Kuyini ukuhlwithwa ngaphambi kwenhlekelele? Uyini umnqobi owenziwa ngaphambi kwenhlekelele?

January 12, 2021

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

“Ukuphakanyiswa” akukhona ukususwa endaweni ephansi uyiswe endaweni ephakeme njengoba abantu bengacabanga; lokho kuyiphutha elikhulu. “Ukuphakanyiswa” kubhekiswe ekunqumeleni okulandelwa ukukhetha Kwami. Kuqondiswe kubo bonke engibanqumele ngaphambili futhi ngabakhetha. Labo abazuze isikhundla samadodana angamazibulo, isikhundla samadodana Ami, noma abantu Bami, bonke bangabantu abaphakanyisiwe. Lokhu akuhambisani kakhulu nemibono yabantu. Labo abanesabelo endlini Yami esikhathini esizayo bonke ngabantu abaphakanyiswe phambi Kwami. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe, elingaguquki neze, futhi alinakuphikiswa ngumuntu. Lokhu wukuhlasela kokududula uSathane. Noma ngubani engimnqumele ngaphambili uyophakanyiswa phambi Kwami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 104” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ibandla laseFiladelfiya selithole isimo, futhi lokhu kube ngokuphelele ngenxa yomusa nobubele bukaNkulunkulu. Abangcwele bakhiphe uthando lwabo lukaNkulunkulu futhi abazange baphambuke endleleni yabo yokomoya. Baqinile ekukholweni kwabo ukuthi uNkulunkulu wangempela ongukuphela Kwakhe ube yinyama, ukuthi uyiNhloko yezulu nomhlaba olawula zonke izinto—lokhu kuqinisekiswa nguMoya oNgcwele futhi kufakazelwa ngobufakazi obuqanda ikhanda! Akunakuguquka!

…………

Namuhla uphelelelise wonke amabandla—ibandla laseFiladelfiya—eliwukufezwa kohlelo Lwakho lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000. Abangcwele manje sebengalalela ngokuthobeka phambi Kwakho; baxhumene nabanye emoyeni futhi bayaphelezelana othandweni. Baxhumene nomthombo wesiphethu. Amanzi okuphila aphilayo agobhoza ngokungapheli futhi asusa aphinde ahlanze konke ukungcola nodoti ebandleni, ephinda futhi ehlanza ithempeli. Simazile uNkulunkulu wangempela ongokoqobo, sahamba ngaphakathi kwamazwi Akhe, sabona imisebenzi yethu nokufanele sikwenze, futhi senza konke esingakwenza ukuze sizidele ngenxa yebandla. Kufanele sithathe yonke imizuzu ukuze sithule phambi Kwakho futhi silalele umsebenzi woMoya oNgcwele ukuze intando Yakho ingavimbeleki kithi. Phakathi kwabangcwele kukhona ukuthandana, futhi ukuqina kwabanye kuyovala isikhala sokwehluleka kwabanye. Bangahamba emoyeni kuyo yonke imizuzu futhi bazuze ukukhanyiselwa nokukhanya koMoya oNgcwele. Benza iqiniso masinyane emva kokuliqonda; bahambisana nokukhanya okusha futhi balandele izinyathelo zikaNkulunkulu.

…………

Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu, sebenza ngokuhambisana nibe munye, nelisa intando kaNkulunkulu uSomandla, phuthuma ukuba ngumzimba wokomoya ongcwele, nyathela uSathane, futhi uqede isiphetho sakhe. Ibandla laseFiladelfiya lihlwithwe phambi kukaNkulunkulu futhi liyazibonakalisa enkazimulweni kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 2” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu efika, abantu kufanele bezwe ubukhosi Bakhe nolaka Lwakhe, kodwa noma ngabe amazwi Akhe anolaka kangakanani, uzele ukuzosindisa nokuphelelisa abantu. Njengezidalwa, abantu kufanele bafeze imisebenzi okufanele bayifeze, bethule ubufakazi phakathi kokucwengwa. Kuzo zonke izivivinyo, kufanele benze ubufakazi obulindeleke kubo, bethule ubufakazi obuqand’ ikhanda ngoNkulunkulu. Lona ngumnqobi. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukucwenga kanjani, uhlala uzethemba ngokugcwele futhi awuyeki ukwethemba uNkulunkulu. Wenza lokhu umuntu okufanele akwenze. Yilokhu uNkulunkulu akufuna kumuntu, futhi inhliziyo yomuntu kufanele ikwazi ukubuyela Kuye ngokugcwele, iphendukele Kuye ngawo wonke umzuzu. Lona ngumnqobi. Labo uNkulunkulu athi bayanqoba yilabo abasakwazi ukufakaza, bangayeki ukuba nethemba, nokuzinikela kuNkulunkulu lapho bengaphansi kokuvinjezelwa nguSathane, okusho ukuthi, lapho bengaphansi kwamandla obumnyama. Uma usakwazi ukuba nenhliziyo ehlanzekile nokumthanda ngobuqotho uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi izimo zinjani, ufakaza phambi kukaNkulunkulu, futhi yilokhu uNkulunkulu athi ukuba ngumnqobi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ungayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uzopheleliswa ngeNkathi Yombuso. Emuva komsebenzi wokunqoba, umuntu uyobhekana nokucwengwa kanye nokuhlupheka. Labo abanganqoba nabangaba ofakazi ngesikhathi sokuhlupheka yibo abagcina sebepheleliswa; baba ngabanqobi. Ngesikhathi senhlupheko, abantu kudingeka ukuthi bamukele ukucwengwa, futhi lokhu kucwengwa kungumsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Kungokokugcina lapho umuntu eyocwengwa ngaphambi kokuphethwa komsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, futhi bonke labo abalandela uNkulunkulu kumele bamukele ukuvivinywa kokugcina, kumele bamukele ukucwengwa kokugcina. Labo abehlelwe ukuhlupheka abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele kanye nokuholwa uNkulunkulu, kodwa labo abanqotshwe ngempela futhi abafuna uNkulunkulu ngokweqiniso bayogcina bemile bengapheli amandla; yibo abanobuntu, nabathanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Noma angenzani uNkulunkulu, labo abanqobayo ngeke bephucwe imibono, futhi bazomela iqiniso balenze ngaphandle kokwahluleka ebufakazini babo. Bayilabo abazophuma ngokuphelele enhluphekweni enkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngamagama nezimfundiso ezinzima, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Sithinte nge-Whatsapp