Ingabe uNkulunkulu weluse futhi wahlinzeka kanjani isintu kuze kube sezinsukwini zamanje?

April 08, 2018

Ingabe uNkulunkulu weluse futhi wahlinzeka kanjani isintu kuze kube sezinsukwini zamanje?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Msebenzi muni uNkulunkulu awenzile ukusabalalisa izinhlanga? Okokuqala, ulungise isimo esibanzi senhlalo emhlabeni, walungisela abantu izimo zenhlalo ezahlukahlukene, kwase kuphila kuzo izizukulwane ngezizukulwane. Lokhu kuphelelisiwe—umkhawulo wokuphila uphelelisiwe. Futhi impilo yabo, abakuphuzayo, izinzuzo zabo—uNkulunkulu wakuphelelisa konke lokho. Futhi ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wenza amalungiselelo ehlukahlukene enzela izinhlobo ezahlukahlukene zabantu: Kunezinhlobo ezahlukahlukene zesakhiwo senhlabathi, izinhlobo ezahlukahlukene zesimo sezulu, izinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo, izinhlobo ezahlukahlukene zezimo zenhlalo emhlabeni. Izindawo ezahlukahlukene zize zinezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, amanzi ehlukahlukene anezinhlobo ezikhethekile zezinhlanzi nemikhiqizo yamanzi. Ngisho nezinhlobo zezinambuzane ezahlukahlukene ezihlelwe nguNkulunkulu. … Umahluko kulezi zinto ngeke wabonakala noma uqondakale, kodwa ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wehlukanisa walungisa izindawo zomhlaba zenhlalo ezahlukahlukene, iziganga ezahlukahlukene, kanye nezinto ezahlukahlukene ezinhlangeni ezahlukahlukene. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala izinhlobo ezahlukahlukene zabantu futhi uyazi Yena ukuthi uhlobo ngalunye ludingani nokuthi impilo yabo iyini.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yiziphi izimo ezijwayelekile kulezi zinhlobo ezahlukahlukene zokuphila kwabantu? Azidingi ukunakekelwa okujwayeleke ezindaweni ukuze iqhubeke impilo? Okungukuthi, uma abazingeli bebengalahlekelwa ngamahlathi ezintabeni noma yizinyoni kanye nezilwane, bebeyolahlekelwa yimpilo yabo. Ngakho uma abantu abaphila ngokuzingela belahlekelwa ngamahlathi asezintabeni bengasenazo nezinyoni kanye nezilwane, uma bengasenawo umthombo wempilo yabo, khona-ke inkombandlela leso sizwe esingayilandela nalapho lolo hlobo lwabantu olungaya ngakhona kuyinto engaziwa futhi bangase bavele banyamalale. Futhi bethembelephi labo abafuyile ukuze baphile? Ababambelele kukho akuyona nje imfuyo yabo, kodwa yisimo senhlalo okuphila kuso imfuyo yabo—izindawo zotshani. Ukuba bezingekho izindawo zotshani, bebeyoyelukisa kuphi imfuyo yabo? Bezizodlani izinkomo nezimvu zabo? Ngaphandle kwemfuyo abantu abazulazulayo ngeke babe nokuphila. Ngaphandle komthombo wemfuyo yabo, laba bantu bebeyoya kuphi? Ukuqhubeka nokuphila bekuyoba lukhuni; bebengeke babe nalo ikusasa. Ngaphandle kwemithombo yamanzi, imifula namachibi amakhulukazi bekuzokoma. Ngabe beziyoqhubeka nokuphila lezo zinhlanzi ngaphandle kwamanzi eziphila ngawo? Lezo zinhlanzi bezingeke zibe khona. Ngabe laba bantu abancike emanzini nasezinhlanzini ngokuphila kwabo bebeyoqhubeka nokuphila? Uma bebengenakho ukudla, uma bebengenawo umthombo wokuphila kwabo, bebengeke labo bantu bakwazi ukuqhubeka nokuphila. Okusho ukuthi, lapho kuba nenkinga ngokuphila kwabo noma ngokuqhubeka kwabo nokuphila, lezo zizwe bezingeke zisakwazi ukuqhubeka nokuphila, futhi beziyonyamalala, beziyosuswa emhlabeni. Kanti uma labo abangabalimi nabaziphilisa ngakho bebelahlekelwa yinhlabathi, bebengeke bakwazi ukutshala izinto, bese bethola ukudla ezitshalweni ezinhlobonhlobo, bewuyoba yini umphumela walokho? Ngaphandle kokudla, bebengeke balambe baze bafe? Uma abantu belamba baze bafe, belungeke lolo hlobo lwabantu luphele? Ngakho lena yinhloso kaNkulunkulu yokugcina izimo zenhlalo ezinhlobonhlobo. UNkulunkulu unenhloso eyodwa vo ekulondolozeni izindawo ezinhlobonhlobo okuphilwa kuzo, ukugcina izinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezindaweni ezifanele—okungukunakekela zonke izinhlobo zabantu, ukunakekela abantu abaphila ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba.

Uma zonke izinto zendalo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yazo zonke izinto beyingalahleka, izinto eziphilayo phakathi kwazo zonke izinto bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu nabo bebeyolahlekelwa yizimo zabo zenhlalo abancike kuzo ukuze baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenze ukuthi abantu baphile kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphe zonke izinto zendalo ukuthi zibondle, zondle abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Kungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho evamile yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa ngale ndlela kuphela umsebenzi kaJehova wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama—wathatha isimo somuntu iminyaka eyishumi, amashumi amabili—futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. … Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

…………

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kungenkathi uswazi lukaNkulunkulu lusondela kumuntu, nangenkathi ubuso bukaNkulunkulu buya ngokuya bubonakala bucacile phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje yisikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo okungekho muntu oke wakubona ukuthi kuyokwenzeka. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule? … Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokwazi, usefike ekuqondeni izimiso zokuziphatha komuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela ngesikhathi ukuqondisa kukaNkulunkulu okwaqala ngaso ukuba khona, uNkulunkulu ubelokhu ezinikele ngokugcwele ukufezeni umsebenzi Wakhe. Naphezu kokubafihlela uqobo Lwakhe, ubelokhu engasohlangothini lwabantu, enza umsebenzi kubo, embula isimo Sakhe, eqondisa sonke isintu ngesiqu Sakhe, futhi enza umsebenzi Wakhe kuwo wonke umuntu esebenzisa amandla Akhe amakhulu, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye negunya Lakhe, ngalokho eletha iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, futhi manje uletha iNkathi Yombuso. Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, isimo Sakhe, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe ngesintu, ubembulele ngokuphelele bonke abantu ukuze bakubone futhi bakuzwe. Ngamanye amazwi, nakuba abantu bengakwazi ukubona noma ukuthinta uNkulunkulu, isimo nesiqu sikaNkulunkulu abantu baye bakuzwa kuvela kuNkulunkulu Ngokwakhe. Akulona yini iqiniso lelo? Akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza ngayiphi indlela noma kanjani, abantu uhlale ebaphatha ngobunjalo Bakhe bangempela, enze okufanele akwenze futhi asho okufanele akusho. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ekusiphi isikhundla—kungenzeka abe sezulwini lesithathu, noma enyameni, noma ngisho ewumuntu ovamile—uhlale ekhuluma nomuntu ngayo yonke inhliziyo Yakhe nangayo yonke ingqondo Yakhe ngaphandle kokukhohlisa nokuzifihla. Lapho efeza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu wembula izwi Lakhe nesimo Sakhe, aphinde embule lokho anakho nayikho, ngaphandle kokunqikaza ngandlela thile. Uqondisa isintu ngokuphila Kwakhe nangesiqu Sakhe kanye nezinto Zakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu eqala ukusebenza kumuntu, uma esemkhethile umuntu, akayimemezeli kumuntu le ndaba, noma amemezele kuSathane, kungasaphathwa ukuthi akhombise ngophawu olukhulu. Wenza lokho okudingekayo, ngokuthula okukhulu, kalula kakhulu nje. Okokuqala, ukukhethela umndeni; uhlobo lwesisekelo somndeni wakho, abazali bakho, okhokho bakho—konke uNkulunkulu ukunquma kungakenzeki. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akazithatheli emoyeni nje lezi zinqumo; kunalokho, kade awuqala lo msebenzi. Uma uNkulunkulu esekukhethele umndeni, ukhetha usuku ozozalwa ngalo. Emuva kwalokho, uNkulunkulu uyabuka njengoba uzalwa futhi ufika ukhala emhlabeni. Ubuka ukuzalwa kwakho, uyabuka lapho ukhuluma amagama akho okuqala, uyabuka lapho ukhubeka futhi ucathula, uthatha amagxathu akho okuqala ngenkathi ufunda ukuhamba. Okokuqala uthatha igxathu elilodwa bese uthatha elinye … futhi manje usuyagijima, usuyagxuma, usuyakhuluma, futhi usuveza imizwa yakho. Njengoba abantu bekhula, amehlo kaSathane abagqolozele bonke, njengengwe ibuka inyamazane yayo. Kepha ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akakaze ahlushwe ukuthiywa okuvela kubantu, izehlo, noma izinto, indawo noma isikhathi; wenza lokho okufanele akwenze futhi wenza lokho okumele akwenze. Ngesikhathi ukhula, ungahlangabezana nezinto eziningi ongazithandi, njengokugula kanye nokukhathazeka. Kodwa njengoba uhamba le ndlela, impilo yakho kanye nekusasa lakho kungaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu kuphela. UNkulunkulu ukunika isiqiniseko sangempela esizoba khona impilo yakho yonke, ngoba useduze kakhulu nawe, ukubhekile futhi uyakunakekela. Ukhula ungakwazi lokhu. Uqala ukuhlangabezana nezinto ezintsha futhi uqale ukwazi lo mhlaba kanye nalesi sintu. Yonke into incwaba futhi intsha kuwe. Kukhona izinto othanda ukuzenza. Uphila phakathi kobuntu bakho, uphila endaweni yakho futhi awunakho nokuncane ukuqonda ngobukhona bukaNkulunkulu. Kepha uNkulunkulu uyakubuka kuzo zonke izigaba njengoba ukhula, futhi uyakubuka lapho uthatha zonke izinyathelo eziya phambili. Ngisho lapho ufunda ulwazi, noma ufunda isayensi, akaze nakanye uNkulunkulu akushiye. Uyafana nabanye abantu kulokho, ngesikhathi usawufunda umhlaba futhi ubhekana nawo, uzibekele imiqondo yokufiswa yinhliziyo yakho, unemisebenzana yakho yokuchitha isizungu, izinto ozithandayo, futhi ugcine ukulangazelela izinto eziphakeme. Uvame ukuzindla ngekusasa lakho, uvame ukudweba umfanekiso wokuthi ikusasa lakho kufanele libukeke kanjani. Kodwa kungakhathaleki ukuthi kuvelani endleleni, uNkulunkulu ukubona ngokusobala konke ngenkathi kwenzeka. Mhlawumbe wena uqobo usukhohliwe okwenzeke empilweni yakho enkathini edlule, kodwa kuNkulunkulu, akekho ongakuqonda kangcono ukudlula Yena. Uphila phansi kweso likaNkulunkulu, ukhula, uvuthwa. … Kusukela esikhathini uzelwe kuze kube manje, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kuwe, kodwa akakunikezi ukusuka nokuhlala kwakho konke akwenzile. UNkulunkulu akazange akuvumele ukuba ukwazi lokhu, futhi akazange akutshele. Nokho, kumuntu, yonke into ayenzayo, ibalulekile. NgokukaNkulunkulu, kuyinto okumele ayenze. Enhliziyweni Yakhe kukhona into ebalulekile okudinga ukuthi ayenze eyedlula noma iyiphi kulezi zinto. Okungukuthi, kusukela umuntu ezelwe kuze kube manje, uNkulunkulu kufanele aqinisekise ukuphepha kwakhe. Emva kokuzwa la mazwi, ningezwa sengathi aniqondi ngokugcwele. Ningabusza nithi, “Ingabe lokhu kuphepha kubaluleke kangako?” Ngakho, iyini incazelo esobala “yokuphepha”? Mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukuthula noma mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukungadluli engozini enkulu noma enhlekeleleni, ukuphila kahle, ukuphila impilo ejwayelekile. Kodwa ezinhlizyweni zenu, kumele niqonde ukuthi akulula kanjalo. Ngakho-ke yini ngempela le nto ebengikhuluma ngayo, lena uNkulunkulu okufanele ayenze? Ukuphepha kuchaza ukuthini kuNkulunkulu? Ingabe ngempela kuyisiqinisekiso sencazelo ejwayelekile “yokuphepha”? Cha. Ngakho yini leyo uNkulunkulu ayenzayo? Lokhu “kuphepha” kuchaza ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Ingabe lokhu kubalulekile? Ukungashwabadelwa uSathane—ingabe lokhu kumayelana nokuphepha kwakho, noma cha? Yebo. kumayelana nokuphepha kwakho siqu, futhi ayikho into engabaluleka kakhulu kunaleyo. Uma usushwabadelwe uSathane, umphefumulo wakho nenyama yakho akusekhona okukaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke esakusindisa. UNkulunkulu uyayifulathela imiphefumulo nabantu asebeshwabadelwe uSathane. Ngakho ngithi into ebaluleke kakhulu uNkulunkulu okufanele ayenze ukuqinisekisa lokhu kuphepha kwakho, ukuqinisekisa ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Lokhu kubaluleke kakhulu, akunjalo? Ngakho kungani ningakwazi ukuphendula? Kubukeka sengathi aniwuzwa umusa kaNkulunkulu omkhulu!

UNkulunkulu wenza okuningi ngaphezu kokuqinisekisa ukuphepha kwabantu, eqinisekisa ukuthi ngeke bashwabadelwe nguSathane. Futhi wenza umsebenzi omningi wokulungiselela phambi kokukhetha nokusindisa umuntu. Okokuqala, uNkulunkulu wenza amalungiselelo anokucophelela kakhulu mayelana nokuthi luhlobo luni lwesimilo ozokuba naso, luhlobo luni lomndeni ozozalelwa kuwo, kuzoba ngobani abazali bakho, uzoba nabafowenu nodadewenu abangaki, futhi sizoba njani isimo, ukuma kwezomnotho nezimo zomndeni ozozalelwa kuwo. Konke lokhu kuhlelelwa wena ngokucophelela nguNkulunkulu. … Emehlweni, kubukeka engathi uNkulunkulu akamenzelanga lutho olubabazekayo umuntu; wenza yonke into nje ngasese, ngokuthobeka futhi buthule. Kodwa eqinisweni, konke lokho uNkulunkulu akwenzayo ukwenzela ukubeka isisekelo sensindiso yakho, ukulungiselela indlela engaphambili nazo zonke izimo ezidingekayo ekusindisweni kwakho. Okulandelayo, uNkulunkulu ubuyisela bonke abantu phambi Kwakhe, lowo nalowo ngesikhathi sakhe; yilapho olizwa khona-ke izwi likaNkulunkulu; kungaleso sikhathi lapho uza phambi Kwakhe. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, abanye abantu basuke sebengabazali kwabona, kanti abanye beseyizingane zomuntu othile nje. Ngamanye amazwi, abanye abantu basuke sebeshadile futhi baba nezingane kanti abanye basuke bengakagani, bengakayiqali imindeni yabo. Kodwa kungakhathaleki ukuthi isimo somuntu sinjani, uNkulunkulu usezibekile kakade izikhathi lapho uyokhethwa khona futhi lapho ivangeli namazwi Akhe ayokufica khona. UNkulunkulu usebeke izimo, usemnqumile umuntu othile noma isimo esithile okuyodluliselwa ngaso ivangeli kuwe, ukuze uzwe amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu usekulungiselele zonke izimo ezidingekayo. Ngale ndlela, noma umuntu engazi ukuthi kuyenzeka, umuntu uza phambi Kwakhe abuyele emndenini kaNkulunkulu. Umuntu naye, engazi, ulandela uNkulunkulu futhi angene esinyathelweni ngasinye somsebenzi Wakhe, engena esinyathelweni ngasinye sendlela kaNkulunkulu yokusebenza ayilungisele umuntu. … Kukhona izizathu ezehlukene nezindlela ezehlukene zokukholwa, kodwa akukhathaleki ukuthi isiphi isizathu esikwenza ukholwe kuYena, konke kuhlelwe futhi kwaqondiswa nguNkulunkulu. Ekuqaleni, uNkulunkulu usebenzisa izindlela ezehlukene zokukukhetha nokukuletha emndenini Wakhe. Lokhu kuwumusa uNkulunkulu awunika wonke umuntu.

Esigabeni samanje somsebenzi kaNkulunkulu. kulezi zinsuku zokugcina, akasaniki nje umusa nezibusiso kumuntu njengoba ayenza phambilini, noma ancenge abantu ukuthi baye phambili. Ngalesi sigaba somsebenzi, ingabe yini umuntu ayibonile kuzo zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu asedlule kuzona? Umuntu ubone uthando lukaNkulunkulu nokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu uyahlinzeka, eseke, akhanyisele, futhi aqondise umuntu ukuze kancane kancane umuntu aqale ukwazi izinjongo Zakhe, azi amazwi awakhulumayo kanye neqiniso alinika umuntu. Lapho umuntu ebuthakathaka, lapho edangele, lapho engazi ukuthi ashone kuphi, uNkulunkulu uzosebenzisa amazwi Akhe ukubaduduza, ukubeluleka, nokubakhuthaza, ukuze isiqu somuntu esincane sithole amandla kancane kancane, aphakame abe nomoya omuhle owakhayo futhi azimisele ukubambisana noNkulunkulu. Kodwa uma umuntu engalaleli uNkulunkulu, noma emelana Naye, noma uma eveza ukukhohlakala kwakhe, uNkulunkulu ngeke amkhombise umusa ekumsoleni nasekumqondiseni. Nokho, uNkulunkulu uyobekezela futhi abe nesineke ebuwuleni, ukungazi, ubuthakathaka nokungavuthwa komuntu. Ngale ndlela, ngawo wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzela umuntu, kancane kancane umuntu uyavuthwa, uyakhula, aqale ukwazi amaqiniso athile, azi ukuthi buyini ububi nobumnyama. UNkulunkulu akasebenzisi indlela eyodwa yokuhlala esola futhi eqondisa umuntu, kodwa futhi akakhombisi ukubekezelela nesineke njalo. Kunalokho, uhlinzeka umuntu ngamunye ngezindlela ezihlukene ezigabeni zabo ezihlukene kanye nangeziqu nezinga labo elihlukene. Wenzela umuntu izinto eziningi nangenani elikhulu; umuntu akaqondi luthi ngalezi zinto noma ngalezi zindleko, kodwa ekwenzeni konke akwenzayo ngempela kwenziwa kumuntu ngamunye. Uthando lukaNkulunkulu olwangoqobo: Ngomusa kaNkulunkulu, umuntu ugwema inhlekelele emuva kwenye, futhi ngaso sonke leso sikhathi uNkulunkulu ukhombisa ukububekezelela ngokuphindelela ubuthakathaka bomuntu. Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi kancane kancane babone ukukhohlakala nengqikithi yobusathane kumuntu. Lokho uNkulunkulu akuhlinzekayo, ukukhanyisela Kwakhe umuntu nokuqondisa Kwakhe konke, kuvumela isintu ukuthi siyazi ngokwengeziwe ingqikithi yeqiniso, futhi sikhule ekwazini ukuthi yini abantu abayidingayo, iyiphi indlela okufanele bayithathe, ukuthi yini abayiphilelayo, ukubaluleka nenjongo yempilo yabo, nokuthi bayihambe kanjani indlela ephambi kwabo. Zonke lezi zinto uNkulunkulu azenzayo azinakuhlukaniswa nenhloso Yakhe eyodwa yasekuqaleni. Ingabe yini-ke, le nhloso? Kungani uNkulunkulu esebenzisa lezi zindlela ukuze enze umsebenzi Wakhe kumuntu? Ingabe imuphi umphumela afuna ukuwuthola? Ngamanye amazwi, ingabe yini afuna ukuyibona kumuntu? Yini afuna ukuyithola kumuntu? Lokho uNkulunkulu afuna ukukubona ukuvuseleleka kwenhliziyo yomuntu. Lezi zindlela azisebenzisayo ukusebenza kumuntu wumzamo ongapheli wokuphaphamisa inhliziyo yomuntu, ukuphaphamisa umoya womuntu, ukwenza umuntu aqonde ukuthi uvelaphi, ngubani omholayo, omesekayo, omhlinzekayo, futhi ovumele umuntu ukuthi aphile kuze kube manje; ngezokwenza ukuthi umuntu qonde ukuthi ngubani uMdali, ngubani okufanele amkhonze, yindlela enjani okufanele ayihambe, nokuthi iyiphi indlela umuntu okufanele eze ngayo phambi kukaNkulunkulu; zisetshenziswa ukuvuselela inhliziyo yomuntu kancane kancane, ukuze umuntu azi inhliziyo kaNkulunkulu, aqonde inhliziyo kaNkulunkulu, futhi aqonde ukunakekela nokucabanga okukhulu okuholele emsebenzini Wakhe wokusindisa umuntu. Lapho inhliziyo yomuntu seyivuselelwe, umuntu akabe esafuna ukuphila impilo yesimo esonakele, esikhohlakele, kodwa esikhundleni salokho ufisa ukufuna iqiniso ukuze anelise uNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu isiphapheme, umuntu uyakwazi ukuphuma aqhele kuSathane. Akabe esalinyazwa uSathane, akabe esalawulwa noma akhohliswe nguye. Esikhundleni salokho umuntu angabamba iqhaza ngenkuthalo emsebenzini nasemazwini kaNkulunkulu ukuze anelise inhliziyo kaNkulunkulu, ngalokho athole ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi. Lena yinhloso yasekuqaleni yomsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Sekwedlule iminyaka eyizinkulungwane eziningi, kodwa umuntu usathokozela ukukhanya nomoya onikezwe nguNkulunkulu, usaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, usathokozela izimbali, izinyoni, izinhlanzi nezinambuzane ezadalwa nguNkulunkulu, futhi uthokozela zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu; imini nobusuku kusaqhubeka nokudedelana; izinkathi zonyaka ezine ziyadedelana njengokujwayelekile; amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba kulobu busika, futhi asabuya entwasahlobo elandelayo; izinhlanzi emanzini aziyishiyi imifula namachibi ikhaya lazo; izihlonono emhlabathini zicula ngokuzimisela ngezinsuku zehlobo; izinyendle otshanini zivungazela kamnandi zihambisana nomoya ekwindla; amahansi abuthana abe yimihlambi, lapho izinkozi zisala zodwa; imihlambi yamabhubesi izisimamisa ngokuzingela; amaphiva awasuki otshanini nasezimbalini…. lonke uhlobo lwesidalwa esiphilayo phakathi kwezinto zonke luyahamba lubuye lubuye, lubuye luhambe futhi, izinguquko eziyisigidi zenzeka ngokuphazima kweso—kodwa okungaguquki yimizwa yazo yemvelo nemithetho yokuphila. Ziphila ngaphansi kokuhlinzeka nokondla kukaNkulunkulu, futhi akekho ongaguqula imizwa yazo, futhi akukho muntu ongaphazamisa imithetho yazo yokuphila. Nakuba isintu, esiphila phakathi kwazo zonke izinto, sikhohlakaliswe futhi sakhohliswa nguSathane, umuntu akakakwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi enziwe nguNkulunkulu, nomoya owenziwe nguNkulunkulu, nazo zonke izinto ezenziwe nguNkulunkulu, futhi umuntu usaphila futhi ande kulesi sikhala esidalwe nguNkulunkulu. Imizwa yesintu ayiguqukile. Umuntu usathembele emehlweni akhe ukuze abone, ezindlebeni zakhe ukuze ezwe, engqondweni yakhe ukuze acabange, enhliziyweni yakhe ukuze aqonde, emilenzeni nezinyawo zakhe ukuze ahambe, ezandleni zakhe ukuze asebenze, njalo njalo; yonke imizwa uNkulunkulu ayinikeze umuntu ukuze akwazi ukwamukela ukuhlinzela Kwakhe yilokhu ingaguqukile, amandla umuntu asebenzisana ngawo noNkulunkulu awaguqukile, amandla omuntu okwenza umsebenzi womuntu odaliwe awaguqukile, izidingo zesintu zokomoya aziguqukile, isifiso sesintu sokuthola umsuka wakhe asiguqukile, ukulangazelela kwesintu ukusindiswa nguMdali akuguqukile. Sinjena isimo samanje sesintu, esiphila ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu, futhi esibekezelele ukubhujiswa okunokuchitheka kwegazi okwenziwa nguSathane. Nakuba isintu sibekwe ngaphansi kwencindezelo kaSathane, futhi singaseyena u-Adamu no-Eva basekuqaleni kwendalo, esikhundleni sokugcwala izinto eziphikisana noNkulunkulu, njengolwazi, ukucabanga, imibono, njalo njalo, nokugcwala isimo sobusathane esikhohlakele, emehlweni kaNkulunkulu, isintu siseyisintu asidalayo. Isintu sisabuswa futhi sihlelwa nguNkulunkulu, futhi sisaphila emgudwini obekwe nguNkulunkulu, ngakho-ke emehlweni kaNkulunkulu, isintu, esikhohlakaliswe nguSathane, sembozwe yinkucuza nje, sinesisu esigwavumulayo, nokuphendula okuthatha kancane, nokukhumbula okungasebukhali njengakuqala, futhi sesikhule kancane ngeminyaka—kodwa konke ukwenza nemizwa yomuntu akulimele neze. Lesi yisintu uNkulunkulu ahlose ukusisindisa. Lesi sintu kufanele kuphela silalele ukumemeza koMdali, futhi sizwe iphimbo loMdali, futhi siyosukuma bese siphuthuma ukuze sithole umsuka waleli phimbo. Lesi sintu kufanele kuphela sibone isiqu soMdali bese singanaki lutho olunye, futhi sishiye konke, ukuze sizinikele kuNkulunkulu, futhi siyoze sinikele ngokuphila kwaso ngenxa Yakhe. Lapho inhliziyo yesintu iqonda amazwi oMdali athinta inhliziyo, isintu siyolahla uSathane bese siza ngasohlangothini loMdali; lapho isintu sihlanze ngokuphelele ukungcola emzimbeni waso, futhi sesibuye samukela ukuhlinzeka nokondla koMdali, khona-ke ukukhumbula kwesintu kuyovuselelwa, futhi kulesi sikhathi isintu siyobe sesibuyela ngempela ekubuseni koMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp