Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa ombuka uKristu njengomuntu ojwayelekile onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile; akukhona ukuthi akakwazi ukwenyukela ezulwini, nokuthi akakwazi ukuhamba ngokukhululeka emhlabeni. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; bamthatha kalula lapho benaye futhi bakhulume ngokunganaki Kuye, sonke isikhathi belokhu belinde ukubuya “kukaKristu weqiniso.” Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni.

Ngaphambi kokuxhumana noKristu, ungacabanga ukuthi isimo sakho sesiguqulwe sonke, ungakholwa ukuthi ungumlandeli othembekile kaKristu, futhi ungakholwa ukuthi ungofanelekile ukwamukela izibusiso zikaKristu. Ngoba sewuhambe imigwaqo eminingi, wenza imisebenzi eminingi, wabuye wathela izithelo, ngakho kufanele ube ngumuntu owamukeliswa umqhele ekugcineni. Kepha kukhona iqiniso elilodwa ongase ungalazi: Isimo senkohlakalo nesokuhlubuka kanye nokuphikisa komuntu kugqama ngenkathi ebona uKristu, kanti ukuhlubuka nokuphikisana okuvela kuleso sikhathi yikho kanye okuphelele kunokunye. Yingenxa yokuba uKristu uyiNdodana yomuntu futhi unobuntu obejwayelekile okwenza umuntu angamtusi futhi angamhloniphi. Yingenxa yokuthi uNkulunkulu uphila enyameni okwenza ukuhlubuka komuntu kuvele ekukhanyeni ngokuphelele nangokugqamile. Ngakho ngithi ukufika kukaKristu kuveze obala konke ukuhlubuka kwesintu kwaveza imvelo yesintu obala. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulutha ingwe uyehlise entabeni” kanye “nokulutha impisi ukuba iphume emgedeni.” Ningasho yini ukuthi nethembekile kuNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi nikhombisa ukumlalela okugcwele uNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi animvukeli? Abanye bazothi: Sonke isikhathi lapho uNkulunkulu engenzela isimo esingizungezile, ngihlala ngimlalela futhi angikaze ngikhononde. Ngaphezu kwalokho, anginayo imicabango ngoNkulunkulu. Abanye bayothi: Yonke imisebenzi uNkulunkulu anginikeze yona, ngiyenza ngokusemandleni wonke enginawo futhi angenzi ngokunganaki. Manje nginibuza lokhu: Ningahambisana yini noKristu uma nihlala ndawonye Naye? Futhi niyohambisana naye isikhathi esingakanani? Usuku olulodwa? Izinsuku ezimbili? Ihora elilodwa? Amahora amabili? Ukholo lwakho impela luyancomeka, kepha awunakho ukubambelela ngokuqinile. Uma usuhlala noKristu ngokweqiniso, ukuzishaya isifuba ngokulunga kwakho kanye nokuzibona ubalulekile kuyoqala ukuvela kancane ngamazwi kanye nezenzo zakho, kancane kancane, ngakho-ke ukulangazelela kwakho nokwedlulele nokungalaleli, isimo sakho somqondo sokungalaleli kanye nokungagculiseki kuyozivelela ngokwakho. Ekugcineni, ukuzithwala kwakho kuyoya ngokugqama kakhulu, futhi lapho uyoba nokungahambisani noKristu njengamanzi nomlilo, ilapho imvelo yakho iyohlala obala ngokugcwele. Ngaleso sikhathi, imicabango yenu iyobe ingasafihlekile. Ukukhononda kwenu, nakho, kuyohlala obala ngokwako, kanye nobuntu benu obuyihlazo buyovela obala ngokuphelele. Nakuba kunjalo, niyaqhubeka nokuphika ukuhlubuka. Futhi nikholwa ekutheni uKristu onjengalo akulula ukumamukela futhi unesandla esiqinile kumuntu, nokuthi beningakwazi ukuzinikezela ngokuphelele ukuba ubenguKristu owehlukile, onomusa. Nikholwa ukuthi kunesizathu sokuhlubuka, nokuthi nihlubuka ngenkathi uKristu esenicasule kwaze kwafika ezingeni elithize. Anizange nikuqonde ukuthi anibuki uKristu njengoNkulunkulu, noma aninayo inhloso yokumlalela. Kunalokho, ngamakhanda enu alukhuni nigcizelela ukuthi uKristu enze umsebenzi njengokusho kwezingqondo zenu, futhi kunoma yimuphi umsebenzi ongenziwanga kanjalo, ukholwa ukuthi akayena uNkulunkulu kodwa ungumuntu. Ababaningi yini lapha phakathi kwenu abaphikisana Naye ngale ndlela? Ngubani lo enikholwa kuye? Futhi nifuna kanjani?

Sonke isikhathi nihlale nifuna ukubona uKristu, kepha ngiyaninxusa ukuba ningazikhukhumezi kanjalo; wonke umuntu angambona uKristu, kodwa ngithi akekho okulungele ukubona uKristu. Ngenxa yemvelo yomuntu egcwele ububi, ukuzikhukhumeza, kanye nokuhlubuka, uma ubona uKristu, imvelo yakho iyokona futhi ikugwebele ekufeni. Ubudlelwano bakho nomfowenu (noma udadewenu) bungase bungakhombisi okuningi ngawe, kodwa akulula kanjalo uma uzihlanganisa noKristu. Noma ngasiphi isikhathi, imibono yakho ingazimelela ibe nezimpande, ukuzikhukhumeza kwakho kuhlume, nokuhlubuka kwakho kuthele amakhiwane. Kungenzeka kanjani ukuthi wena onobuntu obunjena ulungele ukuzihlanganisa noKristu? Ingabe uzokwazi ukumthatha ngokweqiniso njengoNkulunkulu sonke isikhathi sosuku? Ingabe uyoba nakho yini ukumlalela uNkulunkulu ngokweqiniso? Nikhonza uNkulunkulu ophakemeyo ezinhliziyweni zenu njengoJehova kodwa nibuke uKristu obonakalayo njengomuntu. Umqondo wenu umncane kakhulu nobuntu benu buphansi kakhulu! Anikwazi ukubuka uKristu njengoNkulunkulu njalo njalo; kunalokho, nivele nimdonse kalula nimkhonze njengoNkulunkulu uma nizizwa nithanda. Yingakho ngithi aniwona amakholwa kaNkulunkulu, kodwa ningabahlanganyeli bobubi nalabo abalwa noKristu. Ngisho labo bantu abakhombisa ukulunga kwabanye bayakhokhelwa, kepha uKristu, owenza umsebenzi onjalo phakathi kwenu, akaze athole uthando noma ukukhokhelwa nokuthotshelwa. Ingabe lokhu akusiyo yini into edabukisa inhliziyo?

Kungenzeka ukuthi kuyo yonke le minyaka yokukholwa kuNkulunkulu, anikaze nithuke muntu noma nenze izenzo ezimbi, kodwa ekuzihlanganiseni noKristu, anikwazi ukukhuluma iqiniso, nenze ngokweqiniso, noma nilalele izwi likaKristu; ngakho ngithi ningabakhohlisi futhi nabadukisi abakhulu emhlabeni. Uma nilungile futhi nithembekile ikakhulukazi ezihlotsheni zenu, kubangani benu, emakhosikzini (noma kubayeni), emadodaneni kanye namadodakazi, nakubazali, futhi ningasizakali ngabanye, kepha ningakwazi ukuhambisana futhi nibe nokuthula noKristu, ngisho noma nithumela konke okwenu ukuyolekelela omakhelwane benu noma ninakekele oyihlo, onyoko, kanye nemizi yenu, Mina ngisathi nikhohlakele, ningamaqili futhi. Ningacabangi ukuthi nihambisana noKristu ngoba nje nikwazi ukuphila nabanye noma nenza izenzo ezinhle ezimbalwa. Niyakholwa yini ukuthi ukulunga kwenu kungantshontsha isibusiso saseZulwini? Nicabanga ukuthi izenzo zenu ezinhle zithatha indawo yokulalela kwenu? Akukho namunye ongemukela ukubhekana kanye nokuthenwa, futhi nonke nikuthola kulukhuni ukwamukela ubuntu obujwayelekile bukaKristu, kodwa nibe nithi niyamlalela uNkulunkulu. Ukukholwa okufana nokwenu kuyonilethela impindiselo enifanele. Yekani ukuziphatha ngokuzikhohlisa okunamanga okuyize nibe nokufisa ukubona uKristu, ngokuba nibancane kakhulu ngesiqu, ngendlela yokuthi anifanele nokumbona. Uma senisuse ukuhlubuka kwenu ngokuphelele, futhi nikwazi ukuba noxolo noKristu, uNkulunkulu uyobe eseziveza ngokwakhe kini Uma uhamba uyobona uNkulunkulu ngaphandle kokuba usudlule ekuthenweni noma ukwahlulelwa, noma kanjani uyoba yisitha sikaNkulunkulu futhi uyobe usuhlelelwe ukucekelwa phansi. Imvelo yomuntu ngokwayo inobutha noNkulunkulu, ngokuba bonke abantu bonakaliswe nguSathane ngokuphelele. Ayikho into enhle engaphuma kumuntu okhohlakele ozozihlanganisa noNkulunkulu. Zonke izenzo namazwi omuntu nakanjani ayokuveza obala ukukhohlakala kwakhe; futhi uma ezihlanganisa noNkulunkulu, ukuhlubuka kwakhe kuyovela obala kuzo zonke izingxenye. Umuntu ube ngokungazi esephikisana noKristu, amkhohlise uKristu, futhi amphike uKristu; lapho umuntu uyoba sesimweni esiyingozi kakhulu. Uma ngabe kuqhubeka, uyobe eseba ngofanele ukujeziswa.

Abanye bangakholwa ukuthi uma ukuzihlanganisa noNkulunkulu kuyingozi enkulu, ngakho, kuyoba ukuhlakanipha ukuqhelelana noNkulunkulu. Yini-ke, abantu abanjalo abangayithola? Bangathembeka kuNkulunkulu? Impela, ukuzihlanganisa noNkulunkulu kunzima kakhulu, kodwa lokhu kunje ngenxa yomuntu okhohlakele hhayi ngoba uNkulunkulu akakwazi ukuzihlanganisa nomuntu. Kungabangcono kuwe ukuba uzinikele ukwenza umzamo omkhudlwana eqinisweni lokuzazi wena qobo. Kungani ungakaze uwuthole umusa kuNkulunkulu? Kungani isimo sakho sinengeka Kuye? Kungani amazwi akho ezondeka Kuye? Niyazincoma ngokwethembeka okuncane kanti futhi nifuna ukuklonyeliswa ngokuzinikela kwenu okuncane; nibukela phansi abanye uma nikhombisa ukulalela okuncane, futhi niyamdelela uNkulunkulu emva kokwenza imisebenzana ewubala. Nifisa ingcebo, nezipho nokutuswa ngokwamukela uNkulunkulu. Izinhliziyo zenu ziyaqaqamba uma nje nike nanikela ngohlamvu lwemali olulodwa noma ezimbili; uma unikele ngezilishumi, nifisa ukuthola izibusiso kanye nokuba nehluke kwabanye. Ubuntu obunjengalobu benu buyacasula ngempela ukukhuluma ngabo noma ukuzwa ngabo. Yini nje efanele ukunconywa emazwini enu nezenzo zenu? Labo abenza umsebenzi wabo kanye nalabo abangawenzi; labo abaholayo nalabo abalandelayo; labo abemukela uNkulunkulu nabangamemukeli; labo abaphayo nalabo abangaphi; labo abashumayelayo nabemukela izwi, njalo njalo; bonke abantu abanjalo bazincoma bona. Anikutholi lokhu kuhlekisa? Ngineqiniso niyazi ukuthi nikholwa kuNkulunkulu, kodwa anikwazi ukuhambisana noNkulunkulu. Nazi kahle kakhulu ukuthi anifanelekile ngokuphelele, niyaqhubeka nokuzikhukhumeza. Anizizwa ukuthi imiqondo yenu isifike lapho isiphelelwe ngamandla okuzilawula? Kungenzeka kanjani ukuthi nina nemiqondo enjalo nizibone nifanele ukuhlangana noNkulunkulu? Ingabe manje anesabeli izimpilo zenu? Isimo senu sesivele sama ngendlela yokuthi ngeke nihambisane noNkulunkulu. Ingabe ukholo lwenu alunabo ubuthutha obumangalisayo? Ingabe ukholo lwenu alunangqondo? Uzobhekana kanjani nekusasa lakho? Uyoyikhetha kanjani indlela oyohamba ngayo?

Okwedlule: Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha

Okulandelayo: Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp