G. Ngendlela Yokufeza Umsebenzi Ngokwanele

404. Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu. Uma imiqondo nemizimba yethu ingeyona eyomsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu kanye nendlela elungile yesintu, ngakho imiphefumulo yethu ngeke ifanele labo ababulawelwa umsebenzi abawuphathiswe nguNkulunkulu, ngeke ifanele uNkulunkulu nhlobo, osihlinzeke ngakho konke.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

405. Ukuthi ukuthatha kanjani ukuthunywa nguNkuliunkulu kuyindaba enzima! Uma ungakwazi ukuqeda okunikezwe uNkulunkulu, awufanele ukuphila ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi kufanele ujeziswe. Kungumthetho weZulu nesimiso sasemhlabeni ukuba umuntu aqede lokho uNkulunkulu amnike khona; lokhu kuyisibopho esiphezulu somuntu, esibaluleke njengempilo yakhe. Uma ungakuthathi ngokuzimisela ukuthunywa, uyamkhaphela uNkulunkulu ngendlela embi kakhulu; lokhu kubi kunokukaJudasi futhi kusifanele isiqalekiso. Ngakho, uNkulunkulu uthuma umuntu: Lokhu kungukuphakanyiswa nomusa omkhulu ovela kuNkulunkulu, into enhle kakhulu. Konke okunye kungadelwa—noma ngabe umuntu kufanele anikele ngempilo yakhe kusafanele akuqede akuthunywe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

406. Akukho ukuhambisana phakathi komsebenzi womuntu kanye nalokho akubusisile noma akuqalekisile. Umsebenzi yilokho okumele kugcwaliswe umuntu; wumsebenzi wakhe futhi akumele uncike ekunxeshezelweni, ezimweni, noma ezizathwini. Yilapho kuphela okuyothiwa wenza umsebenzi wakhe. Umuntu obusisiwe uthokozela ubuhle uma esephelelisiwe emuva kokujeziswa. Umuntu oqalekisiwe uthola isijeziso uma isimo sakhe sihlala singashintshiwe emuva kokusolwa nokwahlulelwa, okusho ukuthi, akakalungisiswa. Njengesidalwa, umuntu kumele afeze umsebenzi wakhe, enze okumele akwenze, futhi enze akwazi ukukwenza, noma ngabe ezobusiswa noma ezoqalekiswa. Lokhu kuyisisekelo somgomo womuntu, njengalowo ofuna uNkulunkulu. Akumele wenze umsebenzi wakho ngoba ufuna ukubusiswa, futhi akumele wenqabe ukwenza okuthile ngoba wesaba ukuqalekiswa. Mangikutshele lokhu okukodwa: Uma umuntu ekwazi ukwenza umsebenzi wakhe, kusho ukuthi wenza lokho okumele akwenze, futhi uma engakwazi ukwenza umsebenzi wakhe, khona-ke lokhu kuwukuhlubuka. Umuntu ushintsha kancane kancane ngokuhlala elandela inqubo yokusebenza, futhi ngale nqubo ukwazi ukukhombisa ukwethembeka kwakhe. Futhi, uma ukwazi ukwenza umsebenzi wakho, uzothola amaqiniso amaningi, futhi nalokho okubonakalisayo kuzoba nobuqiniso obukhulu. Labo abamane benze ngokugcina icala umsebenzi wabo futhi abangalifuni iqiniso bayokhishwa ekugcineni, ngoba labo bantu abawenzi umsebenzi wabo ngokweqiniso, futhi abalenzi iqiniso ekugcwalisweni komsebenzi wabo. Abantu abanjalo bayohlala bengaguquliwe futhi bayoqalekiswa. Abakuvezayo akuve nje kungahlanzekile, kodwa baveza ububi bodwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

408. Ngoba lapho umuntu amukela lokho uNkulunkulu amphathise khona, uNkulunkulu unezinga Lakhe lokwahlulela kungaba ukuthi izenzo zomuntu zilungile noma zimbi noma ukuthi ulalelile, noma ukuthi lowo muntu uyanelisile intando kaNkulunkulu nokuthi uyafaneleka yini. Into uNkulunkulu anendaba nayo inhliziyo yomuntu, hhayi izenzo zabo zangaphandle. Akukhona ukuthi uNkulunkulu kufanele abusise umuntu uma esalalela, kungakhathaleki ukuthi ulalela kanjani. Lokhu ukungaqondi kwabantu uNkulunkulu. UNkulunkulu akabheki nje isiphetho sezinto, kodwa ubheka kakhulu lokho inhliziyo yomuntu eyikho nendlela umbono womuntu ngezinto oyiwo phakathi nokuhamba kwezinto, abheke ukuthi kukhona yini ukulalela, ukucabangela, kanye nesifiso sokwanelisa inhliziyo kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

412. Ngamafuphi, kufanele niqale ngokuzazi nina ngaphambi kokuba nazi ngesitha senu, futhi ekugcineni nizokwazi ukunqoba yonke impi. Nonke kufanele nikwazi ukwenza lokhu. Noma yini uNkulunkulu akucela yona, kudingeka uyenze ngamandla akho onke. Ngethemba ukuthi uzokwazi ukubonisa ubuqotho bakho kuNkulunkulu phambi kwaKhe ekugcineni, futhi uma nje uzobona ubuso obujabulisayo bukaNkulunkulu esihlalweni saKhe sobukhosi, ngisho noma kuyisikhathi sokufa kwakho, kufanele ukwazi ukuhleka futhi umamatheke njengoba amehlo akho evaleka. Kufanele wenze umsebenzi wakho wokugcina kaNkulunkulu ngesikhathi sakho emhlabeni. Esikhathini esedlule, uPetru wabethelwa walenga ngenxa kaNkulunkulu; nokho, kufanele wanelise uNkulunkulu ekugcineni, futhi usebenzise onke amandla akho kuNkulunkulu. Yini isidalwa esingayenzela uNkulunkulu? Ngakho kufanele uzinikele esiheni sikaNkulunkulu ungakashiywa yisikhathi kakhulu. Uma nje uNkulunkulu ejabula, khona-ke makenze noma yini ayifunayo. Yiliphi ilungelo abantu abanalo lokukhononda?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 41” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

413. Namuhla, okudingeka ukuthi ukufeze akusikho okungeziwe, kodwa umsebenzi womuntu, futhi yilokho okumele kwenziwe ngabantu bonke. Uma wehluleka nawukwenza umsebenzi wakho, noma ukuwenza kahle, awuzibizeli yini izinkinga? Awuzimemeli ukufa? Usangalindela kanjani ikusasa nempumelelo? Umsebenzi kaNkulunkulu wenzelwe isintu, futhi ukusebenzisana komuntu kwenzelwe ukuphatha kukaNkulunkulu. Emuva kokuba uNkulunkulu esenze konke okumele akwenze, umuntu kusadingeka ukuthi angaphazami kokwakhe ukwenza, futhi asebenzisane noNkulunkulu. Emsebenzini kaNkulunkulu, umuntu kumele angashiyi lutho, kumele azinikele ngokwethembeka, futhi angabi nemicabango eminingi, noma ahlale dekle alindele ukufa. UNkulunkulu angazinikela ngenxa yomuntu, pho kungani umuntu ehluleka ukwethembeka kuNkulunkulu? UNkulunkulu unhliziyo-nye futhi umqondo-munye nomuntu, pho kungani umuntu engeke asebenzisane naye kancane? UNkulunkulu usebenzela isintu, pho kungani umuntu ehluleka ukwenza omunye umsebenzi wakhe ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu? Umsebenzi kaNkulunkulu sewuhambe wafika lapha, kodwa usabuka kodwa ungenzi lutho, uyezwa kodwa awunyakazi. Abantu abanjalo abafanele ukulahlwa? Ngoba uNkulunkulu usenikele ngakho konke okwakhe kubantu, pho kungani, namuhla, umuntu ehluleka ukwenza umsebenzi wakhe ngokuzinikela? NgokukaNkulunkulu, umsebenzi wakhe yiwo oseqhulwini, futhi umsebenzi wokuphatha Kwakhe usemqoka. Ngokomuntu, ukwenza amazwi kaNkulunkulu nokugcwalisa lokho okudingwa uNkulunkulu yikho okuseqhulwini kuye. Kumele nonke nikuqonde lokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

414. Umuntu owenza umsebenzi wakhe, empeleni, ukufezwa kwakho konke okuhambisana nomuntu okungaphakathi, okusho ukuthi, lokho okungenziwa umuntu. Yilapho kuyogcwaliseka khona umsebenzi wakhe. Izinkinga zomuntu ngenkathi eqhuba umsebenzi wakhe ziyancipha kancane ngokuqhubeka kwalokho odlule kukho kanye nenqubo yalokho adlule kukho ngokwahlulelwa; akuvimbi noma kuphazamise umsebenzi womuntu. Labo abayekayo ukusebenza noma abamayo futhi bahlehlele emuva ngokwesaba umonakalo ongase ube khona emsebenzini bangamagwala amakhulu. Uma umuntu ehluleka ukuveza lokho okumele akuveze ngenkathi enza umsebenzi noma efeza lokho angakwazi ukukufeza, futhi kunalokho edlala futhi ebhekene nemizwa, ulahlekelwe umsebenzi okumele umuntu odaliwe abe nawo. Lolu hlobo lomuntu luthathwa ngokuthi ujwayelekile futhi akayinto yalutho; kungenzeka kanjani ukuthi umuntu onje ahlonishwe ngokuba njengesidalwa esidaliwe? Ave lokho kuyizinhlaka zokukhohlakala ezikhanya ngaphandle kodwa zibe zibolile ngaphakathi? Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye. Uma umuntu elahlekelwa yilokho akutholile, ngeke asathathwa ngokuthi ungumuntu, futhi akasafanelekile ukuma njengomuntu odaliwe noma ukuza phambi kukaNkulunkulu nokumsebenzela. Phezu kwalokho, akafanelwe ukuthola umusa kaNkulunkulu noma ukugadwa, avikelwe, futhi apheleliswe uNkulunkulu. Abantu abaningi balahlekelwe ukwethemba uNkulunkulu futhi balahlekelwe umusa kaNkulunkulu. Akuve nje kuwukuthi bazonda amaphutha abo kodwa baqhubezela umbono wokuthi indlela kaNkulunkulu ayilungile. Futhi labo abahlubukayo baze baphike nobukhona bukaNkulunkulu; kungenzeka kanjani ukuthi lolu hlobo oluhlubukayo lube nenhlanhla yokuthokozela umusa kaNkulunkulu? Abantu abahlulekile ukugcwalisa umsebenzi wabo bahlubuke kakhulu kuNkulunkulu futhi bamukweleta kakhulu, nokho baphenduka bathi uNkulunkulu wenza okungalungile. Umuntu onjalo angakufanelekela kanjani ukupheleliswa? Ingabe lona akuyena yini ohamba phambili ekwesulweni nasekujezisweni? Umuntu obengawenzi umsebenzi wakhe phambi kukaNkulunkulu vele usenecala elesabekayo kakade, ngisho ukufa okungeke kube isijeziso esanele ngaye, kube umuntu unesibindi sokuphikisana noNkulunkulu futhi aziqhathanise Naye. Ngabe umuntu owulolu hlobo ufanelwe kangakanani ukulungisiswa? Uma umuntu ehluleka ukufeza umsebenzi wakhe, kumele azizwe enecala futhi enesikweletu esikhulu; kumele azisole ngokuntengantenga kwakhe kanye nokungabi lusizo, ukuhlubuka kwakhe kanye nokukhohlakala, futhi phezu kwakho konke, kumele anikele ngempilo yakhe negazi kuNkulunkulu. Yilapho kuphela lapho kuyovuka ukuba isidalwa esidaliwe esimthanda ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelwe ukuthokozela izibusiso nezethembiso zikaNkulunkulu, kanye nokulungisiswa Nguye. Bese kuthiwani ngeningi lenu? Nimphatha kanjani uNkulunkulu ophila ngaphakathi kwenu? Niwenze kanjani umsebenzi wenu phambi Kwakhe? Ngabe nenze konke ebenibizelwe ukuthi nikwenze, ngisho noma kubiza impilo yenu uqobo? Ninikele ngani? Anikutholanga okuningi Kimi? Niyakwazi yini ukubona umehluko? Nethembeke kangakanani Kimi? Ningisebenzele kanjani? Futhi ngabe ngibekeni phezu kwenu futhi nginenzeleni? Ngabe nikukalile konke? Ngabe nahlulele futhi naqhathanisa lokhu nonembeza omncane eninawo ngaphakathi kwenu? Angafanela bani amazwi nezenzo zenu? Ngabe wumnikelo wenu omncane kufanele ngabe ngiwubeke phezu kwenu? Akukho okunye engingakwenza futhi ngizinikele kini ngenhliziyo yami iyonke, kodwa nisanemicabango ongemihle Ngami futhi ninginike inhliziyo engaphelele. Ungako umsebenzi wenu, uwona msebenzi wenu kuphela. Akunjalo? Anazi ukuthi anikawufezi umsebenzi wesidalwa esidaliwe? Ningathathwa kanjani njengalokho okudaliwe? Anazi ngokucacile yini ukuthi nithini nokuthi niyaphila yini ngokuvumelana? Nehlulekile ukugcwalisa umsebenzi wenu, kodwa nifuna ukuthola ukubekezela kanye nomusa kaNkulunkulu. Lowo musa awulungiselwanga labo abangenabo ubuntu nabanjengani, kodwa labo abangaceli lutho futhi abazinikela bekhululekile. Abantu abanjengani, abanganake lutho oluvamile, abafanelwe ukuthokozela umusa wasezulwini. Kumele nje babhekane nobunzima kanye nesijeziso sengunaphakade esizohambisana nabo ngezinsuku zokuphila!

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: F. Ngendlela Yokulalela UNkulunkulu

Okulandelayo: H. Ngendlela Yokuzuza Ukwesaba UNkulunkulu Nokugwema Okubi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp