Uyini umhlaba kamoya

August 06, 2018

Ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, uma abantu kunezinto nezehlakalo abangaziqondi, bangafuna ulwazi ngalezo zinto, kungenjalo kukhona nezinye izinhla abangazisebenzisa ukuthola imvelaphi kanye nezincazelo ngalezo zinto. Kodwa uma kuyiwa kulona omunye umhlaba okuyiwo esikhuluma ngawo namuhla—umhlaba kamoya otholakala ngale komhlaba wezinto ezibambekayo—abanazo abantu izinsiza noma izinhla zokubasiza ukuthi bafunde noma yini ngawo. Kungani ngisho kanje? Kungoba emhlabeni wabantu, yonke into ethintana nomhlaba wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nobukhona bomuntu, kanti ngenxa yokuthi abantu bakholwa ukuthi yonke into emhlabeni wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nempilo yabo ebuswa yizinto ezibambekayo, abaningi bazi leyo mpilo noma bayayibona kuphela, babona izinto ezibambekayo eziphambi kwamehlo abo kuphela, izinto ezibonakala kubo. Bese kuzothi uma kubhekiswa emhlabeni kamoya —okungukuthi, yonke into engeyomhlaba lona omunye—kuba yinto evumelekile ukuthi sithi abaningi kubantu abakholwa. Ngoba abantu abakuboni, futhi bakholwa ukuthi akudingeki baziqonde lezo zinto, noma bazazi, bangasho lutho futhi ngokuthi kuza kanjani ukuthi umhlaba kamoya wehluke kakhulu kangaka emhlabeni wezinto ezibambekayo futhi, kuNkulunkulu, kuvulekile—nakuba, kubantu, kuyimfihlo futhi akuvulekile—ngakho kulukhuni ukuthi abantu bathole indlela yokuqonda izingxenye ezehlukahlukene zalo mhlaba. Izingxenye ezehlukene engizokhuluma ngazo ngomhlaba kamoya zithinta ubukhulu kanye nokuphatha kukaNkulunkulu. Angembuli imimangaliso, noma nginitshele ngezimfihlo enifisa ukuzithola, ngoba lokho kuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu, indlela aphatha ngayo, kanye nendlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo, ngalokho ngizokhuluma ngohlangothi okubalulekile ukuthi nilwazi.

Uyini umhlaba kamoya

Okokuqala, manginibuze umbuzo: Ngokwemiqondo yenu, yini umhlaba kamoya? Uma sikhuluma nje jikelele, lowo umhlaba ongale komhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba ongabonakali futhi ongathinteki kubantu. Kodwa ekucabangeni kwenu, ungaba luhlobo luni lomhlaba umhlaba kamoya? Mhlawumbe, ngenxa yokungakwazi ukuwubona, anikwazi ukwakha isithombe sawo emiqondweni. Kodwa uma nizwa izindaba zawo, nisangacabanga angeke nikwazi ukuzibamba. Ngikushiso yini lokhu? Ziningi izinto ezenzeka kubantu uma besebasha: uma kukhona umuntu obaxoxela indaba eyethusayo—ngezipoki, ngemiphefumulo—bethuka kakhulu. Kungani bethuka? Kungoba basuke bakubone ngamehlo engqondo lokho; nakuba bengakwazi ukukubona ngqo, bacabanga ukuthi kukhona ngaphakathi endlini, kuzifihle ndawana thile, mhlawumbe ebumnyameni, bethuke ngendlela yokuthi behluleke nokulala. Ikakhulukazi ebusuku, abakwazi nokuhlala bodwa endlini, noma babe bodwa emnyango. Lowo umhlaba kamoya uma wakheka emiqondweni wenu, umhlaba abantu abacabanga ukuthi uyesabeka. Empeleni, wonke umuntu unakho ukubona ngamehlo engqondo, futhi wonke umuntu uyakwazi ukuzwa okuthile.

Masiqale ngomhlaba kamoya. Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okunomphumela wokuba ukuphila kwesintu kuthonywe kakhulu ngumhlaba womoya. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, seniyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona,—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? (Yebo, siyafisa.) Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo. Ngokwemininingwane, kumele siqale ngokuthi umhlaba kamoya yiwo onomsebenzi wokuphila nokufa komuntu, ngoba lo msebenzi uyingxenye enqala yomsebenzi wabantu bomhlaba kamoya.

Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. La makholwa yilawo akholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu, angithi? Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Ngabe labo abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni babalwa njengabangakholwa? Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Niyakuqonda lokhu, angithi? Ningazididi lezi zinhlobo. Uhlobo lwesibili ngabantu bokholo. Uhlobo lwesithathu yilabo abalandela uNkulunkulu namhlanje. Futhi kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba izinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinesiphetho esehlukene futhi lapho beya khona kwehlukene.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp