe baye ekuwanakeni okungafanele. Nokho, akukho noyedwa umuntu ongene ngombono ofanele, futhi ukukho noyedwa oke wawuqonda ngempela umgomo kaNkulunkulu wokuba abantu banake amazwi Akhe. Kuyaziwa ngokwalokho okushiwo uNkulunkulu ukuthi akadingi ukuzibonela ngokwakhe ukuphila kwebandla ukuze akwazi ukuqonda, ngokunembile nangaphandle kwephutha, izimo zangempela zabo bonke abantu abakulo. Ngoba basanda kungena endleleni entsha, abantu kusadingeka basuse ngokuphelele kubo izici zabo ezingezinhle; iphunga lezidumbu lisalokhu ligcwala ebandleni. Kuba sengathi abantu basanda kuthatha umuthi futhi basadidekile, abaphapheme ngokugcwele. Kuba sengathi basasatshiswa ukufa, okuwukuthi, basenokwesaba, abakwazi ukuziphakamisa. “Umuntu yisidalwa esingazazi”: Indlela lesi sitatimende esishiwo ngayo isalokhu isekelwe ekwakhiweni kwebandla. Naphezu kokuba bonke abantu ebandleni benaka amazwi kaNkulunkulu, izimvelo zabo zisalokhu zigxile ngokujulile, zingenakuhlukaniseka. Kungakho uNkulunkulu ekhulume ngendlela enze ngayo esigabeni esingaphambili ukuze ahlulele abantu, ukuze uma kungenzeka bamukele ukushaywa ngamazwi Akhe ngokuqhosha kwabo. Nakuba abantu babhekana nokuhlungwa izinyanga eziyisihlanu emgodini ongenamkhawulo, isimo sabo sangempela sisalokhu singesokungamazi uNkulunkulu. Basonakele; bamane baba nje ngabantu abaqaphela kakhulu ekubhekaneni noNkulunkulu. Lesi sinyathelo yisinyathelo sokuqala esifanele ukuthathwa abantu endleleni yokwazi amazwi kaNkulunkulu; ngakho, ekuxhumaniseni nengqikithi yamazwi kaNkulunkulu, akunzima ukubona ukuthi ingxenye engaphambili yomsebenzi yavula indlela yanamuhla, nokuthi kumanje kuphela lapho yonke into ibonakala ikahle. Ubuthakathaka obukhulu babantu ukuthambekela kwabo ekwehlukaniseni uMoya kaNkulunkulu nenyama Yakhe uqobo ukuze bathole inkululeko yomuntu siqu futhi bagweme imigoqo yamihla yonke. Kungenxa yalesi sizathu uNkulunkulu achaza abantu njengezinyoni ezincane “ezindiza kamnandi.” Lesi yisimo sangempela sesintu sonke. Yilokhu okwenza bonke abantu bawe kalula, futhi yilapha lapho kungenzeka kakhulu khona ukuthi badideke. Kubonakala ngalokhu ukuthi awukho umsebenzi kaSathane esintwini ngaphandle kwalo msebenzi. Ngesikhathi uSathane ewenza ngokwengeziwe kubantu, kuqina izimfuneko zikaNkulunkulu kubo. Udinga ukuthi abantu banake amazwi Akhe, ngesikhathi uSathane esebenza kanzima ukuba akunqamule ukuwanaka kwabo. Nokho, uNkulunkulu ubebakhumbuza njalo abantu ukuba balalelisise amazwi Akhe; lolu uvuthondaba lwempi eqhubekayo ezweni lomoya. Kungabekwa ngale ndlela: Lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza kumuntu yilokho kanye uSathane afuna ukukonakalisa, futhi lokho uSathane afuna ukukonakalisa kubonakaliswa ngomuntu, kusobala ngokuphelele. Kunezibonelo ezisobala zalokho uNkulunkulu akwenzayo kubantu: Izimo zabo ziya ngokuba ngcono. Futhi kunezibonakaliso ezicacile zokubhubhisa kukaSathane kubantu: Baya ngokuba babi ngokuqhubekayo, nezimo zabo ziya zicwila nangokwengeziwe. Lapho izimo zabo ziba zimbi kakhulu, bazibeka esimweni sokuba babanjwe uSathane. Lesi yisimo sangempela sebandla, njengoba sivezwe emazwini kaNkulunkulu, futhi kuyisimo sangempela sendawo yomoya. Kuwukubonakaliswa kwezimo zendawo yomoya. Uma abantu bengenakho ukuzethemba ekubambisaneni noNkulunkulu, khona-ke basengozini yokubanjwa uSathane. Lokhu kuyiqiniso. Uma umuntu ekwazi ngempela ukunika uNkulunkulu ngokugcwele inhliziyo yakhe ukuba ahlale kuyo, khona-ke lokho kuba njengokusho kukaNkulunkulu: “… nokuthi wenza kanjani ukuthi, lapho ephambi Kwami, kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami.” Lokhu kubonisa ukuthi izimfuno zikaNkulunkulu kubantu aziphakeme; umane udinga ukuthi basukume bese bebambisana Naye. Ingabe lokhu akuyona into elula nejabulisayo? Ingabe lokhu akuyona into eyodwa eyehlule amaqhawe amaningi nabantu abakhulu? Kuba sengathi ojenene bakhishwe enkundleni yempi futhi kunalokho benziwa ukuthi bathunge—la “maqhawe” abanjwe ubunzima, futhi awazi ukuthi yini okufanele ayenze.

Noma yisiphi isici sezimfuno zikaNkulunkulu ngesintu sikhulu kakhulu, leso isici uSathane asihlasela kubantu ngamandla amakhulu, futhi ngaleyo ndlela, izimo zabantu bonke zembulwe ngokufanele. “Kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade?” Bonke abantu basakhohlisa uNkulunkulu futhi bamfihlela izinto; basaqhubeka nokwenza amaqhinga abo. Abakazibeki ngokuphelele izinhliziyo zabo ezandleni zikaNkulunkulu ukuze bamenelise, kodwa bafuna ukuthola imivuzo Yakhe ngokuba nentshisekelo. Lapho abantu bedla ukudla okumnandi, babeka uNkulunkulu eceleni, bamshiye eme lapho, balindele “ukuphathwa”; lapho abantu benezingubo ezinhle, bama phambi kwesibuko, bajabulele ubuhle babo, futhi ekujuleni kwezinhliziyo zabo, abenelisi uNkulunkulu. Lapho bemi kahle, lapho bezijabulisa kamnandi, bahlala lapho phezu kodumo lwabo futhi baqale ukulujabulela, kodwa bangazithobi ngokuphakanyiswa uNkulunkulu. Kunalokho, bama ezindaweni zabo eziphakeme, bakhulume amazwi okubukisa, futhi banganaki ubukhona bukaNkulunkulu, futhi bangafuni ukwazi ukuba yigugu Kwakhe. Lapho abantu benesithixo ezinhliziyweni zabo, noma lapho izinhliziyo zabo zibanjwe ngomunye umuntu, kusho ukuthi sebebuphikile kakade ubukhona bukaNkulunkulu, kube sengathi ungumgxambukeli ezinhliziyweni zabo. Besaba ukuthi uNkulunkulu uzokweba uthando lwabanye kubo, nokuthi bazobe sebezizwa benesizungu. Inhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu ukuthi kungabikho nto emhlabeni okufanele yenze abantu bangamnaki, futhi nakuba kungaba nothando phakathi kwabantu, kodwa uNkulunkulu akufanele axoshwe kulolu “thando.” Zonke izinto ezisemhlabeni azinalutho—ngisho nemizwa phakathi kwabantu engeke ibonwe noma ithintwe. Ngaphandle kobukhona bukaNkulunkulu, zonke izidalwa zingaphindela ekubeni zingabi yilutho. Bonke abantu, emhlabeni, banezinto abazithandayo, kodwa akukho noyedwa oke wathatha amazwi kaNkulunkulu njengaleyo nto abayithandayo. Lokhu kunquma izinga abantu abaqonda ngalo amazwi Akhe. Nakuba amazwi Akhe enokhahlo, akekho noyedwa olinyazwa yiwo, ngokuba abantu abawanaki ngobuqotho; kunalokho, bawabheka njengoba bebheka imbali. Abawathathi amazwi Akhe njengesithelo ukuze bazinambithele wona, ngakho abayazi ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu. “Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane.” Umuntu osesimweni somuntu ojwayelekile, ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, ubezomangala, abe namahloni, futhi angakwazi ukubheka abanye. Nokho, abantu, ezinsukwini zanamuhla, bangokuphambene kakhulu—basebenzisa amazwi kaNkulunkulu njengento yokushaya abanye. Abanawo ngempela amahloni!

Ngamazwi kaNkulunkulu, sibekwe kulesi simo sokuphila: “Embusweni, akuphumi kuphela amazwi emlonyeni Wami, kodwa izinyawo Zami zinyathela ngeqholo yonke indawo emhlabeni.” Empini ephakathi kukaNkulunkulu noSathane, uNkulunkulu uhlala enqoba njalo. Ukhulisa umsebenzi Wakhe ngesilinganiso esikhulu kuwo wonke umhlaba, futhi kungathiwa kuyo yonke indawo kunezinyathelo Zakhe nezimpawu zokunqoba Kwakhe. USathane wethemba, emaqhingeni akhe, ukuqothula ukuphatha kukaNkulunkulu ngokwehlukanisa amazwe, kodwa uNkulunkulu usebenzise lokhu kwehlukana ukuze ahlele kabusha umhlaba wonke—ukuba angawubhubhisi. UNkulunkulu wenza okuthile okusha nsuku zonke, kodwa abantu abakuqaphelile. Abawaboni amandla ezwe lomoya, ngakho abakwazi ukubona umsebenzi omusha kaNkulunkulu. “Emkhathini, yonke into iba yintsha ekukhanyeni kwenkazimulo Yami, iveza ingxenye ethokomalisa inhliziyo ejabulisa kakhulu imizwa futhi ivuselele nomoya, kube sengathi manje ihlala ezulwini elingaphezulu kwamazulu, njengoba kucatshangwa umcabango wabantu, kungahlushwa uSathane futhi kukhululekile ekuhlaselweni izitha ezingaphandle.” Lokhu kubikezela isimo esijabulisayo sombuso kaKhristu emhlabeni, futhi kwethula isimo sezulu lesithathu esintwini: Yilezo zinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuphela ezikhona lapho, ngaphandle kokuhlaselwa amabutho kaSathane. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuvumela abantu ukuba babone izimo zasemhlabeni zomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe: Izulu liyizulu elisha, bese ngemva kwalo, umhlaba nawo wenziwe waba musha. Ngenxa yokuthi lokhu ukuphila okungaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, abantu bonke banenjabulo engenakuqhathaniswa. Ekuqapheleni kwabo, uSathane “uyisiboshwa” sesintu, abasenalo nhlobo itwetwe noma ukwesaba ukuba khona kwakhe. Ngenxa yomyalelo nesiqondiso esiqondile saphezulu, amaqhinga kaSathane onke aseyize, futhi lokhu kwanele ukufakazela ukuthi uSathane akasekho, ushabalaliswe umsebenzi kaNkulunkulu. Yingakho kuthiwa, “…ihlala ezulwini elingaphezulu kwamazulu.” Lapho uNkulunkulu ethi, “Akukho ukuphazamiseka okube khona, futhi ubunyebomkhathi abukaze bunqamuke,” wayebhekise esimweni sendawo yomoya. Lokhu kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu umemezela ukunqoba uSathane, futhi kuwuphawu lokunqoba kokugcina kukaNkulunkulu. Akekho umuntu ongaguqula umqondo kaNkulunkulu, futhi akekho ongawazi. Nakuba abantu befunde amazwi kaNkulunkulu futhi bawahlola ngokucophelela, balokhu bengakwazi ukusho ingqikithi yawo. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu uthe, “Ngikhipha amagxathu andizayo ngaphezu kwezinkanyezi, futhi uma ilanga likhipha imisebe yalo, ngivimba ukufudumala kwalo esibhakabhakeni, ngikhiphe iziwombe ezinkulu zokukhithika kweqhwa okukhulu njengezimpaphe zehansi eziphuma ezandleni Zami. Kodwa uma ngiguqula umqondo Wami, lonke iqhwa lincibilikela emfuleni, ngokuphazima kweso intwasahlobo ibe isifikile kuyo yonke indawo ngaphansi kwesibhakabhaka, bese uhlaza olucwebile luguqula konke emhlabeni.” Nakuba abantu bengacabanga ngala mazwi ezingqondweni zabo, inhloso kaNkulunkulu ayilula kanjalo. Lapho wonke umuntu ongaphansi kwezulu ekhungathekile, uNkulunkulu ukhuluma izwi lensindiso, ukuze aphaphamise izinhliziyo zabantu. Kodwa, ngenxa yokuthi zonke izinhlekelele zehlela bona, bezwa ukucindezeleka kwezwe, ngakho bonke bafuna ukufa bese behlala emigedeni ebanda kakhulu, eneqhwa. Baba yiqhwa ngenxa yokubanda kweziphepho zeqhwa elikhulu, kuze kube sezingeni lokuba bangakwazi ukuphila ngenxa yokuntuleka kokufudumala emhlabeni. Ukonakala kwabantu kwenza babulalane ngonya olukhulu ngokwengeziwe. Nasebandleni, abantu abaningi bazogwinywa ngethamo elilodwa ngudrago omkhulu obomvu. Ngemva kokuba konke ukulingwa sekwedlulile, iziphazamiso zikaSathane zizophela. Umhlaba wonke, phakathi noshintsho, uyogcwala intwasahlobo, ukufudumala kuyomboza umhlaba, futhi umhlaba uyogcwala umdlandla. Lezi yizo zonke izinyathelo zohlelo lonke lokuphatha. “Ubusuku” uNkulunkulu akhuluma ngabo bubhekise esikhathini lapho ukuhlanya kukaSathane kufinyelela eqophelweni eliphezulu, okuzokwenzeka ebusuku. Ingabe akukhona yini lokho okwenzeka manje? Nakuba bonke abantu bephila ngaphansi kokuqondiswa ukukhanya kukaNkulunkulu, badluliswa enhluphekweni yobumnyama bobusuku. Uma bengeke baphunyuke emaketangeni kaSathane, bazophila phakade phakathi kobusuku obumnyama. Bheka amazwe omhlaba: Ngenxa yezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, amazwe omhlaba “ayehla enyuka,” futhi ngalinye “lifuna isiphetho salo esifanele.” Ngoba usuku lukaNkulunkulu alukafiki, konke emhlabeni kuhlala kusesimweni sesiyaluyalu sokudungeka. Ngesikhathi ebonakala ngokucacile emhlabeni wonke, inkazimulo Yakhe iyogcwalisa iNtaba iSiyoni, futhi zonke izinto zizohleleka futhi zihlanzeke, njengoba zizohlelwa yizandla Zakhe. Amazwi kaNkulunkulu awakhulumi okwanamuhla kuphela, kodwa aphinde abikezele ngekusasa. Namuhla yisisekelo sekusasa, ngakho, njengoba kunjalo namuhla, akekho umuntu ongaqonda ngokugcwele amazwi kaNkulunkulu. Ngemva kokuba amazwi Akhe asegcwaliseke ngokugcwele kulapho abantu beyokwazi khona ukuwaqonda ngokuphelele.

UMoya kaNkulunkulu ugcwalisa sonke isikhala yonke indawo, kodwa futhi usebenza phakathi kwabo bonke abantu. Ngenxa yalokhu, ezinhliziyweni zabantu, kusengathi ithonya likaNkulunkulu likuyo yonke indawo futhi yonke indawo inomsebenzi woMoya Wakhe. Eqinisweni, injongo yokuvela kukaNkulunkulu enyameni ukunqoba laba balingisi bakaSathane futhi, ekugcineni, abazuze. Ngesikhathi esebenza enyameni, uMoya nawo uyabambisana nenyama ekuguquleni laba bantu. Kungashiwo ukuthi imisebenzi kaNkulunkulu isabalalela emhlabeni wonke noMoya Wakhe ugcwala emhlabeni wonke, kodwa ngenxa yezinyathelo zomsebenzi Wakhe, labo abenza okubi abakajeziswa, kuyilapho labo abenza okuhle bengakaklonyeliswa. Ngakho, imisebenzi Yakhe ayikaziswa yibo bonke abantu bomhlaba. Ukukho kokubili, ukuba ngaphezulu nangaphakathi kwazo zonke izinto; ngaphezu kwalokho, uphakathi kwabo bonke abantu. Lokhu kwanele ukubonisa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela. Ngenxa yokuthi akakabonakali ngokusobala kubo bonke abantu, babe nokukhohliseka okunjengokuthi, “Ngokwabantu, kwesinye isikhathi ngibonakala ngikhona ngempela kanti kwesinye ngibonakala ngingekho.” Kubo bonke labo abakholwa kuNkulunkulu manje, akukho oqiniseka ngokuphelele ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela; bonke banezingxenye ezintathu zokungabaza nezingxenye ezimbili zokukholwa. Lesi yisimo sesintu samanje. Abantu kulezi zinsuku bonke bakulesi simo: Bayakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa abakamboni; noma abakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa banezinkinga eziningi isintu esingakwazi ukuzixazulula. Kubonakala ngaso sonke isikhathi kunokuthile okubabambayo abangakwazi ukuphunyula kukho. Ngisho nakuba bekholwa kuNkulunkulu, kubonakala sengathi njalo bezwa sengathi kunokungacaci okuncane. Nokho, uma bengakholwa, bayesaba ukuthi ngeke baphumelele uma kuwukuthi akekho. Yilokhu ukungaqiniseki kwabo.

“Ngenxa yegama Lami, ngenxa yoMoya Wami, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha, ubani okwazi ukunikela amandla akhe onke?” UNkulunkulu waphinde wathi, “Namuhla, lapho umbuso usemhlabeni wabantu, yisikhathi engize ngaso mathupha phakathi kwabantu. Ngabe ukhona ongaba nesibindi angene empini egameni Lami?” Umgomo wamazwi kaNkulunkulu yilo: Ukuba bekungeyena uNkulunkulu osenyameni obenza ngokuqondile umsebenzi Wakhe waphezulu, noma uma ubengekho enyameni kodwa kunalokho wasebenza ngezikhonzi, khona-ke uNkulunkulu ubengeke akwazi ukunqoba udrago omkhulu obomvu, futhi ube ngeke akwazi ukubusa njengeNkosi phakathi kwabantu. Isintu besingeke sikwazi ukumazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe ngempela, ngakho bekuzobe kulokhu kubusa uSathane. Ngakho, lesi sigaba somsebenzi kufanele senziwe uNkulunkulu ngokwakhe, esemzimbeni wenyama. Uma umzimba ubungashintsha, khona-ke lesi sigaba sohlelo besingeke siphothulwe, ngoba ukubaluleka nengqikithi yenyama eyehlukile bekungeke kufane. Abantu bangaqonda kuphela incazelo esobala yala mazwi, ngoba uNkulunkulu uqonda umsuka. UNkulunkulu wathi, “Kodwa uma sekwenzekile konke, akekho oqondayo ukuthi ngabe lokhu kungumsebenzi kaMoya, noma ngumsebenzi wenyama. Kungathatha abantu impilo yonke ukuthi babone imininingwane yale nto eyodwa.” Abantu bonakaliswe uSathane iminyaka eminingi, futhi kade balahlekelwa ukuzwa kwabo izinto zokomoya. Ngenxa yalesi sizathu, umusho owodwa nje wamazwi kaNkulunkulu ufana nedili emehlweni abantu. Ngenxa yebanga phakathi kukaMoya nemimoya, bonke labo abakholwa kuNkulunkulu bazizwa bemlangazelela, futhi bonke bafuna ukusondelana Naye futhi bamthululele izinhliziyo zabo. Kodwa, abalokothi baxhumane Naye, futhi esikhundleni salokho bahlala bemesaba nje. Lawa amandla okukhanga uMoya onawo. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthandwa ngabantu, futhi Kuye kunezici ezingenakuphela zokuba bamthande, wonke umuntu uyamthanda futhi wonke umuntu ufisa ukuthululela Yena isifuba sakhe. Eqinisweni, wonke umuntu unothando ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe—ukuthi nje iziphazamiso zikaSathane zivimbele abantu abandikindiki, abayiziwula, abadabukisayo ekubeni bazi uNkulunkulu. Yingakho uNkulunkulu akhuluma ngemizwa yangempela abantu abanayo Ngaye: “Umuntu akakaze angenyanye ekujuleni kwenhliziyo yakhe; kodwa ubambelela Kimi ekujuleni komoya wakhe. … Uqobo Lwami lwenza umuntu aphelelwe amandla, ashaqeke futhi adideke, kodwa yize kunjalo uzimisele ukukwamukela.” Lesi yisimo sangempela ekujuleni kwezinhliziyo zalabo abakholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bemazi ngempela uNkulunkulu, isimo sabo Ngaye siyaguquka ngokwemvelo, futhi bayakwazi ukudumisa ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo ngenxa yokusebenza kwemimoya yabo. UNkulunkulu ukhona ekujuleni kwemimoya yabantu bonke, kodwa ngenxa yokonakaliswa uSathane, abantu baphambanise uNkulunkulu noSathane. Umsebenzi kaNkulunkulu namuhla uqala ngayo kanye le nkinga, futhi endaweni yomoya, kugxilwe kuyo kusukela ekuqaleni kuye ekugcineni.

Okwedlule: Isahluko 14

Okulandelayo: Isahluko 16

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp