Isahluko 40

KuNkulunkulu, umuntu ufana nento yokudlala ayibambe Kuye, njengendolomba edonswe ezandleni Zakhe—engancishiswa noma ikhuliswe ngendlela uNkulunkulu afisa ukwenza ngayo, ukuze enze akuthandayo ngayo. Kulungile ukusho ukuthi umuntu ngempela uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu, njengekati le-Persian elithengwe owesifazane emakethe. Ngaphandle kokungabaza, uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu—ngakho bekungekho phutha ngolwazi lukaPetru. Kulokhu kuyabonakala ukuthi amazwi nezenzo zikaNkulunkulu kumuntu kufezeka kalula nangentokozo. Akazinwayi ikhanda acabange kanzulu noma enze izinhlelo, njengoba abantu becabanga; umsebenzi awenzayo kumuntu ngojwayelekile kakhulu, njengamazwi awakhuluma kumuntu. Uma uNkulunkulu ekhuluma, ubonakala sengathi ugeqa amagula, usho noma yini efika emqondweni Wakhe, ngaphandle kokuvinjelwa. Noma kunjalo, ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, abantu bakholiseka kakhulu, baswela amazwi, bahlahle amehlo baze bamangale kangangokuba bathule du. Kwenzekani lapha? Lokhu kukhombisa kahle ukuthi ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu kanganani. Uma, njengoba abantu becabanga, umsebenzi kaNkulunkulu kubantu ubungahlelwa kahle ukuze unembe futhi ube olungile, ngakho—ukunabisa le micabango—ubuhlakani, izimangaliso nokungaqondakali kukaNkulunkulu, kungaba okungaqinisekisiwe, okukhombisa kona ukuthi ukulinganisa kwabantu ngoNkulunkulu kuphansi kakhulu. Ngenxa yokuthi kuhlala kunobuwula ezenzweni zabantu, balinganisa uNkulunkulu ngendlela efanayo. UNkulunkulu akenzi izinhlelo noma alungiselele umsebenzi Wakhe; kunalokho, wenziwa nguMoya kaNkulunkulu—futhi imigomo leyo uMoya kaNkulunkulu osebenza ngayo ikhululekile futhi ayinamkhawulo. Kusengathi uNkulunkulu uzishaya indiva izimo zabantu futhi uzikhulumela ngendlela athanda ngayo—kodwa umuntu akakwazi ukuziqhelelanisa namazwi kaNkulunkulu, ngenxa yobuhlakani bukaNkulunkulu. Amaqiniso, nokho, ngamaqiniso. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uyabonakala kubo bonke abantu, kwanele lokhu ukukhombisa imigomo yomsebenzi kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ebefanele ukukhokha inani elikhulu kangaka emsebenzini Wakhe wokudaliwe, lokho kungebe ukusebenzisa okuseqophelweni eliphezulu ezeni? Kufanele uNkulunkulu enze ngokwakhe? Ingabe kuzoba usizo lokho? Ngenxa yokuthi uMoya kaNkulunkulu ubulokhu usebenza isikhathi eside, futhi okwamanje uMoya kaNkulunkulu awukaze usebenze ngale ndlela, akekho oke wazi izindlela nemigomo uNkulunkulu asebenza ngayo, ayikaze icace. Namuhla iyacaca, ngoba uMoya kaNkulunkulu uyembule ngokwawo—futhi lokhu akungabazeki, kukhonjiswa ngqo nguMoya kaNkulunkulu, akufingqwanga muntu. Kungani ningathathi uhambo niye ezulwini lesithathu ukuyobona ukuthi ngabe lokhu yikhona okwenzekayo ngempela, nibone ukuthi, ngemva kokwenza wonke lo msebenzi, ukusebenza kukaNkulunkulu kumshiya ekhathele yini, umhlane Wakhe uyaqaqamba nemilenze Yakhe ibuhlungu, noma kambe engakwazi ukudla noma ukulala; noma ubesefunde imisebenzi eminingi kakhulu abhekise kuzona ukuze akhulume onke la mazwi, ukuthi izinhlaka zamazwi kaNkulunkulu zisabalele etafuleni, noma ukuthi usome amathe ngemva kokukhuluma kakhulu kangaka. Amaqiniso ayakuphikisa lokhu: Amazwi angenhla awafani nhlobo nendawo lapho uNkulunkulu ehlala khona. UNkulunkulu uthi, “Sengichithe isikhathi esiningi, ngakhokha inani elikhulu, ngenxa yomuntu—kodwa ngalesi sikhathi, ngesizathu esingaziwa, onembeza babantu bahlala bengakwazi ukwenza imisebenzi-ngqangi yabo.” Kungakhathaleki ukuthi abantu banawo umqondo wosizi lukaNkulunkulu, uma bengasondela othandweni lukaNkulunkulu ngaphandle kokuphikisana nonembeza babo, lokhu kungathathwa njengokuzwakalayo futhi okunengqondo. Kukodwa okwesatshwayo ngukuthi abazimisele neze ukuba nonembeza abasebenza njengasekuqaleni. Nithini, ingabe kulungile lokhu? Ingabe la mazwi ayanisiza? Ithemba lami ukuthi nisezinhlotsheni zezinto ezinonembeza, kunokuba yimfucumfucu nje engenanembeza. Nicabangani ngala mazwi? Ingabe ukhona okuqondayo lokhu? Ingabe ukuba nenaliti ehlaba enhliziyweni akubuhlungu? Ingabe uNkulunkulu ufaka inaliti esidunjini esingenamizwa? Ingabe uNkulunkulu unephutha, ingabe ubudala Bakhe sebumnqunde amehlo? Ngithi lokho akunakwenzeka! Noma kunjalo, lokhu kufanele kube yiphutha lomuntu. Kungani ningayi esibhedlela nike niyobheka? Ngokungangabazeki kunenkinga ngenhliziyo yomuntu, kufanele ifakwe “izingxenye” ezintsha—kunjani lokho? Ningakwenza lokho?

UNkulunkulu uthi, “Ngibheka ubuso babo obubi nokungejwayeleki, bese ngiphinda ngiyasuka kumuntu. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, abantu bahlala bengaqondi, baphinde babuyise izinto engibanqabele kuzo, belinde ukubuya Kwami.” Kungani, kulesi “sikhathi sobuchwepheshe obusha” uNkulunkulu esakhuluma ngezinqola ezidonswa yizinkabi? Kungani kunje? Ingabe kungenxa yokuthi uNkulunkulu uthanda ukufundekela? Ingabe uNkulunkulu uhambisa isikhathi ngoba nje engenalutho olubalulekile angalwenza? Ingabe uNkulunkulu ufana nomuntu, ohambisa nje isikhathi engenzi lutho ngemva kokuzitika ngokudla? Ingabe kuyasiza ukuphindaphinda la mazwi njalo-njalo? Ngithe abantu bayizisulu, ukuthi kufanele ubadonse ngezindlebe ukuthi bakuzwe. Ngemva kokuba amazwi esekhulunyiwe kubo namuhla, bazosheshe bawakhohlwe kusasa—kuba sengathi banesifo sokukhohlwa. Ngakho, akukona ukuthi amanye amazwi awakhulunywanga, ukuthi nje abantu abawafezanga. Uma into ikhulunywe kanye noma kabili, bahlala bengenalwazi abantu—kufanele ikhulunywe kathathu, leli inani elincane kakhulu. Kukhona “namadoda amadala” okufanele kushiwo kuwo kayishumi ukuya emashumini amabili. Ngale ndlela, into eyodwa ishiwo kaningi ngezindlela ezingefani, ukubona ukuthi ngabe abantu baguqukile noma cha. Ingabe nisebenze ngempela ngale ndlela? Angifuni ukuthethisa abantu, kodwa bonke badlala ngoNkulunkulu; bayakwazi bonke ukudla izithako zokudla okunomsoco, kodwa abanalo ixhala ngenxa kaNkulunkulu—ingabe lokhu ukusebenzela uNkulunkulu? Ingabe lokhu kuwukuthanda uNkulunkulu? Akumangalisi ukuthi bachitha usuku lonke ngaphandle kokunakekelwa emhlabeni, bengenzi lutho benganyakazi. Kodwa noma kunjalo, abanye abantu abakeneli, futhi bazidalela usizi ngokwabo. Mhlawumbe sengiba nonya, kodwa lokhu kwaziwa ngokuvusa isihawu! Ingabe nguNkulunkulu okwenza uzizwe unosizi? Ingabe lokhu akukona ukuthi uzilethela izinhlupheko? Awukho yini umusa kaNkulunkulu ofanele ukuba ngumthombo wenjabulo yakho? Zikhathi zonke, ubulokhu ungayikhumbuli intando kaNkulunkulu, futhi ubulokhu uphikisa, ugula futhi ucindezelekile—kungani kunje? Ingabe intando kaNkulunkulu ukukwenza ukuba uphile enyameni? Awunalo ulwazi ngentando kaNkulunkulu, uyayaluza enhliziyweni yakho, uyabubula ukhononde, uqede usuku lonke udangele, futhi inyama yakho izwa ubuhlungu nokuhlushwa—ufanelwe yilokho! Ubuza ukuthi ingabe abanye basamdumisa yini uNkulunkulu phezu kokusolwa, uthi baqhamuke ekujezisweni futhi bangacindezelwa yikona—kodwa niwele ngaphakathi futhi angeke niphunyuke. Kuthatha iminyaka ukufanisa le-Dong Cunrui-esque “umoya wokuzidela.” Uma ushumayela amazwi nezimfundiso, awubi namahloni? Ingabe uyazazi wena? Ingabe uke wazibeka eceleni? Ingabe umthanda ngempela uNkulunkulu? Ingabe ubekele eceleni amathemba nesimiselo? Akumangalisi ukusho kukaNkulunkulu ukuthi abantu yibona abamangalisayo nabangaqondakali. Ubani obengacabanga ukuthi “kunengcebo” engaka kumuntu esadinga ukugujwa? Namuhla, ukubonakala kwayo kwanele ukuba “kuvule amehlo omunye”—abantu “bayafekethisa”! Kusengathi ngiyingane engakwazi ukubala. Ngisho nanamuhla angikazi ukuthi bangaki abantu abathanda uNkulunkulu ngempela, angikwazi ukukhumbula inani—manje, ngenxa “yokungethembeki” Kwami, uma kufika isikhathi sokuzibika kuNkulunkulu, ngihlala ngingaphethe lutho, ngingakwazi ukwenza ngendlela ebengifisa ngayo, ngihlala nginecala kuNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uma ngizibika, ngihlala ngisolwa uNkulunkulu. Angazi ukuthi kungani abantu benonya kangaka, behlala bengihlupha njalo ngenxa yalokhu. Abantu basebenzisa leli thuba ukuphinda bangihleke, akubona abangane Bami ngempela. Uma ngisenkingeni, abangisizi ngalutho, kodwa bahlekise Ngami ngamabomu—abanawo ngempela unembeza!

Okwedlule: Isahluko 39

Okulandelayo: Isahluko 41

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp