Umsebenzi Nokungena (4)

Uma umuntu engakwazi ngempela ukungena ngokuvumelana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, ukuphila kwakhe kuyohluma ngokushesha njengamagatsha oqalo ngemva kwemvula yasentwasahlobo. Uma sibuka isimo samanje sabantu, akekho obheka ukuphila njengokubalulekile. Kunalokho, abantu babheka izinto ezingatheni njengezibalulekile. Noma bagijima ngokuxhamazela futhi basebenza ngokungenamgomo futhi abagxilile, abazi ukuthi bayephi, ingasaphathwa eyokuthi kubani. Bamane “bazibheka njengabathobekile.” Iqiniso liwukuthi, idlanzana kini elazi izinhloso zikaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Akuvamisile ukuthi kini kube khona owazi imikhondo kaNkulunkulu, kodwa okubi ngokwengeziwe, akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu uyofezani ekugcineni. Kodwa wonke umuntu, usamukela ngothando isiyalo nokusebenzelana nabanye, ngokungathi unyakazisa imisipha yakhe elungiselela ukulwa[1] elindele ihora lokunqoba. Ngeke ngiphawule ngalezi “zimangaliso” zabantu, kodwa kunento eyodwa nonke okufanele niyiqonde. Okwamanje abantu abaningi benza okungajwayelekile,[2] izinyathelo zabo seziyela ngasekugcineni.[3] Kungenzeka kube khona abaningi abacabanga ukuthi kukhona indawo engenasici engaphandle komhlaba wabantu umuntu ayilangazelelayo, bekholwa ukuthi yindawo yenkululeko. Eqinisweni, akunjalo. Noma omunye angase athi abantu baphambukile. Kodwa kungakhathaleki ukuthi abantu benzani, ngisafuna ukukhuluma ngalokho umuntu okufanele angene kukho. Izimfanelo nokushiyeka kwabaningi akusona isihloko esiphambili sale nkulumo. Ngethemba ukuthi bonke abazalwane bazokwazi ukuthola ngokucacile nangokuyikho amazwi Ami futhi bengayiqondi kabi inhloso Yami.

UNkulunkulu uwumuntu ezweni elibanzi lamaShayina, balibiza kanjalo abomdabu baseHong Kong nabaseTaiwan ugu. Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni, akekho ezulwini owayazi ngalokho, ngoba lena incazelo yangempela yokubuya kukaNkulunkulu ngendlela efihlekile. Ubelokhu eyinyama esebenza futhi ephila isikhathi eside, kodwa akekho owaze ngakho. Kuze kube namuhla, akekho obonayo. Mhlawumbe lokhu kuyoba impicabadala kuze kube phakade. Ukuba yinyama kukaNkulunkulu kulokhu akuyona into engabonwa yinoma ubani. Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi kaMoya ubanzi futhi unamandla kangakanani, uNkulunkulu uhlale ezolile, akalokothi aphaphazele. Omunye angase athi kunjengokungathi lesi sigaba somsebenzi Wakhe senzeka endaweni yasezulwini. Nakuba kusobala kuwo wonke umuntu, akekho okuqaphelayo. Lapho uNkulunkulu eqeda lesi sigaba somsebenzi Wakhe, wonke umuntu uyovuka emaphusheni akhe amade abuyise umbono ayenawo ekuqaleni.[4] Ngikhumbula ukuthi uNkulunkulu wake wathi, “Ukuza enyameni kulokhu kufana nokuwela esibayeni sezingwe.” Lokhu kuchaza ukuthi, ngenxa yalesi siwombe somsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu ungena enyameni, futhi, ngaphezu kwalokho, uzalelwe endaweni okuhlala kuyo udrako omkhulu obomvu, futhi ngaphezu kwenkathi engaphambili, kulokhu ubhekana nengozi ngokuza emhlabeni. Ubhekene nemimese nezibhamu kanye nezagila; ubhekene nesilingo; ubhekene nezixuku ezinenswebu yokubulala. Uzifaka engozini yokubulawa noma yinini. UNkulunkulu wafika enolaka. Nokho, wafikela ukwenza umsebenzi wokuphelelisa, okusho ukwenza ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe eqhubeka ngisho nangemva komsebenzi wokuhlenga. Ngenxa yalesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu unikele ngayo yonke imicabango futhi usebenzisa zonke izindlela ukuze agweme izilingo, uyazithoba futhi akalokothi aveze ubuntu Bakhe. Lapho esindisa umuntu esiphambanweni, uJesu wayemane ephelelisa umsebenzi wokuhlenga; wayengenzi umsebenzi wokuphelelisa. Ngakho kwakwenziwa uhhafu womsebenzi kaNkulunkulu, futhi ukuqeda umsebenzi wokuhlenga kwakuyingxenye yalo lonke icebo Lakhe. Njengoba inkathi entsha yayisizoqala futhi endala isiphela, uNkulunkulu uBaba waqala ukucabanga ngengxenye yesibili yomsebenzi Wakhe futhi wenza amalungiselelo awo. Lokhu kuba sesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina akuprofethwanga ngokucacile esikhathini esedlule, ngalokho kwabeka isisekelo semfihlo edlondlobalayo ngokungena kukaNkulunkulu enyameni ngalesi sikhathi. Lapho kusa, kungazi muntu, uNkulunkulu weza emhlabeni waqala ukuphila enyameni. Abantu babengawunakile lo mzuzu. Mhlawumbe babezumekile, mhlawumbe labo ababebhekile begadile babelindile, mhlawumbe abanye babethandaza buthule kuNkulunkulu ezulwini. Kodwa phakathi kwabo bonke labantu abaningi, akekho noyedwa owayazi ukuthi uNkulunkulu wayesefikile kakade emhlabeni. UNkulunkulu wasebenza ngale ndlela ukuze awufeze ngaphandle kwezingqinamba umsebenzi Wakhe futhi athole imiphumela engcono, nokuthi agweme ezinye izilingo. Lapho umuntu ephaphama, umsebenzi kaNkulunkulu wawusuphele kudala futhi wayesehamba, waqhubeka nokuphila noma uhambo lwasemhlabeni. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu udinga ukuthi uNkulunkulu azenzele futhi akhulume mathupha, nokuthi ayikho indlela yokungenela komuntu, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu bokuza emhlabeni ezozenzela umsebenzi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu uzifake engozini izikhathi eziyizinkulungwane eziningi kunezangeNkathi Yomusa eza lapho kuhlala khona udrako omkhulu obomvu ezokwenza umsebenzi Wakhe, ezozama ngazo zonke izindlela ukuzohlenga leli qembu elingenabani labantu, ezotakula leli qembu labantu elibishe odakeni. Noma engekho owazi ngokuba khona kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akanankinga ngoba kuwuzuzisa kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu ukhohlakele kakhulu, ngakho umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Yingakho emhlabeni uNkulunkulu ehlale engasho lutho. Akunandaba ukuthi umuntu ukhohlakele kangakanani, akukho lukho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni, kodwa uqhubeka enza umsebenzi okudingeka awenze ukuze afeze umsebenzi omkhulu awunikwe uBaba osemazulwini. Ubani phakathi kwenu obone uthando lukaNkulunkulu? Ubani okhathakazeka kakhulu ngomthwalo kaBaba uNkulunkulu ukwedlula iNdodana Yakhe? Ubani okwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu uBaba? Umoya kaNkulunkulu, uBaba osezulwini uhlale uhlukumezeka, iNdodana Yakhe emhlabeni ihlale ithandaza ngentando kaNkulunkulu uBaba, ikhathazeke inhliziyo Yakhe ibe izicucu. Ingabe ukhona owazi uthando uNkulunkulu uBaba analo ngeNdodana Yakhe? Ingabe ukhona owazi ukuthi iNdodana ethandwayo imkhumbula kangakanani uNkulunkulu uYise? Behlukaniswe izulu nomhlaba, laba ababili bahlale bexhumana nakuba beqhelelene, besebenzisa uMoya. Nina sintu! Niyokhathazeka nini ngenhliziyo kaNkulunkulu? Niyoyiqonda nini inhloso kaNkulunkulu? UBaba neNdodana bebelokhu bebambisene. Kungani pho kufanele bahlukaniswe, omunye abe sezulwini omunye abe semhlabeni? UBaba uyayithanda iNdodana Yakhe neNdodana iyamthanda uYise. Kungani pho kufanele silinde ngokulangazela nokukhathazeka okunjalo? Nakuba bengakahlukaniswa isikhathi eside, ingabe ukhona owaziyo ukuthi uBaba ubelokhu elangazelela izinsuku eziningi ukubona iNdodana Yakhe ayithandayo ibuya? Uyabuka, ahlale buthule, alinde. Konke kumayelana nokubuya ngokushesha kweNdodana Yakhe ayithandayo. Kunini lapho ayophinde khona abe neNdodana Yakhe ezulazula emhlabeni? Ngisho noma bake baba ndawonye, basazoba ndawonye kuze kube phakade, angazibekezelela kanjani izinkulungwane zezinsuku bengekho ndawonye, omunye esemhlabeni omunye esezulwini? Amashumi eminyaka emhlabeni afana nezinkulungwane zeminyaka ezulwini. UNkulunkulu uBaba angahlala kanjani engakhathazeki? Lapho uNkulunkulu efika emhlabeni, wenza izinguquko eziningi ezweni labantu njengoba nje kwenza umuntu. UNkulunkulu Uqobo umsulwa, ngakho kungani uNkulunkulu kufanele ezwe ubuhlungu obufana nobomuntu? Yingakho uNkulunkulu uBaba eyilangazelela kangaka iNdodana Yakhe; ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu? UNkulunkulu unika umuntu okuningi; umuntu angayikhokhela ngani inhliziyo kaNkulunkulu? Kodwa kuncane kakhulu umuntu akunika uNkulunkulu; angahlala kanjani-ke uNkulunkulu angakhathazeki?

Kucishe kungabi khona muntu phakathi kwabantu okuqondayo ukuphuthuma esimweni somqondo kaNkulunkulu ngenxa yokuthi izinga labantu liphansi kakhulu futhi umoya wabo ubuthuntu kakhulu, futhi ngoba bonke abakunaki okwenziwa uNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu ulokhu ekhathazeka ngomuntu, ngokuthi ubulwane bomuntu bungagqashuka noma inini. Lokhu kuphinde kuveze ukuthi ukuza kukaNkulunkulu emhlabeni kuhambisana nezilingo ezinkulu. Kodwa ngenxa yokuqedela iqembu labantu, uNkulunkulu wodumo, watshela umuntu zonke izinhloso Zakhe, wangafihla lutho. Unqume ngokuqinile ukuqedela leli qembu labantu. Ngakho, lapho kuza ubunzima noma izilingo, unquma ukukushalazelela konke. Uwenza buthule umsebenzi Wakhe, ukholelwa ngokunamandla ukuthi ngelinye ilanga lapho uNkulunkulu ethole inkazimulo, umuntu uyomazi uNkulunkulu, nokuthi lapho uNkulunkulu eseqedile ngomuntu, umuntu uyoyiqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Okwamanje kungenzeka kunabantu abalinga uNkulunkulu noma abangamqondi noma abambeka amabala uNkulunkulu; akukho kulokho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni. Lapho uNkulunkulu ehla eba inkazimulo, bonke abantu bayoqonda ukuthi konke okwenziwa uNkulunkulu kungenxa yenhlala-kahle yomuntu, futhi bayoqonda ukuthi uNkulunkulu usuke enzela ukuthi abantu baphile kangcono. Ukuza kukaNkulunkulu kuphelezelwa izilingo, futhi uNkulunkulu uza ngamandla nangolaka. Lapho uNkulunkulu eshiya izulu, uyobe eseyitholile kakade inkazimulo, uyobe esekhazinyuliswe ngokuphelele futhi kuyoba nenhlokomo lapho ebuya. UNkulunkulu osebenza emhlabeni akafaki izinto enhliziyweni, kungakhathaliseki ukuthi abantu bamphika kangakanani. Umane nje wenza umsebenzi Wakhe. Ukudala kukaNkulunkulu umhlaba kwenzeka eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uze emhlabeni ukuze enze umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ukubone ngokuphelele ukuphikwa abantu nokunyundelwa. Akekho owamukela ukufika kukaNkulunkulu; bonke abamnakile. Endabeni yezinkulungwane zeminyaka yobunzima, ukuziphatha komuntu kade kwaba yize enhliziyweni kaNkulunkulu. Akasakunaki ukuhlubuka kwabantu, kodwa esikhundleni salokho wenza icebo elihlukile lokuguqula nokuhlanza umuntu. Ukululazwa, ukunyundwa, ukushushiswa, usizi, ukubulawa esiphambanweni, ukucwaswa komuntu, nokunye uNkulunkulu akubone enyameni—uNkulunkulu usekubone kwanela. UNkulunkulu osenyameni uzwe ubuhlungu obukhulu ezweni labantu. Umoya kaNkulunkulu uBaba osezulwini kade wathola ngalezo zinto futhi wavala amehlo ngoba azibekezeleleki, ulinde ukubuya kweNdodana ethandekayo. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu balalele, bakwazi ukubona usizi olusenyameni Yakhe, futhi bangahlubuki Kuye. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kade ayeka ukufuna izinto ezinkulu kumuntu ngoba uNkulunkulu usekhokhe inani elikhulu kakhulu, kodwa umuntu uyabukela,[5] akawufaki nhlobo umsebenzi kaNkulunkulu enhliziyweni.

Nakuba lokhu engixoxa ngakho namuhla mayelana nomsebenzi kaNkulunkulu kugcwele “amazwi angenasisekelo”[6] amaningi, kunokubaluleka okukhulu ekungeneni komuntu. Ngimane ngikhuluma okunye ngomsebenzi bese futhi ngikhuluma okunye ngokungena, kodwa akukho kulokhu okungabalulekile, futhi lapho kuhlanganiswa, lezi zinto ezimbili ziyinzuzo kakhulu empilweni yomuntu. Lezi zinto ezimbili ziyasebenzelana[7] futhi zizuzisa kakhulu, zenza ukuba abantu bayiqonde kangcono intando kaNkulunkulu futhi zivumela ukuxhumana phakathi kwabantu noNkulunkulu. Ngokukhuluma namuhla ngomsebenzi, ubuhlobo babantu noNkulunkulu buthuthuke kakhulu, ukuqondana kuyajula, futhi umuntu ukwazi ukucabangela kakhulu nokunakekela umthwalo kaNkulunkulu; umuntu angezwa lokho uNkulunkulu akuzwayo, abe nokuzethemba kakhudlwana ngokuguqulwa uNkulunkulu, futhi alindele ukubona uNkulunkulu. Lesi ukuphela kwesicelo sikaNkulunkulu kumuntu namuhla—ukuphila ngokuvumelana nomfanekiso walowo othanda uNkulunkulu, ukuze ukukhanya kokubonakaliswa kokuhlakanipha kuNkulunkulu kubaneke enkathini yobumnyama futhi ukuze ukuphila komuntu kushiye ngemuva ikhasi elikhazimulayo emsebenzini kaNkulunkulu, elikhazimula kuze kube phakade eMpumalanga yomhlaba, lenze ukunakwa umhlaba kanye nokuhlonishwa yibo bonke. Lokhu, ngokuqinisekile impela, kungukungena okungcono kwalabo abathanda uNkulunkulu namuhla.

Imibhalo yaphansi:

1. “Unyakazisa imisipha yakhe elungiselela ukulwa” kusetshenziswe ngokubhuqa.

2. “Okungajwayelekile” kubonisa ukuthi ukungena kwabantu kuyanhlanhlatha kanti okuhlangenwe nakho kwabo kunxanye.

3. “Ukuyela ngasekugcineni” kubonisa ukuthi abantu bahamba endleleni ephikisana nentando kaNkulunkulu.

4. “Ukubuyisa umbono ababenawo ekuqaleni” kubhekisela endleleni abantu abacabanga nababheka ngayo uguquko lukaNkulunkulu lapho sebazi uNkulunkulu.

5. “Ukubukela” kubonisa ukuthi abantu abanaki umsebenzi kaNkulunkulu futhi abawuboni njengobalulekile.

6. “Amazwi angenasisekelo” kubonisa ukuthi abantu ngokuyisisekelo abakwazi ukuqonda umthombo wamazwi akhulunywayo. Abakwazi okushiwoyo. La mazwi asetshenziswa ngokuyindida.

7. “Ukusebenzelana” kuchaza ukuthi ukuhlanganisa kokubili, “umsebenzi” kanye “nokungena” ekuhlanganyeleni, kungaba yinzuzo ngokwengeziwe ekwazini kwethu uNkulunkulu.

Okwedlule: Umsebenzi Nokungena (3)

Okulandelayo: Umsebenzi Nokungena (5)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp