Umsebenzi Nokungena (7)

Sekuthathe umuntu kwaze kwaba namuhla ukuba aqaphele ukuthi lokho umuntu akuntulayo akukhona nje kuphela ukuphila ngokomoya kanye nokuzwa ukwazi uNkulunkulu, kodwa, okubaluleke kakhulu, yizinguquko esimweni sakhe. Ngenxa yokungabi nalwazi okuphelele ngomlando nesiko lasendulo lesintu, akanalo noluncane ulwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu wethemba ukuthi ekujuleni kwenhliziyo, umuntu anganamathela kuNkulunkulu, phakathi ekujuleni kwenhliziyo yakhe, kodwa ngoba inyama yomuntu ikhohlakele ngokwedlulele, indikindiki futhi ibuthuntu, lokhu kwenze ukuthi angazi lutho ngoNkulunkulu. Namuhla uNkulunkulu ufika phakathi kwabantu ngenhloso yokuguqula imicabango nomoya wabo kanye nomfanekiso kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ababe nawo izigidi zeminyaka. Ngaleli thuba, uyomphelelisa umuntu. Okusho ukuthi, ngolwazi lomuntu uyoyiguqula indlela amazi ngayo kanye nesimo somqondo anaso Ngaye, ukuze ukwazi kwakhe uNkulunkulu kuqale kabusha, nenhliziyo yakhe ivuselelwe futhi iguqulwe. Ukubhekana nomuntu nokumqondisa kuyizindlela, kanti ukunqoba nokwenza musha kuyimigomo. Ukuchitha imicabango yomuntu eyinkoloze umuntu alokhu enakho ngoNkulunkulu ongacacile bekulokhu kuyinhloso kaNkulunkulu, futhi muva nje kube yinto ephuthumayo Kuye. Ngifisa ukuthi bonke abantu babuke ngeso elibanzi lapho becabanga ngalesi simo. Baguqule indlela wonke umuntu ezwa ngayo impilo ukuze le nhloso ephuthumayo kaNkulunkulu yenziwe ngokushesha, nesigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni sibe nesiphetho esinezithelo. Khombisa ukwethembeka kwakho njengoba kufanele, ududuze inhliziyo kaNkulunkulu okokugcina. Ngethemba ukuthi akekho noyedwa wabafowethu nodadewethu ozobalekela lesi sibopho noma amane enzele ukugcina icala. Kulokhu uNkulunkulu uza esenyameni ngokumenywa, nangenxa yesimo somuntu. Okusho ukuthi, uzele ukuzonika umuntu lokho okudingekayo. Uzokwenza wonke umuntu, noma ekuliphi izinga noma ezalwe kanjani, ukuba abone izwi likaNkulunkulu, futhi ezwini Lakhe, abone ukuba khona nokubonakaliswa kukaNkulunkulu futhi amukele ukupheleliswa kwakhe nguNkulunkulu. Izwi Lakhe liyoguqula imicabango nemibono yomuntu ukuze ubuso bangempela bukaNkulunkulu bungene buqine ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Lesi yiso kuphela isifiso sikaNkulunkulu emhlabeni. Ngisho imvelo yomuntu ingaba nkulu kangakanani, noma ingqikithi yomuntu ingaba phansi kangakanani, noma umuntu wenze kanjani esikhathini esidlule, uNkulunkulu akanandaba nalokhu. Wethemba kuphela ukuthi umuntu uzowuvuselela ngokuphelele umfanekiso kaNkulunkulu anawo enhliziyweni yakhe futhi azi ingqikithi yesintu, ngalokho aguqule indlela umuntu abheka ngayo izinto. Wethemba ukuthi umuntu uyakwazi ukumlangazelela ngokujulile uNkulunkulu futhi anamathele kuze kube phakade Kuye. Yilokhu kuphela uNkulunkulu akufuna kumuntu.

Ukwazi isiko nomlando wasendulo oyiminyaka eyizinkulungwane eziningi kuvimbe ukucabanga nemibono yomuntu nesimo sakhe somqondo ngokuqine ngendlela yokuthi akungeneki futhi akuhlakazeki.[1] Abantu baphila ezingeni leshumi nesishiyagalombili lesihogo, njengokungathi uNkulunkulu ubaphose emigodini engamajele, ngeke baphinde bakubone ukukhanya. Ukucabanga ngendlela yakudala kumcindezele kakhulu umuntu ngendlela yokuthi ucishe angakwazi ngisho nokuphefumula futhi uyacinana. Akanawo namancane amandla okukuphikisa futhi umane akubekezelele buthule…. Akekho oseke walokotha walwela noma wamela ukulunga nobulungiswa; abantu baphila nje impilo embi kakhulu kuneyesilwane, ngaphansi kokushaywa nokuhlukunyewa yizinkambiso eziyisidala, usuku nosuku, unyaka nonyaka. Abakaze bacabange ukufuna uNkulunkulu ukuze bajabule emhlabeni wabantu. Kusengathi umuntu ucindezelwe, njengamaqabunga awile asekwindla, washwabana waze wagqwala. Umuntu akasakhumbuli lutho futhi uphila esihogweni engenakho ukuzisiza ngenxa yegama lomhlaba wesintu, ulinde ukufika kosuku lokugcina ukuze abhubhe kanye nesihogo, kube sengathi usuku lokugcina alulangazelelayo wusuku ayothokozela ngalo ukuthula okunokuphumula. Izindlela zokuphila zakudala yizo ezifake umuntu “eHayidesi,” zawanciphisa ngokwengeziwe amandla omuntu okwenqaba. Izinhlobo ezehlukahlukene zokucindezelwa ziphoqe umuntu ukuba angene ajule kancane kancane eHayidesi futhi aqhele kakhudlwana kuNkulunkulu. Manje, uNkulunkulu ubengaziwa nhlobo ngumuntu, futhi umuntu usamgwema masinyane lapho behlangana. Umuntu akamnaki uNkulunkulu futhi umbandlulula sengathi umuntu akakaze amazi noma ambone phambilini. Nokho uNkulunkulu ubelokhu elinde umuntu kulo lonke uhambo olude lokuphila komuntu, engayiqondisi nhlobo kuye intukuthelo Yakhe engacindezeleki, elinde ngokuthula kuphela, engasho lutho, ukuba umuntu aphenduke futhi aqale kabusha. UNkulunkulu kade afika emhlabeni wesintu futhi wabekezelela ukuhlupheka okufanayo nokomuntu. Usephile nomuntu iminyaka eminingi futhi akekho obone ubukhona Bakhe. UNkulunkulu ulubekezelela buthule usizi lobubi emhlabeni wesintu ngesikhathi enza umsebenzi eze nawo mathupha. Uqhubeka nokubekezela ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba nangenxa yezidingo zesintu, ezwa ukuhlupheka umuntu angakaze akuzwe ngaphambili. Phambi komuntu, ubasebenzele buthule futhi wazithoba, ngenxa yentando kaNkulunkulu uBaba kanye nezidingo zesintu. Ulwazi ngesiko lasendulo lumthumbe ngesinyenyela umuntu, lwamsusa phambi kukaNkulunkulu, lwanikela umuntu enkosini yodeveli namadodana ayo. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele[a] athathe ukucabanga nombono womuntu akubeka kwenye inkathi yokuhlubuka, enza ukuthi muntu abakhonze kakhulu kunangaphambili labo abahlanganisa iNcwadi/Iqoqo Lemibhalo Evelele, neMibhalo Evelele, andisa imibono yabo ngoNkulunkulu. Inkosi yodeveli yamxosha ngonya uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu, umuntu enganakile, ngenkathi ingena ngenjabulo enhliziyweni yomuntu. Kusukela lapho, umuntu wayelokhu enomphefumulo omubi futhi ononya onobuso benkosi yodeveli. Ukuzonda kwakhe uNkulunkulu kwagcwalisa izifuba zabo, nenzondo yenkosi yodeveli kwasabalala kumuntu usuku nosuku kwaze kwamudla kwamqeda umuntu. Umuntu wayengasenayo nencane inkululeko futhi wayengasenandlela yokugqashula izibopho zenkosi yodeveli. Wayengeke enze lutho ngaphandle kokubanjwa khona lapho, ukuba azinikele futhi awe phansi ngokuzinikela phambi kwakhe. Kudala, lapho inhliziyo nomphefumulo womuntu kusekuncane, inkosi yodeveli yatshala kukho imbewu yomdlavuza wokungakholwa kuNkulunkulu, yafundisa umuntu amanga afana nokuthi “funda ngesayensi nobuchwepheshe, feza Izinto Ezine Zesimanjemanje, akekho uNkulunkulu emhlabeni.” Ayigcinanga lapho, yabuye yamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi, “Ake sakhe izwe elihle ngomsebenzi wethu wokukhuthala,” icela bonke abantu kusukela ebuntwaneni ukuba balungele ukukhonza izwe labo. Umuntu walethwa engaboni phambi kwayo, futhi udumo yaluthatha ngaphandle kokunqikaza (kubhekiswe kuNkulunkulu ephethe sonke isintu ngezandla Zakhe). Ayikaze nakanye izwe ukudumazeka. Ngaphezu kwalokho, yathumba abantu bakaNkulunkulu yabafaka endlini yayo ngaphandle kwamahloni, lapho igxumela etafuleni njengegundane futhi yenza umuntu ayikhonze njengoNkulunkulu. Iyingozi kakhulu! Imemeza amahlazo ashaqisayo, “Akekho uNkulunkulu emhlabeni. Umoya ubangelwa yimithetho yemvelo; imvula iwumswakama oshubayo bese uwa ungamaconsi phezu komhlaba; ukuzamazama komhlaba kuwukunyakaza kwengaphezulu lomhlaba ngenxa yezinguquko zokwakheka komhlaba; isomiso sibangelwa ukoma komoya okwenziwa ukuphazanyiswa kwengaphezulu lelanga ngamandla enunzi. Lezi yizinto ezenzeka ngokwemvelo. Iyiphi ingxenye eyisenzo sikaNkulunkulu?” Kukhona nalabo abamemeza izinkulumo ezifana nezilandelayo, izinkulumo okungafanele zize zigqanyiswe: “Umuntu uguquke esuka ezinkawini zasendulo, futhi umhlaba wanamuhla uvela ochungachungeni lwemiphakathi yakudala kusuka eminyakeni ebalelwa ezigidini eziyisigidi edlule. Ukuthi izwe liyachuma noma liyawa kusezandleni zabantu balo ngokuphelele.” Ngemva kwakhe, yenza ukuba umuntu ayilengise odongeni noma ayibeke etafuleni ukuze ayikhonze futhi anikele kuyo. Ngaso leso sikhathi imemeza ithi, “Akekho uNkulunkulu,” izibheka njengoNkulunkulu, ikhipha uNkulunkulu emingceleni yomhlaba ngokungaphezi. Ima endaweni kaNkulunkulu yenzise okwenkosi yodeveli. Ubuphukuphuku obukhulu! Yenza umuntu adliwe yinzondo ewushevu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu uyisitha sayo esikhulu futhi uNkulunkulu akabuyisani nayo. Iceba ukuxosha uNkulunkulu ibe ilokhu ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka.[2] Iwuhlobo olunje lwenkosi yodeveli! Singakubekezelela kanjani ukuba khona kwayo? Ngeke iphumule kuze kube lapho isiphazamise umsebenzi kaNkulunkulu yawushiya umanikiniki futhi unhlakanhlaka ngokuphelele,[3] sengathi ifuna ukuphikisa uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kuze kube yilapho kufa khona inhlanzi noma kudabuka khona inetha. Imelana ngamabomu noNkulunkulu futhi iya ngokuya isondela. Ubuso bayo obunyanyekayo kade bembulwa ngokuphelele futhi manje bunezibazi futhi bunamaphuphusi,[4] buyanyantisa, kodwa ayikuyeki ukuzonda kwayo uNkulunkulu, sengathi ifuna ukushwabadela uNkulunkulu ngokuphelele ngethamo elilodwa ukuze kuphele inzondo esenhliziyweni yayo. Singasibekezelela kanjani lesi sitha sikaNkulunkulu esizondekayo! Ukuqedwa nya kwaso kuphela okuyophumelelisa izifiso zempilo yethu. Singavunyelwa kanjani ukuba sicanase? Sonakalise umuntu ngezinga lokuthi umuntu akalazi ilanga lasezulwini, futhi uyafa aphinde abe buthuntu. Umuntu ulahlekelwe ukucabanga okuvamile komuntu. Kungani singanikeli ngesiqu sethu sonke ukuze siyibhubhise futhi siyishise ukuze sisuse konke ukukhathazeka futhi sivumele umsebenzi kaNkulunkulu ukuba ufinyelele masinyane ebuhleni obungakaze bubonwe? Leli qembu lezixhwanguxhwangu seliphakathi kwabantu futhi selenze iziyaluyalu neziphithiphithi ezinkulu. Lilethe bonke abantu onqenqemeni lwewa, lihlela ngokuyimfihlo ukubadudulela phansi ukuze baphihlizeke babe yizicucu futhi lishwabadele izidumbu zabo. Lifisa ngokungenampumelelo ukuphazamisa icebo likaNkulunkulu futhi lincintisane noNkulunkulu ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela.[5] Lokho akulula neze! Vele, isiphambano silungiselwe inkosi yodeveli enecala lobugebengu obubi kakhulu. UNkulunkulu akayena owesiphambano futhi usesishiyele udeveli. UNkulunkulu kade anqoba futhi akasaluzwa usizi ngezono zesintu. Uzosindisa sonke isintu.

Kusukela phezulu kuye phansi, futhi kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, uSathane ubelokhu ephazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi ephikisana Naye. Zonke izinkulumo zamasiko asendulo, ulwazi olubalulekile ngamasiko asendulo, izimfundiso zobuTao nezobuConfucian, imisebenzi evelele yobuConfucian kanye namasiko empilo yakudala kungenise umuntu esihogweni. Isayensi nezobuchwepheshe okuphezulu kwamanje, kanye nezezimboni ezithuthukile, ezolimo, nezamabhizinisi akusabonwa nangalukhalo. Kunalokho kuqhakambisa amasiko akudala asungulwe “ngezinkawu” zasendulo ukuze kuphazanyiswe ngenhloso, kuphikiswe futhi kubhidlizwe umsebenzi kaNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuhlukumeza umuntu kuze kube manje, kodwa kufuna ukushwabadela[6] umuntu ngokuphelele. Imfundiso yomthetho nendlela yokuphila yakudala nokudlulisa ulwazi lwamasiko asendulo kade kwamthelela umuntu futhi kwaphendula abantu baba odeveli abakhulu nabancane. Kunedlanzana elizimisele ukwamukela uNkulunkulu nokwamukela ngentokozo ukufika kukaNkulunkulu. Ubuso bomuntu bugcwele ukubulala, futhi kuzo zonke izindawo, ukufa kusemoyeni. Bafuna ukugudluza uNkulunkulu kuleli zwe; bephethe imimese nezinkemba, bazihlela ngokwempi ukuze babulale uNkulunkulu. Izithixo zisakazeke zagcwala lonke izwe likadeveli lapho umuntu ehlala etshelwa khona ukuthi akekho uNkulunkulu. Phezu kwalo mhlaba kugcwele iphunga elinyanyisayo lephepha nempepho eshayo, likhulu ngendlela ecinanisayo. Kubonakala kuyiphunga lodaka elikhuphukayo lapho inyoka izisonga, futhi lenele ukwenza umuntu angakwazi ukugwema ukuhlanza. Ngaphandle kwalokho, kuzwakala ngokufiphele amadimoni amabi ecula imibhalo. Lo msindo uzwakala sengathi uvela kude esihogweni, futhi ayikho into engenziwa umuntu ngaphandle kokuzwa umzimba uhlasimula. Kulo lonke leli zwe kusabalele izithixo, ezinemibalabala yothingo lwenkosazane, eziphendula izwe libe umhlaba wezinjabulo zenyama, lapho inkosi yodeveli ilokhu ihleka ngonya, kungathi icebo layo elibi liphumelele. Kodwa umuntu akakuboni nhlobo, akaboni nokuthi udeveli usemonakalise ngezinga lokuthi akusazweli lutho futhi unqotshiwe. Ufisa ukususa konke okumayelana noNkulunkulu ngegalelo elilodwa, nokubuye amngcolise futhi ambulale; uzimisele ukucekela phansi nokuphazamisa umsebenzi Wakhe. Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba abe sezingeni elilinganayo? Angakubekezelela kanjani “ukugxambukela” kukaNkulunkulu emsebenzini wakhe phakathi kwabantu emhlabeni? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obubi? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obunyanyekayo? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba aphazamise umsebenzi wakhe? Lo develi, uvutha bhe intukuthelo, angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba alawule ihlalankosi lombuso wakhe emhlabeni? Angawucela kanjani umaluju? Ubuso bakhe bembuliwe ubunjalo babo, okwenza umuntu angazi ukuthi kufanele ahleke noma akhale yini, futhi yinto okunzima ngempela ukukhuluma ngayo. Ingabe le akuyona ingqikithi yakhe? Ngomphefumulo omubi, usakholwa ukuthi muhle ngendlela emangalisayo. Leli qembu labalekeleli![7] Bafika phakathi kwabantu ukuze bazitike ngenjabulo futhi babange izinxushunxushu. Ukuphazamisa kwabo kwenza izwe libe ntekenteke futhi kuletha ukwethuka enhliziyweni yomuntu, futhi sebedlale ngomuntu kakhulu kangangokuthi usefana nesilwane sasendle esingenabuntu, esibi ngokwedlulele, esesilahlekelwe ngisho yinsalela yokugcina yomuntu wasekuqaleni ongcwele. Ngaphezu kwalokho, bafisa ngisho ukuthatha amandla obukhosi emhlabeni. Bawenza ube nzima umsebenzi kaNkulunkulu kangangokuba ucishe ungayi nakancane phambili, futhi bavimbela umuntu ngokuqine njengezindonga zethusi nensimbi. Ngemva kokwenza izono eziningi kangaka nokubanga izinkinga ezingaka, yini enye abangayilindela ngaphandle kokusolwa? Amadimoni nemimoya emibi bekulokhu kudlebelekile emhlabeni futhi kuvimbe intando kanye nomzamo kaNkulunkulu onokucophelela, kukwenza kungangeneki. Yisono esibulalayo leso! Angahlala kanjani angakhathazeki uNkulunkulu? Angahlala kanjani angathukutheli uNkulunkulu? Awuphazamisa kakhulu futhi amelene kakhulu nomsebenzi kaNkulunkulu. Ahlubuka ngokwedlulele! Ngisho nalawo madimoni amakhulu namancane aziqhenya kakhulu ngenxa yodeveli abanamandla bese eqala ukuzigqamisa. Aliphikisa ngamabomu iqiniso, naphezu kokulibona ngokucacile. Amadodana okuhlubuka! Kusengathi, manje njengoba inkosi yawo yesihogo yehlele esihlalweni sobukhosi, aba nokuzithwala bese edelela bonke abanye. Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lamabhungane anukayo ebulongweni ukuze anikine amakhanda awo bese esusa uthuthuva.[8] Akholwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, engaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuthembela kubazali bawo abayizingulube nezinja. Njengezimpukane ezincane, acabanga ukuthi abazali bawo bakhulu njengemikhoma enamazinyo.[9] Acishe angazi ukuthi, lapho kwawona emancane, abazali bawo bayizingulube nezinja ezingcolile ezinkulu ngokuphindwe ngezigidi ezingamakhulu kunawo. Engakuboni ukuba phansi kwawo, ayadlebeleka ngephunga elibolile lalezo zingulube nezinja futhi anombono onokuzikhohlisa wokuzala izizukulwane ezizayo. Lokho ukungabi namahloni kakhulu! Ngezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kubhekise kokushiwo yiwo ukuthi akholwa kuNkulunkulu), aqala ukuziqhenya futhi ahambe eqhosha ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kwawo kumuntu. Futhi aba nokuzithwala, kube sengathi amaphiko amabili anemibala yothingo lwenkosazane angakufihla ukungcola kwawo, futhi ngalezi zindlela, acindezela ulwazi mayelana nokuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kubhekiswe kulokho okwenzeka ekusithekeni emhlabeni wenkolo). Kuncane umuntu akwaziyo ngokuthi, nakuba amaphiko empukane emahle futhi eheha, empeleni ayehluke ngalutho empukaneni encane egcwele ukungcola futhi embozwe amagciwane. Emandleni abazali babo abayizingulube nezinja, adlebeleka kulo lonke izwe (lokhu kubhekise ezikhulwini zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe elikhaphela uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngolaka olukhulu. Kuba sengathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kanye noNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sazo esidala. Aphinde aqala esinye isiwombe sokushushisa, ephinde eqhuba umsebenzi wawo wezinkulungwane eziningi zeminyaka eyedlule. Leli qembu lezonakali nakanjani lizogcina libhubhile emhlabeni! Kubonakala sengathi, ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile ikhohlisa futhi inobuqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokudicilela phansi ngokuyimfihlo umsebenzi kaNkulunkulu. Inobuqili nokuphamba futhi ifisa ukuphinda inhlekelele yeminyaka eyizinkulungwane eziningi ezweni layo. Lokhu kucishe kwenze ukuba uNkulunkulu amemeze kakhulu, futhi ukuthola kunzima ukuthi azithibe ekubuyeleni ezulwini lesithathu ukuze ababhubhise. Ukuze umuntu athande uNkulunkulu, kumele aqonde intando Yakhe nenjabulo nosizi Lwakhe, kanye nalokho akuzondayo. Lokhu kuzokwenza ukungena komuntu kuphumelele kangcono. Ukushesha kokungena komuntu, kwenza inhliziyo kaNkulunkulu igculiseke kakhudlwana; lapho umuntu eyiqonda kakhudlwana inkosi yodeveli, yilapho esondelana kakhudlwana khona noNkulunkulu, ukuze isifiso Sakhe sigcwaliseke.

Imibhalo yaphansi:

1. “Akuhlakazeki” kuhloswe njengokubhuqa lapha, kuchaza ukuthi abantu abanyakazi olwazini lwabo, isiko, nokubuka ngokomoya.

2. “ingajeziswa futhi ihamba ngokukhululeka” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokudlebeleka.

3. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekise endleleni ukuziphatha ngobudlova kukadeveli okungabekezeleleki ngayo.

4. “Bunezibazi futhi bunamaphuphusi” kubhekise ebusweni obubi benkosi yodeveli.

5. “Ngokugembula okunamathuba amancane okuphumelela” umfanekiso wamacebo kadeveli okuyenga ngokuqili, okubi. Kusetshenziselwa ukuhlekisa.

6. “Ukushwabadela” kubhekise endleleni yokuziphatha kobudlova kwenkosi yodeveli, okuphanga abantu ngokuphelele.

7. “Abelekeleli” bawuhlobo olulodwa “neqembu lezigebengu.”

8. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

9. “Imikhoma enamazinyo” isetshenziselwa ukuhlekisa. Kuyisingathekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

a. Iqoqo elithi Izincwadi Ezine nelithi Izincwadi Ezinhlanu Ezivelele yizincwadi ezithathwa njengezinegunya enkolweni yeConfucianism eShayina.

Okwedlule: Umsebenzi Nokungena (6)

Okulandelayo: Umsebenzi Nokungena (8)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp