Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho

Ngokubuka ukwenza kanye nezenzo zenu ezimpilweni zenu, nonke nidinga ingxenye yamazwi nsuku zonke yokunihlinzeka nokunivuselela kabusha, ngoba nintula kakhulu, futhi ulwazi nekhono lenu lokwamukela lincane kakhulu. Ezimpilweni zenu zansuku zonke, niphila esimweni nasendaweni engenalo iqiniso nokuqonda okuyiko. Nintula isisekelo samandla okuba khona futhi aninaso isisekelo sokwazi Mina noma iqiniso. Ukukholwa kwenu kumane kwakhelwe phezu kokwethemba okungacacile noma phezu kwamasiko ezenkolo kanye nolwazi olusekelwe emfundisweni kuphela. Nsuku zonke ngibuka ukunyakaza kwenu futhi ngihlolisise izinhloso zenu kanye nezithelo zobubi. Angikaze ngimthole noyedwa obeke inhliziyo yakhe kanye nomoya wakhe e-altare Lami ngeqiniso, elingakaze lizanyazanyiswe. Ngakho-ke, angifisi ukuchitha wonke amazwi engifisa ukuwasho kulabo bantu abanjalo ngeze leze. Enhliziyweni Yami, ngihlela ukuqedelela umsebenzi Wami ongakapheli kanye nokuletha insindiso esintwini okusamele ngisisindise. Nakuba kunjalo, ngifisa bonke abangilandelayo ukuba bathole insindiso kanye neqiniso izwi Lami elilinika umuntu. Ngethemba ukuthi ngelinye ilanga lapho uvala amehlo akho, uyobona indawo lapho iphunga elimnandi ligcwalisa umoya nemifula yamanzi okuphila igeleza khona, hhayi izwe elifiphele elibandayo lapho amafu amnyama engcolisa isibhakabhaka futhi lapho imisindo yobumayemaye ingenamkhawulo.

Usuku ngalunye, izenzo nemicabango yomuntu ngamunye ibhekwa Nguye futhi, ngesikhathi esifanayo, ingukulungisela ikusasa labo. Lena indlela okumele ihanjwe yibo bonke abaphilayo futhi engiyinqumele ngaphambili bonke. Akekho namunye ongakubalekela lokhu futhi imibandela ayenzelwa muntu. Ngikhulume amazwi angenakubalwa, futhi nangaphezu kwalokho ngenze umsebenzi omningi kakhulu. Nsuku zonke, ngibheka umuntu enza ngokwemvelo lokho okumele akwenze ngokwesimo sendalo yakhe nokuthi iqhubeka kanjani. Ngokungazi, iningi selivele layithola “le ndlela elungile,” Mina engiyibekele ukwambulela wonke umuntu. Kakade Mina sengibeke lonke uhlobo lomuntu ezimweni zemvelo ezahlukene, futhi wonke umuntu endaweni yakhe usevele wakhombisa lokho akuthole ngokwemvelo. Akekho ozobabophezela, akekho ozobakhohlisa. Bakhululeke ngokugcwele futhi lokho abakuvezayo kuzivelela ngokwemvelo. Kukhona into eyodwa abahlale beyiqaphile, futhi lokho ngamazwi Ami. Ngalokho-ke, abantu abanye bafunda amazwi Ami ngokuzihudula, bengawenzi nhlobo, bewenza kuphela ukuze bagweme ukufa; abanye, khona lapho, bakuthola kunzima ukukhuthazela izinsuku ngaphandle kwamazwi Ami ukuba abaqondise futhi abahlinzeke, ngakho ngokwemvelo babambelela emazwini Ami ngaso sonke isikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, babe sebethola imfihlo yempilo yomuntu, isiphetho sesintu, kanye nokubaluleka kokuba ngumuntu. Isintu asilutho ngaphezu kwalokhu lapho kukhona izwi Lami, futhi Mina ngimane ngivumele ukuba zilime ziyetsheni. Angenzi lutho oluphoqelela abantu ukuba baphile ngamazwi Ami njengesisekelo sokuba khona kwabo. Futhi labo abangenawo unembeza noma ukubaluleka kokuba khona kwabo baqaphela ngokungazelele indlela izinto ezihamba ngayo bese ngeqholo beshaya indiva amazwi Ami futhi bese bezenzela njengokuthanda kwabo. Baqala ukukhathaliswa yiqiniso nakho konke okuphuma Kimi. Ngaphezu kwalokho, bayakhathaliswa ukuhlala endlini Yami. Laba bantu bahlezi endlini Yami okwesikhashana ngenxa yesiphetho sabo nokubaleka isijeziso, ngisho noma ngabe bewenza umsebenzi. Kodwa izinhloso zabo aziguquki, hhayi ngisho nezenzo zabo. Lokhu kukhuthaza ngokwengeziwe isifiso sabo ngezibusiso, nemvume yokudlula komuntu oyedwa angene embusweni lapho beyohlala khona ingunaphakade, kanye nemvume yokudlula ungene ezulwini laphakade. Lapho belangazelela ngokwengeziwe usuku Lwami ukuba lufike ngokushesha ngelinye ilanga, yilapho beya ngokuzwa sengathi iqiniso seliyisiphazamiso, isikhubekiso esibavimba endleleni. Abasakwazi nokulinda ukubeka unyawo lwabo embusweni ukuze bajabulele izibusiso zaphakade zombuso wasezulwini, ngaphandle kokudinga ukuthi baphishekele iqiniso noma bemukele isahlulelo kanye nokusolwa, futhi nangaphezu kwakho konke, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba bahlale endlini Yami njengezikhonzi futhi benze njengalokhu ngibayala. Laba bantu bangena endlini Yami hhayi ngoba bezogcwalisa inhliziyo yabo efuna iqiniso noma bezosebenzisana nokuphatha Kwami. Bamane bahlose ukuba bangabi yingxenye yalabo abayobhujiswa enkathini ezayo. Ngakho izinhliziyo zabo azikaze zazi ukuthi liyini iqiniso nokuthi lamukelwa kanjani iqiniso. Lesi yisizathu abantu abanje bengakaze balenze iqiniso noma baqonde izinga elijulile lenkohlakalo yabo, kepha behleli endlini yami “njengezikhonzi” kuze kube sekugcineni. Bayalinda “ngokubekezela” ukufika kosuku Lwami, futhi abakhathali njengoba beshona le nale ngenxa yohlobo lomsebenzi Wami. Noma ngabe mkhulu kangakanani umzamo wabo noma ngabe bakhokhe inani elingakanani, akekho oyobona ukuthi bahluphekele iqiniso noma bazidela Ngami. Ezinhliziyweni zabo, abakwazi ukulinda ukubona usuku lapho ngiyoqeda inkathi endala, futhi nangaphezu kwalokho, ngokukhathazeka bafisa ukwazi ukuthi angakanani amandla kanye negunya Lami. Lokho abangakaze baphuthume ukukwenza, ukuziguqula nokulandela iqiniso. Bathanda lokho osekungikhathazile kanti bakhathele yilokho engikuthandayo. Balangazelela lokhu engikuzondayo, ngesikhathi esifanayo besaba ukulahlekelwa yilokho engikuzondayo. Bahlala kulo mhlaba omubi kodwa abakaze babe nenzondo yawo futhi bayesaba kakhulu ukuthi uzobhujiswa Yimi. Izinhloso zabo ziyangqubuzana: Bajatshuliswa yilelizwe engilizondayo, kodwa ngesikhathi esifanayo bebe belangazelela ukuba Mina ngisheshe ngilibhubhise lelizwe. Ngaleyo ndlela, bayosinda ekuhluphekeni kokubhujiswa bese beguqulwa babe amakhosi enkathi ezayo ngaphambi kokuthi baphambuke endleleni yeqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi abalithandi iqiniso futhi bakhathele yikho konke okuvela Kimi. Mhlawumbe bayoba “ngabanye abalalelayo” okwesikhashana ngenhloso yokungalahlekelwa izibusiso, kodwa lomqondo wabo wokunxanela-isibusiso kanye nokwesaba ukubhubha nokungena echibini elivutha lomlilo akusoze kwafiphala. Njengalokhu usuku Lwami lusondela, isifiso sabo kancane kancane siya ngokuqina. Ubukhulu benhlekelele, benza ukuba bazizwe bengenasizo ngokwengeziwe, bengazi nokuthi kumele baqale kuphi ukungenza Mina ngijabule futhi bagweme ukulahlekelwa izibusiso abebekade bezilangazelela. Lapho isandla Sami siqala ukwenza umsebenzi waso, laba bantu balangazelela ukuthatha isinyathelo njengamaphikankani ahamba phambili empini. Bacabanga kuphela ukuya phambili emgqeni wokuqala webutho empini ngoba bethuthumela ukuthi kungenzeka ngingababoni. Benza futhi basho lokho abacabanga ukuthi kulungile, bengazi nhlobo ukuthi ukwenza nezenzo zabo akukaze kuhambisane neqiniso, futhi bekumane kuphazamisa futhi kugxambukela ezinhlelweni Zami. Nakuba bebefake umfutho omkhulu futhi beneqiniso ezifisweni zabo nezinhloso zokubekezela ebunzimeni, konke lokho abakwenzayo akuhlanganise lutho Nami, ngoba Mina angikaze ngibone ukuthi izenzo zabo zisuka ezinhlosweni ezinhle, futhi kukancane kakhulu ngibona bebeka utho e-altare Lami. Zinjalo izenzo zabo phambi Kwami kuleminyaka eminingi.

Ekuqaleni Mina nganginesifiso sokukunikeza amaqiniso amaningi, kodwa ngenxa yokuthi umqondo wakho ngeqiniso ubanda kakhulu futhi sinokungakhathaleli, ngivele ngaphonsa ithawula. Mina angifisi imizamo Yami imosheke, noma ngibone abantu bebambelela emazwini Ami kodwa kuzo zonke izinto benza lokho okungiphikisayo, bengihlambalaza, futhi bengithuka ngenhlamba. Ngenxa yezimo zemiqondo yenu kanye nobuntu benu, Mina ngimane ngikulethela ingxenye encane yamazwi asemqoka kakhulu kuwe njengesivivinyo Sami phakathi kwesintu. Yimanje kuphela lapho Mina ngiqinisekisa ukuthi izinqumo nezinhlelo engizenzile ziyahambisana nokudingayo, futhi phezu kwalokho, ngiyaqinisekisa ukuthi umqondo Wami ngesintu ulungile. Iminyaka eminingi yezenzo phambi Kwami Mina inginike impendulo engingakaze ngiyithole ngaphambili. Futhi umbuzo kulempendulo uthi: “Ingabe uyini umqondo womuntu phambi kweqiniso noNkulunkulu weqiniso?” Imizamo Mina engiyichithe ngomuntu, ifakazela ubukhona bokumthanda Kwami umuntu, kanti nezenzo nokwenza komuntu phambi kobuso Bami, kufakazele ubukhona bokuzonda iqiniso nokumelana Kwami nomuntu. Ngaso sonke isikhathi Mina ngikhathalela bonke abangilandelayo, kodwa asikho isikhathi lapho labo abangilandelayo bekwazi khona ukwemukela izwi Lami; behluleke bancama ukwemukela ngisho iziphakamiso ezivela Kimi. Yikho okungidumaza kakhulu kunako konke. Akekho namunye okwazi ukungiqonda Mina, nangaphezu kwalokho, akekho namunye okwazi ukungemukela, ngisho nakuba isimo sengqondo Yami ngabo siqotho namazwi Ami emnene. Wonke umuntu uzama ukwenza umsebenzi abawunikezwe Yimi ngokuhambisana nemiqondo yabo; abafuni nezinhloso Zami, ingasaphathwa eyokuthi babuze izicelo Zami. Basazitshela ukuthi bangisebenzela ngokuthembeka, kodwa bebe bengivukela. Abaningi bakholelwa ukuthi amaqiniso angemukeleki kubo noma lawo abangeke bawenze akuwona amaqiniso. Kulaba bantu abanje, amaqiniso Ami aphenduka abe yinto yokuphikwa futhi ashaywe indiva anganakwa. Ngesikhathi esifanayo, Mina ngibe sengiphenduka lowo otuswa ngumuntu ngomlomo njengoNkulunkulu, kodwa ngibuye ngithathwe njengowangaphandle ongelona iqiniso, indlela, noma ukuphila. Akekho owazi leli qiniso: Amazwi Ami aliqiniso elingasoze laguquka naphakade. Ngiyilowo onikeza ukuphila kumuntu futhi Yimi kuphela oqondisa isintu. Ukubaluleka kanye nencazelo yamazwi Ami akuncikile ekutheni, ngabe ayemukeleka noma ayemukelwa yisintu, kodwa ngobukhona bamazwi Ami uqobo. Noma ngabe akukho namunye umuntu kulomhlaba ongawemukela amazwi Ami, isisindo samazwi Ami kanye nosizo lwawo esintwini alusoze lwalinganiswa muntu. Ngakho-ke, uma Mina ngibhekene nabantu abaningi abangivukelayo, abangiphikayo, noma labo abawedelelayo amazwi Ami, isinqumo sami sithi: Makuthi isikhathi kanye namaqiniso abe ngofakazi Bami futhi akhombise ukuthi amazwi Ami aliqiniso, indlela kanye nokuphila. Makakhombise ukuthi konke engikushilo kulungile, nokuthi ayilokho umuntu okumele agcwaliswe yikho, kanye, nangaphezu kwalokho, lokho umuntu okumele akwemukele. Ngiyovumela bonke labo abangilandelayo bazi leliqiniso: Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Ami ngokugcwele, labo abangakwazi ukwenza amazwi Ami, labo abangakwazi ukuthola inhloso emazwini Ami, kanye nalabo abangakwazi ukuthola insindiso ngenxa yamazwi Ami, yilabo abahlulelwe ngamazwi Ami, futhi, ngaphezu kwalokho, abalahlekelwe yinsindiso Yami kanti nentonga Yami ayisoze yasuka kubo.

Mbasa 16, 2003

Okwedlule: Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)

Okulandelayo: UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp