1. Kungani uNkulunkulu Ethatha Amagama, futhi Kungenzeka Ukuthi Igama Elilodwa Limele Ukuphelela KukaNkulunkulu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ingabe igama likaJesu—“UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. Ngisho kunjalo, abantu abaningi asebedlule ekuzweni ngokomoya futhi asebembone mathupha uNkulunkulu basezwa ukuthi leli gama elithile alikwazi ukumela uNkulunkulu ngokuphelele—awu, akukho okungenziwa ngalokhu, ngakho umuntu akasambizi uNkulunkulu nganoma yiliphi igama, kodwa umbiza nje ngokuthi “Nkulunkulu.” Kusengathi inhliziyo yomuntu igcwele uthando kodwa futhi ixakwe yizimpikiswano, ngoba umuntu akakwazi ukuchaza uNkulunkulu. Ayikho uNkulunkulu kucebe kakhulu, akukho ndlela yokukuchaza. Alikho igama elilodwa elingaqoqa isimo sikaNkulunkulu, futhi akukho gama elilodwa elingachaza lokho uNkulunkulu anakho nayikho. Uma umuntu engibuza, “Empeleni yiliphi igama olisebenzisayo?” Ngiyomtshela ukuthi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu!” Akulona igama elihle lelo likaNkulunkulu? Akukhona ukuqoqa kahle kakhulu isimo sikaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, kungani nichitha amandla angaka nifuna igama likaNkulunkulu? Kungani kufanele nizihlekeze ubuchopho, nizile ukudla nobuthongo, konke ngenxa yegama nje? Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayofinyelela ekugcineni, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usufike ekugcineni, ngemva kwalokho ngeke esaba nawo amagama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, unasiphi isidingo segama elifanaleke kakhulu kodwa elingaphelele? Namanje usathungatha igama likaNkulunkulu? Usalokotha uthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngoJehova? Usalokotha uthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngoJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu? Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya. Ngizobizwa ngoNkulunkulu uSomandla Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 3. Insindiso Ingeza Kuphela Ngokukholwa KuNkulunkulu USomandla

Okulandelayo: 2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp