Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje

Wonke umsebenzi kule minyaka eyizi-6,000 uye ngokushintsha kancane kancane ngokuhambisana nesikhathi. Ushintsho kulo msebenzi lwenzeke ngokuhambisana nesimo somhlaba wonke. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uguquke kancane kancane ngokulandela ukushintsha kwemikhuba yesintu sisonke; hhayi ukuthi kwakuhlelwe ekuqaleni kokudala. Ngaphambi kokuthi kudalwe umhlaba, noma emva nje kokuthi udaliwe, uJehova wayengakasihleli isigaba sokuqala somsebenzi, leso somthetho; isigaba sesibili, leso esomusa; noma isigaba sesithathu, esokunqoba, lezi okokuqala ayezozisebenza phakathi kweqembu labantu—abanye beyizizukulwane zikaMowabi, kanti kusukela ngalokhu uzonqoba umhlaba wonke. Akazange akhulume la mazwi emva kokudala umhlaba; akazange akhulume lawa mazwi emva kukaMowabi, angiyiphathi-ke eyangaphambi kukaLoti. Wonke umsebenzi Wakhe wenziwa ngokuzenzakalelayo. Lena yindlela uhlelo lomsebenzi Wakhe wokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha elenzeka ngayo; akunakwenzeka ukuthi wayelubhale phansi lolu hlelo lube Yishadi Lokufingqiwe leNtuthuko Yesintu ngaphambi kokuthi adale umhlaba. Emsebenzini kaNkulunkulu, uchaza ngokuqondile ngalokho ayikho Yena; akazikhathazi umqondo ezama ukwakha uhlelo. Yiqiniso, abaprofethi abaningi bakhulume iziprofetho eziningi, kodwa noma kunjalo akukashiwo ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ubuvele uwuhlelo olwenziwe; iziprofetho zenziwa ngokomsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo. Wonke umsebenzi Wakhe umsebenzi wangempela. Wenza umsebenzi Wakhe ngokuthuthuka kwesikhathi, futhi wenza umsebenzi Wakhe wempela ngokuhambisana nokushintsha kwezinto. Kuye, ukwenza umsebenzi kuyafana nokuphuza umuthi wokugula okuthile; ngenkathi enza umsebenzi Wakhe uyabheka; usebenza ngalokhu akubonile. Kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe, uyakwazi ukwembula ukuhlakanipha Kwakhe okukhulu nokuveza ikhono Lakhe elikhulu; uveza ukuhlakanipha Kwakhe okukhulu negunya Lakhe ngokomsebenzi wangaleso sikhathi enzele nokuthi labo bantu ababuyiswa Nguye ngesikhathi saleyo minyaka babone isimo Sakhe sonke. Unika abantu abakudingayo enze umsebenzi okumele awenze ngokomsebenzi okumele wenziwe ngokweminyaka ngayinye; unika abantu izidingo zabo ngokwezinga uSathane abakhohlakalise ngalo. Kwakuyile ndlela uJehova adala ngayo u-Adamu no-Eva ukuze babone uNkulunkulu emhlabeni futhi babe ngofakazi bakaNkulunkulu ezidalweni ezinye, kodwa u-Eva wona emva kokuba elingwe yinyoka; no-Adamu naye wenza okufanayo, ndawonye ensimini yase-Edene badla isithelo sesihlahla solwazi lokuhle nokubi. Ngalokho, uJehova wase eba nomunye umsebenzi okwakumele awenze kubona. Wabona ubuze babo wase emboza imizimba yabo ngezingubo ezazenziwe ngesikhumba sesilwane. Emva kwalokhu, Wayesethi ku-Adamu, “Ngenxa yokuthi ulalele izwi lomkakho, futhi udle umuthi, engakuyala, ngathi, ungawudli: uqalekisiwe umhlabathi ngenxa yakho … uze ubuyele kuwo umhlabathi; njengoba wathabathwa kuwo: ngokuba uwuthuli, futhi uyakubuyela othulini.” Kowesifazane wathi, “Ngizophindaphinda kakhulu ubuhlungu bakho kanye nokukhulelwa kwakho; uyakubeletha abantwana ngosizi; futhi ukunxanela kwakho kuzoba sendodeni yakho, kanti yona izobusa phezu kwakho.” Ukusuka lapho wabaxosha eNsimini yase-Edene wabenza bahlala ngaphandle kwensimu, njengoba kwenza abantu besimanje emhlabeni. Uma uNkulunkulu edala umuntu ekuqaleni, akazange ahlele ukuthi umuntu alingwe yinyoka emva kokuba esedaliwe bese eqalekisa umuntu nenyoka. Wayengenalo uhlelo olunjalo; kwaba ukwenzeka nje kwezinto okwamnika umsebenzi omusha ezidalweni Zakhe. Emva kokuthi uJehova esewenzile umsebenzi Wakhe ku-Adamu no-Eva emhlabeni, isintu saqhubeka sathuthuka iminyaka eyizinkulungwane eziningi, kwaze kwaba ukuthi “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babu bukhulu emhlabeni, nokuthi yonke imicabango yezizindlo zenhliziyo yakhe yayisolukhu imibi njalo. Nokuthi wayesezisola uJehova ukuthi wamdalelani umuntu emhlabeni, futhi kwakumuzwisa ubuhlungu enhliziyweni Yakhe. … Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni kaJehova.” Ngalesi sikhathi uJehova waba nomsebenzi omningi omusha, ngoba isintu asidala sase sinezono eziningi emva kokuba silingwe yinyoka. Ngenxa yalokhu, uJehova wakhetha umndeni kaNowa kubo laba bantu wabasindisa, wase enza umsebenzi Wakhe wokubhubhisa umhlaba ngozamcolo. Isintu saqhubeka nokuthuthuka ngale ndlela kuze kube yimanje, siya ngokuya sikhohlakala kakhulu, futhi lapho ukuthuthuka kwaso kufinyelela phezulu kakhulu, kuzoba ukuphela kwesintu. Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komhlaba, iqiniso langaphakathi lomsebenzi Wakhe selokhu laba ngale ndlela. Kufana nokuthi abantu bazohlukaniswa kanjani ngokwezinhlobo zabo; bekude nabanye umuntu nomuntu unqunyelwe kusengaphambili uhlobo azongena kulo kwasekuqaleni, abantu bayahlungwa kancane kancane emva kokuthi bangene enqubweni yokuthuthuka. Ekugcineni, namuphi ongeke asindiswe ngokuphelele uzobuyiselwa kokhokho bakhe. Awukho umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwesintu owase uvele ulungisiwe ngenkathi kudalwa umhlaba; kunalokho, kwaba ukuthuthuka kwezinto okwenza uNkulunkulu enze umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo ngokwangempela nokwangokoqobo ngokwengeziwe phakathi kwesintu. Lokhu kufana nokuthi uJehova uNkulunkulu azange adale inyoka ukuze ilinge owesifazane. Kwakungelona uhlelo Lwakhe oluthile, futhi kwakungeyona into ayihlela kudala ngenhloso; singathi nje lokhu kwakungalindelekile. Kwaba ngenxa yalokhu ukuthi uJehova axoshe u-Adamu no-Eva eNsimini yase-Edene wase efunga ukuthi angeke aphinde adale umuntu. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kutholwa abantu kulesi sisekelo, njengephuzu engilibalule ekuqaleni: “Ukuhlakanipha Kwami kusebenza ngamacebo kaSathane.” Noma ngabe isintu sakhohlakala kangakanani noma inyoka isilinga kanjani, uJehova wayesenakho ukuhlakanipha Kwakhe; ngakho-ke, ubelokhu enza umsebenzi omusha selokhu adala umhlaba, futhi akukho zinyathelo zalo msebenzi ezake zaphindwa. USathane uyaqhubeka nokwenza amaqhinga; isintu siyaqhubeka nokukhohlakaliswa nguSathane, kanti noJehova uyaqhubeka nokwenza umsebenzi Wakhe ohlakaniphile. Akakaze ahluleke, akaze ayeke umsebenzi Wakhe kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje. Emva kokuthi isintu sikhohlakaliswe uSathane, waqhubeka wasebenza esintwini ukuze anqobe isitha Sakhe esikhohlakalisa isintu. Le mpi izoqhubeka kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komhlaba. Ekwenzeni wonke lo msebenzi, akazange nje kuphela avumele isintu, esikhohlakaliswe uSathane, ukuthi sithole ukusindiswa Kwakhe okukhulu, kodwa wasenza ukuthi sibone ukuhlakanipha Kwakhe, ubuninimandla onke kanye negunya Lakhe, kanti ekugcineni uzokwenza isintu sibone isimo Sakhe sokulunga—ajezise ababi anike abalungile umvuzo. Ulwe noSathane kwaze kwaba namuhla kodwa akaze anqontshwe, ngoba unguNkulunkulu onokuhlakanipha, ukuhlakanipha Kwakhe kusebenza ngamaqhinga kaSathane. Ngalokho-ke akenzi kuphela konke okusezulwini kuthobele igunya Lakhe; kodwa uphinde enze konke okusemhlabeni kube isenabelo sezinyawo Zakhe, futhi akupheleli lapho, wenza bonke abenzi bokubi abahlasela nabahlukumeze isintu bawele ekusoleni Kwakhe. Yonke imiphumela yomsebenzi iphuma ngenxa yokuhlakanipha Kwakhe. Akakaze akuveze ukuhlakanipha Kwakhe ngaphambi kokuba khona kwesintu, ngoba wayengenasitha ezulwini, emhlabeni, noma endaweni yonke, futhi yayingekho imimoya yobumnyama eyahlasela yonke into endalweni. Emva kokuthi ingelosi enkulu imkhaphele, wadala isintu emhlabeni, futhi kwakungenxa yesintu ukuba aqale ngokusemthethweni impi yeminyaka eyinkulungwane yesikhathi eside noSathane, ingelosi enkulu, impi eya ngokushuba kakhulu ngesigaba ngasinye esiyimpumelelo. Ubuninimandla onke nokuhlakanipha Kwakhe kuyabonakala kulezi zigaba ngazinye. Kungalesi sikhathi kuphela lapho konke okusezulwini nokusemhlabeni kubona khona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ubuninimandla onke, ikakhulukazi ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu. Usawenza ngale ndlela engokoqobo nanamuhla umsebenzi Wakhe; phezu kwalokho, njengoba enza umsebenzi Wakhe wembula ukuhlakanipha nobuninimandla onke Bakhe; wenza ukuthi nibone iqiniso langaphakathi lesigaba ngasinye somsebenzi, ukuze ubone ukuthi ungakuchaza kanjani ukuba umninimandla onke Kwakhe, ikakhulukazi ukuthi ungakuchaza kanjani ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu.

Mayelana nokukhashellwa kukajesu nguJuda, abanye abantu bazibuza ukuthi: Ingabe lokhu kwakudalelwe ngaphambi kokudalwa komhlaba? Empeleni, uMoya oNgcwele wakuhlela lokhu ngokweqiniso langaleso sikhathi. Kwenzeka ukuthi kwakunomuntu owayaziwa ngoJuda ohlale ehlisa imali ngomlenze. Wabe esekhethwa ukuthi adlale le ndima abe usizo ngaleyo ndlela. Lokhu yisibonelo sangempela sokusebenzisa izinsiza zasekhaya. UJesu wayengazi ngalokhu ekuqaleni; lokhu wakwazi uma uJuda esevezwe obala ekuhambeni kwesikhathi. Uma ngabe kukhona omunye owayengakwazi ukudlala le ndima, ngabe ukhona owayidlala ngaphandle kukaJuda. Lokhu okwakunqunyelwe ngaphambili ukuthi kwenzeke empeleni kwenziwa ngasikhathi sinye nguMoya oNgcwele. Umsebenzi woMoya oNgcwele uhlale uzenzakalela noma nini; noma ngasiphi isikhathi ehlela umsebenzi Wakhe, uMoya oNgcwele uzowenza. Kungani ngihlale ngithi umsebenzi woMoya oNgcwele uyiqiniso? Ngithi uhlale umusha awubi mdala, futhi uhlale wenziwe ngaleso sikhathi? Umsebenzi Wakhe wawungahleliwe ngenkathi kudalwa umhlaba; azange kwenzeke kanjalo nhlobo! Zonke izinyathelo zomsebenzi zenzeka ngokwesikhathi sangaleso sikhathi, futhi ayiphazamisani. Ziningi izikhathi lapho izinhlelo ezisengqondweni yakho zingahambisani sanhlobo nomsebenzi wakamuva owenziwe uMoya oNgcwele. Umsebenzi Wakhe awulula njengoba abantu becabanga, futhi awunzima njengoba abantu bebona sengathi unjalo; ubandakanya ukunikeza abantu noma ngasiphi isikhathi nakuyiphi indawo ngokwezidingo zabo. Akekho owazi ubuqu babantu njengoba Yena ebazi, kungenxa yalesi sizathu ukuthi ayikho into eyenelisa izidingo zabantu njengoba kwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, ngokubona kwabantu, umsebenzi Wakhe wahlelwa eminyakeni yenkulungwane eminingi eyedlule. Njengoba esebenza phakathi kwenu manje, ngokwezimo zenu, wenza umsebenzi akhulume noma ingasiphi isikhathi nakuyiphi indawo. Uma abantu besezimweni ezithile, ukhuluma lawo mazwi okuyiwo abawadingayo ngokunembile kubona ngaphakathi. Kufana nesinyathelo sokuqala somsebenzi Wakhe izikhathi zokusola. Emva kwezikhathi zokusola, abantu bakhombisa izindlela ezithile zokuziphatha, bamhlubuka ngezindlela ezithile, izimo ezithile ezinhle zavela, kwavela nezinye izimo ezithile ezimbi, kwathi imikhawulo ephezulu yalezi zinto yafinyelela ezingeni elithile. UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe usekelwe yizo zonke lezi zinto, ngalokho wasebenzisa leli thuba ukuthola imiphumela engcono yomsebenzi Wakhe. Yena nje wenza umsebenzi Wakhe wokuhlinzeka kubantu ngokwezimo zabo zangaleso sikhathi. Wenza isinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe ngokwezimo zabantu zangempela. Indalo yonke isezandleni Zakhe; kungenzeka yini ukuthi angayazi? Ngokubona izimo zabantu, uNkulunkulu wenza isinyathelo esilandelayo somsebenzi okumele wenziwe, noma ingasiphi isikhathi nanoma ikuyiphi indawo. Ngeke kwenzeke ukuthi lo msebenzi wawuhlelwe eminyakeni eyizinkulungwane ezedlule; lokhu indlela abantu ababona ngayo! Usebenza ngokubona umphumela womsebenzi Wakhe, futhi umsebenzi Wakhe uyaqhubeka ujula futhi ushintsha; njengoba ebuka umphumela womsebenzi Wakhe, wenza isinyathelo esilandelayo somsebenzi Wakhe. Usebenzisa izinto eziningi ukushintsha kancane kancane nokwenza umsebenzi Wakhe omusha ubonakale kubantu uma isikhathi siqhubeka. Lolu hlobo lomsebenzi luyakwazi ukuhlinzeka izidingo zabantu, ngoba uNkulunkulu ubazi kahle abantu. Lena iyona ndlela enza ngayo umsebenzi Wakhe esezulwini. Kanjalo, uNkulunkulu osesimweni somuntu wenza umsebenzi ngendlela efanayo, uhlela ngokoqobo futhi usebenza phakathi kwesintu. Awukho umsebenzi Wakhe owahlelwa ngaphambi kokudalwa komhlaba, futhi azange uhlelwe ngokunembile ngaphambilini. Eminyakeni eyizi-2,000 emva kokudalwa komhlaba uJehova wabona ukuthi isintu sesikhohlakele kakhulu waze wasebenzisa umlomo womphrofethi u-Isaya ukuphrofetha ukuthi uma Inkathi Yomthetho isiphelile, usezokwenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga isintu eNkathini Yomusa. Lolu kwakuwuhlelo lukaJehova, yebo, kodwa lolu hlelo nalo lwenziwa ngokwezimo azibona ngaleso sikhathi; akazange akucabange ngokushesha emva kokudala u-Adamu. U-Isaya waprofetha nje kuphela, kodwa uJehova akazange aqale ngokwenza amalungiselelo alokhu ngesikhathi seNkathi Yomthetho; kunalokho, wawuqala lo msebenzi ekuqaleni kweNkathi Yomusa, ngenkathi isithunywa sifika kuJosefa ngephupho futhi simkhanyisela, simtshela ukuthi uNkulunkulu uzoba yinyama, ngalokho kwaqala umsebenzi Wakhe wokuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu. UNkulunkulu azange, njengoba abantu becabanga, awulungiselele umsebenzi Wakhe wakuba kukaNkulunkulu sesimweni somuntu emva kokudala umhlaba; lokhu kwanqunywa kuphela ngokwezinga lokuthuthuka kwesintu kanye nesimo sempi Yakhe noSathane.

Ngenkathi uNkulunkulu eba yinyama, uMoya Wakhe wehlela kubantu; ngamanye amazwi, uMoya kaNkulunkulu wambatha inyama. Wenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi kunokuthi eze nezinye izinyathelo ezinemikhawulo, lo msebenzi awunamkhawulo. Umsebenzi owenziwa uMoya oNgcwele enyameni namanje usanqunywa imiphumela yomsebenzi Wakhe, futhi usebenzisa lezi zinto ukunquma ubude besikhathi azokwenza ngaso umsebenzi Wakhe ngenkathi esenyameni. UMoya oNgcwele uyazivezela izinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe; uhlola umsebenzi ebe eqhubeka; akusiyo into engaphezulu kwamandla endalo okungaze kunwebe umkhawulo wezingqondo zabantu. Lokhu kufana nomsebenzi kaJehova wokudala amazulu nomhlaba nakho konke; wayehlela ebe esebenza. Wahlukanisa ukukhanya nobumnyama, kwaba khona ikusa nokuhlwa—lokhu kwathatha usuku olulodwa. Ngosuku lwesibili wadala isibhakabhaka, nakho okwathatha usuku olulodwa, wase edala umhlaba, ulwandle nezinto ezihlala kukho, nakho okwathatha olunye usuku. Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba usuku lwesithupha, lapho uNkulunkulu adala khona umuntu wathi makaphathe zonke izinto ezisemhlabeni, kwaze kwaba usuku lwesikhombisa, lapho ayeseqede ukudala zonke izinto, wase eyaphumula. UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walwenza lwaba ngcwele. Walunquma lolu suku ukuthi lube ngcwele emva kokuba esedale zonke izinto, hhayi ngaphambi kokuthi azidale. Nalo msebenzi wenziwa ngaleso sikhathi; ngaphambi kokudala zonke izinto, akazange anqume ukudala umhlaba ezinsukwini eziyisithupha bese ephumula ngolwesikhombisa; iqiniso alinjalo neze. Akazange akusho lokhu, futhi azange akuhlele. Azange asho ukuthi ukudala zonke izinto kuzophela ngosuku lwesithupha nokuthi uzophumula ngosuku lwesikhombisa; kunalokho, wadala ngokubona okwakukuhle Kuye. Uthe eseqedile ukudala zonke izinto, kwase kuwusuku lwesithupha. Ukube kwaba usuku lwesihlanu aqeda ngalo ukudala zonke izinto, ngabe wenza usuku lwesithupha lwaba ngcwele; kodwa-ke, waqeda ukudala zonke izinto ngosuku lwesithupha, ngalokho wenza olwesikhombisa lwaba ngcwele, osekuqhubeke njalo kuze kube namuhla. Ngalokho, umsebenzi Wakhe wamanje wenziwa ngale ndlela efanayo. Ukhuluma ahlinzeke izidingo zenu ngokwezimo zenu. Lokhu ukuthi, uMoya ukhuluma usebenze ngokwezimo zabantu; uMoya ubheka konke usebenze noma ingasiphi isikhathi nanoma ikuyiphi indawo. Lokhu engikwenzayo, engikushoyo, engikubeka phezu kwenu nenginipha kona, ngaphandle kokukhetha, ilokhu enikudingayo. Ngakho awukho umsebenzi Wami ohlukene nokungokoqobo; konke kungokoqobo, ngoba nonke niyazi ukuthi “uMoya kaNkulunkulu ubona konke.” Uma ngabe konke lokhu kwakunqunyiwe ngaphambilini, ngabe akuzange yini kube sobala? Nicabanga ukuthi uNkulunkulu wasebenza iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wase enqumela kusengaphambili isintu ukuba simhlamuke, simelane Naye, sikhohlakale futhi sibe nobuqili, nokuba nokukhohlakala kwenyama, isimo sobusathane, inkanuko yamehlo, kanye nokuzenzela ngokuthanda. Lokhu kwakunganqunyiwe kusengaphambili nguNkulunkulu, kodwa kwakungenxa yenkohlakalo kaSathane. Abanye bazothi, “Isandla sikaNkulunkulu sasingafinyeleli kuSathane? UNkulunkulu wayenqume kusengaphambili ukuthi uSathane uzokhohlakalisa umuntu ngale ndlela, bese emva kwalokho enza umsebenzi Wakhe kubantu.” UNkulunkulu angakuhlela ngempela ukuthi uSathane akhohlakalise isintu? Yena ufisa nje ukuthi isintu siphile izimpilo ezijwayelekile; angazihlukumeza izimpilo zabantu? Uma kunjalo ukunqoba uSathane nokusindisa isintu angeke yini kube umzamo weze leze? Kunganqunywa kusengaphambili kanjani ukuhlubuka kwesintu? Empeleni kwakungukuhlukumeza kukaSathane, kungahlelwa kanjani lokho uNkulunkulu? USathane osesandleni sikaNkulunkulu nina enikuqondayo kanye noSathane esandleni sikaNkulunkulu lo mina engikhuluma ngaye behlukile kakhulu. Ngokwezitatimende zenu ezithi “uNkulunkulu ungusomandla, futhi uSathane usezandleni Zakhe,” uSathane ubengeke amkhaphele. Anizange nisho ukuthi uNkulunkulu ungusomandla? Ulwazi lwenu olwengqondo kuphela kanti aluhambisani nokungokoqobo; umuntu akasoze ayiqonda imicabango kaNkulunkulu, futhi umuntu akasoze akuqonda ukuhlakanipha kukaNkulunkulu! UNkulunkulu ungusomandla; lokhu akulona neze iphutha. Ingelosi enkulu yamkhaphela uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu waqala wayinika ingxenye yegunya. Yebo, lokhu kwakuyisenzo esingalindelekile, njengoba no-Eva awela esilingweni senyoka. Kodwa-ke, noma uSathane angakwenza kanjani ukukhohlakala kwakhe, akafani noNkulunkulu akunawo amandla onke. Njengoba nishilo, uSathane unamandla; noma ngabe yini ayenzayo, igunya likaNkulunkulu liyakunqoba. Lena iyona ncazelo yeqiniso esishweni esithi “uNkulunkulu usomandla, kanti uSathane usezandleni Zakhe.” Ngakho-ke, impi phakathi Kwakhe noSathane kumele iliwe isinyathelo ngasinye ngesikhathi; okunye, ukuthi umsebenzi Wakhe uwuhlela ngoba ephendula emaqhingeni kaSathane. Lokhu kungukuthi, ngokweminyaka, usindisa abantu bese embula ukuhlakanipha Kwakhe nokuba ngusomandla Kwakhe. Kanjalo, umsebenzi wezinsuku zokugcina wawungahleliwe ngaphambi kweNkathi Yomusa; awuzange unqunyulwe ngaphambili ukuhlelwa ngokulandela lolu hlelo: Okokuqala, ukwenza isimo somuntu sangaphandle sishintshe; okwesibili, ukwenza umuntu athole ukusolwa nokushushiswa kwakhe; okwesithathu, ukwenza umuntu avivinywe ngokufa; okwesine, ukwenza abantu babone izikhathi zokuthanda uNkulunkulu nokusho izinqumo zomuntu odaliwe; okwesihlanu, ukwenza umuntu abone intando kaNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu ngokuphelele, bese uphelelisa umuntu. Azange azihlele zonke lezi zinto ngesikhathi seNkathi Yomusa; kunalokho, waqala ukuzihlela kule minyaka yamanje. USathane uyasebenza, kanjalo noNkulunkulu. USathane umbula isimo sakhe senkohlakalo, kanti uNkulunkulu ukhuluma ngokuqondile bese embula izinto ezinobuqu obuthile. Lona ngumsebenzi owenziwa namuhla, futhi lo mgomo wokusebenza wawusetshenziswa kudala, emva kokudalwa komhlaba.

UNkulunkulu waqala wadala u-Adamu no-Eva, wase edala nenyoka. Phakathi kwazo zonke izinto, inyoka yiyo eyayinobuthi obuningi; umzimba wayo ubunobuthi obubizwa ngesihlungu, uSathane yena wasebenzisa lobu buthi ekwenzeni kwakhe. Kwakuyinyoka eyalingela u-Eva esonweni. U-Adamu wona emva kokuthi u-Eva onile, bobabili base bekwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Uma uJehova wayazile ukuthi inyoka izolinga u-Eva, nokuthi u-Eva uzolinga u-Adamu, wayebabekelani bonke phakathi ensimini? Uma wayekwazi ukuzibona lezi zinto zingakenzeki, wayeyidalelani inyoka bese eyibeka phakathi eNsimini yase-Edene? Kungani iNsimu yase-Edene yayinezithelo zesihlahla sokwazi okuhle nokubi? Ingabe wayeqonde ukuthi badle isithelo? Uma uJehova eza akekho phakathi kuka-Adamu no-Eva owalokotha wamqonda ngalokhu, kungalesi sikhathi uJehova azi khona ukuthi badle isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi bawela esilingweni senyoka. Ekugcineni wayiqalekisa inyoka, waqalekisa no-Adamu no-Eva. UJehova akazange azi ngenkathi bobabili bedla isithelo sesihlahla sokwazi. Isintu sakhohlakala saze saba nobubi sangaba nasimilo kwezocansi, kwaze kwaba ukuthi nezinto esizigcine ezinhliziyweni zaso zaziwububi zingalungile; zazingcolile zonke. UJehova ngalokhu wazisola ngokudala isintu. Emva kwalokho wenza umsebenzi Wakhe wokubhubhisa umhlaba ngozamcolo, lapho okwasinda khona uNowa namadodana akhe. Ezinye izinto empeleni azikathuthuki kakhulu futhi azikho ngaphandle kwamandla ajwayelekile njengoba abantu becabanga. Abanye bayabuza: “Njengoba uJehova wayazi ukuthi ingelosi enkulu izomkhaphela, wayeyidalelani?” Nanka amaqiniso: Ngenkathi umhlaba ungakabibikho, ingelosi enkulu yayiyingelosi enkulu kunazo zonke ezulwini. Yiyo eyayinegunya phezu kwezinye izingelosi ezulwini; leli igunya uNkulunkulu ayinika lona. Ngaphandle kukaNkulunkulu, yiyo eyayinkulu kunezinye izingelosi ezulwini. Emva kwesikhathi uma uNkulunkulu esedala isintu, ingelosi enkulu yaba nokumkhaphela okukhulu uNkulunkulu emhlabeni. Ngithi yakhaphela uNkulunkulu ngoba yayifuna ukuphatha isintu nokuba namandla angaphezulu kukaNkulunkulu. Kwakuyingelosi enkulu eyalinga u-Eva ukuthi one; yakwenza lokhu ngoba yayifuna ukusungula owayo umbuso emhlabeni futhi yenze isintu sikhaphele uNkulunkulu futhi silalele yona. Yabona ukuthi zaziningi izinto ezaziyihlonipha; izingelosi zaziyihlonipha, kanjalo nabantu emhlabeni. Izinyoni nezilwane zasendle, izihlahla, namahlathi, izintaba, nemifula nakho konke okwakusemhlabeni kwakunakekelwa umuntu—lowo kwakungu-Adamu no-Eva—njengoba u-Adamu no-Eva bebeyihlonipha. Ingelosi enkulu yabe isinxanela ukudlula igunya likaNkulunkulu kanye nokukhaphela uNkulunkulu. Ekuhambeni kwesikhathi yaholela ekutheni nezinye izingelosi zingathembeki kuNkulunkulu, okwaba yimimoya eminingi emibi eyehlukene. Ingabe ukushintsha kwesintu kuze kube manje akuzange kubangelwe inkohlakalo yengelosi enkulu? Isintu siyilokhu esiyikho namuhla ngenxa yokuthi ingelosi enkulu ayithembekanga kuNkulunkulu yase yonakalisa abantu. Lesi sinyathelo ngesinyathelo somsebenzi asikho engqondweni futhi asilula njengoba abantu becabanga. USathane wenza ukungathembeki kuNkulunkulu ngesizathu kodwa abantu abakwazi ukuqonda into elula ngalolu hlobo. UNkulunkulu wayelidalelani izulu nomhlaba nakho konke, waphinde wadala noSathane? Njengoba emnyanya kangaka uSathane, noSathane eyisitha Sakhe, wayemdalelani uSathane? Ingabe ngokudala uSathane, wayengazidaleli isitha? UNkulunkulu azange adale isitha; kunalokho, wadala ingelosi, kwathi emva kwesikhathi ingelosi yangathembeka Kuye. Yayinesikhundla esikhulu kangangokuthi yaze yanxanela ukukhaphela uNkulunkulu. Omunye angathi lokhu kwamane kwaziqondanela nje, kodwa kwakuyinto eyayingeke igwemeke. Kuyafana nokuthi omunye ngeke akugweme ukufa ngesikhathi esithile; izinto sezishintshile esikhathini esithile. Bakhona nalabo abangenangqondo abathi: “Njengoba uSathane eyisitha Sakho, wawumudalelani? Wawungazi ukuthi ingelosi enkulu izokukhaphela? Awukwazi ukubona kusuka kungunaphakade kuya kungunaphakade? Awuyazi ukuthi injani? Njengoba wawazi ukuthi izokukhaphela, wayenzelani yaba ingelosi enkulu? Noma ngabe siyakuziba ukungathembeki kuNkulunkulu kwayo, yahola izingelosi eziningi yehlela ezweni labafayo yazokhohlisa isintu; kuze kube manje, awukakwazi ukuqeda uhlelo Lwakho lokuphatha umsebenzi lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.” Ngabe ayiqiniso lawo mazwi? Uma ucabanga ngale Ndlela, awuzifaki yini enkingeni engenasidingo? Abanye basathi: “Ukube uSathane akazange akhohlakalise isintu kuze kube manje, uNkulunkulu ngabe akasisindisanga isintu ngale ndlela. Kulokhu ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba ngusomandla Kwakhe ngabe akuzange kubonakale; ukuhlakanipha Kwakhe bekuzozimbula kuphi? Ngalokho-ke uNkulunkulu wadala abantu ebadalela uSathane; esikhathini esizayo uNkulunkulu uzombula ukuba ngusomandla Kwakhe—kungenjalo abantu bazokwazi kanjani ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ukube abantu abazange bamnqabe bamhlamuke, sasingeke sibe khona isidingo sokuthi imisebenzi Yakhe ibonakale kubo. Uma zonke izidalwa bezimkhonza zimhlonipha, ngabe akanawo umsebenzi angawenza.” Lokhu kuqhelelene kakhulu neqiniso lezinto, ngoba ayikho into engcolile ngoNkulunkulu, ngakho-ke ngeke adale ukungcola. Izenzo Zakhe uzembula manje ngoba esefuna ukunqoba isitha, ukusindisa isintu, abadala Yena, ukunqoba amademoni noSathane, omzondayo Yena, omkhaphelayo nomelana Naye, owayengaphansi kombuso Wakhe engowakhe kusukela ekuqaleni; ufuna ukunqoba lawa mademoni ngokwenza lokhu abonakalise ukuthi ungusomandla kuzo zonke izinto. Isintu nakho konke okusemhlabeni manje kungaphansi kukaSathane nangaphansi kobubi. UNkulunkulu ufuna ukumbula izenzo Zakhe kuzo zonke izinto ukuze abantu bazomazi, ngalokho anqobe uSathane futhi ashabalalise ngokuphelele izitha Zakhe. Wonke lo msebenzi uzofezeka ngokwembula izenzo Zakhe. Zonke izidalwa Zakhe zingaphansi kukaSathane, ngalokho-ke ufisa ukuveza ukuthi ungusomandla kubo, ngokunqoba uSathane. Ukube ubengekho uSathane, ubengeke adinge ukuthi aveze izenzo Zakhe. Ukube bekungekhona ukuhlupha kukaSathane, ngabe wadala isintu wasiholela ekuphileni eNsimini yase-Edene. Kungani engazimbulanga izenzo Zakhe phambi kwezingelosi noma kwengelosi enkulu ngaphambi kokuthi uSathane amkhaphele? Ukube izingelosi kanye nengelosi enkulu zamazi Yena, zamhlonipha kwasekuqaleni, ngabe azange azenze lezi zenzo ezingenamsebenzi. Ngenxa yokuba khona kukaSathane namademoni, abantu bayamnqaba base begcwalisa imiqondo yabo ngesimo sokuhlubuka, ngalokho uNkulunkulu ufuna ukwembula izenzo Zakhe. Ngoba ufuna ukungena empini noSathane, kumele asebenzise igunya Lakhe ukuze anqobe uSathane asebenzise izenzo Zakhe ukunqoba uSathane; ngale ndlela, umsebenzi Wakhe wokusindisa awenza kubantu uzokwenza abantu babone ukuhlakanipha nokuba ngusomandla Kwakhe. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu namuhla mkhulu futhi awusikho lokhu abanye abakushoyo: “Ingabe umsebenzi owenzayo awuphikisani?” Ingabe lolu chungechunge lomsebenzi akukona nje ukuzihlupha Wena ngokwakho? Wadala uSathane, wamyeka akukhaphele futhi amelane Nawe. Wadala isintu, wasinikela kuSathane, wayekela u-Adamu no-Eva balingwe. Njengoba zonke lezi zinto wazenza ngenhloso, kungani usenyanya isintu? Kungani umenyanya uSathane? Akuzona yini izinto ezenziwa Nguwe lezi? Yini ngempela oyizondayo? Abantu abaningi abangenangqondo bengakusho lokho. Bayathanda ukuthanda uNkulunkulu, kodwa ezinhliziyweni zabo bayakhononda ngoNkulunkulu—kwaze kwaphambana! Aniliqondi iqiniso, ninemicabango eminingi yokungaphezulu kwamandla endalo, nize nithi lokhu yiphutha likaNkulunkulu—aniphilile! Yinina enadlala ngeqiniso; akusilo iphutha likaNkulunkulu! Abanye abantu balokhu bekhononda: “Nguwe owadala uSathane, futhi Nguwe owaphonsa uSathane emhlabeni womuntu wase unikela isintu kuSathane. Isintu sinesimo sikaSathane; esikhundleni sokuthi usixolele, usinyanya kakhulu. Ekuqaleni wasithanda isintu. Waletha uSathane emhlabeni wabantu, manje usuyasinyanya isintu. Nguwe onyanya nothanda isintu—ukuchaza kanjani lokhu? Ingabe akusikho ukushayisana lokhu?” Noma ngabe nikubuka kanjani, yilokhu okwenzeka ezulwini; ingelosi enkulu yenza ukungathembeki kuNkulunkulu ngale ndlela, nesintu sakhohlakaliswa ngale ndlela futhi sasaqhubeka kuze kube manje ngale ndlela. Noma ngabe nikubeka kanjani, luphelele lolu daba. Kodwa-ke, kumele niqonde ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi wanamuhla ukuze asindise nina, nokuthi anqobe uSathane.

Ngenxa yokuthi izingelosi zazibuthaka futhi zingenakhono, zazikhukhumeza lapho zinikwa igunya, ikakhulukazi ingelosi enkulu, eyayinesikhundla esiphakeme kunezinye izingelosi. Ingelosi enkulu yayiyinkosi yezinye izingelosi. Yayihola izigidi ngezigidi zezingelosi, kanti ngaphansi kukaJehova igunya layo lalingaphezulu kwezinye izingelosi. Yayifuna ukwenza lokhu nalokhuya, nokuhola izingelosi ziye ezweni labantu ukuyophatha umhlaba. UNkulunkulu wathi Nguye ophethe umhlaba jikelele; ingelosi enkulu yathi umhlaba jikelele uphethwe yiyo, ngalokho-ke, yamkhaphela uNkulunkulu. Ezulwini, uNkulunkulu wadala omunye umhlaba. Ingelosi enkulu yayifisa ukuphatha lowo mhlaba nokuphinda yehle ize ezweni labantu. UNkulunkulu ubengayivumela yini yenze lokhu? Yikho-ke ayishaya wayiwisela phansi emkhathini ingelosi enkulu. Selokhu yakhohlakalisa isintu, uNkulunkulu wasusa impi nayo ukuze azosindisa isintu; usebenzise le minyaka yezinkulungwane eziyisithupha ukumnqoba. Ulwazi eninalo ngosomandla uNkulunkulu lungeqhathaniswe nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo manje; awusebenzi ngokwenza futhi awenzi mqondo! Empeleni, uNkulunkulu wathi ingelosi enkulu iyisitha Sakhe emva kokuthi yenze ukungathembeki Kuye. Kwakungenxa yokungathembeki kwakhe kuphela okwenza awele kubantu emva kokufika emhlabeni wesintu, kungenxa yalokhu ukuthi isintu sishintshe kuze kube kulesi sigaba. Emva kwalokhu, uNkulunkulu wenza isifungo noSathane: “Ngizokunqoba bese ngisindisa isintu, izidalwa Zami.” Ekuqaleni uSathane akakholwanga wathi, “Ungangenzani ngempela mina? Ungangiwisela ngempela emoyeni? Unganginqoba ngempela?” Emva kokuthi uNkulunkulu emwisele emoyeni, wamyeka wangamnaka waqala ukusindisa isintu nokwenza umsebenzi Wakhe, yize uSathane eqhubeka emhlukumeza. Konke lokhu uSathane ayekwazi ukukwenza sibonga amandla awanikwa uNkulunkulu; wazithatha lezi zinto waya nazo emoyeni wazigcina kwaze kwaba yimanje. Lapho uNkulunkulu eshaya ingelosi enkulu wayiwisela emoyeni kodwa akazange alibuyise igunya layo, ngalokho waqhubeka nokonakalisa isintu. UNkulunkulu, ngakolunye uhlangothi, waqala wasindisa isintu, lesi esasikhohlakaliswe uSathane emva kokudalwa kwaso. UNkulunkulu akazange aziveze izenzo Zakhe ngenkathi esesezulwini; kodwa-ke, ngaphambi kokuthi adale umhlaba, wenza ukuthi abantu babone izenzo Zakhe emhlabeni wadala izulu wase ehola abantu esezulwini. Wabanika ukuhlakanipha nobuhlakani, wabaholela ukuthi bahlale kulowo mhlaba. Ngokujwayelekile, akekho kini owake wakuzwa lokhu. Ekuhambeni kwesikhathi, emva kokuthi uNkulunkulu edale isintu, ingelosi enkulu yaqala ukonakalisa isintu; emhlabeni, sonke isintu sasisesiphithiphithini. Kulapho-ke aqala khona impi Yakhe noSathane, futhi kungalesi sikhathi lapho abantu babona khona izenzo Zakhe. Ekuqaleni izenzo Zakhe zazifihliwe esintwini. Emva kokuthi uSathane ewiselwe emoyeni, wanaka izindaba zakhe, noNkulunkulu wanaka umsebenzi Wakhe, eqhubeka elwa noSathane, kwaze kwaba sezinsukwini zokugcina. Manje isikhathi okumele uSathane abhujiswe. Ekuqaleni uNkulunkulu wamnika igunya, ekuhambeni kwesikhathi uNkulunkulu wamwisela emoyeni, kodwa waqhubeka nokungalaleli. Emva kwesikhathi, emhlabeni, wakhohlakalisa isintu, kodwa uNkulunkulu wayesemhlabeni ephetheisintu. UNkulunkulu usebenzisa ukuphatha Kwakhe abantu ukunqoba uSathane. Ngokukhohlakalisa abantu, uSathane wenza abantu bafune ukuqeda nokuhlukumeza umsebenzi kaNkulunkulu. Kolunye uhlangothi umsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa isintu. Yisiphi isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu esingadalelwe ukusindisa isintuntu? Yisiphi isinyathelo esingahloselwe ukuhlambulula abantu, ukubenza benze izinto ezilungile baphile ngendlela eyenza isithombe esingathandeka? USathane, kodwa, akakwenzi lokhu. Ukhohlakalisa isintu; uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokukhohlakalisa isintu emhlabeni jikelele. Yebo, noNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe. Akamnakile uSathane. Noma angaba negunya elingakanani uSathane, igunya walinikwa uNkulunkulu; uNkulunkulu akazange amnike lonke igunya Lakhe, ngakho-ke noma ngabe wenzani, angeke kumedlule uNkulunkulu futhi uhlale esesandleni sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akazange aziveze izenzo Zakhe esasezulwini. Wanika nje uSathane ingxenyana yegunya Lakhe ukuze akwazi ukulawula izingelosi. Ngakho-ke, noma ngabe wenzani, angeke kuledlule igunya likaNkulunkulu, ngoba igunya uNkulunkulu alinika yena ekuqaleni lincane. Uma uNkulunkulu esebenza, uSathane uyahlupha. Ezinsukwini zokugcina, kuzophela ukuhlupha kwakhe; kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu uzophela. UNkulunkulu wenza abantu benze izinto ezinhle; impilo Yakhe amanzi okuphila, ingelinganiswe futhi ayinamkhawulo. USathane usekhohlakalise kakhulu abantu; ekugcineni, amanzi okuphila azomphelelisa umuntu, ngalokho kuzoba nzima ukuthi uSathane agxambukele futhi enze umsebenzi wakhe. Ngalokho, uNkulunkulu uzobazuza ngokuphelele laba bantu. USathane akafuni ukukwamukela lokhu manje; uyaqhubeka nokumbela uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akamnakile. Wathi, ngizonqoba wonke amandla obumnyama kaSathane nayo yonke imimoya emibi. Lona umsebenzi okumele wenziwe enyameni, futhi kusho ukuthi kumele uNkulunkulu abe sesimweni somuntu. Ukuze ezoqedela isigaba somsebenzi wokunqoba uSathane ezinsukwini zokugcina, ukubhubhisa konke okungokukaSathane. Ukunqoba kukaNkulunkulu enqoba uSathane yinto engeke ibalekelwe! USathane wahluleka kudala. Ngenkathi ivangeli liqala ukusabalala ezweni likadrako omkhulu obomvu, lokhu, ingenkathi uNkulunkulu esesimweni somuntu eqala ukusebenza lo msebenzi waqalwa, uSathane wanqontshwa ngokuphelele, ngoba uNkulunkulu esesimweni somuntu kwakumele anqobe uSathane. USathane wabona ukuthi uNkulunkulu usephinde waba yinyama waqala futhi ukwenza umsebenzi Wakhe, wabona ukuthi akunamandla angavimba umsebenzi. Ngalokho-ke, washaqeka uma ebona lo msebenzi wangasalingi ukwenza omunye umsebenzi. Ekuqaleni uSathane wacabanga ukuthi naye uhlakaniphile, waphazamisa wahlukumeza umsebenzi kaNkulunkulu; kodwa-ke, wayengalindele ukuthi uNkulunkulu usephinde waba inyama, nokuthi emsebenzini Wakhe, uNkulunkulu wayesebenzise ukuhlubuka kwakhe ukuletha isambulo nokwahlulelaesintwini, ngalokhu wanqoba isintu wanqoba naye. UNkulunkulu unokuhlakanipha okungaphezu kwakhe, futhi umsebenzi Wakhe mkhulu kunowakhe. Ngakho-ke, nasekuqaleni ngikushilo lokhu: Umsebenzi engiwenzayo ngiwenza ngokuphendula amaqhinga kaSathane. Ekugcineni ngizokwembula ukuba usomandla Kwami nokungabinamandla kukaSathane. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uSathane umlandela ngemuva, kuze kube ukuthi ekugcineni uyabhujiswa—angeke azi nokuthi kwenzekeni! Iqiniso uzolibona kuphela uma eseshayiwe wanyathelwa; ngaleso sikhathi uzobe esevutha echibini lomlilo. Uzobe engakakholwa nangaleso sikhathi? Ngoba uzobe engasenawo amaqhinga azowenza!

Yilo msebenzi wokoqobo oyisinyathelo ngesinyathelo owenza inhliziyo kaNkulunkulu isindwe wusizi ngenxa yesintu, okwenze impi Yakhe noSathane ithathe iminyaka eyizi-6000. Ngalokho uNkulunkulu wathi: “Angeke ngiphinde ngidale isintu, noma nginike izingelosi igunya.” Kusukela lapho, uma izingelosi zizosebenza emhlabeni, bezilandela uNkulunkulu ezokwenza umsebenzi. Akazange anike izingelosi igunya. Izingelosi ezabonwa ama-Israyeli zawenza kanjani umsebenzi wazo? Zazizimbula emaphusheni zidlulisa amazwi kaJehova. Uma uJesu evuswa emva kwezinsuku ezintathu kade ebethelwe, kwakuyizingelosi ezaginqa itshe zaliyisa eceleni; uMoya kaNkulunkulu awuzange uzenzele Wona lo msebenzi. Izingelosi zenza lolu hlobo lomsebenzi; zazingabasizi ezindimeni ezazizidlala kodwa zingenagunya, ngoba uNkulunkulu ngeke aphinde azinike igunya. Emva kokusebenza isikhashana, abantu abasetshenziswa uNkulunkulu emhlabeni bathatha indawo kaNkulunkulu bathi, “ngifuna ukudlula umhlaba jikelele! Ngifuna ukuma ezulwini lesithathu! Sifuna ukubusa kwamandla amakhulu!” Bazozikhukhumeza emva kwezinsuku ezimbala besebenza; bebefuna amandla amakhulu emhlabeni, bebefuna ukwakha esinye isizwe, bebefuna zonke izinto ezingaphansi kwezinyawo zabo befuna nokuma ezulwini lesithathu. Ngabe uyazi ukuthi ungumuntu nje osetshenziswa nguNkulunkulu? Anganyukela kanjani ezulwini lesithathu? UNkulunkulu uza emhlabeni ezosebenza, kunganakiwe futhi ngaphandle komsindo, aphinde ahambe futhi ngesinyenyela emva kokuqeda umsebenzi Wakhe. Akaze acele usizo njengoba kwenza abantu, kodwa ngokweqiniso wenza umsebenzi Wakhe. Futhi akaze angene esontweni amemeze, “Ngizonibhubhisa! Ngizoniqalekisa nginisole!” Umane enze umsebenzi Wakhe, ahambe uma eseqedile. Labo bafundisi bezenkolo abaphilisa abantu bakhiphe namademoni, befundisa abanye besepulipiti, bekhuluma izinkulumo ezinde eziphakamisa bona bekhulume ngezinto ezingeke zenzeke, banokuzikhukhumeza! Bayisizukulwane sengelosi enkulu!

Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa sonke isintu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe esintwini ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane. Konke okusemhlabeni, ezulwini nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe isintu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamkhazimulisa, idumise ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe imbonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa isintu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo loMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese isintu siyamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni sonke isintu sizonqotshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamenqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane. Niyakubona lokhu kwenza kukaNkulunkulu manje, kodwa nisamenqaba niyahlubuka animthobeli; nigcine izinto eziningi ngaphakathi kwenu futhi nenza noma yini eniyifunayo; nilandela izinkanuko zenu, nokunjalo—okuwukuhlubuka; ukumelana Naye. Ukukholelwa kuNkulunkulu okwenziwa yinyama, okwezinkanuko zomuntu, nokuthandwa umuntu, okomhlaba, nokukaSathane, kungcolile; kuwukumelana nokuhlubuka uNkulunkulu. Ziningi izinhlobo zokukholwa manje: Abanye bafuna indawo yokucasha ukuze bazophepha ezinhlekeleleni, abanye bafuna ukuthola izibusiso, abanye bebe befisa ukuqonda izimfihlakalo kanti abanye basazama ukuthola imali. Konke lokhu yizinhlobo zokumelana; zonke ziwukuhlambalaza! Ukuthi umuntu uyamelana noma uyahlubuka—kusuke kungashiwo lezi zinto? Abantu abaningi manje bayabubula, bakhonode, noma bahlulele. Lezi yizo zonke izinto ezenziwa ababi; bangabantu abamelanayo nabahlubukayo; abantu abafana nalaba bangenwe futhi banoSathane. Abantu abazuzwa uNkulunkulu ilabo abamthobela ngokuphelele, labo abakhohlakaliswe uSathane kodwa abasindisiwe banqotshwa umsebenzi Wakhe manje, ababekezelele izinsizi kwathi ekugcineni bazuzwa ngokuphelele uNkulunkulu abangasaphili ngaphansi kwesandla sikaSathane asebekhululekile ekungalungini, abafisa ukuphila impilo yobungcwele—laba abantu abangcwele ngcwele; bangabangcwele. Uma ukwenza kwakho kungahambisani ngisho nengxenye eyodwa kokudingwa uNkulunkulu, uzosuswa. Lokhu akubuzwa. Yonke into yenziwa ngenamuhla; yize ekunqumele ngaphambilini futhi wakukhetha, izenzo zakho namuhla yizo ezizokhipha umphumela wakho. Uma ungasakwazi ukubekezela manje, uzosuswa. Uma ungakwazi ukubekezela manje, ungathemba kanjani ukuthi uzokwazi esikhathini esizayo? Manje ngoba isimanga esikhulu sesivelile phambi kwenu, anikakholwa. Ngakho-ke nizomkholwa kanjani kamuva, uma eseqede umsebenzi Wakhe engasawenzi umsebenzi ofana nalona? Ngaleso sikhathi kuzobe sekunzima kakhulu ngisho nokumlandela! Esikhathini esizayo uNkulunkulu uzothembela endleleni yakho yokubuka izinto kanye nolwazi lwakho ngomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu futhi lokhu okubonile nodlule kukho kuzoveza ukuthi unesono noma ulungile, noma ukuthola ukuthi ungophelelisiwe noma osusiwe. Kumele nibone ngokucacile manje. UMoya oNgcwele uyasebenza ngakho-ke: Umphumela wakho uwuthola ngokwendlela oziphethe ngayo manje. Ubani okhuluma amazwi anamuhla? Ubani owenza umsebenzi wanamuhla? Ubani onqumayo ukuthi uzosuswa namuhla? Ubani onqumayo ukukuphelelisa? Akusikho lokhu engikwenza Mina uqobo? Yimi okhuluma lawa mazwi; Yimi owenza lo msebenzi. Ukuqalekisa, ukusola nokwahlulela abantu konke lokhu kuyingxenye yomsebenzi Wami. Ekugcineni, ukunisusa kuzoba umsebenzi Wami. Konke kuyindaba Yami! Ukuniphelelisa kuyindaba Yami, ukuniyeka nithokozele izibusiso nakho kuyindaba Yami. Konke lokhu umsebenzi Wami. Imiphumela Yenu ayizange inqunyelwe ngaphambili uJehova; inqunywa uNkulunkulu wanamuhla. Inqunywa manje; ayizange inqunywe ngaphambi kokudalwa komhlaba. Abanye abantu abangenangqondo bathi, “Mhlawumbe kukhona okungalungile ngamehlo Akho, futhi awungiboni ngendlela okumele ungibone ngayo. Ekugcineni uzobona ukuthi uMoya uzenza kanjani zonke izinto!” Ekuqaleni uJesu wakhetha uJuda njengomfundi Wakhe. Abantu babuza ukuthi: “UJesu wenza iphutha ngaye. Wayemkhethelani umfundi owayezomkhaphela? Ekuqaleni uJuda wayengenazinhloso zokukhaphela uJesu. Lokhu kwenzeka ekuhambeni kwesikhathi. Ngalesi sikhathi, uJesu wayembuke wamamukela; wenza ukuthi amlandele wabuye wamenza kwaba nguye obheka izimali zabo. Ukube wayazi ukuthi uJuda uzoyikhwabanisa imali, ngabe akazange ambeke ukuthi abheke izimali. Singathi ekuqaleni uNkulunkulu wayengazi ukuthi le ndoda ayilungile futhi ingumkhohlisi futhi ibikhohlisa abafowabo nodadewabo. Ekuhambeni kwesikhathi, emva kokuthi uJuda eselandele isikhathi eside, uJesu wambona ekhohlisa abafowabo nodadewabo, wakhohlisa noNkulunkulu. Abantu baphinde bathola nokuthi ubesebenzisa imali esesikhwameni semali, base betshela uJesu. UJesu wazi ngalokhu ngalesi sikhathi. Ngenxa yokuthi uJesu kwakumele enze umsebenzi wokubethelwa futhi edinga umuntu ozomkhaphela, uJuda kwamfanela ukudlala le ndima, uJesu wathi, “Kukhona omunye phakathi kwenu ozongikhaphela. Indodana yomuntu izosebenzisa lokhu kukhashelwa ukuze ibethelwe bese iyavuka ezinsukwini ezintathu.” Ngalesi sikhathi, uJesu akazange akhethe uJuda ukuze amkhaphele; kunalokho, wayefisa ukuthi uJuda abe umfundi othembekile. Ngokungalindelekile, uJuda waba umuntu omubi ongathembeki kuNkulunkulu, wabe esesebenzisa lesi simo wakhetha uJuda ukuze enze lo msebenzi. Ukube bonke abafundi bakaJesu bobayishumi nambili bathembeka, kwangaba khona ofana noJuda phakathi kwabo, umuntu owayezokhaphela uJesu kwakuzoba ngumuntu ongekho phakathi kwabafundi. Kodwa-ke, ngalesi sikhathi kwenzeka ukuthi kube khona phakathi kwabo ojabulela ukufunjathiswa—uJuda. UJesu ngalokho wasebenzisa le ndoda ukufeza umsebenzi Wakhe. Kwakulula kanjani lokhu! UJesu akazange akuhlele ngaphambilini ekuqaleni komsebenzi Wakhe; lesi sinqumo wasenza emva kokuthi izinto sezishintshe zaba kwesinye isinyathelo. Lesi kwakuyisinqumo sikaJesu, okuwukuthi, isinqumo sikaMoya kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ngaleso sikhathi kwakuwuJesu owakhetha uJuda; ekuhambeni kwesikhathi uma uJuda esengathembeki kuJesu, lokhu kwase kuwukwenza kukaMoya oNgcwele ukuze ezofezekisa okungumsebenzi Wakhe; kwakuwumsebenzi kaMoya oNgcwele ngalesi sikhathi. Ngenkathi uJesu ekhetha uJuda Iskariyothe. Imiphumela yenu inqunywa nangokwezinga lenu lokuzithoba namuhla nangokwezinga lenu lokukhula empilweni, hhayi ngokombono wabantu ngendlela ababona ngayo yokuthi “wanqunyelwa ngaphambili ekudalweni komhlaba.” Kumele niziqaphelisise lezi zinto ngokucacile. Wonke lo msebenzi awenziwa ngendlela enicabanga ngayo.

Okwedlule: Amazwi Aya Kwabasha Nabadala

Okulandelayo: Okumayelana Namagama Nokuthi Ungubani

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp