33. Ukubusiswa Ngenxa Yokugula—I-Eseyi emayelana noThando lukaNkulunkulu

UDujuan eJapan

Ngazalelwa emndenini ompofu emzini wasemakhaya. Kusukela ngiseyingane, ngangiphila impilo enzima futhi ngangibukelwa phansi abanye abantu. Ngesinye isikhathi ngangingazi nokuthi ngangizoba naso yini isidlo esilandelayo, angisayiphathi-ke indaba yezidlo zokubamba umoya kanye namathoyizi. Ngenxa yokuthi umndeni wami wawumpofu, ngesikhathi ngangimncane, ngangigqoka amasekeni kadadewethu omdala. Izingubo zakhe zazijwayele ukuba nkulu kakhulu kimina. Umphumela walokho kwakuwukuthi, uma ngiya esikoleni, ezinye izingane zazingihleka futhi zingadlali nami. Sasimuncu kakhulu isikhathi sami sobungane. Kusukela ngaleso sikhathi, ngangizitshela ngasese ukuthi: Uma sengikhulile, ngizoba wutho futhi ngizokwenza imali eningi. Angeke ngibavumele abanye ukuthi baphinde bangibukele phansi futhi. Ngenxa yokuthi umndeni wami wawungenamali, ngaphoqeleka ukuthi ngiyeke isikole ngaphambi kokuba se-junior high school. Ngaya edolobheni lesifundazwe ngayosebenza embonini eyenza imithi. Ukuze ngihole imali eningi, isikhathi esiningi ngangisebenza kuze kube yihora lesi-9 noma le-10 ebusuku. Noma kunjalo, imali engangiyihola yayinganele ukuthi ngizuze lokho engangikuphokophele. Ngemva kwalokho, lapho ngizwa ukuthi udadewethu wayekwazi ukuthola ngezinsuku ezinhlanu lokho engangikuhola ngenyanga ngokuthengisa imifino, ngayeka umsebenzi wami embonini yokwenza imithi ngase ngiyodayisa imifino. Ngemva kwesikhathi esithile, ngathola ukuthi ngangikwazi ukwenza imali eningi ngokudayisa izithelo, ngakho-ke ngaqala ibhizinisi lokudayisa izithelo. Ngemva kokuba sengishade nomyeni wami, saqala ibhizinisi lerestorenti. Ngangicabanga ukuthi njengoba ngase nginerestorenti, ngangizokwazi ukuthola enye imali eningi. Uma nje sengithola umholo oyimali ebhekile, kwakuzozenzekela ukuthi, ngangizokwaziswa futhi nginakwe abanye abantu. Abanye abantu base bezoqala ukubukela kimina futhi ngesikhathi esifanayo, ngizokwazi nokuphila impilo engcono. Kunalokho, ngemva kokuqhuba ibhizinisi isikhathi esithile, ngathola ukuthi empeleni ngangingenzi imali eningi. Ngaqala ukukhathazeka. Ngangizokwazi nini ukuphila impilo ezofiswa abanye?

Ngo-2008, ngenhlanhla ngezwa umngani ethi ukusebenza usuku olulodwa eJapan kulingana nokusebenza izinsuku eziyishumi eChina. Ngesikhathi ngizwa lezi zindaba, ngajabula kakhulu. Ngabona ukuthi ekugcineni, ngase ngithole ithuba elihle kakhulu lokuthola imali. Ngacabanga ukuthi ngingazibambela umhlomulo omkhulu ngokunikela ngomncane. Engangikudinga nje kuphela ukuthi ngiyosebenza eJapan bese ngikwazi ukubuyisela zonke izindleko zami. Ukuze sikwazi ukufeza amaphupho ethu, umyeni wami kanye nami sasinganendaba ukuthi kwakumele siyikhokhele malini i-agent. Sanquma ukuya eJapan ngaleso sikhathi. Ngemva kokuba sesifikile eJapan, sakwazi ukuthola umsebenzi ngokukhulu ukushesha. Usuku ngalunye, umyeni wami kanye nami sasisebenza amahora ayi-13 noma ayi-14. Yayinkulu kakhulu ingcindezi yomsebenzi. Ngangihlala ngikhathele kakhulu usuku lonke. Ngemva komsebenzi, into kuphela engangifuna ukuyenza kwakuwukulala kanye nokuphumula. Ngangingafuni nokudla imbala. Ngakuthola kunzima ukumelana nale ndlela yokuphila esheshayo. Kodwa-ke, uma nje ngicabanga ngemali engizoba nayo ngemva kokudonsa kanzima iminyaka embalwa, ngangizikhuthaza ngokuthi: Noma ngabe kunzima futhi kukhathaza njengamanje, ekuhambeni kwesikhathi, impilo yami izoba mnandi. Kumele ngiqhubeke. Umphumela walokho waba ukuthi, usuku ngalunye ngangisebenza ngokukhulu ukuzikhandla sengathi ngingumshini okhiqiza imali. Ngo-2015, ngaquleka ngenxa yomsebenzi onzima. Ngaya esibhedlela ukuze ngiyoxilongwa kanti-ke udokotela wabe esengitshela ukuthi ngine-herniated disc nokuthi icindezele izinzwa. Uma ngiqhubeka ngendlela engangisebenza ngayo, ngangizogcina sengilele embhedeni futhi ngingasakwazi ukuzinakekela. Lezi zindaba zangishaya ingozi engeqiwa ntwala. Ngaphelelwa amandla kakhulu ngaleso sikhathi. Impilo yami yayisiqala ukuba ngcono, futhi ngasengiya ngokusondela ephusheni lami. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngangizogula. Angivumanga ukulahlekelwa yithemba. Ngacabanga ukuthi: “Ngisemncane. Ngangidinga nje ukuqina isibindi bese ngidlula kulokhu. Uma ngingatholi imali eningi njengamanje, ngesikhathi sengiya ekhaya, ngizobe ngingenayo imali eningi. Ngabe lokho kwakungeve yini kuzongenza ngiphoxeke nakakhulu?” Ngithe uma ngifikelwa yilokho, ngiqina isibindi ngahudula umzimba wami obuthakathaka ngabuyela emsebenzini. Kodwa, emva kwezinsuku ezimbalwa, ngagula kangoba ngangingakwazi nokuvuka.

Ngazizwa ngiphatheke kabi ngesikhathi ngilele embhedeni esibhedlela ngingenamuntu ozonginakekela. “Ngangifike kanjani kulesi simo? Ngabe kwakungenzeka yini ukuthi empeleni ngangingezokwazi ukuvuka embhedeni?” Ngangifisa ngempela ukuthi kube khona umuntu oseduze kwami. Ngeshwa, umyeni wami wayesemsebenzini kanti indodana yami yayisesikoleni. Umphathi wami kanye nozakwethu babegxile kuphela ekwenzeni inzuzo. Empeleni babengenandaba nami. Leli wadi laligcwele zonke izinhlobo zabantu abagulayo. Kwadingeka ukuthi ngicabange ngijule: Ngabe iyini inhloso yokuphila kwabantu? Ngabe umuntu wayengayiphila kanjani impilo enenjongo ethile? Ngabe imali iyakwazi ngempela ukuthenga injabulo? Ngacabanga nangalokho engase nginakho ngemva kweminyaka engama-30 yokudonsa kanzima. Ngangisebenze embonini yokwakha imithi, ngathengisa izithelo, ngaba nerestorenti ngase ngizosebenza eJapan. Noma ngayithola imali ethile kuyo yonke le minyaka, kodwa, ngabhekana nokukhathazeka okukhulu. Ngangicabange ukuthi uma sengifike eJapan, ngangizokwazi ukufeza amaphupho ami ngokukhulu ukushesha. Ngemva kweminyaka embalwa eJapan, uma sengibuyela eChina, ngangizokwazi ukuqala impilo entsha njengomuntu ocebile futhi abanye abantu babezofisa ukuba yimina. Kepha, manje ngase ngingasavuki embhedeni futhi sekungenzeka nokuthi ngingasakwazi nokuzinakekela nokuthi ngangizogcina ngichitha isigamu sesibili sempilo yami kabuhlungu enqoleni enamasondo.... Ngithe uma ngicabanga lokhu, ngaqala ngazisola ngokuthi ngangifake impilo yami engozini ukuze ngithole imali eningi ngiqhubekele phambili empilweni. Ngesikhathi ngicabanga kakhulu ngalokhu, izinyembezi zobuhlungu zageleza ebusweni bami. Ngisebuhlungwini, yayingekho into engangingayenza ngaphandle kokumemeza ngithi: Nkulunkulu! Ngisindise! Kungani impilo inonya kangaka?

Ngesikhathi lapho ngisezinhlungwini futhi ngingakwazi ukuzisiza, kwaba yilapho insindiso kaNkulunkulu uSomandla onke yafika kimi “ukugula kwami” kwase kuba “yisibusiso.” Kwaziqondanela ukuthi ngazi odade abathathu baseBandleni likaNkulunkulu uSomandla. Njengoba base bekhulume nami, ngaqonda ukuthi kwakuvelaphi ukugula kwami futhi ngangazi ukuthi ukuhlupheka kwami kwakuqhamukaphi. Njengomuntu owayengakaze abe nakukholwa phambilini, manje ngase ngiwumuntu owayenempilo eqondile futhi ngangazi ukuthi kumele ngiphilele bani. Odade bangisholo ngekhanda indima yamazwi kaNkulunkulu uSomandla onke: “Ngabe babuqhamuka kuphi ubuhlungu bokuzala, ukushona, ukugula, kanye nobeminyaka yokuguga obukhona empilweni yomuntu buqhamuka kuphi? Ngenxa abantu abaqala ukuba nalezi zinto? Ngabe umuntu wayenazo lezi zinto ngesikhathi eqala ukudalwa? Babengenazo, ngabe babenazo? Pho-ke ngabe zaqhamuka kuphi lezi zinto? Lezi zinto zaqhamuka ngemva kokulingwa uSathane, inyama yomuntu yase iphupha. Ubuhlungu benyama, izinkinga zenyama engenalutho kanye nokona ngokwedlulele kwezwe kwaqhamuka ekuhlushweni kwabantu uSathane ngemva kokubonakalisa. Umuntu waya ngokuphupha, ukugula komuntu kwaya ngokujula, ukuhlupheka kwabo kwaya ngokuba mandla, futhi umuntu waya ngokuzizwa kukhona okuthile okungagcwali kuye, inhlekelele kanye nokungakwazi ukuqhubeka nokuphila komhlaba. Umuntu wazizwa liya ngokuphela ithemba lomhlaba, futhi lezi yizinto ezenzeka ngemva kokuba uSathane esonakalise umuntu(“Incazelo Yokuzwa kukaNkulunkulu Ubuhlungu Bomhlaba” kumarekhodi Ezingxoxo zikaKristu). Omunye wodade wangitshela ukuthi ngesikhathi umuntu edalwa ekuqaleni, umuntu wayengenabo ubuhlungu bokuzala, ukushona, ukugula kanye nokuguga ngenxa yokuba mdala futhi wayengenayo ingcindezi kanye nokukhathazeka. Kunalokho, wayeziphilela impilo emnandi Ensimini yase-Edeni, ethokozela zonke izinto ezinhle uNkulunkulu ayezinike umuntu. Nokho, abantu bakhaphela unkulunkulu futhi babengasamlaleli uNkulunkulu kusukela ngesikhathi behehwa futhi bonakaliswa uSathane. UNkulunkulu wayeka ukuqapha, ukuvikela kanye nokubusisa umuntu wase ephila ngaphansi kokulawulwa uSathane. Waphila ngokuhambisana nemithetho kaSathane. Waqala ukuphilela udumo, ukwaziwa, imali. Ngakho-ke thina bantu saqala ukwakhelana uzungu. Salwa omunye nomunye ngamandla. Sakhohlisana omunye nomunye, futhi saze sabulalana omunye nomunye. Yilapho-ke okwaqhamuka khona ukugula kwethu, ubunzima ezimpilweni zethu, ubuhlungu kanye nosizi ezinhliziyweni zethu. Ubuhlungu kanye nokukhathazeka kwabangela ukuthi wonke umuntu ezwe impilo yasemhlabeni iyimbi kakhulu, ikhathaza futhi inzima. Zonke lezi zinto zavela ngemva kokuba uSathane esonakalise umuntu. USathane osilimazayo. Ngemva kokuba sengilalele lokho udade ayekusho, ngaba nokuqonda ukuthi: Ekuqaleni, sasiphila ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu. Izimpilo zethu zazinenjabulo futhi kwakungekho ukugula noma ukukhathazeka. Ngemva kokuba uSathane esesonakalisile, salahlekelwa ukuvikelwa uNkulunkulu futhi saqala ukugula sase sibhekana nazo zonke izinhlobo zokuhlupheka. Kulesi sigaba, ngakubona ngeqiniso ukuthi uSathane wayenyanyeka kakhulu. Ngaqonda futhi nokuthi ubuhlungu ebengilokhu ngibuzwa yonke le minyaka umphumela wako wawusuka kuSathane.

Udade waqhubeka nokuxoxisana nami: “UNkulunkulu akakwazi ukumelana nokubuka abantu beqhubeka nokonakaliswa kanye nokulinyazwa uSathane. Waphinde waba sesimweni somuntu futhi, waphila phakathi kwabantu futhi ezobonakalisa iqiniso ukuze asisindise ekonakaleni kwethu. Inqobo nje uma silalela uNkulunkulu futhi siqonda iqiniso elisezwini likaNkulunkulu, sizokwazi ukuhlukanisa kanye nokubona ngokucacile wonke amasu kanye nezindlela uSathane onakalisa ngazo umuntu. Sizokwazi ukubona ukukhohlakala koqobo lukaSathane futhi sibe namandla okulahla uSathane, silahle ukulinyazwa uSathane, sibuyele phambi kukaNkulunkulu, sithole ukusindiswa uNkulunkulu bese ekugcineni, silethwe uNkulunkulu esiphethweni esihle.” Lapho ngizwa ukuthi uNkulunkulu wayeze mathupha ukuzosindisa abantu, ngaba nomunyu kakhulu. Njengoba ngangingasafuni ukuthi uSathane aqhubeke nokungilimaza, ngatshela odadewethu mayelana nobuhlungu kanye nokungabaza kwami: “Angiqondi. Kungani ngizwa ubuhlungu obungaka ekufuneni ukuba ngcono kunawo wonke umuntu? Kungenzeka yini ukuthi nalokhu kubangelwe uSathane?” Odade bangifundela amanye amazwi kaNkulunkulu: “Konke umuntu omkhulu noma odumile akulandelayo empilweni—bonke abantu, eqinisweni—kuhlobene nala magama kuphela: ‘udumo’ kanye ‘nenzuzo.’ Abantu bacabanga ukuthi uma sebenodumo nenzuzo, bangasebenzisa lezi zinto ukuze bathole izikhundla eziphakeme nengcebo enkulu, futhi bathokozele impilo. Bacabanga ukuthi udumo nenzuzo kuwuhlobo lwemali abangayisebenzisa ukuze bathole impilo yokufuna intokozo nokujabulisa inyama okungenakuzithiba. Ukuze bathole udumo nenzuzo abayifisayo, abantu bayavuma, nakuba bengazi, ukuthatha imizimba yabo, imiqondo, konke abanakho, ikusasa labo kanye neziphetho zabo bakunike uSathane. Bakwenza lokhu ngaphandle ngisho kokuzindela okuncane, bengenalo nhlobo ulwazi mayelana nesidingo sokubuyiselwa konke abakunika uSathane. Ingabe abantu basengakwazi ukuzilawula uma becasha kuSathane futhi baze bathembeke kuye ngale ndlela? Abasoze. Sebelawulwa nguSathane ngokuphelele. Sebecwile ngokuphelele obhukwini futhi abakwazi ukuzikhipha…. Ngakho, uSathane usebenzisa udumo nenzuzo ukulawula imicabango yomuntu kuze kuthi konke angakucabanga kube wudumo nenzuzo. Umuntu ulwela udumo nenzuzo, wehlelwa ubunzima ngenxa yodumo nenzuzo, ubekezelela ukululazeka ngenxa yodumo nenzuzo, unikela konke anakho ngenxa yodumo nenzuzo, futhi angenza noma kuphi ukwahlulela noma isinqumo ngenxa yodumo nenzuzo. Ngale ndlela, uSathane ubopha abantu ngamaketanga angabonakali, futhi abanawo amandla noma isibindi sokuwalahla. Ngokungazi, bathwala la maketanga bese bedavuza beya phambili ngobunzima obukhulu(“UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ukuvela kwezwi likaNkulunkulu kungenze ukuthi ngibe nenhlansana yokuqonda. Bengiyisibonelo esiqavile somuntu obenziwe isigqila nguSathane, umuntu obezishabalalisa ngokufuna udumo kanye nenzuzo. Ngalahlekelwa uqobo lwami ekuphokopheleni ukuba ngcono kunabanye kanye nokuthola imali eningi ukuze abanye bafise ukuba yimi. Empeleni ngase ngiphenduke umshini owenza imali. Ngenxa yodumo kanye nengcebo ngase nginikele ngempilo yami uqobo. Impela ngangiyisigqila sodumo kanye nenzuzo. Lokhu kubangelwa indlela impilo ebukeka ngayo ngokuphathelene nokuthola imali eningi kanye nokuba abanye bafise ukuba nguwe, ngakuthola kunzima ukuzuza lokho engangikuphokophele kwaze kwaba sekutheni umzimba wami uthi kwanele. Lokhu kufisa udumo kanye nenzuzo kungibangele ubuhlungu obukhulu emzimbeni kanye nasemoyeni. Ukube bekungekona ukwembulelwa ngamazwi kaNkulunkulu uSomandla, bengingeke ngazi ukuthi izinto ebengizifuna bezingafanele. Empeleni, bekungenye yendlela kaSathane yokulimaza umuntu.

Kancane kancane, njengoba labo dade babevamise ukungivakashela bese bexoxa nami ngamazwi kaNkulunkulu uSomandla, ngaya ngokuwuvuma umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla. Ngesikhathi esifanayo, ngaba ngcono ekuhlukaniseni izindlela uSathane alimaza ngazo umuntu. Ngalesi sikhathi, ngaqaphela isimo somunye wozakwethu besifazane. Ukuze bathole imali, yena kanye nomyeni wakhe beza eJapan ukuze bazosebenza. Noma-ke bobabili babethole imali, umyeni wakhe waqala ukuba nobunzima emzimbeni. Kwakungekho ayengakwenza kwakumele abuyele ekhaya ukuze elashwe. Umphumela walokho waba ukuthi wayetholakele ukuthi unomdlavuza wesigaba sokugcina. Ngemva kokuthi sebetholile ngalokhu, babengasafuni ukubuyela eJapan bazothola imali. Umndeni wonke wawuphila ngokwesaba kanye nokudabuka. UNkulunkulu uSomandla wathi: “Abantu bachitha ukuphila kwabo bejaha imali nodumo; babambelela kulezi zinto, becabanga ukuthi ziwukuphela kwendlela yokuziphilisa, njengokungathi uma benazo bazoqhubeka bephila, ziyobasindisa ekufeni. Kodwa kulapho sebezoshona khona kuphela lapho babona khona ukuthi lezi zinto ziqhelelene kangakanani nabo, babuthaka kangakanani ekufeni, batatazela kalula kangakanani, banomzwangedwa futhi badinga usizo kangakanani, bengenandawo abangaphendukela kuyo. Baqaphela ukuthi ukuphila ngeke kuthengwe ngemali noma ngodumo, ukuthi akunandaba ukuthi umuntu ucebe kangakanani, akunandaba ukuthi waziwa kangakanani noma ukuthi unasiphi isikhundla, bonke abantu bayahlupheka futhi abalutho ekufeni. Bayabona ukuthi imali ngeke ikuthenge ukuphila, ukuthi udumo ngeke lucime ukufa, ukuthi akukho lutho phakathi kwemali nodumo okungelula isikhathi sokuphila, ngisho ngomzuzwana nje(“UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ishwa elehlela uzakwethu langenza ukuthi ngibone nakakhulu ukuthi impilo iyigugu ngempela. Ngesikhathi esifanayo bengibona indlela uSathane abesebenzisa ngayo “udumo” kanye “nenzuzo” ukulimaza izimpilo zabantu abaningi. Ngalesi sikhathi, ngazizwa nginenhlanhla ngendlela eyisimangaliso ngokuthi ngangikwazi ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina. Uma ngangingafundi izwi likaNkulunkulu uSomandla, ngabe angizange ngikwazi ukubona iqiniso lokuthi uSathane umlimaza kanjani umuntu. Kungekudala, ngabe ngagwinywa uSathane ngiphila.

Ngemva kwalokho, odade basenkonzweni babevamise ukuzongibona ekhaya lami. ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukunyakazisa izinqulu zami, labo dade babesiza ukungihlikihla kanye nokwenza i-cupping kimi. Omunye wodade owayeqeqeshwe kwezokwelapha wangitshela ukuthi uma ngithinta indawo ethile ye-acupuncture, izodambisa isimo sami. Babesiza futhi ngokungisiza ngemisebenzi yami yasekhaya. Babenginakekela sengathi bangamalungu omndeni wami. Njengomuntu owayeyisihambi kwelinye izwe, ngangingenamngani ezweni. Namhlanje ngizizwe ngithinteke ngempela ngokuthi labo dade banginakekele ukudlula indlela obekungenza ngayo izihlobo zami. Ngababonga ngokuphindelela. Kodwa-ke, odade bangitshela ukuthi, “Eminyakeni eyinkulungwane eyedlule, uNkulunkulu wabamisa phambilini futhi wabakhetha. Manje, usesihlelele ukuthi sizalwe ezinsukwini zokugcina nokuthi semukele umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Ndawonye, sizoyihamba le ndlela. Lona umthetho kaNkulunkulu. Empeleni besesivele singumndeni kusukela kudala. Ukuthi nje sahlukana futhi kuze kwaba yimanje njengoba sesitholene futhi.” Lapho odadewethu besho lokhu kimina, ngangingasakwazi ukulawula imizwa yami ngase ngibagona izinyembezi zehla ebusweni bami. Ngalesi sikhathi, ngazizwa nginokusondelana nodadewethu ngendlela engangingakwazi ukuyichaza. Inhliziyo yami yayimbonga kakhulu uNkulunkulu uSomandla.

Ninganakile, ngangiya ngokuba ngcono. Ngemva kokuzwa ubuhlungu kanye neminjunju yalokhu kugula, ngangibuka indlela engangingaphansi kokulawulwa ngayo ngenxa yendlela engeyiyo uSathane abeka ngayo impilo “ngizama ukuba ngcono kunawo wonke umuntu.” Sonke lesikhathi, bengifuna ukugqama kozakwethu nokuphila impilo yenala ukuze abanye abantu bangihalele nokuthi bafise ukuba yimi. Nokho, angizange ngicabange ukuthi kunalokho engizokuthola kwakuwubuhlungu kanye nokudangala. Angizange ngithole nakancane ukuthula kanye nenjabulo. Sengiluzwile lolu hlobo lobuhlungu futhi angisafuni ukulwisana nalokho engidalelwe khona futhi angisazimisele ukufuna udumo kanye nenzuzo. Le akuyona impilo engiyifunayo. Angisewona umshini owenza imali osebenza ngesivinini esikhulu. Kunalokho, ngiphila impilo ejwayelekile zonke izinsuku. Ngaphandle kokuya emsebenzini, ngivamise ukuya emihlanganweni, ngifunda izwi likaNkulunkulu futhi ngabelana nalokho okwenzeka empilweni yami kanye nokuqonda kwami nobafowethu kanye nodadewethu. Ngifunda futhi nokucula amahubo ezwi likaNkulunkulu futhi ngihlala ngokuthokoza. Sengithole uhlobo lokuqiniseka kanye nokuthula engingakaze ngikuzwe phambilini enhliziyweni yami. Ngelinye ilanga ngafunda lesi sigaba esilandelayo samazwi kaNkulunkulu: “Lapho umuntu engenaye uNkulunkulu, lapho engakwazi ukumbona, lapho engabuboni ngokucacile ubukhosi bukaNkulunkulu, zonke izinsuku azisho lutho, azizuzisi futhi zibanga usizi. Kungakhathaleki ukuthi umuntu unjani, usebenzaphi, uphila kanjani, noma imigomo yakhe imenza aphukelwe inhliziyo futhi ahlupheke, lowo muntu ngeke akwazi ukubheka emuva. Kulapho kuphela emukela khona ubukhosi boMdali, lapho emukela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, futhi efuna ukuphila kwangempela komuntu, lapho eyokhululeka khona kancane kancane ekuhluphekeni nasezinkathazweni zokuphila(“UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Kusukela emazwini kaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi incazelo yokuba khona komuntu kungukuphila ngamazwi kaNkulunkulu kanye nokuphila ngokuhambisana namazwi kaNkulunkulu kanye nokuthobela umthetho kanye nokuhlelwe uMdali. Lokhu kuyimpilo yomuntu eyiqiniso. Izinto umuntu angakwazi ukuzithola empilweni yakhe azincikile ekubeni kwakhe matasatasa kanye nasekusebenzeni kwakhe ngokukhwishiza. Kunalokho, kusekelwe emthethweni kaNkulunkulu kanye nasekugcotshweni uNkulunkulu phambilini. Ngesikhathi esifanayo, ngiyaqonda futhi ukuthi akunandaba ukuthi umuntu uthole umnotho ongakanani ngoba konke kuyizinto esinazo zasemhlabeni. Awuzanga nakho ngesikhathi uzalwa futhi awukwazi ukuhamba nakho ngemva kokushona. Ngemva kokuba sengibe nalokhu kuqonda, ngase ngizimisele ukuthobela umthetho kanye nokuhlela kukaNkulunkulu. Ngaba nengxenye yesibili yempilo yami engiyibeke kuNkulunkulu. Ngangingasafuni ukuba umuntu owayefuna ukuthi abanye bafise ukuba nguye. Kunalokho, ngafuna ukuba umuntu olalela uNkulunkulu. Manje, sengisebenza amahora amathathu ukuya kwamane ngosuku. Umphathi wami ungowokudabuka eJapan. Noma singakwazi ukuxhumana ngamazwi, umphathi wami uyanginakekela. Njalo uma engicela ukuthi ngenze okuthile, usebenzisa amagama alula ukuze adlulisele umyalezo wakhe kimi. Akangenzeli ingcindezi. Ngikuzwa nakakhulu manje ukuthi, inqobo nje uma umuntu elalela uNkulunkulu, uzokwazi ukuphila impilo enokuthula futhi enentokozo.

Njalo uma ngingedwa, ngivamise ukucabanga ngendlela yokuza kwami phambi kukaNkulunkulu. Ukube kwakungekona ukugula kwami okwangiyekisa ukufuna udumo kanye nenzuzo, ngabe ngisewumshini owenza imali ezweni. Ngabe angikuboni lokhu ize incithakalo kaSathane ingibulale. USathane wangilimaza ngokusebenzisa udumo, inzuzo kanye nesifo. Okuphambene nalokho ukuthi, uNkulunkulu uSomandla usebenzise ukugula kwami ukuze angilethe phambi Kwakhe. Ngamazwi aKhe, ngabona ngokucacile ukuthi nguSathane owonakalisa umuntu. Futhi ngabona ngokucacile ukuthi kwakukubi futhi kwenyanyeka kanjani ukuthi uSathane asebenzisele udumo kanye nenzuzo ukugwinya abantu. Ekugcineni ngase ngisesimweni sokulahla amaketanga odumo kanye nenzuzo futhi ngiqale ukubuka impilo ngendlela efanele. Umoya wami wawukhululiwe. UNkulunkulu ungusomandla futhi ukhaliphile! Ngiyabonga ukuthi uNkulunkulu ungithandile futhi wangisindisa. Udumo lonke malube kuNkulunkulu uSomandla!

Okwedlule: 32. Ukwahlukana Ngokuphelele Nempilo Yakudala

Okulandelayo: 34. Ukube Angisindiswanga NguNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

2. Indlela Eya Ekuhlanzweni

UChristopher, EPhilippinesIgama lami nginguChristopher futhi ngingumfundisi webandla lomndeni ePhilippines. Ngo-1987, ngabhapathizwa futhi...

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp