Siyakholwa ukuthi ukubuya kweNkosi kuzosho ukuthi amakholwa avuselwa embusweni wezulu ngqo, ngokuba kubhaliwe eBhayibhelini: “Thina esisaphila nabasasele sizohlwitha kanye nabo emafwini, ukuhlangabeza iNkosi emoyeni: sizoba neNkosi kuze kube phakade” (Thesalonika 4:17). Niyafakaza ukuthi iNkosi uJesu isibuyile, manje kungani sisesemhlabeni singakahlwithwa?

April 09, 2018

Impendulo:

Kumele sikholelwe ekubuyeni kweNkosi sime eziprofethweni azikhuluma Yena uqobo. Leyo iyona ndlela eyiyo yokulindela ukubuya kweNkosi. Ubani enimcaphunayo ngempela? Ngabe nicaphuna amazwi eNkosi noma amazwi abantu? “Ngakho-ke thina esiphilayo nesisele sizohlangana nabo emafwini, sihlangane neNkosi emoyeni,” ubani owasho lokho? Ngabe lawo ngamazwi eNkosi uJesu? INkosi uJesu ayiyishongo into enjalo. UMoya ONgcwele naye akashongo into enjalo. Amazwi eniwakholwayo neniwakhulumayo amazwi kaPawulu. Ngabe amazwi kaPawulu amele amazwi eNkosi uJesu? Angammela uNkulunkulu? UNkulunkulu kuphela owazi impendulo kule mfihlakalo. Uma thina bantu abakhohlakele sikwazi ukwenza izihumusho nezahlulelo ezingaboni kanje, senza isono esihlasimulisayo. UPawulu wayengeyena uKristu. Wayengumuntu nje ojwayelekile nowayekhohlakele. Imibhalo yakhe igcwele imibono yenyama nemicabango yakhe. Amazwi akhe awalona iqiniso, ngakho-ke asikwazi ukuwasebenzisa njengobufakazi. Bonke ubufakazi kumele bumiswe emazwini kaNkulunkulu aseBhayibhelini. Lokho kuhambisana neqiniso. Akulungile ukuphenya ngokuhlwithwa nokungena embusweni wezulu ulandela amazwi abantu eBhayibhelini, ikakhulukazi uPawulu, ngaphandle kokulandela amazwi eNkosi uJesu, ngoba ngamazwi eNkosi uJesu kuphela ayiqiniso, amazwi Akhe kuphela anegunya. INkosi uJesu kuphela enguKristu, iNkosi yombuso wezulu. Yini ndaba ningahloli amazwi eNkosi uJesu ukuze nithole iqiniso nentando kaNkulunkulu? Yini ndaba nisebenzise amazwi abantu njengesisekelo senikuhlolayo. Ngabe lokhu kuyahambisana nentando yeNkosi? Lokhu kwenza ukuthi kube lula ukulandela umuntu bese nihamba ngendlela yenu. UNkulunkulu wenza umuntu ngobumba. Wase emnika umsebenzi wokuthi enze umsebenzi wakhe emhlabeni nokuthi aphathe konke akudalile. Wafuna ukuthi balalele, badumise, bese bemhlonipha Yena, wabayalela ukuthi indawo isemhlabeni, hhayi ezulwini. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wasitshela kudala ukuthi uzowumisa umbuso Wakhe emhlabeni. Futhi, uzohlala nathi thina bantu emhlabeni futhi imibuso yomhlaba kufanele iguqulwe ibe yimibuso ebuswa nguKristu. Ngakho-ke umbuso kaNkulunkulu uzobe sewumiswa emhlabeni, hhayi ezulwini. Abantu abaningi bahlale bebheke ukuvuselwa ezulwini. Indlela yabo yokucabanga leyo neyokubuka izinto, nezifiso zabo ezingamanga. Akuhambisani nhlobo neqiniso noma umsebenzi wangempela kaNkulunkulu.

Ake sibone ukuthi iNkosi uJesu yathini: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso Wakho mawufike, intando Yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9-10). INkosi uJesu yasitshela kwacaca ukuthi umbuso kaNkululunku usemhlabeni, hhayi ezulwini. Intando kaNkulunkulu izokwenziwa emhlabeni njengalokhu yenziwa ezulwini. Ake sifunde IsAmbulo 21:2-3: “Mina uJohane ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, lehla livela kuNkulunkulu ezulwini…Bheka, ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu, futhi uyakuhlala nabo, futhi bona babe abantu bakhe, futhi uNkulunkulu ngokwakhe uzokuba nabo, futhi abe nguNkulunkulu wabo.” Ake sivule kwiSambulo 11:15: “Imibuso yalo mhlaba izoba imibuso yeNkosi yethu, noKristu wayo; futhi uzobusa kuze kube ngunaphakade.” Lezi profetho zibala ukuthi: “ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu,” “… iJerusalema elisha, lehla livela kuNkulunkulu ezulwini,” “Imibuso yalo mhlaba izoba imibuso yeNkosi yethu, noKristu wayo.” Lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu uzokwakha umbuso Wakhe emhlabeni, bese ehlala khona emhlabeni kanye nesintu. Imibuso yomhlaba yonke iyakuba imibuso kaKristu, bese ihlala ingunaphakade. Uma sikholwa ukuthi umbuso kaNkulunkulu usezulwini lokho sikumise emicabangweni nasengqondweni yethu, sikholwa ukuthi uma iNkosi ifika iyakusithatha isiyise ezulwini, ngabe amazwi Akhe okuqala angeke abe yize leze? Okwangempela, umphumela wokugcina wecebo lokuphatha kukaNkulunkulu ekusindiseni abantu ukumisa umbuso kaNkulunkulu emhlabeni. UNkulunkulu uSomandla—uKristu wezinsuku zokugcina—wenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokuhlanza isintu ukuze kwenziwe iqembu labanqobi bomhlaba. Labo abafumana insindiso kaNkulunkulu, benziwa bapheleliswa baba ngabanqobi yilabo abenza amazwi kaNkulunkulu balandele indlela yakhe emhlabeni. Bangabantu bombuso Wakhe. Emva kokuthi laba banqobi bedaliwe, intando kaNkulunkulu izopheleliswa emhlabeni. Umbuso kaKristu uzomiswa emhlabeni, bese uNkulunkulu uzozuza inkazimulo egcwele. Ekugcineni, uzogcwalisa iziphrofetho zeNcwadi yeSambulo. Ngabe namanje asikakacacelwa yila maqiniso? Iyiphi indawo iNkosi uJesu esilungiselele yona? Wakumisa ukuthi sasizozalwa ngezikhathi zokugcina, sihlangane naye emhlabeni uma ebuya, samukele ukuhlanzwa nguNkulunkulu bese sipheleliswa, siphenduke abanqobi ukuze siqhube intando kaNkulunkulu, nemibuso yonke yomhlaba iyokwenziwa ibe imibuso kaKristu. Leyo intando kaNkulunkulu. UNkulunkulu uza emhlabeni kodwa thina sizama ukuya ezulwini. Ngokwenza lokhu, ngabe asiphambani nomsebenzi kaNkulunkulu nentando Yakhe? Uma esivusela emoyeni, yebo, akukho ukudla nendawo yokuhlala laphaya, sizophila kanjani? Akuyona imicabango yethu nengqondo yethu leyo? INkosi ingenza into enjalo? Ukucabanga nje kanjalo kukodwa, kukhombisa ukuthi sisenobungane. Kufana nokuthi amakhanda ethu asemafwini.

Umbuso kaNkulunkulu uzokwakhiwa emhlabeni ngezinsuku zokugcina. Isiphelo sesintu sizoba semhlabeni, hhayi ezulwini. Lokhu kumiswe nguNkulunkulu. uNkulunkulu uSomandla uthi, “UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ephumule, uzokhonza uNkulunkulu futhi aphile emhlabeni, uNkulunkulu uyohola ingxenye esele yabantu …” (“UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). UNkulunkulu uSomandla usho kwacaca ukuthi uma umsebenzi wakhe wokuphatha usuphelelisiwe, uNkulunkulu nomuntu bayongena ekuphumuleni. Indawo yokuphumula kaNkulunkulu isezulwini, ngenkathi indawo yokuphumula yesintu isesemhlabeni. Kodwa-ke uNkulunkulu uyakuhola abantu abasasele ukuthi baphile emhlabeni. Ilesi siphelo esihle uNkulunkulu asilungisele sona njengabantu. Kungumbuso kaNkulunkulu ogcwalisiwe emhlabeni. Uma sikholwa uNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa singakakwazi ukukubona lokhu, lokho akusho ukuthi asiliqondi iqiniso noma amazwi eNkosi?

Kahle-hle, ngabe kuyini ukuhlwithwa? Abantu abaningi abacacelwe yilokhu. Imfihlakalo yokuhlwithwa kwabangcwele yambuleka kuphela ngenkathi uNkulunkulu uSomandla efika. UNkulunkulu uSomandla wathi, “Ukuphakanyiswa” akukona ukususwa endaweni ephansi uphakanyiselwe endaweni ephakeme njengoba abantu becabanga. Iphutha elikhulu leli. Ukuphakanyiswa kubhekise endleleni ebengicabanga nendlela engikhethe ngayo. Kubhekiswe kulabo ekade ngabahlukanisela ngabakhetha. ... Lokhu akuhambisani nemibono yabantu. Labo abanesabelo endlini Yami ngesikhathi esizayo yilabo bantu abaphakanyiselwe kimina. Lokhu kuyiqiniso, akushintshi futhi ngeke kuphikiswe muntu. Lokhu kulwa kakhulu noSathane. Noma ngubani engamkhetha kuqala uzophakanyiselwa kimina” (Amazwi Kanye Nobufakazi bukaKristu Ekuqaleni). Amazwi kaNkulunkulu uSomandla asobala. “Ukuphakanyiswa” akukona lokhu esikucabangayo—ukuphakanyiselwa emoyeni sisuswa emhlabeni sihlangane neNkosi emafwini. Noma ukuthathwa siyiswe ezulwini. Kusho ukuthi uma uNkulunkulu ebuyela emhlabeni ezokhuluma amazwi akhe enze umsebenzi wakhe, sizokuzwa iphimbo likaNkulunkulu bese siyakwazi ukumlandela silalele umsebenzi wakhe ezinsukwini zokugcina. Lena iyona ncazelo eyiyona yokuphakanyiswa phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Bonke abakwazi ukuhlukanisa iphimbo likaNkulunkulu, bathole iqiniso emazwini kaNkulunkulu uSomandla, bamukele iqiniso, babuyele kuNkulunkulu uSomandla bayizintombi ezihlakaniphile. Bayigolide, isiliva, amatshe akhethekile “abentshontshiwe” uNkulunkulu wawabuyisela endlini Yakhe ngoba basezingeni eliphezulu futhi bayaqonda futhi bamukele iqiniso. Bangaqonda iphimbo likaNkulunkulu. Ilabo abamukele ngempela ukuhlwithwa. Bangabanqobi, abazokwakhiwa uma uNkulunkulu enza umsebenzi wakhe ngenkathi ehla isinyenyela emhlabeni ngezinsuku zokugcina. Kusukela ngesikhathi uNkulunkulu uSomandla eqala umsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, abantu abaningi abomele ngokweqiniso ukuvela kukaNkulunkulu sebelizwile iphimbo Lakhe emazwini kaNkulunkulu uSomandla. Omunye emva komunye, bayamukela umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina. Babanjwe phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu ukuthi bahlangane naye ubuso nobuso bamukele ukuniselwa nokondliwa amazwi kaNkulunkulu. Bazuze ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu. Izimo zabo zenkohlakalo zihlanziwe zakwazi ukuphila eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu. Sebevele batholile insindiso echichimayo kaNkulunkulu. Laba bantu sebevele benziwe abanqobi ngaphambi kokuba inhlekelele ifike. Bazuzwe uNkulunkulu njengezithelo zokuqala. Labo ababambelela emibonweni nasemicabangweni yabo bese belinda ngobumpumputhe ukubuya kweNkosi izobathatha ibayise ezulwini, labo abanqaba umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina bayizintombi eziyiziwula. Ibo labo abazokwaliwa uNkulunkulu. Bamiselwe ukuhlupheka encithakalweni; bayoba nokukhala nokugedla kwamazinyo. Iqiniso leli.

Kusuka Emibuzweni naseziMpendulweni zeVangeli loMbuso

Yini okumele siyiqonde “ngokuhlwithwa”? Ukuhlwithwa sikusebenzisela ukuchaza ukuthi uNkulunkulu ubasindisa kanjani abantu kulesi simo nakulokhu kubuswa bese ebabeka kulesiya simo nakulokhuya kubuswa. Noma kunjalo, njalo uma abantu becabanga “ngokuhlwithwa” bahlale bekubona njengokuthathwa babekwe emoyeni. Akulona iphutha leli? Uma ngokwesibonelo, wazalelwa endaweni esesemuva, isigodi esisemaphandleni bese emva kwalokho unikezwe ukuthi uyosebenza edolobheni elikhulu, sizokuchaza lokhu ngolimi lwabantu njengokuphakanyiswa endaweni yasemaphandleni uye kosebenza futhi uhlale edolobheni elikhulu. Akuyona incazelo yokuphakanyiswa le? Ngabe lokhu kuphakanyiswa kuhlukile kunokuphakanyiswa ubekwe emoyeni njengalokhu abantu becabanga? Ikuphi phakathi kwalokhu okwenzeka ngempela? Ingakho sithi “ukuhlwithwa” kusho ukuphakanyiswa kulolu hlobo lwesimo ubekwe kwesinye isimo—lokhu ukuphakanyiswa! Lokhu kuphakanyiswa akukhona ukunyuswa ube ngaphezu komhlaba, noma ukunyuswa emhlabeni ube semkhathini, akukhona lokhu ekushoyo. Kunalokho, kusho ukunyuswa ubekwe esigabeni esiphezulu, esikhundleni esiphezulu, nasezingeni lendawo elingaphezulu. Lokhu kusho ukuphakanyiswa. Isibonelo, sasingabalimi ngokwemvelo nabasebenzi abasezingeni eliphansi labantu abanenkohlakalo, singenakuziphatha, sibukela phansi abanye, sicindezelekile futhi sihlukumezekile, singenalungelo lokukhuluma, njengamanje ngokushesha okukhulu sesivusiwe njengabantu boNyaka woMbuso, ngabe lesi sikhundla akukhona ukuphakanyiswa? Ngokwemvelo, sasingabantu abanenkohlakalo, izinga eliphansi kunawo wonke elisebumnyameni, izwe lobubi, manje ngokushesha sesivuselwe ekuhlwithweni sibe ngabantu bombuso kaNkulunkulu, abantu abayizakhamizi zoNyaka woMbuso. Uma siphakanyiselwa ekubeni abantu boNyaka woMbuso, akukona ukuhlwithwa lokho? Lokhu ukuhlwithwa kwangempela. Yebo, abanye bathi: akukhona ukuthi ngisahlala lapho? Akukhona yini ukuthi ngisawenza lowo msebenzi? Ngabe akukhona ukuthi lokhu engikudlayo nengikugqokayo akushintshile nakancane? Kwenziwa yini ukuthi ngingazizwa ukuthi ngiphezulu? Ukuthi uhlwithiwe noma cha lokho akukalwa ngokuthi uzizwa uphezulu noma uphansi kangakanani. Uma lufika usuku lokwambuleka kwaleli qiniso, labo enikholwa ukuthi baphezulu bayosuswa, noma ngabe nicabanga ukuthi anizuzanga lutho, niyoqhubeka niphile; niyokuchaza kanjani lokho? Le ncazelo yabantu bombuso iyiqiniso, angithi? Usuku luyofika lapho khona leli qiniso liyokuba semthethweni. Ngaleso sikhathi niyakuthi: “O, impela sengihlwithiwe, kodwa angiboni kahle, umsebenzi kaNkulunkulu uyamangalisa.” Uma bengenalo iqiniso, abantu abayukwazi ngalokhu kuhlwithwa, bayophila emseni ngaphandle kokuwazi umusa. Lena incazelo enokwenzeka yokuhlwithwa, kumele nikuqonde lokho. UNkulunkulu uyanivikela futhi azikho izinhlekelele eziyakunehlela, lokhu ngabe akuchazi ukuthi senivele niphakanyisiwe ekuhlwithweni, ukuthi ningabantu abakhethwe uNkulunkulu, abantu boNyaka woMbuso? Ningakwazi ukuwuchaza lo mbuzo? Ngolunye usuku niyokwazi ukukuvuma ukuthi “Leli iqiniso, ukuma kwami kuhlukile ngempela. Noma abantu bezwe bengibheka njengomsebenzi noma njengomlimi, phambi kwamehlo kaNkulunkulu ngingumuntu woNyaka woMbuso; ngakho-ke impela ngihlwithiwe futhi sengivele ngiyazizwela umusa wokuhlwithwa.” Lena yincazelo yokwenzekayo yokuhlwithwa. Uma ungakuqondi lokhu okubizwa ngokuhlwithwa bese uncika kokwakho ukucabanga ukholwa ukuthi ukuhlwithwa ukuphakanyiswa emoyeni, yebo, lindela ukuphakanyiswa emoyeni-ke.

Kuvela “Ezimpendulweni Zemibuzo Evela Ezindaweni ezihlukene Zokusabalalisa iVangeli” ekukholweni kuphela ukuthi uNkulunkulu uMninimandla Onke uyasindisa

Sewuwamukele umsebenzi wezinsuku zokugcina kaNkulunkulu uSomandla ngoba ubona ukuthi iNkosi uJesu isibuyile, ukuthi usezile wazoba yinyama njengeNdodana yomuntu waqala ukuveza iqiniso enza umsebenzi wakhe wokwahlulela wezinsuku zokugcina. Ngakho-ke ukumamukela kwakho kusho ukuthi uhlwithiwe, uhlwithwe phambi kukaNkulunkulu, uphakanyiselwe emoyeni ukuhlangana neNkosi. Usho ukuthini “umoya”? Ukusabalalisa ivangeli nokukhuluma ku-inthanethi, akuwona “umoya” lowo? (Yebo yiwo.) Amazwi engiwakhuluma kinina ngabe awekho “emoyeni”? (Yebo asemoyeni.) Abantu bayabuza, Ngabe ukuphi ‘umoya’?” “Umoya” isingathekiso, esimele umbuzo wokuthi sisezulwini noma sisemhlabeni. Ngokweqiniso, sisemhlabeni, kodwa sijabulela impilo noNkulunkulu, sidla siphuze amazwi kaNkulunkulu, okungamanzi omfula wokuphila ehla evela esihlalweni sobukhosi, ngakho siphila sengathi sisezulwini lesithathu. Ngokwale ncazelo, ngabe sikuphi? Sisezulwini noma sisemhlabeni? Kunzima ukusho, ngakho sisebenzisa ukuthi “emoyeni” ukukuchaza. Ngakho yilena incazelo, ngiyanibongela ngokuhlwithwa phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu ukuba kube nesidlo neWundlu, okungukudla noNkulunkulu.

Kususelwa Ezintshumayelweni Nasekuhlanganyeleni Ekungeneni Empilweni (Uchungechunge 130-B6)

Abanye abantu bayacabanga: “Bengilokhu ngikholwa eNkosini uJesu. Manje njengoba sengizwe ubufakazi obuphelele ngeqiniso leBhayibheli elivela kubashumayeli bebandla likaNkulunkulu uSomandla, ikakhulukazi, ngizwe amazwi avela ngqo kuNkulunkulu uSomandla, ayiqiniso lonke futhi ayiphimbo likaNkulunkulu, agcwalisa lokhu okushiwo iSambulo ukuthi

“Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya akusho emabandleni.” (Isambulo 2:7).

Uma sengizwile wonke amazwi kaNkulunkulu uSomandla, sengiqinisekise into eyodwa: INkosi isibuyile, iNkosi uJesu isibuyile, inguNkulunkulu uSomandla.” Ngale ndlela, asibona abantu abahlwithwe yiNkosi ngoba sikholwa uNkulunkulu uSomandla? (Impela kunjalo.) Siyingxenye yabantu abahlwithwe yiNkosi. Iziphi iziphrofetho zaseBhayibhelini ezigcwalisekile lapha? INkosi uJesu yathi:

Futhi phakathi kwamabili kwenziwa isimemezelo, Bheka, umyeni usefikile; hambani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6), “Bheka, ngime emnyango, ngingqongqotha: uma kukhona umuntu olizwayo izwi lami, avule umnyango, ngizongena kuye, futhi ngidle naye, naye futhi adle nami” (Isambulo 3:20). “Bheka, ngizoza njengesela. Ubusisiwe lowo ohlala eqaphile, nogcina izingubo zakhe, angabi ngohamba-ze, futhi balibone ihlazo lakhe” (Isambulo 16:15). Lezi ziprofetho zigcwalisekile. Njengoba iziprofetho zeNkosi zigcwalisekile nje, sesineNkosi manje, futhi iNkosi inesidlo nathi. Yini igama lalesi “sidlo santambama”? Kunendawo eyodwa eBhayibhelini lapho iNkosi uJesu ikubiza “ngesidlo somshado weWundlu”? Sisho ukuthini isidlo somshado weWundlu? Yini ndaba sibizwe ngesidlo somshado weWundlu”? “IWundlu” uKristu, umshado weWundlu usho ukuthi uKristu ufikele ukuzophelelisa iqembu labantu, ukuzuza abantu. Uzophelelisa izimvu zakhe, labo abakhethwa kuqala ukuthi babe ngabanqobi, uzobenza labo bantu ukuthi babe ngabanqobi ngaphambi kwencithakalo, ngakho-ke lokhu kubizwa ngokuthi “ukuhambela isidlo.” “Isidlo somshado weWundlu,” “ukushada” kusho ukuzuza, bese kwenzekani emva kokuzuza? Sibe sesiba umndeni. Ngakho uma uchaza lesi sahluko, ezinye izindawo zithi uKristu ungumkhwenyana, ibandla lingumakoti. Lokhu kubizwa ngokuthi umshado, kukhona okufanele kuzuzwe. Uma sisakhuluma ngokuzuza, lokhu kuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, umsebenzi wokwahlulela nokujezisolwa, umsebenzi wokwahlulela ngokuqala endlini kaNkulunkulu. Abantu baqala bezwe ukunqoba kukaNkulunkulu, bese beyahlanzwa, bapheleliswe, bazuzwe bese benziwa baphelele; umsebenzi wokwahlulela ngokuqala endlini kaNkulunkulu yisigaba isibili. Emva kokuba abantu sebezwile umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina bese behambisana noKristu, umsebenzi wokwahlulela oqala endlini kaNkulunkulu uba sewufika ekugcineni. Bangobani abantu bakaNkulunkulu embusweni kaNkulunkulu abaphelelisiwe emva kokuthi konke kuphethiwe. Bayiqembu labanqobi abapheleliswe ngaphambi kwencithakalo, laba ngabanqobi. Iyiphi indawo yabanqobi embusweni kaNkulunkulu? Babizwa ngokuthi “bayizinsika zombuso kaKristu,” izinsika zombuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza iqembu eliphelele, iqembu labanqobi, ngaphambi kwencithakalo, laba banqobi bayokuba izinsika zombuso kaKristu. Ucabanga ukuthi lokhu kuyisibusiso esikhulu? (Yebo yiso.) Lesi sibusiso sikhulu.

Kuvela eNtshumayelweni naseNhlanganweni Yokungena Empilweni (Uchungechunge 130-B1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp