N. Ngendlela Yokufuna Ukuguquka Kwesimo Nokupheleliswa NguNkulunkulu

504. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

505. Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekusolweni, ukuhlupheka nasekucwengeni kwezwi likaNkulunkulu, noma ukuba kubhekwane nabo, baqondiswe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokucwengwa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimweni. Yilabo kuphela abedlula ekuvezweni obala, ukwahlulelwa, ukuqondiswawa nokubhekanwa nabo ngamazwi Akhe abangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, abayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kaNkulunkulu, noma ngabe wehlukile emicabangweni yabantu, bayakwazi ukuyibeka eceleni le mibono bathobele ngenhloso. Esikhathini esedlule, ukukhuluma ngezinguquko esimweni kwakubhekisa ikakhulu ekuthini umuntu akwazi ukuzidela, avumele ukuba inyama ihlupheke, aqoqe umzimba wakhe, ayeke ukwenza okuthandwa yinyama—lokhu olunye uhlobo loguquko lwesimo. Manje abantu sebeyazi ukuthi indlela okuyiyona yokubonisa uguquko esimweni ukuthobela amazwi amanje kaNkulunkulu nokwazi ukuba nokuqonda okuphelele komsebenzi Wakhe omusha. Ngale ndlela, ukuqonda kwabantu uNkulunkulu kwangaphambili, okwakuthelelwe yimicabango yabo, kungasuswa, bese bekwazi ukuthola ulwazi oluyiqiniso lukaNkulunkulu nokulamlela—yilokhu kuphela okuwukuvezwa ngokweqiniso koguquko lwesimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

506. Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo—ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

507. Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu. Umuntu uphila ngaphansi kwethonya likaSathane futhi uphila enyameni; uma engahlanziwe futhi engasitholi isivikelo sikaNkulunkulu, uyoba mubi nakakhulu. Uma efisa ukuthanda uNkulunkulu, kuyomele ahlanzwe futhi asindiswe. UPetru wathandaza, “Nkulunkulu, lapho ungiphatha ngobumnene ngijabula kakhulu, ngiduduzeke; futhi lapho ungisola ngizizwa ngiduduzeka futhi ngijabula nakakhulu. Nakuba ngibuthakathaka ngibekezelela ukuhlupheka ebengingakwazi, nakuba kunezinyembezi nomunyu, uyazi ukuthi lo munyu ubangelwa ukungalaleli kwami nangenxa yobuthakathaka bami. Ngiyakhala ngoba angikwazi ukwanelisa izifiso Zakho, ngizwa usizi futhi ngiyazisola ngoba angikufanele ukuma phambi Kwakho kodwa ngizimisele ukuthola lo mbuso, ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngikujabulise. Ukusola Kwakho singilethele isivikelo futhi singinike insindiso enkulu kakhulu; ukwahlulela Kwakho sivimba ukubekezela nesineke Sakho. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho bengingeke ngithole isihawu nomusa Wakho othandekayo. Namuhla, ngikubona kahle ukuthi uthando uthando Lwakho ludlula ngale kwamazulu futhi ludlula yonke into. Uthando Lwakho alusona nje isihe nomusa wothando; ngisho nangaphezu kwalokho, luwukusolwa nokwahlulelwa. Ukusola nokwahlulela Kwakho kungizuzise kakhulu. Ngaphandle kokusola nokwahlulela Kwakho, akekho noyedwa obengahlanzwa, akekho noyedwa obengaluzwa uthando lukaMdali.”

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

508. Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqale uthandwe uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uyababusisa labo abathandayo, abasenhliziyweni Yakhe. Uma ufisa ukuba senhliziyweni kaNkulunkulu, inhliziyo yakho kumele ilalele uNkulunkulu kuwo wonke umsebenzi Wakhe, kumele ulwe kanzima ufuna iqiniso, wamukele umbono kaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Ingabe uNkulunkulu useke wanihlola nonke? Ingabe ninomgomo ofanele? Uma umgomo wenu ufanele, uNkulunkulu uzonamukela; uma umgomo ungafanele, lokho kufakazela ukuthi into ethandwa inhliziyo yenu ayiyena uNkulunkulu, iyinyama noSathane. Ngakho kumele namukelwe ukuhlolwa uNkulunkulu kuzo zonke izinto ngomthandazo. Lapho uthandaza, nakuba ngingamile siqu Sami phambi kwakho, uMoya oNgcwele unawe, futhi uthandaza Kimi nakuMoya kaNkulunkulu. Ubungakholwa kulo muntu ukuba ubengenawo uMoya kaNkulunkulu? Lapho nimkholwa lo muntu, nikholelwa kuMoya kaNkulunkulu. Uma nesaba lo muntu, nesaba uMoya kaNkulunkulu. Ukukholelwa eMoyeni kaNkulunkulu kuwukukholelwa kulo muntu, ukukholelwa kulo muntu kuphinde kube ukukholelwa eMoyeni kaNkulunkulu. Lapho uthandaza, uyeza ukuthi uMoya kaNkulunkulu unawe, uNkulunkulu uphambi kwakho, ngakho uthandaza kuMoya kaNkulunkulu. Namuhla, abantu bayesaba ukuletha izenzo zabo phambi kukaNkulunkulu, futhi nakuba ungayikhohlisa inyama kaNkulunkulu, awunakuwukhohlisa uMoya kaNkulunkulu. Konke okungeke kuhlolwe uNkulunkulu akuvumelani neqiniso futhi kufanele kubekelwe eceleni, kungenjalo uyona kuNkulunkulu. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi uyathandaza, uyakhuluma noma uxoxa nabafowenu nodadewethu, lapho wenza umsebenzi wakho, ufeza indima yakho, kufanele weneke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Lapho ufeza umsebenzi wakho, uNkulunkulu unawe, futhi uma unomgomo ofanele womsebenzi wendlu kaNkulunkulu, uyokwamukela konke okwenzayo; ufanele uzinikele ngeqiniso ekufezeni umsebenzi wakho. Lapho uthandaza, uma uthanda uNkulunkulu enhliziyweni yakho, uma ufuna ukunakekelwa uNkulunkulu, ukuvikelwa nokuhlolwa Nguye, uma lokhu kuwumgomo wakho, imithandazo yakho iyozwakala. Lapho uthandaza emihlanganweni, kufanele uvulele uNkulunkulu inhliziyo yakho uthandaze Kuye, utshele uNkulunkulu okusenhliziyweni yakho, ungaqambi amanga, imithandazo yakho iyokwamukelwa. Uma umthanda ngobuqotho uNkulunkulu enhliziyweni yakho, yenza isifungo kuNkulunkulu: “Nkulunkulu osemazulwini nasemhlabeni nakuzo zonke izinto, ngiyafunga Kuwe: Kwangathi uMoya Wakho ungahlola konke engikwenzayo, ungivikele uphinde unginakekele ngazo zonke izikhathi. Kwenza yonke into engiyenzayo ime phambi Kwakho. Uma inhliziyo yami ingayeka ukukuthanda noma ikukhaphele, ngicela ungijezise kakhulu bese ungiqalekisa. Ngithethelele kuleli zwe nakwelinye!” Uke ulokothe wenze isifungo esinjalo? Uma ungasenzi, kusho ukuthi uyigwala, nokuthi uzithanda wena. Ningakusombulula lokhu? Uma lesi kuyisisombululo senu ngempela, kumele nenze lesi sifungo. Uma ninqume ukwenza leso sifungo, uNkulunkulu uyosibusisa isinqumo senu. Uma nifunga kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyanilalela. UNkulunkulu onqumayo ukuthi ninesono noma nilungile ngemithandazo nangezenzo zenu. Lena manje yinqubo yokuniphelelisa, futhi uma ngempela unokholo ekukupheleliseni kukaNkulunkulu, uyoletha konke okwenzayo phambi kukaNkulunkulu, wamukele ukuhlolwa uNkulunkulu, futhi uma wenza into ewukuhlubuka okubi noma ukhaphela uNkulunkulu, uyokwenza isifungo sakho sigcwaliseke, khona-ke akunandaba ukuthi kwenzekani kuwe, ukuthola inhlekelele noma isijeziso inkinga yakho. Wenze isifungo, ngakho kumele usigcine. Uma wenza isifungo, kodwa ungasigcini, uzobhujiswa. Lapho wenza isifungo, kodwa ungasifezi, uyokwehlelwa ukubhubha okuphakade. Ngoba okwenzile kuyisifungo, uNkulunkulu uyosifeza isifungo sakho. Abanye bayesaba ngemva kokuthandaza, bathi, “Hhawu ngeke, ithuba lami alisabonwa nangokhalo, ithuba lokwenza okubi alisekho, ithuba lokufeza engikufisayo alisekho, angisenalo ithuba lokuqhubeka nobugovu bezwe!” La bantu basathanda izwe nesono, nakanjani bazobhujiswa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

509. Kunomthetho ekuphelelisweni kwabantu uNkulunkulu, okungukuthi ukunika ulwazi ngokusebenzisa ingxenye yakho oyithandayo ukuze ube nendlela yokwenza bese uzihlukanisa nazo zonke izimo ezimbi, usize umoya wakho ukuze uthole ukukhululeka, futhi kukwenze ukwazi ukumthanda kakhulu Yena. Ngale ndlela uyakwazi ukulahla isimo esikhohlakele sikaSathane. Umsulwa futhi uvulelekile, uyafisa ukuzazi wena uqobo, futhi uyafisa ukwenza iqiniso. Nakanjani uNkulunkulu uyokubusisa, ngakho lapho ubuthaka futhi unezinto ezimbi, ukunika ulwazi olwengeziwe, akusize uzazi kangcono, ufise ngokwengeziwe ukuphenduka, futhi ukwazi ngokwengeziwe ukwenza izinto okumele uzenze. Yingale ndlela kuphela lapho inhliziyo yakho izoba nokuthula futhi ukhululeke. Umuntu ovame ukunaka ukwazi uNkulunkulu, onaka ukuzazi yena uqobo, onaka izinto azenzayo, uzokwazi ukuthola njalo umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthola ukuqondiswa kanye nokukhanyiselwa Nguye. Nakuba umuntu onjalo angaba nesimo sengqondo esibi, uyakwazi ukushintsha ngokushesha, noma ngabe kungenxa kanembeza noma ulwazi oluvela ezwini likaNkulunkulu. Ukushintsha kwesimo somuntu kwenzeka njalo uma umuntu esazi isimo sakhe esingokoqobo kanye nesimo nomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu ofisa ukuzazi nofisa ukuzibeka obala uzokwazi ukwenza iqiniso. Lolu hlobo lomuntu othembekile kuNkulunkulu, kanti umuntu othembekile kuNkulunkulu unakho ukuqonda uNkulunkulu, noma lokhu kuqonda kunzulu noma cha, okuncane noma okuningi. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kuyinto etholwa abantu; ilokhu abakuzuzayo. Umuntu onolwazi ngoNkulunkulu yilowo onesisekelo, onombono. Lolu hlobo lomuntu luyaqiniseka ngokuba yinyama kukaNkulunkulu, futhi luyaqiniseka ngezwi likaNkulunkulu nangomsebenzi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu usebenza noma ukhuluma kanjani, noma ukuthi abanye abantu bamphazamisa kanjani, usengakwazi ukuma kulokhu akholelwa kukho, ame abe ufakazi kuNkulunkulu. Lapho umuntu eba yile ndlela ngokwengeziwe, angakwazi ukulenza ngokwengeziwe iqiniso aliqondayo. Ngenxa yokuthi uhlale enza izwi likaNkulunkulu, uthola ukuqonda uNkulunkulu ngokwengeziwe, bese eba nezisombululo zokuthi akwazi ukuma phakade afakazele uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

510. Ekukholweni kuNkulunkulu, uma umuntu elangazelele inguquko esimweni sakhe, kufanele angazihlanguli empilweni yangokoqobo. Empilweni yangokoqobo, kufanele uzazi wena, uzihlubuke, uphile iqiniso, kanjalo nokufunda imigomo, amaphuzu aphusile nenza umqondo nemithetho yokuziphatha kuzo zonke izinto ngaphambi kokuba ukwazi ukufeza uguquko oluza kancane kancane. Uma ugxila kuphela olwazini lwamathiyori uphile kuphela phakathi kwemicimbi yezenkolo ngaphandle kokungena ujule empilweni yangokoqobo, awusoze-ke wangena empilweni yangokoqobo, awusoze wazazi wena uqobo, iqiniso, noma uNkulunkulu, futhi uyohlezi uyimpumputhe futhi ungazi. Umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu akuwona owokubenza baphile impilo ejwayelekile emva kwesikhathi esifushane, noma ukuguqula imibono nezimfundiso zabo eziyiphutha. Kunalokho, inhloso Yakhe ukuguqula izimo zabantu ezindala, ukuguqula yonke indlela yabo yokuphila endala, nokuguqula zonke izindlela zabo zokucabanga nezimo zomqondo eseziphelelwe yisikhathi. Ukugxila kuphela empilweni yasenkonzweni ngeke kushintshe imikhuba yakhe yakudala yokuphila noma kushintshe izindlela zakhe zangaphambilini asephile ngazo isikhathi eside. Noma kwenzenjani, umuntu akufanele aqhelelane kakhulu nempilo ngokoqobo. UNkulunkulu ucela abantu ukuba baphile ubuntu obujwayelekile ngokwempilo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela; kodwa ukuba baphile iqiniso empilweni yabo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela; ukuba bagcwalise imisebenzi yabo yempilo yangokoqobo, hhayi nje enkonzweni kuphela. Ukungena empilweni yangokoqobo, umuntu kufanele aphendukisele yonke into empilweni yangokoqobo. Uma, ekukholweni kuNkulunkulu, abantu bengakwazi ukuzazi ngokungena empilweni yangokoqobo futhi uma bengakwazi ukuphila ubuntu obujwayelekile empilweni yangokoqobo, bazoba yizahluleki. Labo abangamlaleli uNkulunkulu yibo bonke abantu abangeke bakwazi ukungena empilweni yangokoqobo. Yibo bonke abantu abakhuluma ngobuntu kodwa baphile ngemvelo yamadimoni. Yibo bonke abantu abakhuluma iqiniso kodwa baphile ngokwezimfundiso esikhundleni salo. Labo abangakwazi ukuphila iqiniso empilweni yangokoqobo yilabo abakholwa kuNkulunkulu kodwa abazonda futhi bemphika Yena. Kufanele uzejwayeze ukungena empilweni yangokoqobo, uwazi amaphutha akho, ukungalaleli nokunganaki, kanye nobuntu bakho obungajwayelekile kanjalo nobuthakathaka bakho. Ngaleyo ndlela, lonke ulwazi lwakho luzodidiyelwa esimweni sakho sangokoqobo nezingqinamba. Yilolu hlobo lolwazi kuphela olungolweqiniso futhi olungakuvumela ukuba uqonde kahle isimo sakho futhi ukwazi ukuthola inguquko yesimo sakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukudingida Impilo Yasenkonzweni Nempilo Yangokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

511. Ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza nokwenza, ukwamukela umthwalo kaNkulunkulu, ukuphathiswa uNkulunkulu, konke lokhu kukhona ngenxa yezindlela ezibekwe phambi kwenu. Ukusinda komthwalo owuthwalele ukuthunywa nguNkulunkulu, kusho ukuthi kuzoba lula ukupheleliswa uNkulunkulu. Abanye abazimisele ukubambisana ekukhonzeni uNkulunkulu ngisho noma bebizwa; lawa ngamavila anendaba kuphela nokuthokomala nenjabulo. Lapho nibambisana ekukhonzeni uNkulunkulu, kuningi eniyokuthola. Ngoba nithwala imithwalo esindayo, ngoba nibona okuningi, ngakho kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa. Ngakho uma ningakhonza uNkulunkulu ngobuqotho, kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu, kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa uNkulunkulu. Iqembu elinjalo labantu, liphelelisiwe ngalesi sikhathi. Lapho uMoya Ongcwele unikhuthaza, yilapho niyozinikela khona ekwazini umthwalo kaNkulunkulu, yilapho niyopheleliswa khona uNkulunkulu, yilapho niyozuzwa khona uNkulunkulu, futhi ekugcineni, niyoba ngabasetshenziswa uNkulunkulu. Njengamanje, kunabathile abangathwele lutho lwebandla. Labo bantu bayimimfece futhi bayavilapha, okuwukuphela kwento abayaziyo inyama yabo. Bangabantu abanomhobholo futhi bayizimpumputhe. Awukho umthwalo eniyokwazi ukuwuthwala uma nehluleka ukubona le ndaba ngokucacile. Lapho uyazi intando kaNkulunkulu, usinda nakakhulu umthwalo uNkulunkulu azokuphathisa wona. Abantu abanomhobholo abazimisele ukubekezelela lezo zinto, abazimisele ukuzidela, ekugcineni bazolahlekelwa ithuba lokupheleliswa uNkulunkulu. Abazilimazi yini? Uma uyazi intando kaNkulunkulu, kufanele uthwale imithwalo yangempela yebandla. Eqinisweni, esikhundleni sokuwubiza ngomthwalo webandla, kungcono kube umthwalo wokuphila kwakho, ngoba umthwalo owuthwalele ibandla ukuvulela amathuba okupheleliswa uNkulunkulu. Ngakho noma ubani othwalele ibandla umthwalo osindayo, othwala nomthwalo wokungena ekuphileni, kufanele kube yilabo abayogcina bepheleliswe uNkulunkulu. Manje Usungabona ngokucacile? Uma ibandla okulo lihlakazeke njengesihlabathi, kodwa ungakhathazekile, futhi uze unganaki uma abafowethu nodadewethu bengawadli futhi bengawaphuzi ngokujwayelekile amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi awukho umthwalo owuthwele. UNkulunkulu akabathandi abantu abanjalo. Abantu abathandwa uNkulunkulu yilabo abakulambele futhi abakomele ukulunga, bayayazi intando kaNkulunkulu. Ngakho kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu. Akufanele nilinde ukuba isimo sokulunga sikaNkulunkulu sembulwe kubo bonke abantu ngaphambi kokuba nazi umthwalo kaNkulunkulu. Kuyobe kungephuzile yini kakhulu lapho? Leli ithuba elihle lokupheleliswa uNkulunkulu. Uma nizovuma ukuthi leli thuba liphunyuke senilibambile, kufanele nizisole ukuphila kwenu konke, njengoba nje uMose engakwazanga ukungena ezweni elihle laseKhanani, wazisola ukuphila kwakhe konke, wabulawa usizi. Lapho uNkulunkulu esembule isimo Sakhe esilungile kubo bonke abantu, nizozisola. Ngisho noma uNkulunkulu enganisoli, niyozisola ngenxa yokuzisola kwenu. Abanye abaqiniseki ngalokhu. Uma ningangikholwa, lindani nibone. Abanye bayogcwalisa la mazwi. Ingabe nizimisele ngokuthi kunikelwe ngani ngenxa yala mazwi?

Kucashunwe embhalweni othi “Yazini Intando KaNkulunkulu Ukuze Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

512. UMoya oNgcwele unendlela okumele ayihambe kumuntu ngamunye, futhi unika umuntu ngamunye ithuba lokupheleliswa. Ngokubuka izinto ngendlela engenhle wenziwa ukuba ubone inkohlakalo yakho, bese kuthi uma ulahla lokhu kungabuki kahle uthole indlela yokwenza; lezi yizo zonke izindlela opheleliswa ngazo. Futhi, ngokuqhubeka nokuqondiswa kanye nokukhanyiswa kwezinto ezithile ezinhle ezingaphakathi kuwe, uzokwazi ukuthi ugcwalise umsebenzi wakho futhi ukhule ngolwazi uphinde uzuze ukuqonda. Uma izimo zakho zizinhle, uzimisela ngokukhethekile ukufunda izwi likaNkulunkulu, futhi uzimisela ngokukhethekile ukukhuleka kuNkulunkulu, futhi uyakwazi ukuthi izintshumayelo ozizwayo uzibhekise esimweni sakho. Ngezikhathi ezinjalo uNkulunkulu ukukhanyisela futhi akukhanyise ngaphakathi, akwenze ubone izinto ezithile zohlangothi oluhle. Lena yindlela opheleliswa ngayo ohlangothini oluhle. Ezimweni ezimbi, uzizwa ubuthakathaka futhi kungekho ofuna ukukwenza, uzizwe sengathi awunaye uNkulunkulu enhliziyweni yakho, kodwa uNkulunkulu uyakukhanyisa, akusize ukuba uthole indlela okumele wenze ngayo. Ukuphuma kulokhu kuwukuthola ukupheleliswa ohlangothini olubi. UNkulunkulu angabaphelelisa abantu ohlangothini oluhle nolubi. Kuya ngokuthi uyakwazi yini ukubona, nokuthi ingabe uyafuna yini ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, izinto ezimbi ngeke zikwenze ulahlekelwe, kodwa zingakulethela izinto ezingokoqobo ngokwengeziwe, futhi zingakwenza wazi ngokwengeziwe ukuthi yini le oyintulayo kuwe ngaphakathi, ukwazi ngokwengeziwe ukuqonda izimo zakho ezingokoqobo, nokuthi ubone ukuthi umuntu akanalutho futhi akalutho; uma ungahlangabezani nokuvivinywa, awazi, futhi uzohlala uzwa sengathi ungaphezulu kwabanye futhi ungcono kunabo bonke abanye. Kukho konke lokhu uzobona ukuthi konke okukwehlele ngaphambilini kwakwenziwe nguNkulunkulu futhi kwavikelwa uNkulunkulu. Ukungena ekuvivinyweni kukushiya ungenalo uthando noma ukholo futhi ungakwazi ukuthandaza, ungakwazi nokucula amaculo, bese kuthi ngaphandle kokuqaphela, phakathi kwalokhu, ufinyelele ekubeni uzazi. UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuphelelisa umuntu. Usebenzisa zonke izinhlobo zezimo ukuze abhekane nesimo sokukhohlakala kumuntu, asebenzise izinto ezehlukene ukuze abeke umuntu obala; kolulodwa uhlangothi ubhekana nomuntu; ngakolunye ubeka umuntu obala, kolunye wambula umuntu, agubhe futhi ambule “izimfihlakalo” ezisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, akhombise umuntu imvelo yakhe ngokwambula izimo zakhe eziningi. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela eziningi—ngesambulo, ngokubhekana nomuntu, ngokumcwengisisa, nokumsola—ukuze umuntu akwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu owenza ngokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

513. Njengamanje, lokho okumele ukuba niyakufuna njengokusemqoka ukuba upheleliswe nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, nokuba upheleliswe nguNkulunkulu ngabo bonke abantu, izindaba, nezinto enibhekene nazo, ukuze okuningi kwalokho uNkulunkulu ayikho kungafakwa kinina. Kumele namukele ifa likaNkulunkulu kuqala nisesemhlabeni ngaphambi kokuba nifaneleke ukudla ifa nezinye zezibusiso ezinkulu ezivela kuNkulunkulu. Zonke izinto ezinjalo yilezo okumele nizifune kanye nalezo okumele niziqonde kuqala. Ngenkathi nifuna ngokwengeziwe ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto, yingenkathi lapho nizokwazi khona ukubona isandla sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngokwenza njalo nikhombise ukufuna ukungena ebukhoneni bezwi likaNkulunkulu naseqinisweni lezwi Lakhe ngokwemibono ehlukene kanye nangezindaba ezahlukene. Awukwazi ukweneliseka ngezimo ezingezinhle ezifana nokumane ungenzi izono, noma ukungabi nemibono, ukungabi nomqondo ojulile ngempilo, kanye nokungabi nentando yomuntu. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela ezahlukene, futhi kungenzeka ukuthi ezintweni zonke umphumela wazo kube ukuthi wena upheleliswe. Akukhona kuphela ukuthi ungapheleliswa ngendlela enhle, kodwa futhi nangokubi, ngaleyo ndlela uhlumeleliseke okuzuzayo. Nsuku zonke kunamathuba okuba upheleliswe kanye nesikhathi sokuba uzuzwe nguNkulunkulu. Emuva kwesikhathi sokudlula kulokho okunjalo noma sokuzizwela okunjalo, uyoba ngoshintshe kakhulu. Manje uyobe sewukwazi ukuthola kalula ukuqondisisa nokukhanyiseleka ngezinto eziningi obungaziqondi ngaphambilini; ngaphandle kokuba udinge abanye ukuba bakufundise, ngokungazi, uyokhanyiselwa nguNkulunkulu, ukuze ube nokukhanyiseleka ezintweni zonke futhi nakho konke odlula kukhona, kuyogxila kusabalale. UNkulunkulu uyokuqondisa ukuze ungaphambukeli kunoma yiluphi uhlangothi. Ngakho uyobe ususemgudwini wokupheleliswa Nguye.

… Uma nifisa ukupheleliswa nguNkulunkulu, kufanele nifunde ukudlula ezintweni zonke niphinde nikhanyiseleke ezintweni zonke enihlangabezana nazo. Ngaso sonke isikhathi uma uhlangabezana nento ethize, noma elungile noma embi, kufanele usizakale ngayo futhi akufanele ikubangele ukuthi uyethe nje ungenzi lutho. Noma ngabe yini, kufanele uyibheke ngokuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, futhi ungayihlaziyi noma uyicwaninge ngokokubuka komuntu (lokhu kungukuphambuka endleleni yakho yokwenza). Uma lokhu kuyindlela yokwenza yakho, inhliziyo yakho iyoyithwala imithwalo yempilo yakho; uyophila njalo ngaphansi kokukhanya kobuso bukaNkulunkulu futhi ngeke ugudluke kalula ekwenzeni kwakho. Lolo hlobo lomuntu onjalo unamathuba amaningi okuqhubekela phambili. Maningi kakhulu amathuba okupheleliswa nguNkulunkulu. Konke kuncike ekutheni ingabe nina niyilabo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso kanye nokuthi ngabe nizimisele yini ukupheleliswa nguNkulunkulu, ukuzuzwa nguNkulunkulu, kanye nokuthola izibusiso Zakhe nefa. Ngeke kukusize ukuba nokuzimisela nje kuphela. Kumele nibe nolwazi olunzulu, ngale kwalokho niyophambuka njalo ezenzweni zenu. UNkulunkulu uzimisele ukuphelelisa umuntu ngamunye phakathi kwenu. Njengoba izinto zinjalo njengamanje, nakuba abaningi sebevele bawemukelile isikhathi eside umsebenzi kaNkulunkulu, bazinqumele bona ngokwabo ukumane bathamele umusa kaNkulunkulu futhi bazimisele kuphela ukwemukela ukuthokomala kwenyama okuthile Kuye. Abazimisele ngokwamukela izambulo eziningi futhi eziphakeme, okukhombisa ukuthi inhliziyo yomuntu iselokhu ingaphandle njalo. Nakuba umsebenzi womuntu, ukusebenza kwakhe, kanye nenhliziyo yothando lukaNkulunkulu kunokungcola okumbalwa, uma sekuziwa ngasengqikithini engaphakathi yomuntu kanye nokucabanga kwakhe okungakhanyiselekile, umuntu usahlala efuna ukuthula nenjabulo yenyama, engakushayi mkhuba ukuthi ithini imibandela nezinhloso zikaNkulunkulu zokuphelelisa umuntu. Ngakho izimpilo zabaningi ziselokhu zingenasithunzi futhi zihlehlela emuva, kungekho ngisho oluncane ushintsho. Bakushaya indiva kalula ukukholwa kuNkulunkulu njengokungabalulekile. Kunalokho, kuba sengathi banokholo nje ngoba benzela omunye, benze ngaphandle kokuzimisela noma ukuzinikela, baqhubeke nokumane bagcine icala benze okuyisilinganiso esincane, bewuzulane empilweni engenanhloso. Bambalwa labo abafisa ukungena ezwini likaNkulunkulu kuzo zonke izinto, bazuze izinto ezibacebisayo, babe yilabo abanothe kakhulu endlini kaNkulunkulu kunamuhla, futhi bathole ezinye izibusiso zikaNkulunkulu eziningi. Uma ufisa ukupheleliswa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi ukwazi ukuhlomula efeni lesithembiso sikaNkulunkulu emhlabeni; uma ufuna ukukhanyiselwa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi ungavumeli iminyaka yedlule uhlezi, lena yindlela encomekayo yokuba ungene ngaphakathi. Yingale ndlela kuphela lapho ufaneleka futhi ukulungele ukupheleliswa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

514. UMoya oNgcwele akasebenzi nje kuphela kumadoda athile asetshenziswa nguNkulunkulu, kodwa ikakhulukazi ebandleni. Kungenzeka asebenze kunoma ubani. Angasebenza kuwena manje, bese emuva kokuthi usumuzwile, angasebenza komunye emva kwalokho. Landela ngokushesha; lapho ulandela eduze ukukhanya kwamanje, yilapho impilo yakho ingakhula khona. Noma ngabe uluhlobo luni lomuntu, uma nje uMoya oNgcwele usebenza kuye, yenza isiqiniseko sokuthi uyalandela. Yamukela izinto azizwile ngalokho okuzwile ngokwakho, futhi uzothola izinto eziphakeme kakhulu. Ngokwenzenjalo uzothuthuka ngokushesha okukhulu. Lena indlela yokupheleliswa komuntu nendlela impilo ekhula ngayo. Indlela yokupheleliswa itholakala ngokulalela kwakho umsebenzi kaMoya oNgcwele. Awazi ukuthi uNkulunkulu uzosebenza ngomuntu onjani ukukuphelelisa, nokuthi uzosebenza ngamuphi umuntu, isigameko, noma into ukukulethela inzuzo nokukusiza ukuthi uthole ukuqondisisa okuthile. Uma ukwazi ukuhamba kulo mgudu olungile, lokhu kukhombisa ukuthi kunethemba elikhulu lokuthi upheleliswe uNkulunkulu. Uma ungakwazi ukwenzenjalo, lokhu kukhomba ukuthi ikusasa lakho lifiphele futhi limnyama. Lapho uhamba emgudwini olungile, uzothola isambulo ezintweni zonke. Noma ngabe yini uMoya oNgcwele ayambula kwabanye, uma uqhubeka kulokho okuzwayo usebenzisa ulwazi lwabo, lokho kuyophenduka impilo yakho, futhi uyokwazi ukupha abanye ngenxa yalokho okuzwile. Labo abapha abanye ngokulingisa amazwi yilabo abangenalo ulwazi; kufanele ufunde ukuthola ngokukhanyiselwa nokukhanya kwabanye, indlela yokwenza ngaphambi kokukhuluma ngokwakho okuzwile nokwaziyo wena uqobo. Lokhu kuzoyisiza kakhulu impilo yakho. Kufanele uzwe ngale ndlela, ulalela konke okuvela kuNkulunkulu. Kufanele ufune intando kaNkulunkulu ezintweni zonke futhi ufunde isifundo ezintweni zonke, ukuze impilo yakho ikhule. Ukwenza okunje kusiza ekukhuleni ngokushesha kakhulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

515. Uyafuna ngempela ukupheleliswa? Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, uzoba nesibindi sokulahla inyama yakho, futhi uzokwazi ukwenza amazwi kaNkulunkulu ungabukeli nje noma ube buthakathaka. Uzokwazi ukulalela konke okuvela kuNkulunkulu, nezenzo zakho zonke ziyobukeka, noma ngabe zenziwe ebusweni Bakhe noma cha. Uma ungumuntu owethembekile, futhi wenza iqiniso ezintweni zonke, uyopheleliswa. Labo bantu abakhohlisayo benza ngendlela ethile phambi kwabanye baphinde benze ngenye indlela ngemuva kwabo, abazimisele ukupheleliswa. Bonke bangamadodana okulahlwa nokubhujiswa; abayibo abakaNkulunkulu bangabakaSathane. Abalona uhlobo lwabantu abakhethwe nguNkulunkulu. Uma izenzo zakho nokuziphatha kungeke kwethulwe phambi kukaNkulunkulu noma kungeke kubukeke kuMoya oNgcwele, lokhu kufakaza ukuthi kukhona okungalungile ngawe. Uma kuphela wemukela ukwahlulelwa nokusola kukaNkulunkulu, futhi ukuthathele phezulu ukuguqulwa kwesimo sakho uyokwazi ukuba sendleleni yokupheleliswa. Uma uzimisele ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu nokwenza intando kaNkulunkulu, kufanele ulalele wenze wonke umsebenzi kaNkulunkulu, ngaphandle kokukhipha ngisho elilodwa izwi lokukhononda, ngaphandle kokuzam ukuhlola noma ukwahlulela umsebenzi kaNkulunkulu. Lezi izimiso eziphansi sokupheleliswa nguNkulunkulu. Isidingo esifunekayo kulabo abafuna ukupheleliswa nguNkulunkulu yilesi: yenza zonke izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu. Kusho ukuthini “ukwenza izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu?” Lokhu kusho ukuthi zonke izenzo zakho nokuziphatha kungethulwa phambi kukaNkulunkulu. Uma ugcina izinhloso ezilungile, noma izenzo zakho zilungile noma zimbi, awesabi ukuthi zethulwe kuNkulunkulu noma kodadewenu nabafowenu; uyalokotha ukufunga kuNkulunkulu. Kufanele wethule inhloso yakho yangempela, umcabango, nomqondo phambi kukaNkulunkulu ukuze akucubungule; uma wenza uphinde ungene ngale ndlela, ukukhula empilweni yakho kuyoshesha.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

516. Uma ufuna ukusetshenziswa nokupheleliswa uNkulunkulu, kumele ube nakho konke: ukuzimisela ukuhlupheka, ukholo, ukubekezela, ukulalela kanye nokwazi ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, ukuqonda intando Yakhe, ukucabanga ngosizi Lwakhe, njalonjalo. Ukuphelelisa umuntu akulula, futhi konke ukucwengwa odlula kukho kudinga ukholo kanye nothando lwakho. Uma ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuphuthuma nje endleleni akwanele, nokuzikhandla nje ngenxa kaNkulunkulu nakho akwanele. Kumele ube nezinto eziningi ukuze ube umuntu opheleliswa uNkulunkulu. Lapho ubhekene nokuhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Ngisho ngabe uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nokuvivinywa, kumele wanelise uNkulunkulu, ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso. Kungakhathalekile ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale ube nokuzimisela ukubekezelela ubunzima futhi ube nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukudela inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola: Esikhathini esidlule awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu, futhi usuyazisola manje. Akufanele untule nokukodwa kulezi zinto—uNkulunkulu uyokuphelelisa ngalezi zinto. Uma ungayigcine le mibandela, khona-ke awunakupheleliswa.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

517. Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye. Izimo zabantu kungathiwa ziguqukile kuphela lapho sebehlangane nomsebenzi kaNkulunkulu futhi sebengene ngokugcwele eqinisweni, baguqula abakwazisayo kanye nokubheka kwabo ubukhona nokuphila, babuka izinto ngendlela efana nekaNkulunkulu, futhi bakwazi ukuthobela nokuzinikela kuNkulunkulu. ungabonakala ufaka amandla athile, ungaqina ekubhekaneni nobunzima, ungakwazi ukwenza izinhlelo zomsebenzi ezivela kokungenhla, noma ungakwazi ukuya noma kuphi lapho utshelwa ukuthi yana khona, kodwa lezi yizinguquko ezincane kakhulu ezenzweni zakho, futhi azanele ukuba zibe ukuguquka esimweni sakho. Ungakwazi ukugijima ngezindlela eziningi, futhi ungakwazi ukuzwa ubunzima obuningi futhi uzwe ukwehliswa okukhulu; ungazizwa useduze kakhulu noNkulunkulu, noMoya oNgcwele usebenza kuwe, kodwa lapho uNkulunkulu ecela ukuba wenze okuthile okungavumelani nemicabang0 yakho, uyaqhubeka ungathobi, ufuna okokuzithethelela, futhi uyahlubuka uphinde umelane noNkulunkulu, kuze kufike ngisho eqophelweni lapho ugxeka futhi ukhale Kuye. Yinkinga ebucayi le! Lokhu kufakazela ukuthi usenemvelo yokumelana noNkulunkulu nokuthi awuguqukile nakancane.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

518. Ukuguquka kwesimo akulona udaba olulula kangako. “Izenzo zami ziguqukile, futhi ngiyaliqonda iqiniso. Ngingakhuluma ngokuhlangenwe nakho okuthile kuyo yonke ingxenye yeqiniso futhi ngingakhuluma ngolwazi oluthile oluncane. Ngaphezu kwalokho, uMoya oNgcwele ungisolile ngalolu daba futhi sengiyakwazi ukuluyeka kancane futhi ngiyakwazi ukuthoba kancane.” Lokhu kungethathwe njengenguquko esimweni sempilo. Ngani? Uyakwazi ukuyeka kancane, kodwa lokho okwenzayo akukafiki ezingeni lokwenza iqiniso ngempela. Mhlawumbe isimo sakho sifanelekile okwesikhashana futhi izimo zakho ziyavuma, noma izimo zakho ziyakuphoqa ukuba uziphathe ngale ndlela, noma isimo somqondo wakho sizinzile futhi uMoya oNgcwele uyasebenza, khona-ke uyakwazi ukukwenza. Uma ubuphakathi kokuvivinywa njengoJobe owezwa ubuhlungu bokuvivinywa, noma njengoPetru owacelwa nguNkulunkulu ukuthi afe, ubuyokwazi ukuthi, “Noma ngifa emva kokufinyelela ekwazini Wena, kuyobe kulungile”? Ukuguquka esimweni akwenzeki ngokushesha, futhi akusho ukuthi ungenza iqiniso kuso sonke isimo emva kokuqonda iqiniso. Ngaphandle, kubonakala sengathi wenza iqiniso, kodwa empeleni, inhlobo yezenzo zakho ayikhombisi ukuthi wenza iqiniso. Baningi abantu abanokuziphatha okuthile kwangaphandle, abakholwa ukuthi “Ngenza iqiniso. Ngabe angiyifezi imisebenzi yami? Ngabe angishiyanga umndeni nomsebenzi wami? Angenzi iqiniso ngokufeza imisebenzi yami?” Kodwa uNkulunkulu uthi: “Angivumi ukuthi wenza iqiniso.” Kuyini lokhu? Lokhu kuyindlela yokuziphatha. Uma ngikhuluma iqiniso, ungalahlwa ngecala ngenxa yakho; ngeke kunconywe, ngeke kukhunjulwe. Uma ngikhuluma iqiniso ngokwengeziwe, ekuhlaziyeni lokhu, wenza ububi, ukuziphatha kwakho kuphikisa uNkulunkulu. Ngaphandle, awunqamuli, awuphazamisi, awulimazi lutho, noma wenze ngokuphambene nanoma yiliphi iqiniso. Kubonakala sengathi okwenzayo kuyezwakala futhi kunomqondo, kodwa wenza ububi futhi umelana noNkulunkulu. Ngakho kufanele ubheke emthonjeni njengoba uNkulunkulu efunile, ukuze ubone ukuthi kunokuguquka esimweni sakho noma ukuthi ulenzile iqiniso. Akuqondene nokuhambisana nemicabango nemibono yomuntu, noma nalokho okuthandwa nguwe siqu. Kodwa, nguNkulunkulu oshoyo ukuthi izenzo zakho zineqiniso nokuthi ziyafika noma azifiki ezindinganisweni Zakhe. Ukuzilinganisa ngezimfuno zikaNkulunkulu yiyona kuphela indlela elungile. Inguquko esimweni nokwenza iqiniso akulula njengoba abantu becabanga. Niyaqonda manje? Ninakho okuhlangenwe nakho ngalokhu? Ningase ningakuqondi uma kubandakanya ingqikithi yezindaba. Niyobe ningene ngokungajulile ngokwedlulele. Nigijima lonke usuku, kusuka entathakusa kuze kuyohwalala, nisheshe nivuke nephuze ukulala, kodwa aniqondi ngokucacile ukuthi kuyini ukuguquka kwesimo noma siyini isimo sangempela. Akukhi phezulu lokhu? Kungakhathaleki ukuthi umdala noma umusha, ningase ningayizwa ingqikithi nokujula kwenguquko esimweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

519. Noma ngabe kuhle kanjani ukuziphatha komuntu, lokhu akufakazeli ukuthi balalela uNkulunkulu, noma ukuthi benza iqiniso. Izinguquko ekuziphatheni ziyinkohliso yesikhashana, ziwukubonakaliswa kwentshisekelo, futhi azichazi ukuphila. Ngakho uma ubona abantu, uma bephakathi kokushisekela, bengenzela indlu kaJehova izinto futhi baze bayeke izinto, bengazidumisi. Konke ongakwenza ukuqondisa laba bantu endleleni yeqiniso, maqondana nendlela yokuphila —angeke udambise umdlandla wabo. Abantu abanentshisekelo ngokuvamile bagcwala ugqozi futhi banezifiso; abaningi babo balangazelela indlela yeqiniso, futhi bangabantu abamiselwa ngaphambili futhi bakhethwa uNkulunkulu. Abantu abaningi abanentshisekelo bakholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; uma umuntu eyikholwa elisha futhi engenantshisekelo, lokhu kuyinkinga. Yilabo abanentshisekelo abaholeleka kalula endleleni elungile. Abantu bengaziphatha kahle, kodwa lokho akusho ukuthi baneqiniso. Intshisekelo yabantu ingabenza kuphela ukuba bathobele imfundiso futhi belandele isiqondiso; abantu abangenalo iqiniso abanayo indlela yokuxazulula izinkinga ezinzima, futhi isifundiso angake simele iqiniso. Labo asebeguqule izimo zabo bahlukile. Baneqiniso ngaphakathi, bahlola izindaba zonke, bayakwazi ukwenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, ukwenza ngokwezimiso zeqiniso, ukwenza ngokwenelisa uNkulunkulu, futhi bayayiqonda imvelo yenkohlakalo abayivezayo. Ngesikhathi imibono nemicabango yabo ivezwa, bayakwazi ukuzihlola nokulahla inyama. Yile ndlela okubonakala ngayo inguquko esimweni. Into ebalulekile kakhulu ngenguquko yesimo ukuthi banakho kokubili iqiniso nokucaciseleka, futhi uma benza izinto, benza iqiniso ngokucophelela futhi inkohlakalo yabo ayiveli ngokuvamile. Ngokuvamile, umuntu onesimo esiguquliwe uveza ingqondo nokuqonda, futhi ngenxa yokuqonda kwabo iqiniso, ukuzikhukhumeza nokuzidla akuveli kakhulu. Bayakwazi ukubona konke ngokucacile, ngakho ababi nokuzidla ngemva kokuthola lokhu kucaciseleka. Bayakwazi ukuba nokuqonda okulinganisiwe kokuthi iyiphi indawo yomuntu, uziphatha kanjani ngendlela, uzinikela kanjani, yini okumele uyisho nokumele ungayisho, okumele uyisho futhi uyenze kubaphi abantu. Yingakho kuthiwa lezi zinhlobo zabantu banengqondo. Labo abaguqula izimo zabo baphila umfanekiso womuntu ngeqiniso, futhi baneqiniso; abaphili phansi kwethonya labanye. Labo abaguqukile esimweni bangconywana, abashayi sengathi bayashisa noma bayabanda, nanoma ngabe bakusiphi isimo, bayakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela kanye nokwenza izinto ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abanezimo eziguquliwe abagxilile ekutheni bengenzani ukuzenza babukeke kahle ezingeni lokuzenzisa—banokucaciseleka okungaphakathi kokuthi bengenzani ukwanelisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, ngaphandle bengengebonakale benogqozi noma sengathi kukhona into enkulu kakhulu abayenzile, kodwa konke abakwenzayo kunomqondo, kubalulekile, futhi kunemiphumela ebonakalayo. Labo abanezimo zabo eziguquliwe banesiqiniseko sokuba neqiniso eliningi—lokhu kungafakazelwa indlela ababona ngayo izinto kanye nezimiso zabo ezenzweni zabo. Labo abangenalo iqiniso ngokuphelele abakaguquki esimweni. Lokhu akusho ukuthi umuntu okhulile ebuntwini bakhe uzovele abe noshintsho esimweni; kucishe kwenzeke kakhulu uma ushevu onobusathane ngaphakathi kwemvelo yomuntu ushintsha ngenxa yokwazi kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo iqiniso. Lokho kusho ukuthi, labo oshevu sebehlanziwe futhi iqiniso elishiwo uNkulunkulu liyagxila phakathi komuntu, liphenduka ukuphila kwakhe, futhi liphenduka isisekelo sokuphila kwakhe. Kungalesi sikhathi kuphela lapho aphenduka khona umuntu omusha, futhi nesimo sakhe sibe sesiyashintsha. Lokhu akusho ukuthi isimo sabo sangaphandle sesimnene kangcono kuna ngaphambili, bebevame ukuzikhukhumeza kodwa manje amazwi abo asenengqondo, ukuthi babe vame ukungalaleli muntu kodwa manje sebeyakwazi ukulalela abanye —lezi zinguquko zangaphamdle angeke kushiwo ukuthi izinguquko esimweni. Empeleni izinguquko esimweni zimbandakanya nazo lezi zimo, kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi ukuphila kwabo kwangaphakathi sekushintshile. Iqiniso elivezwa uNkulunkulu liphenduka libe ukuphila kwabo, abanye oshevu bobusathane ngaphakathi sebususiwe, indlela umuntu aqonda ngayo seyishintshiwe ngokuphelele, futhi ayikho into kuyona ehambisana kanye naleyo yasezweni. Uyabona ngokucacile izinhlelo kanye noshevu kadrako omdala obomvu; useyiqonda kahle ingqikithi yokuphila eyiqiniso. Ngakho imigomo yokuphila kwakho isishintshile—lolu ushintsho olubaluleke kakhulu kanye nengqikithi yoshintsho kwisimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

520. Ukuthola inguquko yesimo kudinga uthando lweqiniso nokukwazi ukwamukela iqiniso. Kuyini ukwamukela iqiniso? Kusho ukuthi akukhathaleki ukuthi unasiphi isimo sokonakala noma yibuphi ubuthi bukadrako omkhulu obomvu obuthelela imvelo yakho, uyabuvuma uma bembulwa yizwi likaNkulunkulu bese uthobela izwi likaNkulunkulu ngokukholwa okugcwele. Futhi, uyazazi ngokwezwi likaNkulunkulu. Yilokhu okushiwo ukwamukela izwi likaNkulunkulu. Noma ngabe uNkulunkulu uthini, noma ngabe kuhlaba kanjani enhliziyweni, noma ngabe usebenzisa maphi amagama, ungalemukela inqobo nje uma liyiqiniso, futhi ungalivuma inqobo nje uma lihambisana nempilo yangokoqobo. Ungalithobela izwi likaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi uliqonda ngokujule kangakanani, futhi uyakwemukela uphinde ukuthobele ukukhanyiselwa okuvela kuMoya oNgcwele okudluliselwa abazalwane. Lapho ukufuna iqiniso komuntu okunje sekufike eqophelweni elithile, angalithola iqiniso futhi athole inguquko yesimo sakhe. Umuntu ongalithandi iqiniso angaba nobuntu obuhle, kodwa akalinaki iqiniso futhi akalifuni ngobuqotho; angenza imisebenzi emihle, asebenzise imali ngenxa kaNkulunkulu, ayeke izinto ezithile ngenxa kaNkulunkulu, kodwa akakwazi ukuthola inguquko yesimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

523. Lapho abantu bethatha isinyathelo sokupheleliswa, isimo sabo esidala singashintshwa. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kwabo kuyakhula futhi kancane kancane bangena bajule eqinisweni. Bayakwazi ukuzonda izwe noma bazonde bonke abangalifuni iqiniso. Bazizonda bona ikakhulu, kodwa okukhulu nakakhulu, ukuthi bazazi ngokucacile. Bazimisele ukuphila ngeqiniso futhi bakwenza umgomo wabo ukufuna iqiniso. Abazimisele ukuphila ngemicabango yezingqondo zabo, futhi bayakuzonda ukuzibona komuntu elungile, nokuzidla kwakhe. Bakhuluma into ehluzekile ngokulunga, banokuqonda, nokuhlakanipha, futhi bathembekile futhi balalela uNkulunkulu. Lapho bedlula ezikhathini zokujeziswa nokwahlulelwa, abagcini nje ngokubonisa ubuthaka, kodwa bayabonga ngokusola nokwahlulela okuvela kuNkulunkulu. bakholwa ukuthi abakwazi kwenza lutho ngaphandle kokusola nesahlulelo sikaNkulunkulu; bangathola isivikelo Sakhe kukho. Abafuni ukholo lokuthula nenjabulo, futhi abasifuni isinkwa esizovala iphanga labo. Abayilandeli futhi injabulo yenyama. Lokhu yinto abaphelelisiwe abanayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

525. Umuntu uhlala ekukhanyeni kuphela uma azi uNkulunkulu futhi eneqiniso; futhi kulapho umbono wakhe ngezwe nombono wakhe ngempilo kuguquka lapho ngokuyisisekelo eguquka khona. Lapho enenhloso ngempilo futhi eziphatha ngokweqiniso; lapho ethobela uNkulunkulu ngokuphelele futhi ephila ngezwi likaNkulunkulu; lapho ezizwa eqinisekile futhi ekhanyisiwe ekujuleni komphefumulo wakhe; lapho inhliziyo yakhe ingenabo ubumnyama; nalapho ephila ngokukhululeka okuphelele futhi engabophekile ebukhoneni bukaNkulunkulu – kulapho kuphela ekwazi khona ukuphila impilo yomuntu futhi abe umuntu oneqiniso. Ngale kwalokho, onke amaqiniso onawo avela ezwini likaNkulunkulu nakuNkulunkulu uqobo. UMbusi wendawo yonke nazo zonke izinto – uNkulunkulu oPhakeme Kakhulu – uyakwamukela, njengomuntu wangempela ophila impilo yobuntu eyiqiniso. Yini engaba nomqondo ukwedlula le? Umuntu onjalo oneqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

526. Uma ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, umuntu engabi nandaba nezinto ezibalulekile eziphathelene nokuphila, engafuni ukungena eqinisweni, engalufuni ushintsho esimweni sakhe, ingasaphathwa eyokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, angeke apheleliswe. Uma ufisa ukupheleliswa, kumele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani lo msebenzi wenziwa kumuntu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa.

Ngokwalabo abazokwenziwa baphelele, lesi sigaba somsebenzi wokunqotshwa sibaluleke kakhulu; umuntu onqotshiwe kuphela oyothola ithuba lokupheleliswa. Ayikho into ebaluleke ngokwenza kuphela indima yokunqotshwa, engeke ikwenze ukwazi ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngeke ube nendlela yokudlala indima yakho ekusakazeni ivangeli, ngoba awukulweli ukuphila, futhi awuzifuni izinguquko nokwenziwa musha, ngakho uzobe ungayazi kahle impilo. Phakathi nala magxathu omsebenzi, wake wenza njengesikhonzi, kodwa uma ekugcineni ungakufuni ukulwela ukuba njengoPetru, okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa; ukwahlulela nokusola Kwakhe okungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma bezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile baziphunyula ethonyeni likaSathane futhi bazuzwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

527. Abantu engibafunayo abafana noPetru, okungabantu abafuna ukupheleliswa. Iqiniso namuhla linikwa labo abalilangazelelayo futhi abalifunayo. Le nsindiso inikwa labo abalangazelela ukusindiswa uNkulunkulu futhi ayenzelwanga ukuba izuzwe nguwe kuphela kodwa kuqondwe nokuthi nawe uzuzwe nguNkulunkulu. Uzuza uNkulunkulu ukuze Naye uNkulunkulu akuzuze. Namuhla ngikhulume la mazwi kuwe, futhi uwazwile nokuthi kufanele uphile ngala mazwi. Ekugcineni lapho usebenzisa la mazwi kuzoba yilapho sengikuzuzile ngawo; futhi ngesikhathi esifanayo nawe uyobe uwazuzile la mazwi, okusho ukuthi uyobe uyitholile le nsindiso yaphezulu. Lapho nje usuhlanziwe, uyoba usungumuntu wangempela. Uma wehlulwa ukuphila ngeqiniso noma wehlulwa ukuphila njengomuntu owenziwe waphelela, ngalokho kungashiwo ukuthi awuyena umuntu, uyisidumbu esihambayo, isilwane ngenxa yokuthi awuphili ngeqiniso, okusho ukuthi awunawo umoya kaJehova nokuthi ungumuntu ofile ongenawo umoya! Nakuba kuyinto engenzeka ukuba ufakaze ngemva kokunqontshwa, okutholayo ukusindiswa okuncane futhi awukakabi isidalwa esiphilayo esinomoya. Nakuba udlule ekusolweni nasekwahlulelweni, isimo sakho asishintshwanga noma senziwe kabusha ngenxa yalokho; useyilokhu owawuyikho kuqala, usengokaSathane nokuthi awukabi umuntu ohlanziwe. Yilabo abenziwe baphelela kuphela abayigugu, futhi abantu abanjalo abazuze ukuphila kwangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

528. Endleleni yenu yesikhathi esizayo yokusebenza, ungayenelisa kanjani intando kaNkulunkulu? Iphuzu elibalulekile ukuqhubeka ufune ukungena ekuphileni, ulandele uguquko lwesimo, futhi ufune ukungena ngokujuliule eqinisweni—le yiyona ndlela yokuzuza ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu. Nonke nizothola umsebenzi kuNkulunkulu, yini pho leyo? Lokhu kuhambelana nesinyathelo esilandelayo somsebenzi, okuzoba umsebenzi omkhulu ozokwenziwa emhlabeni wonke jikelele. Ngakho manje nimele nilandele uguquko esimweni senu sokuphila ukuze esikhathini esizayo nibe ubufakazi bukaNkulunkulu ethola inkazimulo ngomsebenzi Wakhe, futhi nenziwe izifanekiso zomsebenzi Wakhe wangomuso. Ukufuna kwanamhlanje kwakha isisekelo somsebenzi wesikhathi esizayo; ukuze wena usetshenziswe uNkulunkulu ukuze ube ufakazi Wakhe. Uma lokhu kuyilokho okuhlosile, uzokwazi ukuzuza uMoya oNgcwele. Uma liphakeme izinga lokufuna kwakho, nezinga lokupheleliswa kwakho lizonyuka. Uma uqhubeka ngokufuna iqiniso, ilapho uMoya oNgcwele uzosebenza kakhulu. Uma umdlandla wokufuna wenyuka, ilapho uzozuza lukhulu. UMoya oNgcwele uphelelisa abantu ngokungaphakathi kubo. Abanye abantu bathi abafuni ukusetshenziswa uNkulunkulu noma ukupheleliswa Nguye, bathi kuzolunga inqobo nje uma inyama yabo ihlala iphephile futhi iphelele futhi bengavelelwa yishwa. Abanye abantu abazimisele ukungena embusweni, kodwa bazimisele ukwehlela emgodini ongenamkhawulo. Kulokho, uNkulunkulu uzokugcwalisela leso sifiso. Noma yikuphi okufunayo, uNkulunkulu uzokufezela khona. Ikuphi okufunayo? Ingabe ufuna ukupheleliswa? Ingabe izenzo zakho nokuziphatha ukwenzela ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuze utholwe Nguye? Kumele uhlale uzilinganisa ngale ndlela nsukuzonke. Uma inhliziyo yakho uyigxilisa ekufuneni inhloso eyodwa, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphelelisa. Lena yindlela kaMoya oNgcwele. Indlela eholwa uMoya oNgcwele itholakala ngokufuna kwabantu. Uma niqhubeka nokulangazelela ukupheleliswa nokutholwa uNkulunkulu, ilapho-ke uMoya oNgcwele uzosebenza ngaphakthi kwenu khona. Uma uqhubeka nokungafuni, nokubuka izinto kabi nokuhambela kude, noMoya oNgcwele uphelelwa amathuba okusebenza. UMoya oNgcwele uyogcina esenishiyile. Ingabe nizimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukutholwa uNkulunkulu? Ingabe nizimisele ukusetshenziswa uNkulunkulu? Kumele niqhubeke nokwenza konke okusemandleni ukuze nipheleliswe, nitholwe, futhi nisetshenziswe uNkulunkulu, nivumela konke okusemhlabeni ukubona izenzo zikaNkulunkulu kinina. Kuzo zonke izinto, yinina abalawuli bazo, futhi phakathi kwakho konke lokho okukhona, nizovumela uNkulunkulu athokozele ubufakazi nenkazimulo ngenxa yenu—lokhu kukhombisa ukuthi niyisizukulwane esibusisiwe kunazo zonke!

Kucashunwe embhalweni othi “Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: M. Ngendlela Yokulahla Ithonya LikaSathane Nokuzuza Insindiso

Okulandelayo: XI. Amazwi Ngokwazi UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp