Inkulumo Emfishane Mayelana Nombhalo Othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile”

Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade? Umndeni wami awunamali, ingabe kufanele ngiqale ngenze imali? … Uyini uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Ingabe uyazi? Abantu babona kalufifi futhi bathwele kanzima kakhulu. Empeleni, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane awukakafiki ngokusemthethweni. Esigabeni sokupheleliswa kwabantu, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, umane uyichwane nje; ngesikhathi soMbuso Weminyaka Eyinkulungwane okhulunywe nguNkulunkulu, umuntu uyobe esephelelisiwe. Phambilini, kwathiwa abantu bayofana nabangcwele abaqinile ezweni laseSinimu. Kuphela lapho abantu sebephelelisiwe—uma sebengabangcwele akhulume ngabo uNkulunkulu—uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyobe usufikile ngempela. Lapho uNkulunkulu ephelelisa abantu, uyabahlambulula futhi ngokuya bebamsulwa kakhulu, baya beqhubeka nokupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ukungcola, ukuhlubuka, ukuphikisana, kanye nezinto zenyama phakathi kuwe zixoshwa, uma usuhlanjululiwe, uyobe sewuthandwa nguNkulunkulu (futhi ngamanye amazwi, uyobe sewuba ngcwele); uma usuphelelisiwe nguNkulunkulu futhi waba ngcwele, uyobe sewuseMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane. Njengamanje iNkathi Yombuso. ENkathini Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu bayothembela emazwini kaNkulunkulu ukuze baphile, futhi zonke izizwe ziyoba ngaphansi kwegama likaNkulunkulu, futhi ziyofika zonke ukuzofunda amazwi kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi abanye bayoshaya ucingo, abanye bayosebenzisa i-feksi … bayosebenzisa noma iyiphi indlela ukuze bathole iZwi likaNkulunkulu, nawe ngokunjalo uyongena ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Konke lokhu ilokhu okwenzeka emuva kokuthi abantu sebephelelisiwe. Namhlanje, abantu bayapheleliswa, bayacwengwa, bakhanyiselwe, futhi baqondiswe ngamazwi; lena iNkathi Yombuso, yisigaba sokupheleliswa kwabantu, futhi ayinakho ukuxhumana noMbuso Weminyaka Eyinkulungwane. Ngesikhathi soMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, abantu bayobe sebephelelisiwe kakade futhi isimo esikhohlakele kubona siyobe sesihlanjululiwe. Ngaleso sikhathi, amazwi akhulunywe nguNkulunkulu ayohola abantu ngegxathu negxathu, futhi aveze zonke izimfihlo zomsebenzi kaNkulunkulu kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namhlanje, futhi amazwi Akhe azotshela abantu ngezenzo zikaNkulunkulu ezinkathini zonke nansuku zonke, ukuthi Yena ubahola kanjani abantu ngaphakathi, umsebenzi awenzayo embusweni wakamoya, futhi uzobatshela ngamandla asembusweni womoya. Yilapho kuphela kuyoba iNkathi Yezwi ngempela; okwamanje useyisimo sobuchwane nje. Uma abantu bengaphelelisiwe futhi bahlanjululwa, ngeke babe nayo indlela yokuphila iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, futhi inyama yabo iyobola ekugcineni; uma abantu behlanjululiwe ngaphakathi, futhi bengasebona abakaSathane kanye nenyama, bayohlala bephila emhlabeni. Kulesi sigaba niselokhu nibona lufifi, futhi konke enikuzwayo ukuthanda uNkulunkulu nokumfakazela zonke izinsuku niphila emhlabeni.

Umbhalo othi “UMbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” isiphrofetho, sifaniselana nokubikezela komphrofethi, leso lapho uNkulunkulu ephrofetha okuyokwenzeka ngesikhathi esizayo. Amazwi uNkulunkulu awakhulumayo ngesikhathi esizayo namazwi awakhuluma namhlanje awafani: Amazwi angesikhathi esizayo ayohola inkathi, kanti amazwi awakhuluma namhlanje aphelelisa, acwenge futhi abhekane nabantu. INkathi Yezwi yangesikhathi esizayo ihlukile kuneNkathi Yezwi yanamhlanje. Namhlanje wonke amazwi akhulunywe nguNkulunkulu—akukhathaleki indlela enza ngayo—esewonke, awokuphelelisa abantu, ukuhlambulula lokho okungcolile ngaphakathi kubo, nokubenza babengcwele, futhi balunge phambi kukaNkulunkulu. Amazwi akhulunywa namhlanje kanye namazwi akhulunywa ngesikhathi esizayo ayizinto ezimbili ezihlukene. Amazwi akhulunywa ngeNkathi Yombuso awokwenza ukuthi abantu bangene ekuqeqeshweni, ukufaka abantu emgudwini olungile kukho konke, ukukhipha konke okungemsulwa kubona. Kunjalo lokho uNkulunkulu akwenzayo kule nkathi: Udala isisekelo samazwi Akhe kuwona wonke umuntu. Wenza amazwi Akhe impilo yawo wonke umuntu, futhi usebenzisa amazwi Akhe ukubakhanyisela nokubahola ngaphakathi ngaso sonke isikhathi. Futhi lapho bengayikhathalele intando kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu azobe engaphakathi kwabo ukubasola nokubaqondisa. Amazwi anamuhla kumele abe ngukuphila komuntu, ahlinzeka ngqo konke lokho umuntu akudingayo, konke lokho okuswele ngaphakathi kuhlinzekwa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi bonke labo abemukela amazwi kaNkulunkulu bayakhanyiselwa ngokuwadla nokuwaphuza amazwi Akhe. Amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngesikhathi esizayo ahola abantu basemhlabeni wonke jikelele; namhlanje la mazwi akhulunywa eShayina kuphela, futhi akamele lawo akhulunywa emhlabeni wonke jikelele. UNkulunkulu uzokhuluma emhlabeni jikelele ngesikhathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane sewufikile. Azi ukuthi amazwi akhulunywa nguNkulunkulu namhlanje wonke awokuphelelisa umuntu; amazwi akhulunywa nguNkulunkulu kulesi sigaba awokuhlinzeka izidingo zabantu, hhayi ukukuvumela ukuba wazi izimfihlo noma ubone izimangaliso zikaNkulunkulu. Ukuthi uyakhuluma ngezindlela eziningi kwenzelwa ukuze kuhlinzekwe izidingo zabantu. INkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane isazofika—iNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane okukhulunywa ngayo ngosuku lodumo lukaNkulunkulu. Emuva kokuthi umsebenzi kaJesu eJudiya wawusuphelile, uNkulunkulu wadlulisela umsebenzi Wakhe eShayina uqobo lwayo futhi wabe esedala olunye uhlelo. Wenza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe kuwena, wenza umsebenzi wokuphelelisa abantu ngamazwi, futhi usebenzisa amazwi ukuzwisa abantu ubuhlungu obukhulu kanye nokuthi bazuze umusa kaNkulunkulu omkhulu. Lesi sigaba somsebenzi sizokwakha iqembu labanqobi, futhi emuva kokwenza leli qembu labanqobi, bazokwazi ukufakazela izenzo Zakhe, lizokwazi ukuphila iqiniso, futhi liMenelise ngempela futhi lithembeke kuYena kuze kube sekufeni, futhi ngaleyondlela uNkulunkulu uyodunyiswa. Uma uNkulunkulu ethola udumo, uma esephelelise leli qembu labantu, kuyobe sekuyiNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane.

UJesu waba semhlabeni iminyaka engama-33 nohhafu, wayefike ukuzokwenza umsebenzi wokubethelwa, futhi ngokubethelwa uNkulunkulu wazuza ingxenye eyodwa yodumo. Lapho uNkulunkulu efika esenyameni wakwazi ukuthobeka nokuzifihla, futhi wayekwazi ukubekezelela ubuhlungu obumangalisayo. Nakuba wabe enguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, nokho wabekezelela konke ukululazeka, nakho konke ukuthukwa, futhi wabekezelela ubuhlungu obukhulu ekubethelweni esiphambanweni ukuze aqede umsebenzi wokuhlenga. Emuva kokuthi lesi sigaba somsebenzi sesiqediwe, nakuba abantu babona ukuthi uNkulunkulu wayethole udumo olukhulu, kwakungelona udumo Lwakhe selulonke; kwakuyingxenye yodumo Lwakhe ayeluthole kuJesu. Nakuba uJesu wakwazi ukubhekana nabo bonke ubunzima, ukuthobeka nokuzifihla, nokubethelelwa nguNkulunkulu, uNkulunkulu wazuza ingxenye eyodwa kuphela yodumo Lwakhe, futhi udumo Lwakhe lwazuzwa kwa-Israyeli. UNkulunkulu usenenye ingxenye yodumo: ukuza emhlabeni ukuze empeleni asebenze nokuphelelisa iqembu labantu. Ngesigaba somsebenzi sikaJesu, wenza izinto ezithile ezidlula amandla emvelo, kodwa lesi sigaba somsebenzi kwabe kungesona neze esokwenza izimanga nezimangaliso kuphela. ikakhulukazi kwakungesokukhombisa ukuthi uJesu wayekwazi ukuzwa ubuhlungu, futhi abethelelwe uNkulunkulu, ukuthi uJesu wabe ekwazi ukuzwa ubuhlungu obumangalisayo ngoba wayemthanda uNkulunkulu, futhi nokuthi nakuba uNkulunkulu wamshiya, wayesazimisele ukunikela impilo Yakhe ngenxa yentando kaNkulunkulu. Emuva kokuthi uNkulunkulu wayeseqedile umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli futhi uJesu wayebethelwe esiphambanweni, uNkulunkulu wadunyiswa, futhi uNkulunkulu wayethule ubufakazi phambi kukaSathane. Awazi futhi awukaboni ukuthi uNkulunkulu usethathe kanjani isimo somuntu eShayina, ngakho ungabona kanjani ukuthi uNkulunkulu uselutholile udumo? Uma uNkulunkulu enza umsebenzi omningi wokunqoba kuwe, futhi ume uqine, ngakho lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu sinempumelelo, futhi lokhu yingxenye yodumo lukaNkulunkulu. Ubona lokhu kuphela, futhi awukapheleliswa nguNkulunkulu, awukayinikeli ngokuphelele inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Awukaluboni ngokuphelele lolu dumo; ubona kuphela ukuthi uNkulunkulu useyinqobile inhliziyo yakho, ukuthi awusoze wamshiya, futhi uyolandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni ngci futhi inhliziyo yakho ngeke ishintshe, futhi lokhu kuyinkazimulo kaNkulunkulu. Ulubona kuphi udumo lukaNkulunkulu? Emitheleleni yomsebenzi Wakhe kubantu. Abantu babona ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu, banoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi abazimisele ukumshiya, futhi lokhu udumo lukaNkulunkulu. Uma amandla abafowethu nodadewethu emabandleni ephakama, futhi bekwazi ukuthanda uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babone amandla amakhulu kakhulu omsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, amandla amazwi Akhe angenakuqhathaniswa nalutho, lapho bebona ukuthi amazwi Akhe ahambisana negunya futhi angaqala umsebenzi Wakhe endaweni enemimoya emibi yaseShayina uqobo lwayo, lapho, nakuba abantu bebuthakathaka, izinhliziyo zabo ziyaguqa phambi kukaNkulunkulu futhi bazimisele ukwemukela amazwi kaNkulunkulu. Futhi lapho, nakuba bebuthakathaka futhi bengafanelekile, bayakwazi ukubona ukuthi amazwi kaNkulunkulu athandeka kakhulu, futhi akufanele kakhulu ukwaziswa yibo, lokhu udumo lukaNkulunkulu. Uma usuku lufika lapho abantu bepheleliswa nguNkulunkulu, futhi bakwazi ukuzinikela phambi Kwakhe, futhi bakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, futhi bashiye amathemba kanye nesiphetho sabo ezandleni zikaNkulunkulu, lapho ingxenye yesibili yodumo lukaNkulunkulu iyobe seyizuziwe ngokuphelele. Okungukuthi, uma umsebenzi kaNkulunkulu obonakalayo sewuqediwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe eShayina uqobo lwayo, uyobe sewuphela; ngamanye amazwi, uma labo ababemiselwe ngaphambilini futhi bekhethiwe nguNkulunkulu sebephelelisiwe, uNkulunkulu uyothola udumo. UNkulunkulu uthe ulethe ingxenye yesibili yodumo Lwakhe eMpumalanga, kepha lokhu akubonakali ngamehlo enyama. UNkulunkulu ulethe umsebenzi Wakhe eMpumalanga: Usefikile eMpumalanga, futhi lokhu udumo lukaNkulunkulu. Namhlanje, nakuba umsebenzi Wakhe usazoqedelelwa, ngenxa yokuthi uNkulunkulu unqume ukusebenza, ngokuqinisekile, uzofezeka. UNkulunkulu unqume ukuthi uzowuqedela lo msebenzi eShayina, futhi wanquma ukukuphelelisa. Ngakho, akakuniki ntuba yokuphulukundlela—usezinqobile izinhliziyo zenu, futhi kufanele uqhubeke nendlela noma uyathanda noma awuthandi, futhi uma sewuzuzwe nguNkulunkulu, uNkulunkulu uyadunyiswa. Namhlanje, uNkulunkulu akakadunyiswa ngokuphelele, ngoba awukakapheleliswa. Nakuba izinhliziyo zenu sezibuyele kuNkulunkulu, busebuningi ubuthakathaka enyameni yenu, anikwazi ukwanelisa uNkulunkulu, anikwazi ukuqikelela intando kaNkulunkulu, futhi nisenezinto eziningi okufanele nizisuse kinina futhi kusafanele nedlule ezivivinyweni nasekucwengisisweni okuningi. Yileyo ndlela kuphela okungaguqulwa ngayo izimo zenu futhi nizuzwe nguNkulunkulu.

Okwedlule: Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso

Okulandelayo: Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp