Yini ngempela inkolo yeqiniso kuNkulunkulu? Kufanele umuntu akholwe kanjani kuNkulunkulu ukuze athole ukutuswa Kwakhe?

April 08, 2018

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

“Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Inkolelo yangempela kuNkulunkulu ayibandakanyi ukukholwa Kuye ukuze usindiswe futhi ingasaphathwa eyokuba umuntu olungile. Futhi ayikho mayelana nokukholwa kuNkulunkulu ukuze uthandwe abantu. Empeleni abantu akufanele babheke ukukholwa kwabo kuNkulunkulu njengenkolelo yokuthi uNkulunkulu ukhona, akukho okungaphezu kwalokho; akukhona ukuthi kufanele umane ukholwe ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso, indlela, ukuphila, nanokuthi akukho okungaphezulu. Futhi akukhona ukuthi umane wazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuthi umane ukholwe ukuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, ukuthi uNkulunkulu unguSomandla, ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto emhlabeni, ukuthi uNkulunkulu uhlukile futhi mkhulu kakhulu. Akukhona ukuthi umane ukholwe yileli qiniso; kunalokho intando kaNkulunkulu ithi sonke isiqu sakho nenhliziyo yakho kufanele kunikezwe uNkulunkulu futhi kuthobele uNkulunkulu, okungukuthi, kufanele ulandele uNkulunkulu, uvume ukuba uNkulunkulu akusebenzise, uzimisele ukumenzela umsebenzi, nokuthi kufanele wenze noma yini ngenxa kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Namuhla, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu kwangempela? Kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila kwakho nokwazi uNkulunkulu ezwini Lakhe ukuze uzuze uthando Lwakhe lweqiniso. Ukuze kucace: Ukukholwa kuNkulunkulu kungesizathu sokuba umlalele uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, bese wenza umsebenzi okumele wenziwe isidalwa sikaNkulunkulu. Lena yinhloso yokukholwa kuNkulunkulu. Kumele uthole ulwazi lokuthanda uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa, ukuthi, ezidalweni Zakhe, umsebenzi wensindiso uwenza kanjani futhi ubaphelelisa kanjani—lezi yizidingo nqangi zokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu ikakhulu kungukuguquka usuka empilweni yenyama uye empilweni yokuthanda uNkulunkulu; usuka ekuphileni kwenkohlakalo uye ekuphileni empilweni yamazwi kaNkulunkulu; kungukuphuma ngaphansi kwesandla sikaSathane uphile ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu, kungukwazi ukulalela uNkulunkulu ungathobeli inyama, kungukuvumela uNkulunkulu azuze inhliziyo yakho yonke, ukuvumela uNkulunkulu akuphelelise, uzikhulule esimweni esikhohlakele sikaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu kwenzelwe kakhulu ukuthi amandla nenkanzimulo kaNkulunkulu kubonakale phezu kwenu, ukuze nenze intando kaNkulunkulu, nifeze icebo likaNkulunkulu, nikwazi ukuba ngofakazi bakaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu akumele kwenziwe ngenxa yezimpawu nezimangaliso, futhi akumele kube ngenxa yenyama yomuntu. Kumele kube okokufuna ukwazi uNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, njengoPetru, umlalele kwaze kwaba sekufeni. Yilokhu okusemqoka ukuze kuzuzwe. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kulungele ukuba wazi futhi wenelise uNkulunkulu. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kukunika ulwazi olukhulu ngoNkulunkulu, okuzothi ngemva kwalokho ukwazi ukulalela uNkulunkulu. Kuphela uma wazi uNkulunkulu lapho ungakwazi ukumthanda, kanti ukuze uthole lokhu okuhlosiwe yiyona nhloso kuphela okumele umuntu afune ukufinyelela kuyo ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu. Uma, ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, uhlala uzama ukubona izimpawu nezimangaliso, lokho kusho ukuthi ukubona kwakho kanjalo ukukholwa kuNkulunkulu akulungile. Ukukholwa kuNkulunkulu kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila. Ukusebenzisa kuphela amazwi kaNkulunkulu aphuma emlonyeni Wakhe bese uwenza ngokwakho, lokho ngukuthola inhloso kaNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, abantu kumele bafune ukupheleliswa uNkulunkulu, bakwazi ukuthobela uNkulunkulu, balalele uNkulunkulu ngokuphelele. Uma ungalalela uNkulunkulu ngaphandle kokukhaononda, wazi okufiswa uNkulunkulu, ufane noPetru, ube nendlela kaPetru uNkulunkulu akhulume ngayo, kulapho uzobe usukholwa kuNkulunkulu ngempumelelo, futhi kuzobe kusho ukuthi usuzuziwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, ufanele ukudla uphuze ezwini Lakhe, uphile ngaphakathi kwalo, ubuye uliphile. Yilokhu okungukukholwa kuNkulunkulu! Uma uthi uyakholwa kuNkulunkulu kodwa ungakwazi ukukhuluma noma yimaphi amazwi Akhe noma uwenze, awuthathwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu. Lokhu ukufuna “isinkwa sokuqeda indlala.” Ukusho ubufakazi obuncane, izinto ezingenamsebenzi, nezinto zangaphandle, ezingenakho ngisho nokuncane okweqiniso akwenzi ukholwe kuNkulunkulu, futhi ngokusobala awukayibambi indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Kungani ufanele ukudla nokuphuza kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu? Ngabe kuthathwa njengokholo uma ungadli ungaphuzi emazwini Akhe ufune nje ukukhuphukela ezulwini? Yisiphi isinyathelo sokuqala salowo okholwa kuNkulunkulu? UNkulunkulu umphelelisa ngayiphi indlela umuntu? Ungapheleliswa ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu? Ungathathwa njengomuntu wombuso ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu njengeqiniso lakho? Yini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Abakholwa kuNkulunkulu kufanele babe nokuziphatha kahle ngaphandle, okungenani, kanti okubaluleke kakhulu ukuba nezwi likaNkulunkulu. Noma ngabe kunjani, ngeke ukwazi ukufulathela izwi Lakhe. Ukwazi kwakho uNkulunkulu nokugcwalisa intando Yakhe konke kufezeka ngezwi Lakhe. Zonke izizwe, amahlelo, izinkolo ezehlukene, nezindawo eziklanyiwe konke kuyonqotshwa ngezwi esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzokhuluma ngqo, futhi bonke abantu bazobamba izwi likaNkulunkulu ezandleni zabo; abantu bazopheleliswa ngalokhu. Izwi likaNkulunkulu lisabalale yonke indawo: Abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu benze ngokwezwi likaNkulunkulu, nalokho abakugcine kubona kulokhu kuyizwi likaNkulunkulu. Ngaphakathi nangaphandle, bacwiliswe ezwini likaNkulunkulu, ngakho baphelelisiwe. Labo abagcina intando kaNkulunkulu bakwazi nokufakaza Ngaye yilabo abanezwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu okhonza uNkulunkulu akufanele nje agcine ngokwazi indlela yokuhlupheka ngenxa Yakhe; ngaphezu kwalokho, kufanele aqonde ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukufuna ukuthanda uNkulunkulu. UNkulunkulu akakusebenziseli nje ukukucwenga kuphela noma ukukuhluphekisa, kodwa kunalokho ukusebenzisela ukuthi wazi izenzo Zakhe, wazi ukubaluleka kwangempela kokuphila komuntu, futhi, okubaluleke nakakhulu, ukuthi wazi ukuthi ukukhonza uNkulunkulu akuwona umsebenzi olula. Ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu akuhlangene nokujabulela umusa, kodwa kumayelana nokuhlupheka ngenxa yokumthanda. Njengoba ujabulela umusa kaNkulunkulu, kumele ujabulele ukusola Kwakhe; kumele uhlangane nakho konke lokhu. Ungabona ukukhanyisela kukaNkulunkulu kuwe, ungaphinde ubone indlela abhekana nawe ngayo futhi akwahlulela ngayo. Ngale ndlela, uhlangana nakho konke. UNkulunkulu wenze umsebenzi wokwahlulela nokusola kuwe. Izwi likaNkulunkulu libhekane nawe, kodwa hhayi lokho kuphela; liphinde lakukhanyisela futhi lakukhanyisa. Lapho unombono ophambene futhi untekenteke, uNkulunkulu uyakhathazeka ngawe. Wonke lo msebenzi owokukwazisa ukuthi yonke into ngomuntu isemseni kaNkulunkulu. Ungacabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukumenzela lonke uhlobo lwezinto; ungacabanga ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukuba inyama yakho ibe nokuthula, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, noma ukuze unethezeke futhi ukhululeke kukho konke. Nokho, akukho kulokhu abantu abangakubeka njengezizathu zokuthi bakholwe kuNkulunkulu. Uma ukholwa ngenxa yalezi zinhloso, kusho ukuthi umbono wakho uyiphutha, futhi awunakupheleliswa nhlobo. Izenzo zikaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, amazwi Akhe, ukumangalisa kanye nokungaqondakali Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele baziqonde. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izimfuno, amathemba nemibono yomuntu siqu nemibono esenhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu futhi yilokhu okuyokwenza wanelise imibandela efunwa uNkulunkulu, futhi okungakwenza ube nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukumanelisa nokuphila ngokwesimo asifunayo, ukuze izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli qembu labantu abangafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele uwufune. Kumele ube nombono omuhle ngokukholwa kuNkulunkulu futhi kufanele ufune ukuthola amazwi kaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi, ikakhulukazi, ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu zokoqobo, izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, kanye nomsebenzi Wakhe wokoqobo awenza esenyameni. Kulokho abahlangabezane nakho uqobo, abantu bangayazisa indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubo nokuthi iyini intando Yakhe kubo. Inhloso yakho konke lokhu ukususa isimo sabantu esonakele sobusathane. Uma usulahle konke ukungcola nokungalungi okungaphakathi kuwe, futhi lapho usulahle izinhloso zakho ezimbi, usuthole ukukholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu—ukukholwa ngokweqiniso kuphela okungakwenza uthande uNkulunkulu ngeqiniso. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu phezu kwesisekelo sokukholwa kwakho Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholwa Kuye? Ngoba ukholwa kuNkulunkulu, akufanele udideke ngakho. Abanye abantu bagcwala umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuzobalethela izibusiso, kodwa bese bephelelwa umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele behlelwe ukucwengwa. Ingabe lokho kuwukukholwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, kufanele uthole ukulalela okugcwele nokuphelele phambi kukaNkulunkulu ekukholweni kwakho. Ukholwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyiyeka, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, futhi usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, ukuthi asindise umphefumulo wakho—yikho konke ukuziphatha kwabantu abanombono ongalungile. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholwa kuNkulunkulu, abafuni ukuguqula izimo zabo, futhi abakuphishekeli ukwazi uNkulunkulu, kodwa kunalokho balandela izifiso zenyama yabo kuphela. Abaningi phakathi kwenu banezinkolo ezingaphansi kwesigaba sokukholwa ezinkolweni. Lokho akukhona ukukholwa kwangempela kuNkulunkulu. Ukuze abantu bakholwe kuNkulunkulu, kumele babe nenhliziyo ezimisele ukuhlupheka ngenxa Yakhe kanye nokuzimisela ukuzidela. Ngaphandle kokuba abantu bahlangabezane nalezi zimo ezimbili, ukukholwa kwabo kuNkulunkulu akunamsebenzi, futhi ngeke bakwazi ukuzuza uguquko esimweni sabo. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi abafuna ukuphila yilabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, okungekho kukho okwakungaqeda ukuthanda kwakhe uNkulunkulu. Ingabe lolu kwakungekhona ukuthanda kakhulu uNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Noma kusekusolweni, ekwahlulelweni, noma osizini, uhlale ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bokuthanda uNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali. Zicabange ukwazi ukusebenzela uNkulunkulu, kodwa awumlaleli uNkulunkulu, awukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ugcine nje ungawufezanga umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, kodwa uyohlulelwa nawuNkulunkulu, ngoba ungumuntu ongenalo iqiniso, ongakwazi ukulalela uNkulunkulu, uyihlongandlebe. Unendaba kuphela nokusebenzela uNkulunkulu, awunandaba nokuphila ngeqiniso, noma ukuzazi. Awumqondi futhi awumazi uMdali, awumlaleli futhi awumthandi uMdali. Ungumuntu ngokwemvelo ongezwani nokulalela uNkulunkulu, ngakho abantu abanjalo abathandwa uMdali.

Kucashunwe embhalweni othi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Yini ukuhlwithwa kwangempela?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli: “Futhi phakathi kwamabili kwenziwa isimemezelo, Bheka, umyeni usefikile; hambani niyomhlangabeza. Khona-ke...

Sithinte nge-Whatsapp