Isahluko 16

Kuningi kakhulu engifisa ukukusho kubantu, ziningi kakhulu izinto okufanele ngimtshele zona. Kodwa amandla omuntu okwamukela asilela kakhulu. Umuntu akakwazi ukubamba ngokupheleleyo amazwi Ami ngalokho engikuhlinzekayo, kepha umuntu uqonda okukodwa kuphela bese engazi lutho ngalokhu okunye. Naphezu kwakho konke lokho, Mina angimbulali umuntu ngenxa yokungabi namandla kwakhe, futhi angithukutheliswa ukuba buthakathaka kwakhe. Mina nje kuphela ngizenzela umsebenzi Wami, bese ngikhuluma njengalokhu ngihlale ngenza, yize umuntu engayiqondi intando Yami; kepha uma usuku selufikile, abantu bayongazi ekujuleni kwezinhliziyo zabo, futhi bayohlala bengikhumbula njalo emicabangweni yabo. Uma ngihamba kulo mhlaba, kuyoba kahle yisikhathi engiyonyukela ngaso esihlalweni sobukhosi enhliziyweni yomuntu, okusho ukuthi, kuyoba yisikhathi lapho bonke abantu bezongazi. Futhi, kuyoba yisikhathi lapho amadodana Ami nabantu Bami bezobusa khona emhlabeni. Labo abangaziyo Mina nakanjani bayoba yizinsika zombuso Wami, futhi bayoba nelungelo lokubusa nokuba namandla embusweni Wami. Bonke labo abangaziyo baNami uqobo, futhi bayokwazi ukungiphila naphakathi kwabantu bonke. Angikhathali ukuthi umuntu ungazi kangakanani: Akekho ongakwazi ukuvimba umsebenzi Wami nganoma yingayiphi indlela, futhi akukho lusizo umuntu anganginika lona futhi angeke angenzele lutho. Umuntu angakwazi ukulandela umyalelo wokukhanya Kwami kuphela bese efuna intando Yami kulokhu kukhanya. Namhlanje, abantu sebenolwazi, sebecabanga ukuthi bangahamba bachanase phambi Kwami, bese behleka bencokola Nami ngaphandle kokuncane ukuzithiba, bese bekhuluma Nami sengathi bakhuluma nontanga yabo. Namanje umuntu usengakangazi Mina, usakholelwa wukuthi ngesiqu sicishe sifane nje, nokuthi Mina naye singabenyama negazi futhi sobabili sihlala emhlabeni wabantu. Inhlonipho anayo umuntu Ngami yincane kakhulu; umuntu ungihlonipha kuphela uma ephambi Kwami, kodwa akakwazi ukungisebenzela phambi koMoya. Futhi kuba sengathi, ngokokwenza komuntu, uMoya yinto engekho ngisho ukuba khona. Ngalokho, akekho umuntu oke wazi uMoya, ekubeni Kwami sesimweni abantu babona kuphela umzimba wenyama negazi futhi abawuboni uMoya kaNkulunkulu. Ingakwazi yini ukufezekiswa intando Yami ngale ndlela? Abantu bangochwepheshe ekungikhohliseni Mina; kubukeka sengathi uSathane ubaqeqeshe kahle kakhulu ukuthi benze Mina isilima. Yize kunjalo, Mina anginandaba noSathane lowo. Ngizosebenzisa ubuhlakani Bami ukunqoba bonke abantu bese ngehlula umedukisi wabo bonke abantu ukuze kwakheke umbuso Wami emhlabeni.

Phakathi kwabantu, kukhona abaye bazama ukuqinisekisa ubungako bezinkanyezi, noma ubungako bomkhathi wonkana. Yize kunjalo lokho kucwaninga kwabo akukaze nakanye kuthele izithelo ezinempumelelo, bangagebisa amakhanda abo benamahloni futhi bayekelele ekwehlulekeni. Uma ngibabheka bonke abantu futhi ngibuka nesimo sokuma kwabo nokungaphumeleli kwabo, angiboni ngisho namunye othatheke ngokuphelele Ngami, akukho namunye ongihloniphayo futhi ozithobile Kimi. Maye ngokuduka nokulahleka komuntu! Ngenkathi ubuso bonke bokujula nokushona bumnyama, phakathi kwabantu, ngaqala ukunambitha ukubaba komhlaba. Umoya Wami uhamba emhlabeni wonke ubheka izinhliziyo zabo bonke abantu, nokho nalapho, ngabe ngiyakwazi ukunqoba umuntu ngokuphila kwenyama Yami. Umuntu akangiboni Mina, ngoba uyimpumputhe; umuntu akangazi Mina, ngoba akasezwa lutho; umuntu umelene Nami, ngoba akalaleli; umuntu uyeza ukuzoguqa phambi Kwami, ngoba ngimahlule; umuntu uyangithanda; ngoba ngokwendalo Yami ngifanelwe wuthando lomuntu; umuntu uyangiphila futhi abonise ubuMina, ngoba amandla Ami kanye nobuhlakani Bami kwenza ukuthi abe wumuntu ofuna inhliziyo yami. Mina nginendawo enhliziyweni yomuntu, kodwa angikaze nanini ngithole uthando lomuntu oluYimi emoyeni wakhe. Yebongempela, kukhona izinto emoyeni womuntu azithanda ukwedlula zonke ezinye izinto, kepha Mina angiyona ingxenye yalezo zinto, ngalokho uthando lomuntu lufana negwebu lensipho: Lapho umoya uvunguza, liyeqa lihlakazeke lingabe lisabonwa. Mina bengisolokhu ngimile futhi ngingashintshi indlela engibuka ngayo umuntu. Ngabe ukhona phakathi kwabantu oke wenza njengoba Mina ngenza? Emehlweni omuntu, ngibukeka ngiyinto engaphili futhi engabonakali njengomoya, ngenxa yalesi sizathu-ke abantu abaningi bangifuna kuphela esibhakabhakeni esingenamngcele, noma olwandle olugubhukayo noma emachibini amile, noma phakathi kwamagama nezimfundiso ezingenalutho. Akukho namunye umuntu owazi ubunjalo bomuntu, angiyiphathi-ke eyokwazi imfihlakalo eyenzeka ngaphakathi Kwami, ngakho-ke Mina angilindele ukuthi umuntu afike ezingeni eliphezulu kakhulu leli acabanga ukuthi ngiyalidinga kuye.

Amazwi Ami awisa izintaba, ahlehlise nokugeleza kwamazi, enza umuntu azithobe, amachibi achichime ngokungaphezi. Nakuba izilwandle zikwazi ukugubha zihhahhame ngokucasuka zibheke esibhakabhakeni, kepha uma zizwa amazwi Ami, lezo zilwandle zizotha njengephansi lechibi. Ngokuvayisa okuncane nje isandla Sami, imimoya emikhulu enamandla iyashabalala ingishiye, umhlaba womuntu uthole ukuthula nokuthobeka. Kepha uma ngiqala ngidedela ulaka Lwami, izintaba ziqhekeka ngokushesha, umhlaba uqhaqhazele, amanzi ome nke, bese umuntu eqala ehlelwa yizinhlekelele. Ngenxa yolaka Lwami, angikunaki ukukhala komuntu, angimhlinzeki ngazimpendulo ekukhaleni kwakhe, ngenxa yokuthi ukuthukuthela Kwami kuyaphakama. Uma ngiphakathi kwamazulu, akukaze kwenzeke ukuthi izinkanyezi zitatazeliswe wubukhona Bami. Kunalokho, izinkanyezi zenza ukuthi izinhliziyo zazo zingisebenzele, ngalokho, ngizinikeze ukukhanya okwengeziwe zikhanye kakhulu kunakuqala, ukuze zingitholele inkazimulo enkulu. Uma amazulu ekhanya kakhulu, lokho kusho ukuthi umhlaba ongaphansi kwawo uya ngokuya uba mnyama kakhulu; ngakho-ke abantu abaningi baye bakhalaza ngokuthi indlela engihlela ngayo izinto ayifanele, ngakho iningi labo selivele langishiya layozenzela imibuso yalo, neliyisebenzisela ukuthengisa Mina, ukuze lishintshe isimo sobumnyama. Nakuba bekwenzile lokhu, kepha ngubani okwazile ukuphumelela ngokwakhe na? Ngabe ngubani oye waphumelela esifisweni sakhe na? Ubani ongakwazi ukuhlehlisa lokho okuhlelwe yisandla Sami na? Uma intwasahlobo ingenisa ezweni, Mina ngithumela ukukhanya ngokuyimfihlo ezweni, ukuze, umuntu esemhlabeni, akwazi ukuba nomuzwa osheshayo womoya omnandi. Bese futhi kuthi ngaso leso sikhathi, Mina ngivala amehlo omuntu ukuze abone inkungu kuphela yemboze umhlabathi, bonke abantu nazo zonke izinto kuthathwe ngokuthi kumfiliba, akucacile. Abantu bangabubula bezibuza ukuthi, Kungani ukukhanya kube umzuzwana nje? Kungani uNkulunkulu enika umuntu inkungu kanye nokungaqondi kuphela? Kuthi abantu besaphelelwe yithemba, inkungu ivele inyamalale ngokuphazima kweso, bese kuthi lapho bebona ukulokoza kokukhanya, ngivele ngidedele izikhukhula zemvula kubona, bese izindlebe zabo zivaleka ngci ngenxa yokuduma kwezulu ngenkathi besalele. Kuthi besethukile benjalo, bengenaso ngisho nesikhathi sokukhosela, bembozwe ukuna kwemvula. Ngokuphazima kweso, zonke izinto ezingaphansi kwamazulu zihlanzeke zibe msulwa kulo ulaka Lwami. Abantu abasakhalazi ngokuqala kwemvula enkulu, kanti kubona konke kuba yinhlonipho efika kabusha. Ngenxa yalokhu kushaywa yimvula ngokushesha, iningi labantu ligcina seliminza emanzini avela esibhakabhakeni, liphenduke izidumbu ezintantayo. Mina bese ngibheka umhlaba wonkana ngibone abantu abaningi bevuka, abaningi bephenduka ezonweni zabo, abaningi befuna umthombo wamanzi ezikebheni ezincane, ngibone ukuthi abaningi bayazithoba phambi Kwami befuna intethelelo yami, ngibone ukuthi abaningi sebekubonile ukukhanya, ngibone ukuthi abaningi sebebubonile ubuso Bami, bese ngibona ukuthi abaningi banesibindi sokuphila, ngibone nokuthi umhlaba wonke usushintshile. Ukulandela lezi zikhukhula zemvula enkulu kangaka, zonke izinto sezibuyele kulokho ezaziyikho emqondweni Wami, seziyalalela. Kungakapholi maseko, umhlaba wonke usugcwele umsindo wohleko, yonke indawo emhlabeni kunomuzwa wokudumisa, kanti akukho ndawo engenankazimulo Yami. Ubuhlakani Bami bukhona kuyo yonke indawo emhlabeni kanye nasemhlabeni jikelele. Phakathi kwazo zonke izinto kukhona izithelo zobuhlakani Bami, phakathi kwabo bonke abantu kukhona imisebenzi emihle yobuhlakani Bami; yonke into ifana nazo zonke izinto embusweni Wami, bonke abantu bahlala ngokuphumula ngaphansi kwamazulu Ami njengezimvu emadlelweni Ami. Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika phezu komhlaba wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami, zingcwele njenge-jade, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

kuNdasa 14, 1992

Okwedlule: Isahluko 15

Okulandelayo: Isahluko 17

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp