Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)

INkathi Yomusa yashumayela ivangeli lokuphenduka, futhi uma umuntu ekholwa, wayezosindiswa. Namuhla, esikhundleni sensindiso kunenkulumo yokunqoba nokuphelelisa. Akushiwo nhlobo ukuthi uma umuntu oyedwa ekholwa, wonke umndeni wakhe uyobusiswa, noma ukuthi insindiso ngeyawo wonke umuntu. Namuhla, akekho okhuluma la mazwi, futhi lezi zinto seziphelelwe yisikhathi. Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba uqonde ngokugcwele. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokwenza umsebenzi wokuphetha? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi Akhe nawo afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke okunye ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela. Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, akubuzwa ukuthi kuyobe kunjalo kuyo yonke indawo. Njengoba kunje, ngumsebenzi wokunqoba eChina kuphela ophethe uphawu olunomqondo. IChina iveza wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abangabenyama, abakaSathane, abenyama negazi. Ngabantu baseChina abakhohlakaliswe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, obe ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bubi futhi bungcole kakhulu, futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu waso sonke isintu esikhohlakele. Lokhu akusho ukuthi amanye amazwe awanazo nhlobo izinkinga; imicabango yabantu iyefana yonke, futhi nakuba abantu bala mazwe bengaba ngabezinga elihle, uma bengamazi uNkulunkulu, ngakho kungase kube bayamphikisa. Kungani wonke amaJuda amphikisa futhi amdelela uNkulunkulu? Kungani abaFarisi nabo bamphikisa? Kungani uJuda akhaphela uJesu? Ngaleso sikhathi, iningi labafundi lalingamazi uJesu. Kungani, emva kokuba uJesu ebethelwe wabuye wavuka, abantu bengakholwanga Kuye? Ngabe ukungalaleli komuntu akufani konke? Ukuthi nje abantu baseChina kwenziwa ngabo isibonelo, futhi lapho benqotshwa bazoba yimifuziselo nezibonelo, futhi bazosebenza njengokuzobhekiswa kukho ngabanye. Kungani bengilokhu ngithi nilusizo ohlelweni Lwami lokuphatha? Kusebantwini baseChina lapho inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubonakala khona ngokuphelele futhi kwembulwa kuzo zonke izinhlobo zakho. Ngakolunye uhlangothi, bangabezinga eliphansi, futhi ngakolunye, ukuphila kwabo, ukucabanga kwabo kusemuva, futhi ukuziphatha kwabo, izimo zenhlalo, imindeni abazalwa kuyo—konke kuphansi futhi kusemuva. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo uyafanekisa, futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi wenziwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe olandelayo uzohamba kangcono kakhulu. Uma lesi sinyathelo somsebenzi singaqedwa, nomsebenzi olandelayo uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe, impumelelo enkulu iyobe isitholakele, futhi umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele. Eqinisweni, uma nje umsebenzi okini usuphumelele, lokhu kuyolingana nokuphumelela endaweni yonke. Yilokhu ukubaluleka kokuthi kungani ngifuna wenze njengesibonelo nalowo okungabukelwa kuye. Ukuvukela, ukuphikisa, ukungcola, ukungalungi—konke kutholakala kulaba bantu futhi kubo kukhona konke ukuhlubuka komuntu—bayinto ethile ngempela. Ngakho, bayisibonelo esihle sokunqotshwa futhi uma sebenqotshiwe, ngokwemvelo bayokuba isibonelo kwabanye. Ayikho into eyake yaba uphawu eyedlula isigaba sokuqala esenziwa ku-Israyeli: Ama-Israyeli ayengcwele futhi engakhohlakele kunabo bonke abantu, ngakho ukuqala kwenkathi entsha kuleli zwe kwakubaluleke kakhulu. Kungashiwo ukuthi okhokho baso sonke isintu bavela ku-Israyeli nokuthi u-Israyeli waba yindawo okwaqalwa kuyo umsebenzi kaNkulunkulu. Ekuqaleni, laba bantu babengcwele ngezinga eliphezulu futhi bonke babekhonza uJehova nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubo wawukwazi ukuthela izithelo ezinhle. Lonke iBhayibheli liqopha umsebenzi wezinkathi ezimbili: eyodwa ngeyomsebenzi weNkathi Yomthetho, futhi enye ngeyeNkathi Yomusa. ITestamente Elidala liqopha amazwi kaJehova abhekiswe kuma-Israyeli kanye nomsebenzi Wakhe kwa-Israyeli; iTestamente Elisha liqopha umsebenzi kaJesu eJudiya. Kodwa kungani iBhayibheli lingaqukethe noma yiliphi igama lamaChina? Ngoba izingxenye zokuqala zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa kude kwa-israyeli, ngoba abantu bakwa-Israyeli babengabakhethiwe—okusho ukuthi babengabokuqala ukwamukela umsebenzi kaJehova. Babengabakhohlakele kancane kunaso sonke isintu, futhi ekuqaleni babefuna ukubheka kuNkulunkulu futhi bamhloniphe. Bawalalela amazwi kaJehova futhi bemkhonza njalo ethempelini, bagqoke izembatho zabapristi noma imiqhele. Kwakungabantu bokuqala ababekhonza uNkulunkulu futhi bengabokuqala ukwenza umsebenzi Wakhe. Laba bantu babeyizibonelo zaso sonke isintu. Babeyizibonelo zobungcwele nokulunga. Abantu abanjengoJobe, u-Abrahama, uLoti noma uPetru noThimothewu—bonke babengama-Israyeli futhi baba yisibonelo sokuba ngcwele kunabo bonke abantu. Izwe lakwa-Israyeli kwakungelinye lamazwe okuqala akhonza uNkulunkulu esintwini, futhi abantu abaningi abalungile bavela khona kunabavela kwezinye izindawo. UNkulunkulu wasebenza kubo ukuze akwazi ukulawula kahle isintu kuwo wonke umhlaba esikhathini esizayo. Ukuphumelela kwabo nokulunga endleleni ababekhonza ngayo uJehova kwabhalwa, ukuze babe njengezibonelo kubantu abangaphandle kwakwa-Israyeli phakathi neNkathi Yomusa; futhi izenzo zabo zagcinwa iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yomsebenzi, kuze kube namuhla.

Emva kokusekelwa kwezwe, isigaba sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu senziwa kwa-Israyeli, futhi ngalokho u-Israyeli wayeyindawo okwazalelwa kuyo umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, futhi wayeyisizinda somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni. Umklamo womsebenzi kaJesu wawuthatha lonke iJudiya. Ngesikhathi somsebenzi Wakhe, bambalwa kakhulu labo abangaphandle kweJudiya ababazi ngawo, ngoba akenzanga msebenzi ngaphandle kwaseJudiya. Namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu ulethwe eChina, futhi wenziwa kuphela phakathi kwalo mklamo. Phakathi nalesi sigaba, awukho umsebenzi oqalwa ngaphandle kwaseChina; ukusabalala kwawo ngaphandle kwaseChina kungumsebenzi ozobuye ufike. Lesi sigaba somsebenzi silandela esigabeni somsebenzi kaJesu. UJesu wenza umsebenzi wokuhlenga, futhi lesi sigaba singumsebenzi olandela komunye; ukuhlenga sekuqediwe, futhi kulesi sigaba akukho sidingo sokukhulelwa ngokoMoya oNgcwele, ngoba lesi sigaba somsebenzi asifani nesigaba sokugcina, futhi, ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi iChina ayifani no-Israyeli. Isigaba somsebenzi owenziwa nguJesu sasiwumsebenzi wokuhlenga. Umuntu wabona uJesu, futhi kungakedluli sikhathi, umsebenzi Wakhe waqala ukusabalalela kwabeZizwe. Namuhla, baningi abakholwa kuNkulunkulu eMelika, e-UK naseRashiya, ngakho kungani bembalwa eChina? Ngoba iChina iyisizwe esivaleleke kakhulu. Kanjalo, iChina yaba ngeyokugcina ukwamukela indlela kaNkulunkulu, futhi namanje kuseyiminyaka engaphansi kwekhulu yakwenza—ngemuva kakhulu kuneMelika ne-UK. Isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu senziwa ezweni laseChina ukuze sifikise umsebenzi Wakhe ekugcineni, futhi ukuze wonke umsebenzi Wakhe ufezwe. Abantu kwa-Israyeli bonke babiza uJehova ngeNkosi yabo. Ngaleso sikhathi, babembona njengenhloko yomndeni wabo, futhi wonke u-Israyeli waba ngumndeni omkhulu lapho wonke umuntu wayekhonza khona iNkosi uJehova. UMoya kaJehova wawuhlala ubonakala kubo, futhi wakhuluma futhi waphimisa iphimbo Lakhe kubona, futhi wasebenzisa insika yefu nomsindo ukuqondisa izimpilo zabo. Ngaleso sikhathi, umoya wahlinzeka ukuqondisa Kwakhe kwa-Israyeli ngokuqondileyo, ukhuluma futhi uphimisa izwi Lakhe kubantu, futhi babona amafu baphinde bezwa ukuduma kwezulu, futhi ngale ndlela waqondisa izimpilo zabo iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Ngalokho, ngabantu bakwa-Israyeli kuphela abebehlala bekhonza uJehova. Bakholwa ukuthi uJehova unguNkulunkulu wabo, futhi akayena uNkulunkulu wabeZizwe. Lokhu akumangalisi: UJehova, kakade, wayesesebenze phakathi kwabo iminyaka esondele kweyizi-4,000. Ezweni laseChina, emva kwezinkulungwane zeminyaka yokulala okunokukhathala, kumanje lapho izonakali zifinyelela ekwazini ukuthi amazulu nomhlaba nazo zonke izinto azenzekanga ngokwemvelo, kodwa zenziwa nguMdali. Ngoba leli vangeli livele phesheya, leyo miqondo yesidala, ephikisayo ikholwa ukuthi bonke labo abemukela leli vangeli benza icala elikhulu, bayizinja ezikhaphela uBuddha—ukhokho wabo. Ngaphezu kwalokho, iningi lale miqondo eyisidala iyabuza, Kwenzeka kanjani ukuba amaChina akholwe kuNkulunkulu wabantu bangaphandle? Ngabe abakhapheli okhokho babo? Ngabe abenzi ububi? Namuhla, abantu kade bakhohlwa ukuthi uJehova unguNkulunkulu wabo. Kade bedudulele uMdali emuva kwemiqondo yabo, futhi kunalokho bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, esho ukuthi umuntu uguquke esuka ezinkawini, futhi umhlaba wemvelo waba khona ngokuzihambela kwesikhathi. Konke ukudla okuhle okuthokozelwa yisintu kuhlinzekwa yimvelo, kunokuhleleka empilweni nasekufeni komuntu, futhi akukho Nkulunkulu obusa phezu kwakho konke. Ngaphezu kwalokho, baningi abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu abakholwa ukuthi ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwakho konke kuyinkolo eyize, futhi akuhambisani nesayensi. Kodwa ngabe isayensi iyakwazi yini ukuthatha indawo yomsebenzi kaNkulunkulu? Isayensi iyakwazi ukubusa phezu kwesintu? Ukushumayela ivangeli endaweni ebuswa ukungakholwa ubukhona bukaNkulunkulu akuwona umsebenzi olula, futhi kubandakanya izithiyo ezinkulu. Namuhla, ngabe ababaningi abaphikisa uNkulunkulu ngale ndlela?

Lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi Wakhe, abantu abaningi baqhathanisa umsebenzi Wakhe nomsebenzi kaJehova, futhi, lapho bethola ukungafani kuyo, babethela uJesu esiphambanweni. Kungani bengatholanga ukufana phakathi komsebenzi Wabo? Ingxenye yakho, yayingenxa yokuthi uJesu wenza umsebenzi omusha, futhi ngenxa yokuthi ngaphambi kokuthi uJesu aqale umsebenzi Wakhe, akekho owayeseke wabhala uhlu lozalo Lwakhe. Ukuba ukhona owakwenza, ngakho kwakungeke kube nesizathu sokukhathazeka, futhi ngubani owayesazobethela uJesu esiphambanweni? Uma uMathewu wayebhale uhlu lozalo lukaJesu eminyakeni engamashumi ambalwa ngaphambi kwalokhu, ngakho uJesu wayengeke ehlelwe ukushushiswa okukhulu kangaka. Akunjalo? Lapho abantu befunda uhlu lozalo lukaJesu—ukuthi wayeyindodana ka-Abrahama, nempande kaDavide—babeyoyeka-ke ukumshushisa. Akudabukisi ukuthi uhlu lozalo Lwakhe lwalotshwa sekwephuze kakhulu? Futhi kuyadabukisa ukuthi iBhayibheli liqopha kuphela izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu: isigaba esisodwa esasiwumsebenzi weNkathi Yomthetho, nesinye esasiwumsebenzi weNkathi Yomusa; esisodwa isigaba sasiwumsebenzi kaJehova, nesinye sasiwumsebenzi kaJesu. Kwakungaba ngcono kakhulu ukuba umprofethi omkhulu wayebikezele umsebenzi wanamuhla. Kwakuyoba nengxenye eyengeziwe yeBhayibheli enesihloko esithi “Umsebenzi Wezinsuku Zokugcina”—kwakungeke kube ngcono lokho? Kungani umuntu kufanele athwale ubunzima obungaka namuhla? Nibe nesikhathi esinzima kakhulu! Uma kunomuntu ofanele ukuzondwa, ngu-Isaya noDaniyeli ngokungabikezeli umsebenzi wezinsuku zokugcina, futhi uma kunomuntu wokugxekwa, ngabaphostoli beTestamente Elisha abangabekanga ngaphambili uhlu lozalo lokuba sesimweni somuntu kwesibili kukaNkulunkulu. Kwaze kwadabukisa lokho! Kufanele nicinge ubufakazi yonke indawo, futhi nangemuva kokuthala izicucu ezimbalwa zamagama amancane nibe nilokhu ningakwazi ukusho ukuthi awubufakazi bangempela. Kwaze kwadumaza! Kungani uNkulunkulu ezifihla kangaka emsebenzini Wakhe? Namuhla, abantu abaningi abakabutholi ubufakazi obuqanda ikhanda, nokho abakwazi futhi ukuwuphika. Ngakho yini okufanele bayenze? Abakwazi ukulandela uNkulunkulu ngokuzimisela, nokho abakwazi futhi ukuqhubekela phambili nokungabaza okunjalo. Ngakho, izifundiswa eziningi “ezihlakaniphile neziphiwe” zithatha umqondo “wokulinda futhi ubone” lapho belandela uNkulunkulu. Kuyinkinga enkulu kakhulu lokhu! Ngabe kwakungeke kube lula kakhulu ukuba uMathewu, uMarku, uLuka noJohane bakwazi ukubikezela ikusasa? Kwakuyoba ngcono ukuba uJohane wayelibonile iqiniso elingaphakathi lempilo yasembusweni—kuyadabukisa ukuthi wabona kuphela imibono futhi akazange abone umsebenzi wokoqobo, ophathekayo emhlabeni. Kudabukisa kakhulu! Yini engalungile ngoNkulunkulu? Kungani, emva kokuba umsebenzi Wakhe uhambe kahle kangaka kwa-Israyeli, manje eseze eChina, futhi, kungani kwafuneka ukuba abe yinyama, futhi asebenze ngokwakhe aphinde aphile phakathi kwabantu? UNkulunkulu akabacabangeli ngokwedlulele abantu! Akagcinanga ngokungabatsheli abantu ngaphambi kwesikhathi, kodwa waletha ukusola nokwahlulela Kwakhe ngokuphazima kweso. Akwenzi mqondo ngempela! Ngenkathi uNkulunkulu eba yinyama okokuqala, wehlelwa ubunzima obuningi ngenxa yokungatsheli umuntu ngaphambi kwesikhathi lonke iqiniso elingaphakathi. Ngempela kwakungenzeke ukuthi wayekhohliwe yilokho? Ngakho-ke kungani engamtsheli umuntu namanje? Namuhla, kuyishwa elikhulu ukuthi kunezincwadi ezingamashumi ayisithupha nesithupha kuphela eBhayibhelini. Kufuneka kube khona okunye ukubikezela okukodwa nje ngomsebenzi wezinsuku zokugcina! Awucabangi kanjalo? Ngisho uJehova, u-Isaya noDavide abakhulumanga ngomsebenzi wanamuhla. Babeqhele kakhudlwana esikhathini samanje, ngegebe lesikhathi esiyiminyaka eyizi-4,000. UJesu akazange awubikezele ngokuphelele umsebenzi wanamuhla, wakhuluma kancane nje ngawo, futhi umuntu usathola ubufakazi obunganele. Uma uqhathanisa umsebenzi wanamuhla nowangaphambili, lokhu kokubili kuhlangana kanjani? Isigaba somsebenzi kaJehova sasiqondiswe kwa-Israyeli, ngakho uma uqhathanisa umsebenzi wanamuhla nawo kuzoba nokungahambisani okukhulu ngokwengeziwe; akukwazi nhlobo ukuqhathaniswa kokubili. Nawe awuyena owakwa-israyeli, noma umJuda; izinga lakho nakho konke okwakho kuyantuleka—ungaziqhathanisa kanjani nabo? Kungenzeka lokhu? Yazi ukuthi namuhla yiNkathi Yombuso, futhi yehlukile eNkathini Yomthetho naseNkathini Yomusa. Noma kunjani, ungazami ukusebenzisa umthetho othile; uNkulunkulu akatholakali emithethweni enjalo.

Ngabe uJesu wayephila kanjani eminyakeni engama-29 emva kokuzalwa Kwakhe? IBhayibheli aliqophe lutho ngobungane nobusha Bakhe; uyazi ukuthi yayinjani? Kungaba ukuthi akabanga nobungane nobusha, nokuthi lapho ezalwa wayesevele eneminyala engama-30? Wazi okuncane kakhulu, ngakho ungabi nokunganakekeli ekuvezeni imibono yakho. Akukusizi! IBhayibheli liqopha kuphela ukuthi ngaphambi kosuku lokuzalwa kukaJesu lweminyaka engama-30, wabhapathizwa wase eholelwa nguMoya oNgcwele ehlane ukuze alingwe nguSathane. Futhi Amavangeli Amane aqopha iminyaka yakhe emithathu nengxenye yomsebenzi. Akukho okuqoshiwe kobungane nobusha Bakhe, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi akabanga nobungane nobusha; ukuthi nje, ekuqaleni, akenzanga msebenzi, futhi wayewumuntu ojwayelekile. Ungasho-ke, ukuthi uJesu wayephile iminyaka engama-33 ngaphandle kobusha noma ubungane? Kwakungenzeka ukuthi wavele wafika eminyakeni engama-33 nohhafu? Konke umuntu akucabangayo Ngaye kungaphezulu kokwemvelo futhi akukhona okwangempela. Akukho ukungabaza ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu unobuntu obujwayelekile nobuvamile, kodwa lapho enza umsebenzi Wakhe uwenza ngokuqondile ngobuntu Bakhe obungaphelele nobunkulunkulu obuphelele. Kungenxa yalokho ukuba abantu babe nokungabaza ngomsebenzi wanamuhla, ngisho nangomsebenzi kaJesu. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu wehluka ezikhathini ezimbili aba yinyama kuzo, ingqikithi Yakhe ayehluki. Empeleni, uma ufunda imibhalo yamaVangeli Amane, umehluko mkhulu. Wawungabuyela kanjani empilweni kaJesu ngesikhathi sobungane nobusha bakhe? Wawungabuqonda kanjani ubuntu obejwayelekile bukaJesu? Mhlawumbe unokuqonda okuqinile ngobuntu bukaNkulunkulu namuhla, nokho awunakho ukwazi ubuntu bukaJesu, ingasaphathwa eyokubuqonda. Ukuba kwakungaqoshwanga nguMathewu, ubungeke ube nokuncane ukwazi ngobuntu bukaJesu. Mhlawumbe, lapho ngikutshela izindaba zobungane nobusha bukaJesu, uyonikina ikhanda: “Cha! Wayengeke abe njalo. Akakwazi ukuba nobuthakathaka, ingasaphathwa eyokuthi abe nobuntu!” Uyoze umemeze futhi uklabalase. Kungenxa yokuthi awumqondi uJesu okwenza ube nemicabango Ngami. Ukholwa ukuthi uJesu unobunkulunkulu ngokwedlulele, akanalutho olungolwenyama Kuye. Kodwa okukhona kusengokukhona. Akekho ofisa ukukhuluma ngokwedelela iqiniso lalokho okukhona, ngoba lapho ngikhuluma kungokweqiniso; akukhona ukucabangela, futhi akukhona ukuprofetha. Yazi ukuthi uNkulunkulu angenyukela ekuphakameni okukhulu, futhi, angacasha ekujuleni okukhulu. Akacabangeki ngomqondo wakho, unguNkulunkulu wazo zonke izidalwa, hhayi uNkulunkulu womuntu ocatshangwa ngumuntu othile oyedwa.

Okwedlule: Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)

Okulandelayo: Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp