Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina

April 06, 2018

Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina

(1) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina wenzelwa ukuhlanza, ukusindisa kanye nokuphelelisa umuntu, kanye nokwenza iqembu labanqobayo

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngenxa yokuthi niligcinile izwi lokubekezela kwami, Nami ngizonigcina ngehora lokulingwa, elizofika ezweni lonke, ukubalinga labo abahlala emhlabeni. Bheka, ngiyeza masinyane: bambelela kulokho onakho, ukuze kungabi namuntu ozothatha umqhele wakho. Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha” (IsAmbulo 3:10-12).

“Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:4-5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ukunijesiza nina bantu abafayo bekungenziwe ngokukhuluma izwi elilodwa? Bengisengadinga ukunibhubhisa ngemva kokunisola ngenhloso? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi behlukane nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kuphela okungenza ukuxhumana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indlela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona iZulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane.Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuphelelisa umuntu. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke ngokokunenza niphile ubuntu obujwayelekile, futhi konke kungafezwa ubuntu bakho obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ebhekene nesimo somuntu nangendlela abheka ngayo uNkulunkulu, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha, uvumela umuntu abe nolwazi kanye nomthobela Yena, kanjalo nothando nobufakazi. Yingakho, umuntu kufanele abhekane nokucwengwa nguYe uNkulunkulu, kanjalo nokwahlulelwa nguYe, ukumazi kanye nokuthenwa nguYe, ngaphandle kwalokho umuntu ngeke abe nakho ukumazi uNkulunkulu, futhi ngeke akwazi ukumthanda ngokweqiniso kanye nokufakaza ngaYe. Ukucwengwa nguNkulunkulu komuntu akukona nje okokuzuzisa uhlangothi olulodwa, kodwa kunomphumela onezinhlangothi eziningi. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, ukuze ukuzimisela kwakhe kanye nothando kwenziwe kuphelele nguNkulunkulu. Kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, nalabo abalangazelele uNkulunkulu, ayikho into ebaluleke ngaphezu kwale, noma ewusizo ukwedlula, ukudlula ukucwengwa. Isimo sikaNkulunkulu asaziwa noma asiqondwa kalula ngumuntu, ngoba uNkulunkulu, ekugcineni, unguNkulunkulu. Ekupheleni kwakho konke, akwenzeki ukuthi uNkulunkulu abe nesimo esifanayo nesomuntu, yingakho kungelula ukuba umuntu asazi isimo saKhe. Iqiniso umuntu akazalwa nalo, futhi akulula ukuba liqondwe yilabo abangcoliswe nguSathane; umuntu akanalo iqiniso, futhi akanawo amandla okuphila ngeqiniso, futhi uma engahlupheki, futhi angacwengwa noma ahlulelwe, lapho-ke amandla akhe ngeke apheleliswe. Kubo bonke abantu, ukucwengwa kubuhlungu, futhi kunzima ukukwemukela—kodwa noma kunjalo kungesikhathi sokucwengwa lapho uNkulunkulu enza isimo saKhe sokulunga sicace bha kumuntu, futhi azise nomuntu izidingo nezimfuno zaKhe, futhi ahlinzeke ngokukhanya okuthe xaxa, kanye nokuthenwa nokusebenzelana; ngokuqhathaniswa phakathi kwamaphuzu namaqiniso, unikeza umuntu ulwazi oluthe xaxa ngaye nangeqiniso, aphinde anikeze umuntu ukuqonda okukhulu ngentando kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela avumele umuntu ukuba abe nothando lweqiniso nolumsulwa lukaNkulunkulu. Lezi yizinhloso zikaNkulunkulu lapho enza ukucwengwa kwethu. Wonke umsebenzi awenzayo uNkulunkulu unezinhloso kanye nokubaluleka kwawo; uNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenamsebenzi nanhloso, futhi akawenzi umsebenzi ongeke uhlomulise umuntu. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Abe Nothando Lweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka. Lapho ecwengisiswa ngokwengeziwe, ukuthanda kwakhe uNkulunkulu kuba kukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu ambulwa kuye ngokuthe xaxa. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, kuyancipha ukuthanda kwakhe uNkulunkulu, futhi ayancipha namandla kaNkulunkulu embulwa kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa nobuhlungu bakhe nalapho kwanda ukuhlushwa kwakhe, kuyojula nakakhulu ukumthanda kwakhe ngempela uNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, futhi lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni ozodlula kuzo, uzobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni nasebuhlungwini obukhulu lapho kubhekanwa nabo futhi beqondiswa kakhulu, futhi uzobona ukuthi yilabo bantu abamthanda ngokujulile uNkulunkulu, futhi abanolwazi olunzulu nolujula ngokwengeziwe ngoNkulunkulu. Labo abangakaze bezwe ukuthi kubhekanwe nabo kodwa abanolwazi olungatheni, bangathi kuphela: “UNkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bamthokozele.” Uma abantu bezwe ukubhekanwa nabo nokuqondiswa, khona-ke bayokwazi ukukhuluma ngolwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke ngokwengeziwe. Lapho ungaqondakali ngokwengeziwe kuwe futhi ungahambisani nakakhulu nemibono yakho, umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi ngokwengeziwe ukukunqoba, ukukuzuza, nokukuphelelisa. Ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu kubanzi kakhulu! Ukube uNkulunkulu akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, khona-ke umsebenzi Wakhe ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Kwashiwo esikhathini esedlule ukuthi uNkulunkulu wayezokhetha futhi azuze leli qembu, futhi aliphelelise ezinsukwini zokugcina; kulokhu, kukhona ukubaluleka okumangalisayo. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi awenza kini, kuyajula futhi kuhlanzeke ngokwengeziwe ukuthanda kwenu uNkulunkulu. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukwazi kakhulu ngokwengeziwe ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe futhi lujula ngokwengeziwe nolwazi lomuntu Ngaye. Ezinsukwini zokugcina, uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luyophela. Kungenzeka ngempela ukuba kuphele kalula kanjalo? Lapho esenqobe isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu impela bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi ukhuluma ngayiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube ubukwazi ukuwuqonda, khona-ke umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali; awuhambisani nhlobo nemibono yakho, futhi lapho ushayisana ngokwengeziwe nemibono yakho, kukhombisa ngokwengeziwe ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, uzwa sengathi umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa kakhulu, futhi lapho uwuzwa umangalisa ngokwengeziwe, yilapho uzwa khona ngokwengeziwe ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi uyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube uNkulunkuu wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe umuntu futhi kwaphela lapho, khona-ke umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba ucwengisiswa kancane manje, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yakho—ngakho kudingeke kakhulu ukuthi wedlule ebunzimeni obunjalo. Namuhla, uthola ukucwengwa okuncane, kodwa nakanjani kamuva uzokwazi ukuzibona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi ekugcineni uyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asenhliziyweni yakho. Ngemva kokuzwa ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (ukuvivinywa kwezikhonzi nesikhathi sokusolwa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholwa kuNkulunkulu!” Ukusebenzisa kwabo amazwi athi, “kunzima ngempela”, kuveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unokubaluleka okukhulu futhi uyigugu, nokuthi umsebenzi Wakhe ufanele kakhulu ukuba yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ungenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: “Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, futhi uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Uthandeka kakhulu!” Uma, ngemva kokuzwa ukuphila isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! UPetru wathandaza, “O Nkulunkulu! Uma nje ungisola futhi ungahlulela, ngiyokwazi ukuthi awuzange ungishiye. Ngisho noma kuthiwa awunginiki injabulo noma ukuthula, ungenze ngiphile ngezinsizi futhi ngithole ukusolwa okuningi, uma nje ungangishiyanga inhliziyo yami iyokhululeka. Namuhla, Ukusola nokwahlulela Sakho kuphenduke esivikelo sami esihle kakhulu nesibusiso sami esikhulu kunazo zonke. Umusa ongipha wona uyangivikela. Umusa owubeka phezu kwami namuhla ungibonisa isimo Sakho sokulunga futhi uwukwahlulela nokusola Kwakho; ngaphezu kwalokho uwuvivinyo futhi ngaphezu kwalokho ungukuphila kokuhlupheka.” UPetru wakwazi ukubeka eceleni injabulo yenyama wafuna uthando olujulile nesivikelo esikhulu ngoba wayethole umusa omkhulu ekwahlulelweni nasekusoleni kukaNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngamagama nezimfundiso ezinzima, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(2) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina ukwahlukanisa konke ngokuhambisana nohlobo lwakhona, nokuphothula inkathi yonke, kanye nokuba ekugcineni kufezekiswe umbuso kaKristu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba; akutholelwanga indawo. Ngase ngibona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kukaNkulunkulu; futhi izincwadi zavulwa: nenye incwadi yavulwa, okungeyokuphila: nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini, njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho: base behlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Futhi ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili. Futhi lowo ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo” (IsAmbulo 20:11-15).

“Bheka, ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu, futhi uyakuhlala nabo, futhi bona babe abantu bakhe, futhi uNkulunkulu ngokwakhe uzokuba nabo, futhi abe nguNkulunkulu wabo. Futhi uNkulunkulu uzozesula zonke izinyembezi emehlweni abo; akusayikuba khona ukufa, nokudabuka, nokukhala, ngisho nobuhlungu abusayikuba khona: ngoba izinto zakuqala sezidlulile” (IsAmbulo 21:3-4).

“Imibuso yalo mhlaba izoba imibuso yeNkosi yethu, noKristu wayo; futhi uzobusa kuze kube ngunaphakade” (IsAmbulo 11:15).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Lapho ngidala umhlaba, ngibeka zonke izinto ezinomumo ndawonye nezifana nazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile!

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, bangaphinde futhi babone ukukhanya kwelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina. … Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abakwazi ukuma baqine phakathi nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola phakathi nezinsuku zokugcina—okungukuthi, phakathi nomsebenzi wokugcina wokuhlanza—kuyoba yilabo abayongena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu; ngakho, labo abangena ekuphumuleni bayobe bekhululiwe ethonyeni likaSathane futhi bayobe bezuzwe uNkulunkulu ngemva kokudlula kwabo emsebenzini Wakhe wokuhlanza wokugcina. Laba bantu abazuzwe uNkulunkulu bayongena ekuphumuleni kokugcina. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho lo msebenzi uphela, labo abayovunyelwa ukuba basale bayohlanzwa bonke futhi bangene esimweni sobuntu esiphakeme ngokwengeziwe lapho beyojabulela khona ukuphila kwabantu kwesibili okumangalisa ngokwengeziwe emhlabeni; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. … Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila khona ekuphumuleni ngokuthula.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engasisindisi isintu esonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele labo phakathi kwesintu abangamlaleli, nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizobanayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba. Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika phezu komhlaba wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami, zingcwele njenge-jade, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 16” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp