E. Ngendlela Yokuba Umuntu Owethembekele

384. Kumele nazi ukuthi uNkulunkulu uthanda umuntu owethembekile. UNkulunkulu unobunjalo bokwethembeka, ngakho-ke izwi Lakhe lingathenjwa njalo. Ngaphezu kwalokho, izenzo Zakhe azinaphutha futhi azingabazeki. Yingakho uNkulunkulu ethanda labo abethembeke ngeqiniso kuYena. Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu. Lokhu engikushoyo kulula, kodwa kuzokuba nzima ngokuphindiwe kini. Iningi likhetha ukuba liyolahlwa esihogweni kunokukhuluma futhi lenze ukwethembeka. Akumangalisi ukuthi nginenye impatho ebekekwe labo abangathembekile. Impela, ngiyabuqonda ubunzima obukhulu enibhekana nabo ekuzameni ukuba ngabantu abethembekile. Nonke nihlakaniphile kabi futhi niyizingcweti kwezokwehlulela umuntu olungile ngokwesilinganiso senu esinomona; njengoba kunje umsebenzi Wami uba lula kakhulu. Futhi njengalokhu nisingatha izimfihlo zenu ezinhliziyweni zenu, kulungile-ke, ngizothumela omunye nomunye wenu enhlekeleleni ukuba “niyofundiswa” ngomlilo, ukuze emva kwalokho nizokuba nokuzibophezela ekukholweni emazwini Ami. Okokugcina, ngizokhipha kanzima amazwi emilonyeni yenu athi “uNkulunkulu unguNkulunkulu wokwethembeka,” emva kwalokho niyozishaya isifuba futhi nibalise, “Ingumkhohlisi inhliziyo yomuntu!” Ingabe siyobe sesiyini isimo sengqondo yakho kuleli qophelo? Ngiyacabanga nje aninakuqhubeka nokuziphatha ngokuzazisa njengoba nenza njengamanje. Ngingasakuphathi ukuthi “nibe ngabajulile kakhulu ukuba bangaqondisiseka” njengoba ninjalo njengamanje. Abanye baziphatha ngendlela ehloniphekile nefanele futhi babonakala ikakhulukazi nje “baziphatha ngenhlonipho” ebukhoneni bukaNkulunkulu kodwa babe ngabadelelayo futhi abangalawuleki ebukhoneni bukaMoya. Ningambala yini phakathi kwabathembekile umuntu onjalo? Uma ungozenzisayo nomuntu oyingcweti “kwezokuzijabulisa,” ngizothi uwena ngempela ohlekisa ngoNkulunkulu. Uma amazwi akho egcwele izaba kanye nokuzihlangula okungenamsebenzi, ngithi uyilowo ongazimisele nhlobo ukwenza iqiniso. Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho—okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni. Uma ukufuna iqiniso kukujabulisa kahle, ungomunye ohlala ekukhanyeni isikhathi esiningi. Uma ukujabulela ukuba ngumenzi womsebenzi endlini kaNkulunkulu, usebenza ngokuzimisela nokwethembeka emfihlakalweni, ngaso sonke isikhathi uhlala upha futhi ungathathi, ngithi-ke ungongcwele othembekile, ngoba awufune mklomelo futhi ungumutu oneqiniso nje. Uma uzimisele ukungalifihli iqiniso, uma uzimisele ngokunikela konke okwakho, uma ukwazi ukudela impilo yakho ngoNkulunkulu futhi ube ngufakazi, uma uthembekile, kuze kufike eqophelweni lapho wazi kuphela ukwanelisa uNkulunkulu, futhi ungazicabangeli noma uzithathele ngokwakho, ngithi-ke laba bantu abanjalo yilabo abondliwa ekukhanyeni futhi abayophila phakade embusweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

385. Ngibabonga kakhulu labo abangenazinsolo ngabanye futhi ngithanda kakhulu nalabo abasheshayo ukwemukela iqiniso; kulolu hlobo olubili lwabantu ngibonisa ukunakekela okukhulu, ngokuba emehlweni ami bangabantu abaneqiniso. Uma unenkohliso kakhulu, uyoba nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke. Ngalesi sizathu, ukukholwa kwakho Kimi kwakhelwe esisekelweni sokusola. Ukholo olunje yilolu engingasoze ngalwemukela. Ngokweswela ukukholwa kweqiniso, uyoqheka kakhudlwana othandweni lwangempela. Futhi uma ukwazi ukungabaza uNkulunkulu uzicabangela Ngaye ngokuthanda, ngaphandle kokungabaza-ke ungumkhohlisi omkhulu kakhulu kubantu. Uyacabangela ukuthi ingabe uNkulunkulu angafana yini nomuntu: unesono ngokungaxoleleki, unesimilo esinobungqonjwana, awunabo ubuqotho nengqondo, weswele umqondo wobulungiswa, uthanda amasu anesihluku, ukukhohlisa, nobuqili, nokuthokoziswa ububi nobumnyama, kanye nokunye. Isizathu sokuba umuntu abe nemicabango enje akungenxa yokuthi umuntu akanalwazi noluncane ngoNkulunkulu? Uhlobo olunje lokukholwa aluhlukile esonweni! Ngaphezu kwalokho, kukhona ngisho nalabo abakholwa ukuthi labo abangijabulisayo abayilutho ngaphandle kwabazenzisi namakhothangqoko, nokuthi labo abantula la makhono abemukelekile futhi bayolahlekelwa yindawo yabo endlini kaNkulunkulu. Yilolu ulwazi olufundile kule minyaka eminingi? Ingabe ilokhu okuzuzile? Futhi ulwazi lwenu Ngami alugcini kuphela kulokhu kungaqondisisi; okubi kakhulu ukuhlambalaza kwenu uMoya kaNkulunkulu kanye nokungcolisa iZulu. Yingakho ngithi ukukholwa kwalolu hlobo olufana nolwenu luzonenza niqhele kakhulu Kimi futhi bese nimelana kakhulu Nami.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

386. Namuhla, abantu bayesaba ukuletha izenzo zabo phambi kukaNkulunkulu, futhi nakuba ungayikhohlisa inyama kaNkulunkulu, awunakuwukhohlisa uMoya kaNkulunkulu. Konke okungeke kuhlolwe uNkulunkulu akuvumelani neqiniso futhi kufanele kubekelwe eceleni, kungenjalo uyona kuNkulunkulu. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi uyathandaza, uyakhuluma noma uxoxa nabafowenu nodadewethu, lapho wenza umsebenzi wakho, ufeza indima yakho, kufanele weneke inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Lapho ufeza umsebenzi wakho, uNkulunkulu unawe, futhi uma unomgomo ofanele womsebenzi wendlu kaNkulunkulu, uyokwamukela konke okwenzayo; ufanele uzinikele ngeqiniso ekufezeni umsebenzi wakho. Lapho uthandaza, uma uthanda uNkulunkulu enhliziyweni yakho, uma ufuna ukunakekelwa uNkulunkulu, ukuvikelwa nokuhlolwa Nguye, uma lokhu kuwumgomo wakho, imithandazo yakho iyozwakala. Lapho uthandaza emihlanganweni, kufanele uvulele uNkulunkulu inhliziyo yakho uthandaze Kuye, utshele uNkulunkulu okusenhliziyweni yakho, ungaqambi amanga, imithandazo yakho iyokwamukelwa. …

Ukuba yikholwa kuNkulunkulu kusho ukuthi konke okwenzayo kumele kulethwe phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akuhlolisise. Uma okwenzayo kungalethwa phambi koMoya kaNkulunkulu kodwa kungenakulethwa phambi kwenyama kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi awuzithobanga ekuhlolweni uMoya kaNkulunkulu. Ungubani uMoya kaNkulunkulu? Ungubani umuntu ofakazelwa uNkulunkulu? Abayona yini into eyodwa? Abaningi bababona bengabantu ababili abehlukene, bakholwa ukuthi uMoya kaNkulunkulu unguMoya kaNkulunkulu, nokuthi umuntu ofakazelwa uNkulunkulu umane ungumuntu wenyama. Kodwa nikhuluma ilumbo, akunjalo? Lo muntu usebenzela bani? Labo abangamazi uNkulunkulu osenyameni abanakho ukuqonda kukamoya. UMoya kaNkulunkulu nokuba Kwakhe senyameni kuyinto eyodwa, ngoba uMoya kaNkulunkulu wenziwe waba senyameni. Uma lo muntu engenamusa kini, ingabe uMoya kaNkulunkulu uzoba nomusa? Yini ekudidile? Namuhla, umuntu ongavumi ukuhlolwa uNkulunkulu ngeke uNkulunkulu amamukele, nomuntu ongamazi uNkulunkulu osenyameni ngeke apheleliswe. Zibuke bese uzibuza ukuthi konke okwenzayo kungalethwa yini phambi kukaNkulunkulu. Uma ungeke ukwazi ukuletha konke okwenzayo phambi kukaNkulunkulu, kusho ukuthi ungumenzi wokubi. Ingabe abenzi bokubi bangapheleliswa? Konke okwenzayo, izenzo nezinhloso zakho kumele kulethwe phambi kukaNkulunkulu. Ngisho ukuphila kwakho komoya kwansukuzonke—imikhuleko yakho, ukusondela kwakho kuNkulunkulu, indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuhlanganyela nabafowenu nodadewenu, nokuphila kwakho ebandleni—nenkonzo yakho ekubambisaneni kungalethwa phambi kukaNkulunkulu ukuze akuhlole. Izinto ezinjalo eziyokwenza uvuthwe empilweni. Inqubo yokwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu iyinqubo yokuhlanzwa. Lapho wamukela ukuhlolwa uNkulunkulu, yilapho uhlanzwa khona, yilapho uvumelana khona nentando kaNkulunkulu, ukuze ungaholelwa ekonakaleni, nenhliziyo yakho iphile phambi kukaNkulunkulu; lapho wamukela ukuhlolwa uNkulunkulu, yilapho uhlaza khona uSathane ushiye inyama. Ngakho ukwamukela ukuhlolwa uNkulunkulu indlela abantu okumele bayithathe. Akunandaba ukuthi wenzani, ngisho nasezingxoxweni ozenza nabafowenu nodadewenu, uma uletha izenzo zakho phambi kukaNkulunkulu ufune ukuhlolwa uNkulunkulu, uma inhloso yakho kuwukulalela uNkulunkulu Uqobo, okwenzayo kuyinto efanele nakakhulu. Ungaba umuntu ophile phambi kukaNkulunkulu kuphela uma uletha sonke isiqu sakho phambi kukaNkulunkulu futhi wamukele ukuhlolwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

388. Isiphetho kanye nomphumela wenu kubaluleke kakhulu kini—kuyindaba ebucayi kakhulu. Nikholelwa ukuthi uma ningenzi izinto ngokucophelela okukhulu, kuyofana nokungabi nasiphetho, kanye nokubhujiswa komphumela wenu. Kodwa ingabe nike nacabanga yini ukuthi imizamo umuntu ayenzayo imane nje ingenxa yesiphetho sakhe, imane iwumsebenzi ongenazithelo? Imizamo enjalo ayilona iqiniso—ingamanga futhi iyakhohlisa. Uma kunjalo, labo abasebenzela isiphetho sabo bayonqotshwa okokugcina, ngoba izehluleki ekukholelweni kwabantu kuNkulunkulu ziba khona ngenxa yenkohliso. Ngike ngasho ukuthi angithandi ukukhohliswa noma ukuphanjwa, noma ukuthi kushisekwe ngendlela engamanga Kimi. Ngithanda ukuthi abantu abathembekile babhekane namaqiniso Ami kanye nezinto engizilindele. Ngaphezu kwalokho, engikuthandayo yilapho abantu bekwazi ukuveza ukuthi bacophelela kakhulu futhi bayakhathazeka ngenhliziyo Yami, nalapho benganikela ngakho konke ngenxa Yami. Ingaduduzwa ngale ndlela kuphela inhliziyo Yami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

390. Kumele wazi noma kunokukholwa kweqiniso kanye nokwethembeka kweqiniso ngaphakathi kuwe, ukuthi unawo yini umlando wokuhlupheka ngenxa kaNkulunkulu noma futhi usumthobele ngokuphelele yini uNkulunkulu. Uma ungenakho lokhu, ngaphakathi kuwe kusekhona ukungalaleli, inkohliso, umhawu, kanye nokukhononda. Njengalokhu inhliziyo yakho ikude n0kwethembeka, awukaze ukuthole ukunconywa nguNkulunkulu futhi awukaze uhlale ekukhanyeni. Ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini kuncike ekuthini unenhliziyo ethembekile nebomvu okwegazi kanye nasekuthini unawo yini umphefumulo omsulwa. Uma ungumuntu ongathembekile kakhulu, umuntu onenhliziyo enobubi kanye nomphefumulo ongahlanzekile, ngakho-ke uzophetha usendaweni lapho umuntu ejeziswa khona njengoba kubhaliwe encwadini yesiphetho sakho. Uma uthi wethembeke kakhulu, kodwa ungakaze wenze ngokweqiniso noma ukhulume izwi leqiniso, ingabe usalindele ukuba uNkulunkulu akuklomelise? Ingabe usenethemba lokuthi uNkulunkulu uzokubuka njengesithandwa seso Lakhe? Ingabe ukucabanga okunjalo akukhona ukuzikhohlisa? Ukhohlisa uNkulunkulu kukho konke, manje indlu kaNkulunkulu ingamgcina kanjani umuntu onjengawe onezandla ezingahlanzekile?

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: D. Ngendlela Yokuzwa Ukwahlulelwa Nokusolwa, Nokuvivinywa Nokucwengwa

Okulandelayo: F. Ngendlela Yokulalela UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp