Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

August 06, 2018

Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala nakho konke ahlangane nakho empilweni yakhe. Konke akwenzile esaphila kubhalwa encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile.

Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo ngokukhethekile ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto ezimbi azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo okungenzeka kakhudlwana ukuthi akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha. Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—kuyesabisa lokho? (Kuyesabisa.) Yini eniyesabayo nina? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, angithi? Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uzo phila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Ngabe umuntu uzophila kangcono uma eyikati? Ubeyoba yisilwane ngokufanayo nje, futhi ukuba yikati bekuyoba lula kangcono kunokuba yihhashi noma inkomo, ngoba amakati ayaphumelela ukuvilapha isikhathi esiningi elele. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Ezinye izinja, emva kokufuywa iminyaka embalwa ziyakwazi ukukuqonda okuningi okushiwo abaninizo. Ngezinye izikhathi, inja iyakwazi ukuhambisana nendlela umniniyo azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kangcono, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni njengesilwane, nokuthi abe yiluphi uhlobo lwesilwane.

Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa. Kusukela ngosuku umuntu afika ngalo emhlabeni kamoya kuze kuphele isijeziso sakhe, noma aphendulwe isilwane kaningi, futhi elungiselela ukubuyiselwa ekubeni ngumuntu, le nqubo iphelele.

Futhi ngabe labo abaqede izijeziso zabo, futhi abangabuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, bayothunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo ukuze bazalwe njengabantu? Noma, kuyothatha isikhathi esingakanani ukuthi bafike phakathi kwabantu? Kungenzeka ngokulandelana kangakanani lokhu? Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Isekelwe kulokho umhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba wabantu okudinga emphefumulweni kanye neqhaza elizobanjwa yilo mphefumulo emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo abadlala indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho kungathatha iminyaka engamakhulu amathathu. Ngamanye amazwi, lo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, nokuze akhishelwe emhlabeni womuntu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, futhi le mithetho kanye nezindlela kuvela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya. Manje seniyaqonda, yebo?

Emphefumulweni noma yimuphi, ukubuyiselwa esimweni somuntu, ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo, ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu kule mpilo: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Ngoba kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo. Uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu. UZhang uthola imali eningi, futhi ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe uyayidla. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka, kodwa iyokwenza noma yini—iyalova, iyadla, iyaphuza, iyafeba, futhi iyabheja. Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. Kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? (Ngoba uLi usesiqoqe sonke isikweletu sakhe; uZhang usesikhokhile isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela. Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, futhi le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi. Zikhona yini eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi? (Yebo) Futhi kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle futhi bangenzi okubi.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho, futhi kuyoba khona imiphumela! Kungakhathaleki ukuthi bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—akwamukelekile lokhu? Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo okungekho noyedwa ongayibalekela futhi akekho okwazi ukuvika leli qiniso.

Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Lokhu kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uqinisa isandla ekuphatheni kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi lesi sibonelo esilula sitshela wonke umuntu ukuthi noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, futhi kunemiphumela. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese nina nithi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ukuphindiselela lokhu! Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Futhi umphumela wabo uwukuthi baziphethe kahle kangcono kakhulu. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni. Lapho bezalwa futhi, luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba lo mndeni ungeke ube yizigwili, uzoba nokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzoba nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, futhi nemindeni yazo ibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, lapho umuntu aya khona emva kokufa nalapho ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye. Kulungile-ke, uyakuqonda konke lokhu, yebo?

Uma senikuqonda-ke lokhu, ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu, kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa kwempilo yomuntu yenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.

… Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Bakhona abashiywa ngaphandle? (Cha.) Niyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile ngokuhambisana nemigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje bayini abangakholwayo emehlweni kaNkulunkulu? Bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, futhi unemigomo efanayo nakulolu hlobo lomuntu. Nasekubaphatheni laba bantu, isimo Sakhe sisabonakala njengoba ibonakala nemithetho Yakhe yokubusa izinto zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo? Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lomuntu njengemfuyo. UNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu unengqikithi kaNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyingxenye yengqikithi Yakhe engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile.

Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo— ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, futhi sifisa ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile. Ngalokho, uma kuthiwa uNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto, akwengezwanga lutho ekuqapheleni nasekuqondeni “zonke izinto”? (Yebo.)

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Uyini umhlaba kamoya

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Uyini umhlaba kamoya

Ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, uma abantu kunezinto nezehlakalo abangaziqondi, bangafuna ulwazi ngalezo zinto, kungenjalo kukhona...

Sithinte nge-Whatsapp