C. Ngendlela Yokuzazi Nokuzuza Ukuphenduka Okuyiqiniso

358. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe—ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. Umuntu engimbukayo yisilwane esigqoke izingubo zomuntu, uyinyoka enobuthi, noma ezama kangakanani ukuvela edabukisa emehlweni Ami, angeke ngize ngibe nomusa kuye, ngoba umuntu akawutholi umehluko phakathi kokumnyama nokumhlophe, noma umehluko phakathi kweqiniso nokungelona iqiniso. Umqondo womuntu unqindekile, kodwa usafisa ukuthola izibusiso; ubuntu bakhe abuthembeki kodwa usafisa ukuba nobukhosi benkosi. Angaba yinkosi kabani, ngomqondo onjalo? Angenza kanjani, ngobuntu obunjalo ukuthi ahlale phezu kwesihlalo sobukhosi? Umuntu ngempela akanamahloni! Ungumuntu omubi kakhulu! Kulabo phakathi kwenu abafisa ukuthola izibusiso, ngiphakamisa ukuthi niqale ngokuthola isibuko nibheke ububi benu—ngabe ufanele ukuba yinkosi? Unabo ubuso balowo ongahle azuze izibusiso? Akukaze kube ngisho noluncane uguquko esimweni sakho futhi awukaze usebenzise nalinye iqiniso kodwa ufisa ukuba nekusasa elihle. Uyazikhohlisa! Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Isimo somuntu kufanele siguquke ukusuka ekuzazini yena uqobo nasekuguqukeni kokucabanga kwakhe, imvelo, nesimo sengqondo—ngezinguquko eziqavile. Kungale ndlela kuphela lapho izinguquko zempela zingaba khona esimweni somuntu. Isimo esonakele somuntu sisuka ekufakelweni ubuthi nokunyathelwa nguSathane, ekulinyazweni okumangalisayo nguSathane emicabangweni, ekuziphatheni, ekuboneni, nasemqondweni wakhe. Kungenxa kanye yokuthi lezi zinto zomuntu eziyisisekelo zoniwe uSathane, futhi azifani nendlela uNkulunkulu azidala ngayo ekuqaleni, ukuthi umuntu aphikisane noNkulunkulu angaliqondi iqiniso. Ngalokho, izinguquko esimweni somuntu kufanele ziqale ngezinguquko ekucabangeni, olwazini nasemqondweni wakhe okuyoguqula ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nolwazi lwakhe lweqiniso. Labo abazalelwe ezweni elonakele kakhulu ukwedlula onke abanaki kakhulu lokho uNkulunkulu ayikho, noma ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bekhohlakele kakhulu, kuyancipha ukwazi kwabo ubukhona bukaNkulunkulu, kuncipha nomqondo nokubona kwabo. Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu. Uma umqondo womuntu nombono kungeke kuguquke, ngakho izinguquko esimweni sakhe ngeke zibe khona-ke, njengokulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma umqondo womuntu ungalungile, ngalokho angeke akwazi ukusebenzela uNkulunkulu futhi akakulungele ukusetsheziswa nguNkulunkulu. “Umqondo ovamile” usho ukulalela nokuthembeka kuNkulunkulu, ukulangazela uNkulunkulu, ukuba kuNkulunkulu ngokuphelele, nokuba nonembeza kuNkulunkulu. Kusho ukuba nenhliziyo eyodwa nengqondo eyodwa kuNkulunkulu ungamphikisi ngabomu uNkulunkulu. Labo abanomqondo ophambukile abanje. Selokhu umuntu oniwa uSathane uveze imicabango ngoNkulunkulu futhi akabanga nokwethembeka noma ukulangazelela uNkulunkulu kungashiwo lutho ngonembeza kuNkulunkulu. Umuntu uphikisa ahlulele uNkulunkulu ngabomu, ngaphezu kwalokho ajikijele inhlamba Kuyena ngenkathi esafulathele. Umuntu wazi kahle ukuthi unguNkulunkulu kodwa usamehlulela efulathele, akazimisele ukumlalela kodwa uselokhu enza izimfuno nezicelo ezinobumpumputhe kuNkulunkulu. Abantu abanjalo—Abantu abanomqondo ophambukile—abakwazi ukwazi isimo sabo esinyanyekayo noma ukuzisola ngokuhlubuka kwabo. Uma abantu benakho ukuzazi ngokwabo, kuzobe sebabuyelwe umqonjwana omncane; ngokuvama kokuhlubuka kuNkulunkulu kodwa bengazazi, kuvama umqondo ongalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

360. Uma kufika ekwazini imvelo yomuntu, into ebaluleke kakhulu ukuyazi ngasohlangothini lokubuka kwakhe umhlaba, ukubuka kwakhe impilo, nemigomo yakhe yokuphila. Labo abangabakadeveli bonke baziphilela bona. Indlela yabo yokuphila nezimiso ikakhulu kuyilawo mazwi avela kuSathane, njengokuthi, “Umuntu akazibheke yena bese udeveli ethatha osekugcineni.” Amazwi alabo bantu ababi kakhulu, abakhulu, nezihlakaniphi zomhlaba asebe yimpilo yabo. Iningi lamazwi kaConfucius, ophakaniswa ngamaShayina “njengesazi,” ikakhulu asebe yimpilo yomuntu. Kukhona futhi amazwi adumile obuBuddha nobuTao namazwi adumile avame ukushiwo ngabantu abadumile; onke lawa ayizinhlaka zokuhlakanipha kukaSathane nemvelo kaSathane. Ayisithombe esihle kakhulu kanye nencazelo yemvelo kaSathane. Lobu buthi osebafakwa enhliziyweni yesintu bonke buvela kuSathane; akukho nokuncane kuwo okuvela kuNkulunkulu. Amanga nombhedo futhi kumelana ngqo nezwi likaNkulunkulu. Kusobala ngokuphelele ukuthi ingqikithi yakho konke okuhle ivela kuNkulunkulu, futhi zonke lezo zinto ezimbi ezifaka ubuthi kumuntu zivela kuSathane. Ngakho ningayibona imvelo yomuntu nokuthi ungokabani ngokubuka indlela abuka ngayo impilo nemigomo yakhe. USathane wonakalisa abantu ngemfundo nangethonya lohulumeni bamazwe nangabantu abadumile nabakhulu. Amanga nemibhedo yabo sekube yimpilo nemvelo yabantu. “Umuntu akazibheke yena bese uSathane ethatha osekugcineni” amazwi obusathane aziwa kakhulu asefakwe kuwo wonke umuntu aba yimpilo yomuntu. Akhona amanye amazwi enkambiso yokuphila afana nalawa. USathane ufundisa abantu ngesiko elihle laleso naleso sizwe bese enza ukuthi isintu siwele futhi sembozeke emgodini ojulile wembubhiso, futhi ekugcineni abantu babhujiswa nguNkulunkulu ngoba bakhonza uSathane bamelane noNkulunkulu. Cabanga ubuza umuntu okade ekhuthele emphakathini iminyaka engamashumi umbuzo olandelayo, “Usuphile emhlabeni isikhathi eside kangaka futhi wafeza izinto eziningi; yimaphi amazwi adumile ophila ngawo?” Bazothi, “Abalulekile kakhulu kuwo yilawa athi, ‘Labo abanikeza izikhulu izipho abashaywa yizo, futhi labo abangathophi abazuzi lutho.’” Ngabe le nkulumo ayimele imvelo yakhe? Imvelo yakhe eyokuthi akayeki lutho olungenza athole isikhundla; ukuba yisikhulu yikho okumnika impilo. Busebuningi ubuthi bobusathane ezimpilweni zabantu, ekuphatheni kwabo izinto, nasekuziphatheni kwabo nokubhekana nabanye – zicishe zingabi ngisho nelincane iqiniso – isibonelo, izinkambiso zokuphila kwabo, amazwi abo empumelelo, noma izindlela zabo zokwenza izinto. Wonke umuntu ugcwaliswe ubuthi bukadrako omkhulu obomvu, futhi bonke buvela kuSathane. Ngakho, okugobhoza emathanjeni nasegazini labantu konke kuyizinto zikaSathane. Wonke umuntu othola impumelelo yasemhlabeni unendlela nemfihlo yakhe yokuphumelela, ngakho ingabe leyo mfihlo ayiyimele kangcono imvelo yakhe? Ungabona ukuthi imvelo yalo muntu inobuqili kakhulu–bayizikhulu eziphezulu kakhulu futhi sebenze izinto ezinkulu emhlabeni. Imvelo yabo ingumshoshaphansi futhi inobuthi–bangenza noma yini. Umuntu usonakaliswe ngokujule kakhulu nguSathane. Ubuthi bukaSathane bugobhoza egazini lawo wonke umuntu, futhi imvelo yomuntu yonakele ngokubonakalayo, imbi, ibuyisela emuva, igcwaliswe futhi icwile kumafilosofi kaSathane–kuyimvelo ehlubuka uNkulunkulu ngokugcwele. Imvelo yomuntu ingaziwa kubo bonke abantu uma ihlaziywa ngale ndlela.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

361. Kufanele uyiqonde kanjani imvelo yakho? Ukuqonda imvelo yakho empeleni kuwukuhlaziya ukujula komphefumulo; kuyilokho okusempilweni yakho. Kuwumqondo kaSathane futhi imibono eminingi kaSathane obuphila ngayo ekuqaleni, okungukuthi, ukuphila kukaSathane obukade uphila ngakho. Ungaqonda imvelo yakho kuphela ngokwembula izinto ezijulile zomphefumulo wakho. Uzembula kanjani? Ngokwenza lezi zinto nje, abantu abaningi ngeke bakwazi ukuzembula nokuzihlaziya. Imvamisa, emva kokuqeda ukwenza okuthile, awufinyeleli ekuqondeni. Mhlawumbe emva kweminyaka emithathu noma eyisihlanu uyoba nokuphaphama, futhi ube nokuqonda okuthile. Manje, ukuze uqonde imvelo yakho, kufanele uhlanganise izingxenye ezehlukahlukene: Okokuqala, kufanele ucacelwe yilokho okuthandayo enhliziyweni yakho. Lokho akusho izinto othanda ukuzidla noma ukuzigqoka, kodwa kusho izinhlobo zezinto ozithandayo, izinto ozihawukelayo, izinto ozikhonzayo, izinto ozifunayo, nezinto ozinakayo. Uyacacelwa ngalokhu? Uyazi ukuthi yiziphi izinhlobo zezinto ezingena ezintweni ozithandayo? Yizinto ovame ukuzinaka, izinto ozikhonzayo, uhlobo lwabantu othanda ukuthintana nabo, uhlobo lwezinto othanda ukuzenza, nohlobo lwabantu obakhonze kakhulu emqondweni wakho. Ngokwesibonelo: Abantu abaningi bathanda abantu abakhulu, abantu abahle kakhulu ekukhulumeni nasekubukekeni, noma abantu abanamancoko; abanye abantu bathanda abantu ababukisayo. Lena yingxenye emayelana nabantu abathanda ukuxhumana nabo. Ngokwengxenye yezinto abantu abazithandayo, kufaka ukuzimisela ukwenza izinto okulula ukuzenza, ukuthanda ukwenza izinto abanye abacabanga ukuthi zinhle, nezinto abantu abayozincoma, bazibabaze, futhi bazituse emva kokuzibona. Kukhona isici esikhona kubo bonke abantu abazithandayo ezimvelweni zabo. Okungukuthi, bathanda izinto nabantu abanye abantu abazihawukelayo ngenxa yokubukeka kwazo ngaphandle, bathanda izinto nabantu ababukeka bebahle futhi benokunotha, futhi abenza abanye abantu babakhonze ngenxa yokubukeka kwangaphandle. Izinto abantu abazithandayo zinkulu, ziyaxhopha, zinhle, futhi zinkulu. Bonke abantu bakhonza lezi zinto. Kuyabonakala ukuthi abantu abanalutho olungolweqiniso, futhi abanamfanekiso womuntu wangempela. Akukho nelincane izinga lokubaluleka ekukhonzeni lezi zinto, kodwa abantu bayazithanda lezi zinto. … Lokho okuthandayo, lokho okukhonzayo, lokho okuhawukelayo, nalokho okucabangayo enhliziyweni yakho nsuku zonke kumele imvelo yakho. Kwanele ukufakazela ukuthi imvelo yakho ithanda ukungalungi, futhi ezimweni ezibucayi, imvelo yakho imbi futhi ayelapheki. Kufanele uhlaziye imvelo yakho ngale ndlela, okungukuthi, bheka lokho okuthandayo nalokho okushiyayo empilweni yakho. Mhlawumbe ulungile okwesikhashana kothile, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi uyamthanda. Okuthandayo ngempela yilokhu kanye okusemvelweni yakho; noma ngabe amathambo akho ayephulwa, ubuzolokhu ukuthanda futhi ubungeke ukwazi ukukushiya. Lokhu akulula ukukuguqula.

Kucashunwe embhalweni othi “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

363. Ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo ezivela kuNkulunkulu umuntu uthola ukwazi lapho ebuthaka khona, futhi abone ukuthi akabalulekile kangako, ungodelelekile, nophansi, futhi akanalutho, futhi akalutho; ngakolunye uhlangothi, ngesikhathi sezilingo zaKhe uNkulunkulu udala izimo ezahlukene enzela umuntu ezenza umuntu akwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu. Yize noma ubuhlungu bubukhulu, kwesinye isikhathi zingenakwahlulwa—futhi kuze kufinyelele ezingeni losizi olukunqobayo—eke wabhekana nalokhu, umuntu uyabona ukuthi muhle kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu kuyena, futhi kukulesi sisekelo kuphela lapho uthando lweqiniso lukaNkulunkulu kumuntu luzalwa khona kumuntu. Namhlanje umuntu ukubona lokhu ngomusa, uthando nesihawu sikaNkulunkulu, akakwazi ukwazi ngokweqiniso ngokwakhe, angisaphathi ukwazi umongo womuntu. Kungokubhekana nakho kokubili ukucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, kuphela ngesikhathi sokucwengwa lapho umuntu engazi ubuthaka bakhe, futhi azi ukuthi akanalutho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: B. Indlela Yokwenza Iqiniso, Ukuqonda Iqiniso Nokungena Kokungokoqobo

Okulandelayo: D. Ngendlela Yokuzwa Ukwahlulelwa Nokusolwa, Nokuvivinywa Nokucwengwa

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp