Amazwi KaKristu Ekuqaleni—Isahluko 15

“Ukubonakala kukaNkulunkulu” sekuvelile kuwo onke amabandla. NguMoya okhulumayo, ungumlilo onamandla, Uthwele ubukhosi futhi uyahlulela; UyiNdodana yomuntu, egqoke ingubo ekhawula phansi ezinyaweni, futhi ezibophe ngebhande legolide ezibeleni. Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe njengoboya bezimvu, namehlo Akhe efana nelangabi lomlilo; futhi izinyawo Zakhe zifana nethusi elihle, engathi zishiswa esithandweni; kanye nephimbo Lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi. Esandleni Sakhe sokudla uphethe izinkanyezi eziyisikhombisa, inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili isemlonyeni Wakhe nobuso Bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo!

Indodana yomuntu ibonakele, uNkulunkulu uqobo Lwakhe wembuliwe, inkazimulo kaNkulunkulu iphumile, njengelanga elikhanya ngamandla alo! Ubuso obukhazimulayo bukaNkulunkulu bukhanya ngokuxhophayo; akabani amehlo alokotha ambuke ngokumelana Naye? Ukumelana Naye kusho ukufa! Akukhonjiswa nesincane isihe nganoma yini eniyicabangayo enhlizweni yenu, noma liphi izwi enilikhulumayo noma yini eniyenzayo. Nonke nizoqonda futhi nibone ukuthi kuyini lokho enikuzuzile—lutho ngaphandle kwesahlulelo Sami! Ngingakubekezelela na uma ningakhombisi imizamo yokudla amazwi Ami, kepha niphazamisa ngokungaqondile futhi nicekela phansi isakhiwo Sami? Ngeke ngiluthambisele lolu hlobo lomuntu! Okudlula kulokhu nizoshiswa amalangabi! uNkulunkulu uSomandla uvela emzimbeni womoya, ngaphandle kwesicubu nesincane noma igazi okuxhumanisa ikhanda nozwane. Ungaphezulu komhlaba wonke jikelele, ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo ezulwini lesithathu ephethe zonke izinto! Umhlaba nazo zonke izinto kusezandleni Zami. Uma ngikhuluma, kuyakuba njalo. Uma ngikuvumela, kuyakuba njalo. USathane ungaphansi kwezinyawo Zami, usemgodini ongenamkhawulo! Uma izwi Lami seliphumile, izulu nomhlaba kuyoshabalala kube ize leze. Zonke izinto ziyovuselelwa futhi konke lokhu yiqiniso elingaguquleki eliyiqiniso elikhulu kakhulu. Nginqobile umhlaba wonke, nganqoba bonke abenzi bobubi. Ngihleli la ngikhuluma nani, bonke abanezindlebe kufanele balalele nalabo abaphilayo kufanele bakwamukele.

Izinsuku ziyofika ekugcineni; konke okusemhlabeni kuyoshabalala kanti futhi zonke izinto ziyozalwa kabusha. Khumbula lokhu! Khumbula lokhu! Makungabikhona ukungabaza! Kuyodlula izulu nomhlaba kepha amazwi Ami awasoze adlula! Angininxuse futhi: Ningagijimeli ize! Vukani! Phendukani futhi insindiso isondele! Sengibonakele phakathi kwenu nephimbo Lami laphakama. Iphimbo Lami liphakamile phambi kwenu, libhekene ubuso nobuso nani mihla yonke, kukusha zonke izinsuku. Uyangibona futhi ngiyakubona, ngikhuluma nawe njalo, ngibhekene nawe ubuso nobuso. Kepha futhi uyangilahla, awungazi; izimvu Zami ziyalizwa izwi Lami kepha nisangabaza! Niyangabaza! Izinhliziyo zenu zilukhuni, amehlo enu avalwe uSathane futhi anikwazi ukubona “ubuso Bami obukhazimulayo”- kwaze kwadabukisa! Kwaze kwadabukisa!

Imimoya eyisikhombisa ephambili kwesihlalo Sami sobukhosi ithunyelwe kuwona wonke amagumbi amane omhlaba, futhi ngizothumela Isithunywa Sami ukuba siyokhuluma namabandla onke Ami. Ngilungile futhi ngithembekile, nginguNkulunkulu ohlolisisa ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. UMoya ukhuluma namabandla futhi ngamazwi Ami lawo aphuma ngaphakathi kweNdodana Yami; labo abanezindlebe mabalalele! Labo abaphilayo mabamukele! Wadleni futhi niwaphuze, ningabi nokungabaza. Bonke labo abawathobelayo futhi abalalela amazwi Ami bazokwamukela izibusiso ezinkulu! Bonke labo abafuna ubuso Bami ngokweqiniso bayothola ukukhanya okusha, ukukhanyiselwa okusha nolwazi olusha; konke kuyoba kusha. Amazwi Ami ayobonakala kuwe noma nini futhi ayovula amehlo akho kaMoya ukuze ukwazi ukubona zonke izimfihlakalo zendawo yoMoya nokuthi umbuso uphakathi kubantu. Ngena esiphephelweni base wonke umusa nezibusiso kuyoba phezu kwakho, indlala nezifo ngeke zikuthinte, izimpisi, izinyoka, izingwe nezinhlosi ngeke zikwazi ukukulimaza. Uzohamba Nami futhi ungene Nami enkazimulweni!

UNkulunkulu uSomandla! Umzimba Wakhe wenkazimulo ubonakala obala, umzimba woMoya oyingcwele uyaphakama futhi unguNkulunkulu uqobo lwakhe ophelele! Umhlaba nenyama kokubili kuguquliwe futhi ukuguquka Kwakhe entabeni kuyisiqu sikaNkulunkulu. Ugqoke umqhele wegolide ekhanda Lakhe, izingubo Zakhe zimhlophe njengeqhwa, esifubeni uzibophe ngebhande legolide futhi zonke izinto ezisemhlabeni ziyisenabelo sezinyawo Zakhe. Amehlo Akhe efana nelangabi lomlilo, inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili iphakathi komlomo Wakhe futhi uphethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni Sakhe sokudla. Indlela eya embusweni igqame ngokungenamkhawulo futhi futhi inkazimulo Yakhe iyaphakama futhi iyakhanya; izintaba zinenjabulo futhi namanzi ayahleka, ilanga, inyanga kanye nezinkanyezi konke kuzungeza ngendlela ehlelekile, kwamukela, uNkulunkulu weqiniso oyingqayizivele, ukubuya kwakhe engumnqobi okumemezela ukuphothulwa kohlelo lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bonke bayagxuma, bayadansa ngenjabulo. Halalisani! uNkulunkulu uSomandla uhleli esihlalweni Sakhe sobukhosi esikhazimulayo. Culani! Ibhanela lokunqoba likaSomandla liphakamiselwe phezu kweNtaba iSiyoni enobukhosi, emangalisayo! Zonke izizwe ziyahalalisa, bonke abantu bayacula, iNtaba yaseSiyoni iyahleka ngenjabulo, inkazimulo kaNkulunkulu ivukile! Ngisho emaphusheni angikaze ngicabange ukuthi ngiyobona ubuso bukaNkulunkulu kepha namhlanje ngibubonile. Ubuso nobuso Naye nsuku zonke, ngivula obala inhliziyo yami Kuye. Uhlinzeka ngobuningi konke okudliwayo nokuphuzwayo. Impilo, amazwi, izenzo, imicabango, nemibono—Ukukhanya Kwakhe okukhazimulayo kubakhanyisela bonke. Uhola sonke isinyathelo sendlela futhi uma kukhona inhliziyo ehlubukayo khona-ke isahlulelo Sakhe sehla ngokushesha.

Ukudla kanye noNkulunkulu, ukuhlala ndawonye, ukuphila ndawonye Naye, ukuhamba ndawonye, ukujabula ndawonye, ukuthola inkazimulo kanye nezibusiso ndawonye, ukwabelana ubukhosi noNkulunkulu, nokuba ndawonye embusweni- yeka ubumnandi! Ubumnandi obungaka! Sibhekene ubuso nobuso Naye nsuku zonke, sikhuluma nsuku zonke, sixoxa njalo njalo, siba nenkanyiselo entsha, nolwazi olusha nsuku zonke. Amehlo ethu okoMoya avulekile futhi sibona konke, zonke izimfihlakalo zoMoya zambuliwe kithina. Impilo engcwele imnandi ngempela. Gijima ngokushesha ungami, qhubekela phambili njalo, kunempilo emangalisa ngokwengeziwe phambili. Unganeliswa ukunambitheka okumnandi nje kepha funa ukungena kuNkulunkulu. Unakho konke futhi unenala futhi unazo zonke izinhlobo zezinto esiziswelayo. Bambisana ngokukhuthala, ungene kuYena futhi konke ngeke kuphinde kufane nangaphambili. Impilo yethu iyoba ngaphezu kwemvelo futhi akekho umuntu, udaba, noma into okungasiphazamisa.

Ukwedlula imvelo! Ukwedlula imvelo! Ukwedlula imvelo kwangempela! Impilo kaNkulunkulu eyedlula imvelo ingaphakathi futhi zonke izinto ziba nokuphumula! Sedlula umhlaba nezinto zomhlaba, maningezwa ukunamathela kubayeni noma ezinganeni, sedlula ukulawula kwezifo nezimo zendawo. USathane akalokothi asiphazamise. Sedlula zonke izinhlekelele—lokhu kungukuvumela uNkulunkulu athathe ubukhosi! Sinyathela uSathane ngaphansi kwezinyawo, sifakazela ibandla futhi sidalule ubuso obubi bukaSathane. Ukwakhiwa kwebandla kukuKristu, umzimba okhazimulayo uvukile—lokho ukuphila ekuhlwithweni!

Okwedlule: Amazwi KaKristu Ekuqaleni—Isahluko 5

Okulandelayo: Amazwi KaKristu Ekuqaleni—Isahluko 88

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp