Ukuchaza uNkulunkulu oyedwa weqiniso “njengoNkulunkulu Wobuthathu” kungukudelela nokuhlambalaza uNkulunkulu

April 08, 2018

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuba khona komqondo othi uYise neNdodana basebenzisa ngokubambisana uMoya oNgcwele njengethuluzi. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala. Okubuhlungu ukuthi yonke le mibono ingamanga futhi ayikaze ibe khona! Anikalazi iqiniso langempela; nimane niyaqagela futhi niyazicabangela nje, niyiguqule ibe yindaba yokukhohlisa abantu ukuze nethenjwe abanye nokuphatha abayiziphukuphuku ezingenakuhlakanipha nabangacabangisisi kahle, ukuze bakholelwe “emfundisweni ephusile” enkulu nedumile. Yiqiniso leli? Ingabe iyona ndlela le umuntu okumele ayamukele? Udoti wonke lo! Alikho nelilodwa igama elifanelekile! Kuyo yonke le minyaka, benilokhu nihlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, isizukulwane nesizukulwane besilokhu simhlukanisa kancane kancane, kangangokuba uNkulunkulu oyedwa usehlukaniswe waba oNkulunkulu abathathu, manje sekunzima kubantu ukumbuyisela abe uNkulunkulu oyedwa, ngoba niye namhlukanisa kakhulu! Ukube angifikanga ngesikhathi, angazi ukuthi beniyonhlanhlatha nize nifike kuphi! Ukuqhubeka nokwahlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, angaqhubeka kanjani abe nguNkulunkulu wenu? Nisengakwazi kodwa ukumbona uNkulunkulu? Nisengakwazi ukumvuma njengoyihlo futhi nibuyele Kuye? Ukube ngifike sekwedlule isikhathi, cishe beniyoze nithumele emuva “uYise neNdodana” uJehova noJesu, kwa-Israyeli bese nani ngokwenu nithi niyingxenye kaNkulunkulu. Sesibonga khona ukuthi manje yizinsuku zokugcina. Ekugcineni, luze lwafika usuku ekade ngalulinda, futhi ukwehlukanisa kwenu uNkulunkulu kuzophela manje, ngemva kokuba sengiqede ukwenza lo msebenzi ngezandla Zami. Ngaphandle kwalokho, beniyoze nidlulele, nize nibeke bonke oSathane abaphakathi kwenu ematafuleni enu ukuze nibakhonze. Leli icebo lenu! Inhloso yenu yokwehlukanisa uNkulunkulu! Nisazoqhubeka nenza kanjalo? Ake nginibuze: Bangaki oNkulunkulu abakhona? Yimuphi uNkulunkulu ozonisindisa? UNkulunkulu wokuqala, owesibili noma yilona wesithathu obulokhu uthandaza kuye? Yimuphi kubo obulokhu ukholelwa kuye? UBaba? Noma iNdodana? Noma uMoya oNgcwele? Awusho yimuphi okholelwa kuye. Nakuba uthi uyakholelwa kuNkulunkulu kodwa eqinisweni okukholelwayo ngempela yingqondo yakho! UNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho! Kodwa, engqondweni yakho kugcwele inqwaba “yoZiqu Zintathu”! Awuvumi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: “Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini.” Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukwazi uNkulunkulu yiphuzu abantu abangebahle neze neze kulo. Bavame ukunika uNkulunkulu izisho, izinkulumo, amazwi angahambisani Naye, bekholwa ngukuthi lawo mazwi yiwo achaza ngokunembayo ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngalezi zisho luncane kakhulu, izisho ezivela kubantu nemicabango yabo, nemifanekiso yemiqondo yabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, azihlobani nhlobo notho uNkulunkulu ayilo. Ngakho, engifuna ukunitshela khona ukuthi, olwazini kubantu abafiswa wuNkulunkulu, uNkulunkulu akaceli ukuthi uvele umazi nje uNkulunkulu namazwi Akhe, kodwa kumele ulwazi lwakho lukaNkulunkulu lushaye emhlolweni. Noma ungakhuluma umusho owodwa, noma ube ngowazi okuncane ngoNkulunkulu, lokho okuncane makube ngokuyikho okuliqiniso futhi, kuhambisane notho uNkunkulu Uqobo Lwakhe ayilo. UNkulunkulu uyabazonda abantu abamncoma bamphakamise ngokungekhona nokungahloliwe. Ngaphezu kwalokho, uzonda ukubona abantu bemthatha njengomoya ovunguzayo. Uyakuzonda lokho, ukuthi uma kuxoxwa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu, abantu bakhulume budlabha, bekhuluma ngokuzethemba nokungangabazi, besho ababona kufanele bakusho; phezu kwalokho, uzonda labo abakholwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, bebe beziqhenya ngokwazi kwabo uNkulunkulu, bexoxa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu ngaphandle kokuvimbeleka noma ngokuhleleka.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho. Ulwazi olunjalo alukwazi ukugqugquzela noma ukunqoba umuntu, ulwazi olunjalo luphambene nokuyikhona, futhi akusilona iqiniso. Lungaba luningi kakhulu, luphinde lube mnandi uma uluzwa kodwa uma lumelene nesimo sikaNkulunkulu semvelo, ngakho uNkulunkulu ngeke akuhawukele. Ngeke kuphela angaluncomi ulwazi lwakho, kodwa futhi uyoziphindiselela kuwe ngokuba isoni esimhlambalazayo. Amazwi okwazi uNkulunkulu awakhulunywa kalula. Noma ungaba nolimi olulula futhi uyigagu, futhi nakuba amazwi akho ehlakaniphe ngendlela yokuthi uyakwazi ukuthi into emnyama imhlophe futhi emhlophe imnyama, kodwa awunakho okudingekayo uma sekuza ekutheni ukhulume ngolwazi lukaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena lowo ongamehlulela ngamawala, noma umncome ngokunganaki, noma umlulaze ngokunganaki. Uncoma noma ubani nowonke wonke, kepha uyazabalaza ukufika emazwini afanelekile ukuchaza ubukhulu bobuhle nomusa kaNkulunkulu—yilokhu okufundwa izo zonke izehluleki.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp