Empeleni kufanele umuntu alibuke futhi alisebenzise kanjani iBhayibheli ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu? Yini ukubaluleka kokuqala kweBhayibheli?

April 08, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Hlolani imibhalo; ngoba nicabanga ukuthi kuyo niyoba nokuphila okungunaphakade: yiyo engifakazelayo. Futhi ngeke nize kimi, ukuze nibe nokuphila” (Johane 5:39-40).

Empeleni kufanele umuntu alibuke futhi alisebenzise kanjani iBhayibheli ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu? Yini ukubaluleka kokuqala kweBhayibheli?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Namhlanje, ngihlaziya iBhayibheli ngale ndlela futhi akusho ukuthi ngiyalizonda, noma ngiyaphika ukubaluleka kwalo lapho ufuna ukubuyekeza. Ngichaza futhi ngicacisa ukubaluleka kwalo kwemvelo kanye nemvelaphi yeBhayibheli kuwena ukukuvimba ukuthi uhlale emnyameni ungazi. Ngoba abantu banemibono eminingi ngeBhayibheli, futhi eminingi yayo iyiphutha; ukufunda iBhayibheli ngale ndlela akubavimbi nje kuphela ekuzuzeni okufanele bakuthole, kodwa, okubaluleke kakhulu, kuthikazisa umsebenzi Mina engihlose ukuwenza. Kuwuphazamisa kakhulu umsebenzi wesikhathi esizayo, futhi kuletha izinkinga kuphela, hhayi okusizayo. Ngakho, engikufundisa khona kumane kuyingqikithi kanye nomnyombo weBhayibheli. Angiceli ukuba ungalifundi iBhayibheli, noma ukuthi uhambe umemezela ukuthi aliwusizo lwalutho, kodwa ukuthi ube nolwazi nombono ofanele ngeBhayibheli. Ungabuki ohlangothini olulodwa ngokweqile! Nakuba iBhayibheli liyincwadi yomlando ebhalwe ngabantu, liphethe izimiso eziningi abangcwele nabaphrofethi basemandulo ababekhonza ngazo uNkulunkulu, kanye nalokho abaphostoli bakamuva abadlula kukho ekukhonzeni uNkulunkulu—konke okwabonwa futhi kwaziwa ngempela yilaba bantu, futhi lingasebenza njengesibonelo kubantu bale nkathi ekuphokopheleni ukufuna indlela yeqiniso. Ngakho, ekufundeni iBhayibheli abantu bangazuza izindlela eziningi zokuphila ezingatholakali kwezinye izincwadi. Lezi zindlela yizindlela zokuphila zomsebenzi woMoya oNgcwele abadlula kuzo abaphrofethi nabaphostoli ezinkathini eziphambilini, futhi amazwi amaningi ayigugu, futhi angakuhlinzeka lokho abantu abakudingayo. Ngakho, bonke abantu bayathanda ukufunda iBhayibheli. Ngenxa yokuthi kuningi kakhulu okufihlakele eBhayibhelini, imibono yabantu ngalo ayifani naleyo ngemibhalo yabantu ababenegalelo elikhulu kwezikaMoya. IBhayibheli umbhalo kanye nenqolobane yalokho abantu abadlule kukho nolwazi lwabantu ababekhonza uJehova noJesu enkathini endala nentsha, ngakho izizukulwane zakamuva zikwazile ukuzuza okuningi ukukhanyiseleka, ukukhanyiswa, kanye nezindlela zokwenza kulona. Isizathu sokuthi iBhayibheli liphakeme kunemibhalo yanoma iliphi iqhawe kwezomoya yingoba yonke imibhalo yawo ithathelwe eBhayibhelini, konke abadlule kukho kuvela eBhayibhelini, futhi wonke achaza iBhayibheli. Ngakho, nakuba abantu bengathola ukuhlinzekwa ezincwadini zanoma yiliphi iqhawe kwezomoya, basalokhu bekhonza iBhayibheli, ngoba libonakala liphakeme futhi lijule kakhulu kubo! Nakuba iBhayibheli liletha ndawonye ezinye zezincwadi zamazwi okuphila, njengezincwadi zikaPawulu kanye nezincwadi zikaPetru, futhi nakuba abantu bengahlinzekwa futhi basizwe yilezi zincwadi, lezi zincwadi zishiywe yisikhathi nokho, ngezenkathi endala, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zilungele isikhathi esisodwa kuphela, futhi akuzona ezaphakade. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlale uthuthuka, futhi awukwazi ukumane ume ngesikhathi sikaPawulu noPetru, noma uhlale eNkathini Yomusa ngenkathi lapho uJesu abethelwa kuyo. Ngakho, lezi zincwadi zilungele iNkathi Yomusa kuphela, hhayi iNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. Zingahlinzeka kuphela amakholwa eNkathi Yomusa, hhayi abangcwele beNkathi Yombuso, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zisalokhu zibhuntshile zingasasetshenziswa. Kuyafana nomsebenzi kaJehova wokudala noma umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli: Akukhathaleki noma wawumkhulu kangakanani lo msebenzi, wawuselokhu ubhuntshile, uphelelwe isikhathi, futhi sasiyofika isikhathi lapho wawuyodlula. Umsebenzi kaNkulunkulu nawo uyefana: Muhle kakhulu, kodwa kuyofika isikhathi lapho uyophela; ngeke ulokhu ukhona phakathi komsebenzi wokudala, noma phakathi komsebenzi wokubethela. Akukhathaleki noma ngabe ukholisa kanjani umsebenzi wokubethelwa, akukhathaleki noma ngabe waphumelela kangakanani ukwehlula uSathane, umsebenzi phela, kusewumsebenzi, futhi nezinkathi, phela ziseyizinkathi; umsebenzi ngeke uhlale esisekelweni esisodwa futhi nezikhathi ngeke zingashintshi, ngoba kwakukhona ukudalwa, futhi kufanele kube khona izinsuku zokugcina. Lokhu akunakugwemeka!

Kucashunwe embhalweni othi “Mayelana NeBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

IBhayibheli beliyingxenye yomlando wabantu iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa. Ngaphezu kwalokho, abantu, baliphatha njengoNkulunkulu, kuze kube sezingeni lokuthi ezinsukwini zokugcina, selithathe indawo kaNkulunkulu, okwenyanywa uNkulunkulu. Ngakho, lapho isikhathi sivuma, uNkulunkulu wayezizwa ephoqelelekile ukuba acacise ngeqiniso kanye nemvelaphi yeBhayibheli; ukuba akakwenzanga lokhu, iBhayibheli lalizoqhubeka nokuthatha indawo kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu, futhi abantu babezosebenzisa amazwi eBhayibheli ukuze balinganise futhi balahle izenzo zikaNkulunkulu. Ngokuchaza ingqikithi, ukwakheka, kanye namaphutha eBhayibheli, uNkulunkulu wayengaphiki ubukhona beBhayibheli, futhi wayengalilahli; kunalokho, wayenikeza incazelo eyiyo, efanele eyabuyisela isithombe sokuqala seBhayibheli, wakhuluma ngokungaqondi abantu abanakho ngeBhayibheli, futhi wabanika umbono ofanele weBhayibheli, ukuze bangakhonzi iBhayibheli, futhi bangaqhubeki nokulahleka; okuwukuthi, ukuze bangaqhubeki nokudida ukukholwa kwabo eBhayibhelini okunobumpumputhe nokukholwa kuNkulunkulu kanye nokukhonza uNkulunkulu, ukwesaba ngisho nokubhekana nomlando walo wangempela kanye namaphutha alo. Lapho abantu sebenokuqonda okungonakalisiwe kweBhayibheli, bayakwazi ukulibeka eceleni ngokungenamahloni futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. Yilena inhloso kaNkulunkulu kulezi zahluko ezimbalwa. Iqiniso uNkulunkulu afisa ukulitshela abantu lapha liwukuthi ayikho inkolelo-mbono noma iqiniso elingathatha indawo yomsebenzi kanye namazwi kaNkulunkulu anamuhla, futhi akukho okungema esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengeke baphunyule ogibeni lweBhayibheli, ngeke bakwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befisa ukuza phambi kukaNkulunkulu, kufanele baqale basuse ezinhliziyweni zabo noma yini engathatha indawo Yakhe; khona-ke bazokwanelisa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi Isingeniso Isingeniso sengxenye ethi Amazwi KaKristu Njengoba Ayehamba Emabandleni

Uma ufisa ukubona umsebenzi weNkathi Yomthetho, nokubona ukuthi abakwa-Israyeli bayilandela kanjani indlela kaJehova, kufanele ufunde iTestamente Elidala; uma ufisa ukuqonda umsebenzi weNkathi Yomusa, kufanele ufunde iTestamente Elisha. Kepha uwubona kanjani umsebenzi wezinsuku zokugcina? Kufanele wamukele ubuholi bukaNkulunkulu wanamhlanje, futhi ungene emsebenzini wanamuhla, ngoba umsebenzi omusha lo, futhi akekho owake wawubhala eBhayibhelini. Namhlanje, uNkulunkulu uthathe isimo senyama futhi waqoka abanye abakhethiweyo eShayina. UNkulunkulu uyasebenza kulaba bantu, uyaqhubeka esuka emsebenzini wakhe emhlabeni, uyaqhubeka esuka emsebenzini weNkathi Yomusa. Umsebenzi wanamuhla uyindlela umuntu angakaze ayithathe, futhi indlela okungekho muntu owake wayibona—umsebenzi kaNkulunkulu wakamuva emhlabeni. Ngakho umsebenzi ongakaze wenziwe phambilini akuwona umlando, ngoba manje yimanje, futhi usazobuye ube owakudala. Abantu abazi ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu futhi omusha kakhulu emhlabeni, futhi ngaphandle kwakwa-Israyeli, ukuthi sewuze wahamba wadlula esilinganisweni sakwa-Israyeli, waphinde wadlula ukubikezela kwabaphrofethi, ukuthi umsebenzi omusha futhi omangalisayo ongaphandle kweziphrofetho, kanti futhi umsebenzi wanamuhla okude le nakwa-Israyeli, uphinde waba umsebenzi abantu abangawuqondi futhi abangakaze bawubone ngamehlo engqondo. IBhayibheli lingaba kanjani nemibhalo ebeka ngokusobala ngalo msebenzi onjena? Ubani obengabhala ngakho konke ngomsebenzi wanamuhla, angashiyi lutho, kungakafiki isikhathi? Ubani obengabhala ngalo msebenzi onamandla futhi ohlakaniphe kakhulu ophambana nesiko encwadini endala ekhuntile? Umsebenzi wanamuhla awuwona umlando, ngakho, uma ufuna ukuhamba endleleni entsha yanamhlanje, kufanele ulishiye iBhayibheli, kufanele udlule ezincwadini zeziphrofetho noma umlando weBhayibheli. Yilapho kuphela uyokwazi ukuhamba indlela entsha ngokufanele, futhi yilapho kuphela uyokwazi khona ukungena embusweni omusha kanye nasemsebenzini omusha. Kufanele uqonde ukuthi kungani, namhlanje, ucelwa ukuba ungalifundi iBhayibheli, kungani kukhona omunye umsebenzi ohlukene neBhayibheli, kungani uNkulunkulu engabheki eBhayibhelini ukuze athole izindlela zokwenza ezintsha futhi ezinemininingwane, kungani esikhundleni salokho kukhona umsebenzi onamandla nangaphezulu ongaphandle kweBhayibheli. Yilokhu konke okufanele ukuqonde. Kufanele uwazi umahluko phakathi komsebenzi omdala nomusha, futhi nakuba ungalifundi iBhayibheli kufanele ukwazi ukulihlaziya; uma kungenjalo, uzolokhu ukhonza iBhayibheli, futhi kuzoba nzima kuwe ukuthi ungene emsebenzini omusha futhi ubhekane nezinguquko ezintsha. Njengoba kukhona indlela ephakeme, kungani uzofunda le ndlela esezingeni eliphansi esiphelelwe isikhathi? Njengoba kunamazwi amasha, futhi nomsebenzi omusha kakhulu, kungani uphila phakathi kwemibhalo emidala yemilando? Amazwi amasha angakuhlinzeka, okubonisayo ukuthi lokhu ngumsebenzi omusha; imibhalo emidala ayikwazi ukukwenelisa, noma igculise izidingo zamanje, okufakazela ukuthi ingumlando, futhi ayiwona umsebenzi walo mzuzu. Indlela ephakeme kunazo zonke, indlela entsha kunazo zonke, futhi ngomsebenzi omusha, akusho lutho ukuthi iphakeme kangakanani indlela yakudala, isewumlando wemicabanga yabantu, futhi akusho lutho ukuba wusizo kwayo uma uhlola okwedlule, iseyindlela endala. Nakuba ibhaliwe “encwadini engcwele,” indlela endala iwumlando; nakuba kungekho okubhaliwe ngayo “encwadini engcwele,” indlela entsha eyalo mzuzu. Le ndlela ingakusindisa, futhi le ndlela ingakushintsha, ngoba lokhu ngumsebenzi woMoya oNgcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Mayelana NeBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp