Yini umehluko obalulekile phakathi kokusindiswa nensindiso?

April 07, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, Lowo nalowo owenza isono uyisisebenzi sesono. Kanti isisebenzi asihlali phakade endlini: kodwa indodana ihlala phakade” (UJohane 8:34-35).

“Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21).

“Futhi bacula sengathi yiculo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambili kunezilo ezine, nabadala: futhi akekho umuntu owayengafunda lelo culo ngaphandle kwabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababehlengiwe emhlabeni. Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:3-5).

Yini umehluko obalulekile phakathi kokusindiswa nensindiso?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu bahlala becabanga: “Ngabe ukukholwa kuNkukunkuku akukhona ukuya emihlanganweni, ukucula amaculo, ukulalela izwi likaNkulunkulu, ukuthandaza, ukwenza imisebenzi ethile? Akunjalo?” Kungakhathaleki ukuthi ninesikhathi eside kangakanani ningabakholwa kuNkulunkulu, anikakuqondi ngokugcwele ukubaluleka kokukholwa kuNkulunkulu. Empeleni, ukubaluleka kokukholwa kuNkulunkulu kujule ngendlela engakholakali, futhi abantu abakacabangi ngokugcwele ngakho. Ekugcineni, izinto eziphakathi kubantu okungezikaSathane, nezinto zemvelo yabo kufanele ziguquke, futhi kufanele zivumelane nezidingo zeqiniso; yilokhu kuphela okungukuthola insindiso ngempela. Uma ufana nowawuyikho enkolweni—umemeza nje amazwi emfundiso noma umemeza iziqubulo ezithile, bese wenza izenzo ezithile nokuziphatha okuhle, futhi ungenzi izono ezithile, ungenzi izono ezisobala—lokhu akukachazi ukuthi usungene emzileni olungile wokukholwa kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi nje uyakwazi ukulandela imithetho, ngabe kusho ukuthi uhamba endleleni efanele? Ngabe kusho ukuthi ukhethe ngokufanele? Uma izinto eziphakathi emvelweni yakho zingaguqukile futhi ekugcineni usamelana noNkulunkulu futhi usacasula uNkulunkulu, khona-ke lokhu kuyinkinga enkulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungayixazululi le nkinga, khona-ke ungathathwa njengosindisiwe? Kuchaza ukuthini, ukusho Kwami lokhu? Kungokunenza nonke niqonde ezinhliziyweni zenu ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu akukwazi ukwehlukaniswa namazwi kaNkulunkulu, noNkulunkulu, noma neqiniso. Kufanele uyikhethe kahle indlela yakho, ufake amandla eqinisweni futhi ufake amandla emazwini kaNkulunkulu. Ungabi nje nolwazi olungavuthiwe bese uzibona uvuthiwe, noma uwaqonde ngaleyo ndlela nje. Uma wenza izinto ngokuxhamazela, uzozilimaza wena nje kuphela. Umuntu akufanele aphambuke ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu; uma ekugcineni kungekho Nkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi ephethe incwadi nje eyibuka sengathi uthokozela izimbali ngenkathi egabavula phezu kwehhashi, ngaphandle kokuba nesikhala sikaNkulunkulu enhliziyweni yakhe, khona-ke uphelile. Kusho ukuthini ukuthi “Ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akukwazi ukwehlukaniswa namazwi kaNkulunkulu”? Ngabe uyaqonda? Kuyaphambana yini nokuthi “Ukukholwa kuNkulunkulu akunakwehlukaniswa kuNkulunkulu”? Ungaba kanjani noNkulunkulu enhliziyweni yakho uma amazwi kaNkulunkulu engekho enhliziyweni yakho? Uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa uNkulunkulu engekho enhliziyweni yakho, namazwi kaNkulunkulu, nokuqondisa kukaNkulunkulu, khona-ke uphele nya.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalahlekelwe Ngumsebenzi kaMoya oNgcwele Basengozini Kakhulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Labo abaphila ngaphansi kwethonya lobumnyama yilabo abaphila phakathi kokufa, yilabo abazuzwe uSathane. Ngaphandle kokusindiswa uNkulunkulu, nokwahlulelwa kanye nokusolwa uNkulunkulu, abantu abakwazi ukubalekela ithonya lokufa, abakwazi ukuba abaphilayo. Laba abafileyo abakwazi ukunikeza ubufakazi ngoNkulunkulu, noma basetshenziswe uNkulunkulu, abakwazi ukungena embusweni. UNkulunkulu ufuna ubufakazi babaphilayo, hhayi kwabafileyo, futhi ucela abaphilayo, hhayi abafileyo, ukuba bamsebenzele. “Abafileyo” yilabo abaphikisana futhi bavukele uNkulunkulu, yilabo abamoya wabo ungazweli naabangawaqondi amazwi kaNkulunkulu, yilabo abangalisebenzisi iqiniso nabangeqotho kuNkulunkulu, futhi yilabo abaphila ngaphansi kombuso kaSathane nabaxhashazwa uSathane. Abafileyo bazibonakalisa bona ngokumelana neqiniso, ngokuvukela uNkulunkulu, nangokuba phansi, abadelelekile, abanonya, abangezwela, abayizimbulu, nabashaya umshosha phansi. Nakuba abantu abanjalo bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu, abakwazi ukuphila amazwi kaNkulunkulu; bayaphila, kodwa bahamba befile, bayizidumbu eziphefumulayo. Abafile abakwazi nhlobo ukwanelisa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokulalela Yena. Bamane bamkhohlise, bamhlambalaze, futhi bamkhaphele, futhi konke ukuphila kwabo kuveza imvelo kaSathane. Uma abantu befuna ukuba izidalwa eziphilayo, nokufakaza kuNkulunkulu, nokwamukelwa nguNkulunkulu, kumele bamukele insindiso kaNkulunkulu, kumele bazithobe ngenjabulo ekwahlulelweni nasekusolweni Nguye, futhi kumele ukuthenwa nokusetshenzwa nguNkulunkulu. Yilapho kuphela abangakwazi ukuba nalo lonke iqiniso elifunwa uNkulunkulu ukuba lisebenze, futhi yilapho bezothola khona insindiso kaNkulunkulu, futhi baphinde babe izidalwa eziphilayo. Abaphilayo basindiswe uNkulunkulu, bahlulelwe futhi basolwa uNkulunkulu, bazimisele ukuzinikela futhi bayakujabulela ukubeka ukuphila kwabo kuNkulunkulu, futhi bazonikezela konke ukuphila kwabo kuNkulunkulu. Yilapho kuphela uma abaphilayo befakaza ngoNkulunkulu lapho kuzohlaziswa khona uSathane, futhi abaphilayo bengasakaza khona ivangeli lomsebenzi kaNkulunkulu, abaphilayo kuphela abasenhliziyweni kaNkulunkulu, futhi abaphilayo kuphela bengabantu bangempela. Ekuqaleni umuntu owayenziwe uNkulunkulu wayephila, kodwa ngenxa yokonakaliswa uSathane umuntu usephila ngaphakathi kokufa, futhi uphila ngaphansi kwethonya likaSathane, futhi laba baba abafile abangenamoya, baba yizitha eziphikisa uNkulunkulu, babe ngamathuluzi kaSathane, futhi babe yizithunjwa zikaSathane. Bonke abantu abaphilayo abadalwe uNkulunkulu bafile, ngakho uNkulunkulu ukuyekile ukufakaza Kwakhe, futhi ulahlekelwe abantu abenzile nokuyiyona nto enomoya Wakhe. Uma uNkulunkulu engathatha ubufakazi Bakhe, futhi athathe labo abenze ngezandla Zakhe kodwa abaye bathunjwa uSathane, khona-ke kufanele abavuse ukuze babe abantu abaphilayo, futhi kufanele ababuyisele ukuze baphile ekukhanyeni Kwakhe. Abafile yilabo abangenawo umoya, labo abangazweli kakhulu, futhi labo abaphikisana noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yilabo abangamazi uNkulunkulu. Labo bantu abanakho nakancane ukulalela uNkulunkulu, bayamvukela futhi bayamphikisa, futhi abanabo nobuncane ubuqotho. Abaphilayo yilabo abamoya wabo ozelwe kabusha, abakwaziyo ukulalela uNkulunkulu, futhi abaqotho kuNkulunkulu. Baneqiniso, nobufakazi, futhi yilaba bantu kuphela abajabulisa uNkulunkulu endlini Yakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Usuyaphila?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani futhi kanjani, kungakhathaleki ukuthi izindleko ziyini, noma imigomo Yakhe, inhloso yezenzo Zakhe ayiguquki. Inhloso Yakhe ukusebenzisa kumuntu izwi likaNkulunkulu, izimfuneko zikaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu ngomuntu; ngamanye amazwi, iwukwenza kumuntu konke lokho uNkulunkulu akholwa ukuthi kuhle ngokuvumelana nezigaba Zakhe, avumele umuntu ukuba aqonde inhliziyo kaNkulunkulu futhi aqonde ingqikithi kaNkulunkulu, nokumvumela ukuba alalele ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, kanjalo enze umuntu esabe uNkulunkulu futhi agweme okubi—konke kuwuphawu olulodwa lwenhloso kaNkulunkulu kukho konke akwenzayo. Olunye uphawu ukuthi, ngenxa yokuthi uSathane uyisembozo futhi uyinhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umuntu uvame ukunikelwa kuSathane; lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wayevame ukuvumela abantu ukuthi babone ububi bukaSathane ngaphambi kokuba uSathane abalinge noma abahlasele, kanjalo evumele abantu ukuba bazonde uSathane futhi bakwazi ukubona uhlangothi lwakhe olubi. Le nqubo ibavumela ukuba bakhululeke kancane kancane ekulawulweni uSathane, nasekumangalelweni uSathane, ekugxambukeleni, nasekuhlaselweni—baze babonge izwi likaNkulunkulu, ulwazi lwabo nokulalela uNkulunkulu, kanye nokholo lwabo kuNkulunkulu nokumesaba; bayathuthumela lapho bemangalelwa uSathane; bayokhululwa lapho kuphela emandleni kaSathane. Ukukhululwa kwabantu kuyosho ukuthi uSathane unqotshiwe, kuyosho ukuthi abasekhona ukudla emlonyeni kaSathane—ukuthi esikhundleni sokubagwinya, uSathane ubalaxazile. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanjalo baqotho, banokholo, bayalalela futhi besaba uNkulunkulu, nokuthi bamelene kakhulu noSathane. Bamthela ngehlazo uSathane, bamenza abe igwala, futhi bamnqoba ngokuphelele. Ukholo lwabo ekulandeleni uNkulunkulu, ukulalela kwabo nokwesaba uNkulunkulu kunqoba uSathane, futhi kumenza aphonse ithawula. Abantu abanjalo kuphela abazuzwe uNkulunkulu ngeqiniso, futhi yibo uNkulunkulu ahlose ukubasindisa. Uma befisa ukusindiswa, nokuzuzwa uNkulunkulu ngokuphelele, khona-ke bonke abalandela uNkulunkulu kumele balingwe futhi bahlaselwe uSathane. Labo abamelana nalezi zilingo nokuhlaselwa bakwazi ngokuphelele ukunqoba uSathane, yilabo abasindiswe uNkulunkulu. Okusho ukuthi, labo abasindiswe uNkulunkulu yilabo abadlule ezilingweni, futhi abaye balingwa futhi bahlaselwa uSathane izikhathi eziningi. Labo abasindiswe uNkulunkulu bayayiqonda intando nezimfuneko zikaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuzithoba ebukhosini nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, futhi abayishiyi indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi ngemva kwezilingo zikaSathane. Labo abasindiswa uNkulunkulu bathembekile, banenhliziyo enhle, benza kube nomehluko phakathi kothando nenzondo, banobulungiswa futhi bahluzekile, futhi bayakwazi ukunakekela uNkulunkulu nokwazisa konke okukaNkulunkulu. Abantu abanjalo uSathane ngeke ahlale ebamangalela futhi ebahlukumeza, bakhululeke ngokuphelele, futhi bakhululwe ngokuphelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Yini ukusindisa? Yini insindiso?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli: “Okholwayo bese ebhapathizwa uyakusindiswa; kodwa ongakholwa uyakulahlwa” (UMarku 16:16). “Ngoba lokhu...

Sithinte nge-Whatsapp