Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi. Uma umuntu engenayo inhliziyo elalelayo, ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni. Inkathi endala isidlulile; manje sekuyinkathi entsha. Futhi enkathini entsha umsebenzi omusha kufanele wenziwe. Ikakhulukazi enkathini yokugcina lapho umuntu eyopheleliswa khona, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omusha ngokushesha okukhulu. Ngakho-ke, ngaphandle kokulalela enhliziyweni yakhe, umuntu uzokuthola kunzima ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini mithetho, futhi akasithathi noma isiphi isigaba somsebenzi Wakhe njengesingakuguquki. Kunalokho, umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ulokhu uba musha futhi ulokhu unyuka uya phezulu. Umsebenzi Wakhe uya ngokuya uba ongokoqobo kakhudlwana ngesinyathelo ngasinye futhi uhambisana kakhudlwana nezidingo zomuntu zoqobo. Kusemuva kokuba umuntu ezwe lolu hlobo lomsebenzi lapho engathola khona ukuguqulwa kokugcina kwesimo sakhe. Ulwazi lomuntu ngempilo lukhuphukela emazingeni angaphezulu, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu nawo uya ngokuya wenyuka njalo. Ingale ndlela kuphela lapho umuntu engapheleliswa alungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenza ngale ndlela ukuphikisana nokuhlehlisela emuva imicabango yomuntu, kanti ngakolunye, ukuholela umuntu ukuya esimweni esiphakeme futhi esinamaqiniso, endaweni esesicongweni ekukholweni kuNkulunkulu, ukuze ekugcineni, intando kaNkulunkulu yenziwe. Bonke abanemvelo yokungalaleli abaphikisa ngamabomu bayoshiywa yilo msebenzi osheshayo futhi ohamba ngamandla; yilabo kuphela abalalela ngokuzimisela futhi abazithoba ngenjabulo abayoqhubeka baze bafike ekugcineni komgwaqo. Emsebenzini onjena, nonke kufanele nifunde ukuthobeka nokubeka eceleni imicabango yenu. Isinyathelo ngasinye kufanele sithathwe ngokucophelela. Uma ninganakekeli, ngokuqinisekileyo, niyophenduka abanye balabo abalahlwa uMoya oNgcwele, labo abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngaphambi kokungena kulesi sigaba somsebenzi, imigomo nemithetho yomuntu yakudala yabe iminingi ngendlela yokuthi wakhohliseka, futhi umphumela walokho ukuthi waba nokuzikhukhumeza wazikhohlwa. Zonke lezi yizingqinamba ezivimba umuntu ekuthini amukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu; ziphikisa nokuthi umuntu afike ekwazini uNkulunkulu. Uma umuntu engenakho ukulalela enhliziyweni noma ukulangazelela iqiniso, uyoba senkingeni-ke. Uma ulalela kuphela umsebenzi namazwi alula, futhi ungakwazi ukwemukela lawo ajulile ngokushuba, ungumuntu ogcina ezindleleni ezindala futhi awukwazi ukuhambisana nejubane lomsebenzi kaMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uyahluka ezikhathini ezihlukene. Uma ukhombisa ukulalela okukhulu esigabeni esinye, bese kuthi esigabeni esilandelayo ukhombise ukulalela okuncane noma ungalaleli nhlobo, uNkulunkulu uyokushiya. Uma uhambisana noNkulunkulu lapho enyuka lesi sinyathelo, kufanele uqhubeke nokuhambisana naye uma esenyukela kwesilandelayo isinyathelo. Abantu abanjena kuphela abalalela uMoya oNgcwele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele uhlale njalo umile ekulaleleni kwakho. Awukwazi nje ukuthi umlalele uma uthanda futhi ungamlaleli uma ungathandi. Ukulalela okunje akuvunyelwe nguNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuhambisana nomsebenzi omusha kodwa ube nobudlelwano futhi uqhubeke nokubambelela ezintweni ezazishiwo kudala, kungaba khona kanjani ukuthuthuka empilweni yakho? Umsebenzi kaNkulunkulu, ukupha amazwi Akhe. Uma ulalela futhi wemukela amazwi Akhe, ngokuqinisekileyo uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena. UMoya oNgcwele usebenza ncamashi njengoba ngikhuluma. Yenza njengoba ngishilo, futhi uMoya oNgcwele uzosebenza ngokushesha kuwena. Ngidedela ukukhanya okusha ukuze nibone futhi unilethe ekukhanyeni kwamanje. Lapho ungena kulokhu kukhanya, uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena masinyane. Kukhona abanye abangaba nenkani futhi bathi, “Angeke nje ngikwenze lokhu okushoyo.” Ngakho ngikutshela ukuthi manje usufike ekugcineni komgwaqo. Usubunile waphela futhi awusenampilo. Ngakho-ke, ekuzweni inguquko yesimo sakho, kusemqoka ukuhambisana nokukhanya kwamanje. UMoya oNgcwele akasebenzi nje kuphela kumadoda athile asetshenziswa nguNkulunkulu, kodwa ikakhulukazi ebandleni. Kungenzeka asebenze kunoma ubani. Angasebenza kuwena manje, bese emuva kokuthi usumuzwile, angasebenza komunye emva kwalokho. Landela ngokushesha; lapho ulandela eduze ukukhanya kwamanje, yilapho impilo yakho ingakhula khona. Noma ngabe uluhlobo luni lomuntu, uma nje uMoya oNgcwele usebenza kuye, yenza isiqiniseko sokuthi uyalandela. Yamukela izinto azizwile ngalokho okuzwile ngokwakho, futhi uzothola izinto eziphakeme kakhulu. Ngokwenzenjalo uzothuthuka ngokushesha okukhulu. Lena indlela yokupheleliswa komuntu nendlela impilo ekhula ngayo. Indlela yokupheleliswa itholakala ngokulalela kwakho umsebenzi kaMoya oNgcwele. Awazi ukuthi uNkulunkulu uzosebenza ngomuntu onjani ukukuphelelisa, nokuthi uzosebenza ngamuphi umuntu, isigameko, noma into ukukulethela inzuzo nokukusiza ukuthi uthole ukuqondisisa okuthile. Uma ukwazi ukuhamba kulo mgudu olungile, lokhu kukhombisa ukuthi kunethemba elikhulu lokuthi upheleliswe uNkulunkulu. Uma ungakwazi ukwenzenjalo, lokhu kukhomba ukuthi ikusasa lakho lifiphele futhi limnyama. Lapho uhamba emgudwini olungile, uzothola isambulo ezintweni zonke. Noma ngabe yini uMoya oNgcwele ayambula kwabanye, uma uqhubeka kulokho okuzwayo usebenzisa ulwazi lwabo, lokho kuyophenduka impilo yakho, futhi uyokwazi ukupha abanye ngenxa yalokho okuzwile. Labo abapha abanye ngokulingisa amazwi yilabo abangenalo ulwazi; kufanele ufunde ukuthola ngokukhanyiselwa nokukhanya kwabanye, indlela yokwenza ngaphambi kokukhuluma ngokwakho okuzwile nokwaziyo wena uqobo. Lokhu kuzoyisiza kakhulu impilo yakho. Kufanele uzwe ngale ndlela, ulalela konke okuvela kuNkulunkulu. Kufanele ufune intando kaNkulunkulu ezintweni zonke futhi ufunde isifundo ezintweni zonke, ukuze impilo yakho ikhule. Ukwenza okunje kusiza ekukhuleni ngokushesha kakhulu.

UMoya oNgcwele uyakukhanyisela ngalokho okuzwile ngoqobo futhi akuphelelise ngokholo lwakho. Uyafuna ngempela ukupheleliswa? Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, uzoba nesibindi sokulahla inyama yakho, futhi uzokwazi ukwenza amazwi kaNkulunkulu ungabukeli nje noma ube buthakathaka. Uzokwazi ukulalela konke okuvela kuNkulunkulu, nezenzo zakho zonke ziyobukeka, noma ngabe zenziwe ebusweni Bakhe noma cha. Uma ungumuntu owethembekile, futhi wenza iqiniso ezintweni zonke, uyopheleliswa. Labo bantu abakhohlisayo benza ngendlela ethile phambi kwabanye baphinde benze ngenye indlela ngemuva kwabo, abazimisele ukupheleliswa. Bonke bangamadodana okulahlwa nokubhujiswa; abayibo abakaNkulunkulu bangabakaSathane. Abalona uhlobo lwabantu abakhethwe nguNkulunkulu. Uma izenzo zakho nokuziphatha kungeke kwethulwe phambi kukaNkulunkulu noma kungeke kubukeke kuMoya oNgcwele, lokhu kufakaza ukuthi kukhona okungalungile ngawe. Uma kuphela wemukela ukwahlulelwa nokusola kukaNkulunkulu, futhi ukuthathele phezulu ukuguqulwa kwesimo sakho uyokwazi ukuba sendleleni yokupheleliswa. Uma uzimisele ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu nokwenza intando kaNkulunkulu, kufanele ulalele wenze wonke umsebenzi kaNkulunkulu, ngaphandle kokukhipha ngisho elilodwa izwi lokukhononda, ngaphandle kokuzam ukuhlola noma ukwahlulela umsebenzi kaNkulunkulu. Lezi izimiso eziphansi sokupheleliswa nguNkulunkulu. Isidingo esifunekayo kulabo abafuna ukupheleliswa nguNkulunkulu yilesi: yenza zonke izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu. Kusho ukuthini “ukwenza izinto ngenhliziyo ethanda uNkulunkulu?” Lokhu kusho ukuthi zonke izenzo zakho nokuziphatha kungethulwa phambi kukaNkulunkulu. Uma ugcina izinhloso ezilungile, noma izenzo zakho zilungile noma zimbi, awesabi ukuthi zethulwe kuNkulunkulu noma kodadewenu nabafowenu; uyalokotha ukufunga kuNkulunkulu. Kufanele wethule inhloso yakho yangempela, umcabango, nomqondo phambi kukaNkulunkulu ukuze akucubungule; uma wenza uphinde ungene ngale ndlela, ukukhula empilweni yakho kuyoshesha.

Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele ube nokukholwa kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu nakuwo wonke umsebenzi Wakhe. Okusho ukuthi, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele umlalele. Uma ungakwazi ukwenza lokhu, akusho lutho ukuthi uyakholwa kuNkulunkulu noma cha. Uma usukholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa ungakaze umlalele noma wemukele wonke amazwi Akhe, kodwa kunalokho ucele uNkulunkulu ukuthi athobele wena futhi alandele imicabango yakho, ngakho uhlubuke ukudlula bonke, futhi awukholwa. Umuntu onjena angakwazi kanjani ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu angahambisani nemicabango yomuntu? Umuntu oyihlongandlebe kunabo bonke umuntu oweyisa futhi amelane noNkulunkulu ngenhloso. Uyisitha sikaNkulunkulu futhi ungumphikikristu. Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle “amagugu” asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami? Ngisho nalabo abanezinhliziyo ezingilalela kancane angeke bahambe baze bafike ekugcineni, kangakanani-ke laba bacindezeli abangenakulalela ngisho okuncane ezinhliziyweni zabo? Umsebenzi kaNkulunkulu awuzuzeki kalula kumuntu. Noma ngabe umuntu esebenzisa wonke amandla akhe, uyokwazi ukuzuza ingxenye encanyana nje bese ethola ukupheleliswa ekugcineni. Ngaphi-ke kwezingane zengelosi enkulu ehlose ukubhidliza umsebenzi kaNkulunkulu? Abanalo ithemba elincane ngokudlulele lokuzuzwa nguNkulunkulu? Inhloso yomsebenzi wami wokunqoba akuyona eyokunqoba ngoba kufanele kunqotshwe nje kuphela, kodwa ukunqoba ukuze kwembulwe ukulunga nokungalungi, ukuthola ubufakazi besijeziso somuntu, ukulahla ababi, kanye futhi, ikakhulu, nokuphelelisa labo abalalela ngokuzimisela. Ekugcineni, bonke bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, kanti bonke abaphelelisiwe, imicabango yabo igcwele ukulalela. Lo ngumsebenzi wokugcwaliswa ekugcineni. Kodwa labo abagcwele ukuhlubuka bayojeziswa, bathunyelwe ukuyosha emililweni futhi beqalekisiwe kuze kube phakade. Lapho leso sikhathi sifika “lawo maqhawe anganqobeki” ezinkathi ezedlule ayoba ngabaphansi kakhulu nabazitshwayo “ababuthakathaka namagwala angenamandla.” Yilokhu kuphela okungabonakalisa konke ukulunga kukaNkulunkulu futhi kwembule isimo Sakhe esingavumeli kucasulwa ngumuntu. Yilokhu kuphela okungahoxisa inzondo esenhliziyweni Yami. Awuvumi ukuthi lokhu kufanelekile?

Akubona bonke abezwa umsebenzi kaMoya oNgcwele abangazuza ukuphila, futhi akubona bonke abakulo mgudu abangathola ukuphila. Ukuphila akuyona into evamisile nje bonke abantu ababelana ngayo, futhi ukuguquka kwesimo akutholwa kalula yibo bonke. Ukuthobela umsebenzi kaNkulunkulu kufanele kube okuthintekayo futhi kufanele kuphilwe. Ukuthobeka okulula akwamukeleki kuNkulunkulu futhi inhliziyo kaNkulunkulu ayigculiseki ngokulalela okukha phezulu izwi likaNkulunkulu, ngaphandle kokufuna inguquko yesimo sakho. Ukulalela uNkulunkulu nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu yinto eyodwa. Labo abathobela uNkulunkulu kodwa hhayi umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bathathwe ngokuthi bayalalela futhi bayazenzisa ukuze bathandeke ngaphandle. Labo abathobela uNkulunkulu ngeqiniso bonke bayakwazi ukuzuza emsebenzini futhi bathole ukuqonda isimo nomsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abanje abathoba ngokweqiniso kuNkulunkulu. Abantu abanjalo bayakwazi ukuzuza ulwazi olusha futhi bezwe izinguquko ezintsha kulona. Abantu abanjalo kuphela abavunywa nguNkulunkulu: umuntu onjalo kuphela ophelelisiwe futhi waba nokuguquka kwesimo sakhe. Labo abavunywa nguNkulunkulu yilabo abathobela uNkulunkulu ngentokozo, futhi bathobele nezwi kanye nomsebenzi Wakhe. Yilolu hlobo lomuntu kuphela olulungile; yilolu hlobo lomuntu olufisa futhi lufuna uNkulunkulu ngeqiniso. Futhi labo abamane bakhulume nje ngokukholwa kwabo kuNkulunkulu, kodwa empeleni bemqalekisa, yilabo abazembozile abanobuthi bezinyoka, abakhohlisayo kunabo bonke. Lezi zichwensi ziyohlwithwa izembozo zazo ngelinye ilanga. Akuwona umsebenzi owenziwa namhlanje lowo? Ababi bayohlala bebabi futhi ngeke baphunyuke ngosuku lwesijeziso. Labo abalungileyo bayohlala belungile futhi bayokwambulwa lapho umsebenzi sewufike ekupheleni. Akekho namunye kwababi oyothiwa ulungile, noma namunye kwabalungileyo oyothiwa mubi. Ngingavuma namunye ame esolwa ngokungafanelekile?

Njengoba impilo yakho iqhubeka, kufanele njalo ube nendlela yokungena entsha nokuqonda okusha futhi okuphakeme, okujulayo ngesinyathelo ngasinye. Yilokhu bonke abantu okufanele bangene kukho. Ngokuxoxisana, ukulalela umyalezo, ukufunda izwi likaNkulunkulu, noma ukubhekana nodaba oluthile, uyothola ukuqonda okusha kanye nokukhanyiselwa okusha. Futhi awuphili phakathi kwemithetho yakudala futhi ezikhathini zakudala. Uhlala uphila ekukhanyeni okusha futhi awuphambuki ezwini likaNkulunkulu. Yilokhu okuthathwa ngokuthi ukuba semgudwini olungile. Ngeke kulunge ukuthi ukhokhe ngokukha phezulu nje. Izwi likaNkulunkulu lenyukele ezingeni elingaphezulu futhi izinto ezintsha ziyavela usuku nosuku. Kubalulekile ukuthi nomuntu athole indlela entsha yokungena nsuku zonke. Lapho Nkulunkulu ekhuluma ufeza konke akukhulumile. uphelelisa; uma ungakwazi ukuhambisana naye, uyasala. Kufanele ujule emithandazweni yakho; ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, akukwazi ukuba okwezikhashana. Julisa ukukhanyiselwa nokukhanya okutholayo, futhi imibono nemicabango yakho kufanele iye ngokuya iqhela. Kufanele futhi uqinise ukwahlulela kwakho, futhi noma uhlangana nani, kufanele ube nemicabango yakho ngakho futhi ube nemibono yakho. Ngokuqonda izinto ezithile ezikumoya, kufanele uthole ulwazi ezintweni ezingaphandle futhi uqonde umongo wanoma iluphi udaba. Uma ungenazo lezi zimfanelo, uzokwazi kanjani ukuhola ibandla? Uma ukhuluma nje kuphela ngamagama nezimfundiso ngaphandle kweqiniso futhi ngaphandle kwendlela yokwenza, ungaphumelela isikhashana nje kuphela. Kungemukeleka nje kancane emakholweni amasha, kodwa emuva kwesikhathi, lapho amakholwa amasha esethole ulwazi lwangempela, uzobe ungasakwazi ukubasiza. Ngakho ukulungele kanjani ukusetshenziswa nguNkulunkulu? Ngaphandle kokukhanyiselwa okusha awukwazi ukusebenza. Labo abangenako ukukhanyiselwa okusha yilabo abahlulekayo ukuba nokwazi, futhi abantu abanje abasoze bazuza ulwazi nokwazi okusha. Futhi, odabeni lokuletha impilo, ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi wabo, noma balungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Umuntu onjalo ichithakele futhi ayilusizo lwalutho. Eqinisweni, abantu abanjalo abakwazi ukwenza okufuneka bakwenze emsebenzini futhi abalusizo lwalutho. Abehluleki kuphela ukwenza umsebenzi wabo, kodwa babeka umthwalo ongadingeki ebandleni. Ngiyabakhuthaza “laba bantu abahloniphekile abadala” ukuthi basheshise balishiye ibandla ukuze abanye bangabe besadinga ukukulandela. Abantu abanjalo abanakuqonda ngomsebenzi omusha kodwa bagcwele imicabango. Akukho abakwenzayo ebandleni; kunaloko bayona futhi basabalalise okungekuhle, batholakale benza eziningi izinhlobo zokungaziphathi kahle nokuphazamisa ebandleni, ngokwenzenjalo adida futhi akhubekise labo abangakwazi ukwehlukanisa. Labo develi abahamba ngezinyawo, le mimoya emibi kufanele ilishiye ibandla masinyane, lingaze lilimale ibandla ngenxa yakho. Ungase ungawesabi umsebenzi wanamuhla, kodwa awukwesabi na ukujeziswa okulungile kwakusasa? Baningi omahlalela ebandleni, kanye nezimpisi eziningi ezifuna ukuthikameza umsebenzi ojwayelekile kaNkulunkulu. Lezi zinto zonke zingamadimoni lawa athunywe ngudeveli, izimpisi ezinonya ezifuna ukushwabadela izimvu ezingaboni. Uma laba bantu-mbumbulu bengaxoshwa, baphenduka izimbungulu ebandleni namabhu adla iminikelo. Lezi zimpethu ezidelelekile, ezingenalwazi, eziphansi nezinyanyekayo ziyojeziswa ngolunye usuku!

Okwedlule: UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abasenhliziyweni Yakhe

Okulandelayo: INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp