Yini ukuguquka kwesimo somuntu?

January 12, 2021

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Iyini inguquko yesimo? Kufanele ube umthandi weqiniso, wamukele ukwahlulela nokusola kwezwi likaNkulunkulu ngenkathi uzwa umsebenzi wakhe, bese uzwa zonke izinhlobo zokuhlupheka nokucwengwa, okuhlanzwa ngakho ubuthi bobusathane obuphakathi kuwe. Yilena inguquko esimweni. … Inguquko esimweni isho ukuthi umuntu, ngoba uthanda futhi wamukela iqiniso, ekugcineni ufinyelela ekwazini imvelo yakhe engalaleli futhi emelana noNkulunkulu; uyaqonda ukuthi ukonakala komuntu kujule kakhulu futhi uyakuqonda ukungaqondakali nokukhohlisa komuntu. Uyabazi ubuthakathaka nokudabukisa komuntu, futhi ekugcineni uyayiqonda imvelo nengqikithi yomuntu. Ekwazini konke lokhu, angazincisha izinto ezithile futhi azidele ngokuphelele, aphile ngezwi likaNkulunkulu, enze iqiniso kukho konke. Umuntu onje wazi uNkulunkulu futhi isimo sakhe siguqukile.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye. Izimo zabantu kungathiwa ziguqukile kuphela lapho sebehlangane nomsebenzi kaNkulunkulu futhi sebengene ngokugcwele eqinisweni, baguqula abakwazisayo kanye nokubheka kwabo ubukhona nokuphila, babuka izinto ngendlela efana nekaNkulunkulu, futhi bakwazi ukuthobela nokuzinikela kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Lokhu akusho ukuthi umuntu okhulile ebuntwini bakhe uzovele abe noshintsho esimweni; kucishe kwenzeke kakhulu uma ushevu onobusathane ngaphakathi kwemvelo yomuntu ushintsha ngenxa yokwazi kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo iqiniso. Lokho kusho ukuthi, labo oshevu sebehlanziwe futhi iqiniso elishiwo uNkulunkulu liyagxila phakathi komuntu, liphenduka ukuphila kwakhe, futhi liphenduka isisekelo sokuphila kwakhe. Kungalesi sikhathi kuphela lapho aphenduka khona umuntu omusha, futhi nesimo sakhe sibe sesiyashintsha. Lokhu akusho ukuthi isimo sabo sangaphandle sesimnene kangcono kuna ngaphambili, bebevame ukuzikhukhumeza kodwa manje amazwi abo asenengqondo, ukuthi babe vame ukungalaleli muntu kodwa manje sebeyakwazi ukulalela abanye —lezi zinguquko zangaphamdle angeke kushiwo ukuthi izinguquko esimweni. Empeleni izinguquko esimweni zimbandakanya nazo lezi zimo, kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi ukuphila kwabo kwangaphakathi sekushintshile. Iqiniso elivezwa uNkulunkulu liphenduka libe ukuphila kwabo, abanye oshevu bobusathane ngaphakathi sebususiwe, indlela umuntu aqonda ngayo seyishintshiwe ngokuphelele, futhi ayikho into kuyona ehambisana kanye naleyo yasezweni. Uyabona ngokucacile izinhlelo kanye noshevu kadrako omdala obomvu; useyiqonda kahle ingqikithi yokuphila eyiqiniso. Ngakho imigomo yokuphila kwakho isishintshile—lolu ushintsho olubaluleke kakhulu kanye nengqikithi yoshintsho kwisimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp