Uyini umehluko phakathi kokuguqulwa kwesimo somuntu nokuziphatha okuhle?

January 12, 2021

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye. Izimo zabantu kungathiwa ziguqukile kuphela lapho sebehlangane nomsebenzi kaNkulunkulu futhi sebengene ngokugcwele eqinisweni, baguqula abakwazisayo kanye nokubheka kwabo ubukhona nokuphila, babuka izinto ngendlela efana nekaNkulunkulu, futhi bakwazi ukuthobela nokuzinikela kuNkulunkulu. ungabonakala ufaka amandla athile, ungaqina ekubhekaneni nobunzima, ungakwazi ukwenza izinhlelo zomsebenzi ezivela kokungenhla, noma ungakwazi ukuya noma kuphi lapho utshelwa ukuthi yana khona, kodwa lezi yizinguquko ezincane kakhulu ezenzweni zakho, futhi azanele ukuba zibe ukuguquka esimweni sakho. Ungakwazi ukugijima ngezindlela eziningi, futhi ungakwazi ukuzwa ubunzima obuningi futhi uzwe ukwehliswa okukhulu; ungazizwa useduze kakhulu noNkulunkulu, noMoya oNgcwele usebenza kuwe, kodwa lapho uNkulunkulu ecela ukuba wenze okuthile okungavumelani nemicabang0 yakho, uyaqhubeka ungathobi, ufuna okokuzithethelela, futhi uyahlubuka uphinde umelane noNkulunkulu, kuze kufike ngisho eqophelweni lapho ugxeka futhi ukhale Kuye. Yinkinga ebucayi le! Lokhu kufakazela ukuthi usenemvelo yokumelana noNkulunkulu nokuthi awuguqukile nakancane.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Wazini ngezinguquko esimweni? Izingqikithi zezinguquko esimweni kanye nezinguquko nasekuziphatheni azifani, kanye nezinguquko ekwenzeni nazo azifani—zonke zihlukile kwingqikithi. Abantu abaningi bagcizelela ngokukhethekile ngokuziphatha ezinkolelweni zabo kuNkulunkulu, ngenxa yalokho kunezinguquko ezenzekayo ekuziphatheni kwabo. Ngemva kokukholwa kuNkulunkulu, bayeka ukuphikisana nabanye, bayeka ukulwa nabantu kanye nokubathuka, bayeka ukubhema nokuphuza, abantshontshi izinto zomphakathi—noma ngabe isipikili noma ipulangwe lokhuni—futhi baze bafinyelele ekuthini bengayi nasenkantolo uma belahlekelwa noma boniwe. Ngaphandle kokungabaza, ezinye izinguquko ziyenzeka ekuziphatheni kwabo. Ngoba, ngemva kokukholwa kuNkulunkulu, ukwamukela kwabo iqiniso kubenza bezizwe beneme ngokukhethekile, futhi ngenxa yokuthi sebezwe umusa womsebenzi kaMoya Ongcwele, ikakhulukazi babaqotho, futhi akukho lutho abangeke bayiyeke noma bayenze. Kodwa ngemva kokukholwa iminyaka emithathu, emihlanu, eyishumi, noma amashumi amathathu—ngenxa yokuthi alukaze lube bikho ushintso esimweni sempilo yabo, ekugcineni babuyela emuva ezindleleni zakudala, ukuzikhukhumeza kanye nokuzidla kwabo kuyakhula, bese beyaqala futhi ukulwela amandla kanye nenzuzo, bahalela imali yebandla, benza noma yini efeza ukulangazelela kwabo, balangazelela ukuba bakhulu kanye nokwenama, baphenduka izimbungulu zendlu kaNkulunkulu. Abaholi abaningi, ikakhulukazi, bayashiywa. Futhi afakazelani lamaqiniso? Izinguquko ekuziphatheni kuphela azisimeme. Uma lungekho ushintsho esimweni sempilo yabantu, ngakho masinyane noma ngokuhamba kwesikhathi uhlangothi olonakele luzozibonakalisa. Ngenxa yokuthi umsuka wezinguquko ekuziphatheni kwabo uyintshisekelo, noma uba muhle okwesikhathi. Njengoba besho abangakholwa, “Kulula ukwenza isenzo esisodwa esihle, okunzima ukwenza izenzo ezinhle ukuphila kwakho konke.” Abantu abakwazi ukwenza izenzo ezinhle ukuphila kwabo konke. Ukuziphatha kwabo kuqondiswa ukuphila; noma yini engukuphila kwabo, kanjalo nokuziphatha kwabo, futhi yilokho kuphela okubonakalisiwe emvelweni kumele ukuphila, kanye nemvelo yomuntu. Izinto okungezona angeke zime. Uma uNkulunkulu esebenza ukuze asindise umuntu, akusikhona ukuhlobisa umuntu ngokuziphatha okuhle—umsebenzi kaNkulunkulu owokuguqula izimo zabantu, ukubenza bazalwe kabusha ukuba babe abantu abasha. Ngaleyo ndlela, ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukujezisa, izilingo, kanye nokucolisiswa komuntu konke kwenzelwe ukuguqula isimo sakhe, ukuze azuze ukulalela okupheleleyo kanye nokwethembeka kuNkulunkulu, kanye nendumiso evamile kaNkulunkulu. Lokhu kuyinjongo yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuziphatha kahle akufani nokulalela uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokulingana nokufaneleka kuKristu. Izinguquko ekuziphatheni zisuselwa emfundisweni, futhi ezizalwa ugqozi—azisuselwa ekwazini uNkulunkulu ngeqiniso, noma eqinisweni, ingasaphathwa eyokuthi baphumule ekuqondisweni uMoya Ongcwele. Nakuba kukhona izikhathi lapho okunye okwenziwa ngabantu kuqondiswa uMoya Ongcwele, lokhu akuchazi ukuphila, ingasaphathwa eyokufana nokwazi uNkulunkuku; noma ngabe kuhle kanjani ukuziphatha komuntu, lokhu akufakazeli ukuthi balalela uNkulunkulu, noma ukuthi benza iqiniso. Izinguquko ekuziphatheni ziyinkohliso yesikhashana, ziwukubonakaliswa kwentshisekelo, futhi azichazi ukuphila. …

Abantu bengaziphatha kahle, kodwa lokho akusho ukuthi baneqiniso. Intshisekelo yabantu ingabenza kuphela ukuba bathobele imfundiso futhi belandele isiqondiso; abantu abangenalo iqiniso abanayo indlela yokuxazulula izinkinga ezinzima, futhi isifundiso angake simele iqiniso. Labo asebeguqule izimo zabo bahlukile. Baneqiniso ngaphakathi, bahlola izindaba zonke, bayakwazi ukwenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, ukwenza ngokwezimiso zeqiniso, ukwenza ngokwenelisa uNkulunkulu, futhi bayayiqonda imvelo yenkohlakalo abayivezayo. Ngesikhathi imibono nemicabango yabo ivezwa, bayakwazi ukuzihlola nokulahla inyama. Yile ndlela okubonakala ngayo inguquko esimweni. Into ebalulekile kakhulu ngenguquko yesimo ukuthi banakho kokubili iqiniso nokucaciseleka, futhi uma benza izinto, benza iqiniso ngokucophelela futhi inkohlakalo yabo ayiveli ngokuvamile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Labo abangenalo iqiniso ngokuphelele abakaguquki esimweni. Lokhu akusho ukuthi umuntu okhulile ebuntwini bakhe uzovele abe noshintsho esimweni; kucishe kwenzeke kakhulu uma ushevu onobusathane ngaphakathi kwemvelo yomuntu ushintsha ngenxa yokwazi kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo iqiniso. Lokho kusho ukuthi, labo oshevu sebehlanziwe futhi iqiniso elishiwo uNkulunkulu liyagxila phakathi komuntu, liphenduka ukuphila kwakhe, futhi liphenduka isisekelo sokuphila kwakhe. Kungalesi sikhathi kuphela lapho aphenduka khona umuntu omusha, futhi nesimo sakhe sibe sesiyashintsha. Lokhu akusho ukuthi isimo sabo sangaphandle sesimnene kangcono kuna ngaphambili, bebevame ukuzikhukhumeza kodwa manje amazwi abo asenengqondo, ukuthi babe vame ukungalaleli muntu kodwa manje sebeyakwazi ukulalela abanye —lezi zinguquko zangaphamdle angeke kushiwo ukuthi izinguquko esimweni. Empeleni izinguquko esimweni zimbandakanya nazo lezi zimo, kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi ukuphila kwabo kwangaphakathi sekushintshile. Iqiniso elivezwa uNkulunkulu liphenduka libe ukuphila kwabo, abanye oshevu bobusathane ngaphakathi sebususiwe, indlela umuntu aqonda ngayo seyishintshiwe ngokuphelele, futhi ayikho into kuyona ehambisana kanye naleyo yasezweni. Uyabona ngokucacile izinhlelo kanye noshevu kadrako omdala obomvu; useyiqonda kahle ingqikithi yokuphila eyiqiniso. Ngakho imigomo yokuphila kwakho isishintshile—lolu ushintsho olubaluleke kakhulu kanye nengqikithi yoshintsho kwisimo.

Ingabe babekususela kuphi ukuphila ngaphambi kwalokho? Bonke abantu baziphilela bona. Wonke umuntu uzinake yena futhi udeveli uzithathela abangasemuva—lokhu okufingqiwe ngemvelo yomuntu. Ukukholwa kuNkulunkulu ukuzenzela wena, futhi nakakhulu ukuthola izibusiso kunjalo. Ukulahla izinto ngenxa kaNkulunkulu, ukuzinikela komuntu kuNkulunkulu, kanye nokwethembeka kuNkulunkulu—konke lokhu uzenzela wena. Ngokufingqiwe, konke lokhu kungenjongo yokuzitholela izibusiso. Ezweni, konke okokuzitholela inzuzo. Ukukholwa uNkulunkulu ukuthola izibusiso, futhi ukuthola izibusiso zokuthi umuntu ulahle konke, futhi umuntu engabumela lokhu kuhlupheka ukuze athole izibusiso. Konke lokhu ubufakazi bangempela kwemvelo yomuntu eyonakele. Nokho, labo abanokuguquka esimweni behlukile. Ukuthi bangaphila kanjani ngokunenjongo, bangawufeza kanjani umsebenzi womuntu ukuze bafanele ukubizwa ngomuntu, bangamdumisa kanjani uNkulunkulu, futhi bangamlalela futhi bamenelise kanjani uNkulunkulu—bayakholwa ukuthi lokhu kuyisisekelo sokuba umuntu futhi kuyisibophezelo sabo esihambisana neziqondiso ezingashintshwa zezulu nomhlaba. Kungenjalo, angeke bafaneleke ukubizwa ngokuthi umuntu, angeke kube khona isizathu, futhi bayogcwala ukungabi nalutho. Abantu kumele baphile ukuze banelise uNkulunkulu, ukuze benze umsebenzi wabo kahle, kanye nokuphila impilo enenjongo, ukuze kuthi noma befa, bazozwa benelisekile ngaphandle kokuzisola, futhi bazobe bengaphilelanga ize. Uma kuqhathaniswa lezi zimo ezimbili, siyabona ukuthi esokugcina esomuntu onesimo esiguqukile, futhi ngenxa yokuthi isimo sempilo yakhe sishintshile, ingaphandle lempilo nakanjani lishintshile. Ngezimiso zokuziphatha ezahlukene, angeke esaphinda aziphilele yena, futhi nokukholwa kwakhe kuNkulunkulu angeke kusaphinda kube ngokwenjongo yokuzitholela izibusiso zakhe. Uyokwazi ukuthi, “Ngemva kokwazi uNkulunkulu, kuyini ukufa kimi? Ukwazi uNkulunkulu sekungenze ngaphila impilo enenjongo. Angiphilelanga ize futhi angeke ngife ngokuzisola—anginazo izikhalazo.” Akusikho yini ukubheka impilo ngendlela ehlukile? Ngakho-ke, okuyiyona mbangela enkulu yokushintsha kwesimo somuntu empilweni yakhe ukuba neqiniso ngaphakakthi, kanye nokuba nolwazi ngoNkulunkulu; indlela umuntu abuka ngayo impilo iguqukile, nemigomo yokuziphatha yahlukile kunakuqala. Ukushintsha kuqala ngaphakathi, futhi empilweni; akusikho nje ukushintsha kwangaphandle. Amanye amakholwa asemasha, ngemva kokukholwa uNkulunkulu, ebeshiye ngemuva okomhlaba; uma behlangana nabangakholwa abanalutho abangalusho, futhi abasavamisile ukubona izihlobo kanye nabangani babo, babe sebethi abangakholwa, “Lo muntu useshintshe ngempela.” Ngakho bacabanga ukuthi, “Isimo sami sesishintshe ngempela—abangakholwa bathi ngishintshile.” Empeleni, kungabe sishintshile yini isimo sabo? Asishintshanga. Lezi izinguquko zangaphandle. Alukabi khona ushintsho empilweni yabo, futhi imvelo yabo endala isala igxilile ngaphakathi kwabo, ayikathintwa nakancane. Kwesinye isikhathi, abantu babanjwe intshisekelo ngenxa yomsebenzi kaMoya Ongcwele; ezinye izinguquko zangaphandle ziyenzeka, bese benza izenzo ezimbalwa ezinhle. Kodwa lokhu akufani nezinguquko kwisimo. Awunalo iqiniso, indlela obheka ngayo izinto ayikashintshi, awukho umehluko uma kuqhathaniswa nabangakholwa, futhi imigomo yakho yokuziphatha kanye nendlela obuka ngayo impilo akukashintshi. Awunayo ngisho nenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, okufanele ngabe unakho okungenani. Akukho okungabakude nezinguquko esimweni sakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp