Indlela … (4)

Ukuthi abantu bayakwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu, ukufuna indlela yokuthanda uNkulunkulu ngenkathi yanamuhla, nokuthi bazimisele ngokwamukela ukuqeqeshwa ngombuso wanamuhla—konke lokhu kuwumusa kaNkulunkulu, futhi nangaphezulu, kuwukuphakamisa Kwakhe isintu. Noma nini uma ngicabanga ngalokhu, ngibuzwa ngamandla kakhulu ubuhle bukaNkulunkulu. UNkulunkulu usithanda ngokweqiniso; ukuba Ubengasithandi, ubani obengakwazi ukubona ubuhle Bakhe? Yilokhu kuphela okwenza ngibone ukuthi wonke lo msebenzi wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, nokuthi abantu baholwa futhi baqondiswe uNkulunkulu. Ngibonga uNkulunkulu ngalokhu, futhi ngingathanda ukuthi abafowethu nodadewethu bahlanganyele kanye Nami ekudumiseni uNkulunkulu: “Inkazimulo yonke mayibe Kuwe, Nkulunkulu ophakeme uqobo Lwakhe! Sengathi inkazimulo Yakho ingaphindaphindeka futhi yambulwe kithi sonke esikhethwe futhi sazuzwa Nguwe.” UNkulunkulu ungikhanyisele: Ungikhombise ukuthi samiselwa ngaphambilini eminyakeni emininginingi eyedlule, futhi wafuna ukusizuza ngezinsuku zokugcina, ngalokho wavumela umhlaba wonke nazo zonke izinto ukuba ziyibone ngathi inkazimulo kaNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho, siwukubonakaliswa komphumela wohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha; siyimifanekiso, izibonelo zomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni jikelele. Ima ngibona manje ukuthi uNkulunkulu usithanda kangakanani, nokuthi umsebenzi awenza kithi nezinto azishoyo zedlula ezezinkathi ezedlule ngokuphindaphindwe kasigidi. Nakwa-Israyeli noma kuPetru, uNkulunkulu akakaze awenze umsebenzi omkhulu kangaka futhi akakaze akhulume amazwi amaningi kangaka—kukhombisa ukuthi thina, leli qoqo labantu, ngempela sibusiswe ngokungakholakali, sibusiswe ngokungeqhathaniswe kunabangcwele besikhathi esedlule. Yingakho uNkulunkulu ubehlala ethi abantu benkathi yokugcina babusisiwe. Noma abanye bangathini, ngikholwa ukuthi yithi esibusiswe kakhulu uNkulunkulu. Kumele samukele izibusiso esizinikwe uNkulunkulu; mhlawumbe kukhona abakhonondayo kuNkulunkulu, kodwa ngikholwa ukuthi uma lezi zibusiso zivela kuNkulunkulu, khona-ke ziwubufakazi bokuthi ziyilokho okusifanele. Noma ngabe abanye bekhononda noma bengathokozile ngathi, ngisakholwa ukuthi akekho ongamukela noma asiphuce izibusiso esizinikwe uNkulunkulu. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa kithi futhi Yena ukhuluma nathi ubuso nobuso—nathi, hhayi abanye—uNkulunkulu wenza noma yini afuna ukuyenza. Futhi uma abantu benganeliseki, abazidonseli amanzi ngomsele nje? Abazibizeli ukunyanyeka ngokwenza lokho? Yini eyenza ukuthi ngisho lokhu? Yingoba nginolwazi olunzulu ngalokhu, Thatha umsebenzi uNkulunkulu awenza Kimi, njengesibonelo: Yimina kuphela engingenza lo msebenzi—ukhona omunye umuntu ongawenza? Nginenhlanhla yokuthi uNkulunkulu ungithume lo msebenzi—ukhona omunye umuntu ongazisukela nje enze lokhu? Nokho ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bazoyiqonda inhliziyo Yami. Angiqhoshi ngalokho engiyikho nesengikuzuzile, kodwa ngichaza inkinga. Ngifisa ukuthi yonke inkazimulo ibe kuNkulunkulu nokuthi abheke inhliziyo yomuntu ngamunye kithina ukuze izinhliziyo zethu zihlanzeke phambi Kwakhe. Ngokwenhliziyo Yami, ngifisa ukuthi ngizuzwe ngokugcwele uNkulunkulu, ukuba yintombi emsulwa enikelwe e-althare, futhi phezu kwalokho ukuba nenhlonipho yemvu, ebonakala kuso sonke isintu njengomzimba ongcwele womoya. Lesi yisethembiso Sami, isifungo engisenze phambi kukaNkulunkulu. Ngizimisele ngokusigcwalisa futhi ngibuyisele uthando lukaNkulunkulu ngalokhu. Ingabe uzimisele ukwenza lokhu? Ngikholwa ukuthi lesi sethembiso Sami sizokhuthaza iningi labafowethu nodadewethu abancane, futhi sinike iningi labantu abasebasha ithemba. Ngibona sengathi uNkulunkulu ubuka abantu abasha njengabantu ababaluleke ngokukhethekile. Mhlawumbe ngichemile, kodwa ngihlala ngibona ukuthi abantu abasha banekusasa nethemba; sengathi uNkulunkulu wenza umsebenzi owengeziwe kubantu abasha. Yize beswele ulwazi nokuhlakanipha futhi banogqozi ngokweqile futhi betshakadula njengenkonyane elisanda kuzalwa, kodwa ngikholwa ukuthi kukhona intsha enganconywa ngakho. Buyabonakala ubumsulwa bobusha kubo futhi izinto ezintsha bazamukela kalula. Yize abantu abasha bevame ukuba nenkani, nendluzula, futhi benza izinto ngokungacabangi, lezi zinto azinamthelela ekhonweni labo lokwamukela ukukhanya ngenxa yokuthi abantu abasha abavamile ukubambelela ezintweni zakudala eseziphelelwe yisikhathi. Yingakho ngibona ukwethembisa okungenamkhawulo kubantu abasha, kanye nokuba namandla kwabo; ngenxa yalokhu ngizizwa nginesihe kubo. Akukhona ukuthi angibathandi abafowethu nodadewethu abadala, kodwa anginayo intshisekelo ngabo—engixolisa kakhulu ngakho kubafowethu nodadewethu abadala. Mhlawumbe engikushilo kuphuma eceleni noma akunalo uzwelo, kodwa ngethemba ukuthi nonke nizoxola ngobudedengu Bami, ngoba angikwazi ukunaka engikushoyo ngenxa yokuthi ngisemncane kakhulu. Nokho, eqinisweni, abafowethu nodadewethu abakhulile banayo, phezu kwakho konke, imisebenzi abayenzayo—akukhona ukuthi abanamsebenzi nhlobo. Lokhu kwenziwa ukuthi banolwazi lokubhekana nezinto; banesineke endleleni ababhekana ngayo nezinto, futhi abawenzi amaphutha amaningi. Akuyiwo amandla abo lokhu? Sonke asithi phambi kukaNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Sengathi sonke singafeza imisebenzi yethu ezikhundleni zethu ezihlukene, futhi sengathi singenza konke okusemandleni ukuze senze intando Yakho!” Ngikholwa ukuthi kufanele ukuthi lokhu kuyintando kaNkulunkulu!

Ngokwalokho esengikubonile, abaningi abaphikisa le ndlela ngokusobala—abawuphikisa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu—kuba abantu abadala. Laba bantu banemibono yenkolo eqine kakhulu; kuyo yonke into, baqhathanisa amazwi kaNkulunkulu nezinto eseziphelelwe yisikhathi futhi bahlala bezama ukwenza ukuthi izinto ezazemukeleka kudala zivumelane namazwi kaNkulunkulu. Abahlekisi? Abantu abanjalo bangakwazi ukwenza umsebenzi abawunikwe uNkulunkulu? UNkulunkulu angakwazi ukusebenzisa abantu abanjalo emsebenzini Wakhe? UMoya oNgcwele unendlela yosuku nosuku yokwenza umsebenzi Wakhe; uma abantu bebambelela ezintweni zakudala, kuzofika usuku lapho bezosuswa enkundleni yomlando. Esigabeni somsebenzi Wakhe ngasinye, uNkulunkulu usebenzisa abantu abasha. Labo abazama ukushumayeza abanye ngezinto eseziphelelwe yisikhathi abalethi yini ukubhubha kubantu? Ababambezeli umsebenzi kaNkulunkulu? Uma kunjalo-ke, umsebenzi kaNkulunkulu uyoqedwa nini? Mhlawumbe bakhona abanemibono ethile ngalokhu engiqeda ukukusho. Mhlawumbe abenelisekile. Kodwa angifuni ukuthi ukhathazeke: Izinto eziningi ezinje zizokwenzeka kungekudala, futhi lokhu kungacaciswa ngamaqiniso kuphela. Ake sivakashele abantu ababalulekile, abanye abafundisi abaphezulu noma abachasisi beBhayibheli bese sibashumayeza ngale ndlela. Nakanjani ngeke baqale bakuchithe ngokusobala lokhu—kodwa bazodonsa iBhayibheli ukuze bakufake inselelo. Bazokwenza ubuye uxoxe ngeNcwadi ka-Isaya kanye neNcwadi kaDaniyeli, futhi bazokwenza uze uchaze Incwadi yesAmbulo. Futhi uma wehluleka ukukhuluma ngayo, bazokuchitha, bakubize ngoKristu wamanga, bathi usabalalisa indlela eyinhlekisa. Emuva kwehora bazokubeka amacala angamanga ayokushiya ubambe ongezansi. Akusikho na ukwenqaba okusobala lokhu? Kodwa lokho kuseyisiqalo nje. Abakwazi ukuvimba isigaba esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu, futhi kungekudala, uMoya oNgcwele uzobaphoqa ukuthi bawuvume. Lokhu kungumkhuba ongaguquki; kuyinto abantu abangeke bakwazi ukuyenza nento abantu abangakwazi nokuyicabanga. Ngikholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzosabalala ungavinjwanga emhlabeni wonke. Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, futhi akekho ongayivimba. Sengathi uNkulunkulu angasikhanyisela futhi asenze samukele ukukhanya okusha, futhi singaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu kulolu daba. Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kithi ukuze sikwazi ukubona ukufika kosuku Lwakhe lwenkazimulo. Isikhathi sokukhazimuliswa kukaNkulunkulu emhlabeni wonke kuzoba yisikhathi esiyothola ngaso inkazimulo kanye Naye. Sengathi kuyoba yisikhathi futhi engiyohlukana ngaso nalabo abahambisana Nami. Ngifisa ukuthi abafowethu nodadewethu baphakamise amaphimbo abo kanye Nami ngokunxusa kuNkulunkulu: Sengathi umsebenzi kaNkulunkulu omkhulu ungaqedwa maduze, ukuze sikwazi ukubona usuku Lwakhe lwenkazimulo sisaphila. Ngisenethemba lokufeza intando kaNkulunkulu ngisaphila, futhi ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzoqhubeka nokwenza umsebenzi Wakhe kithi futhi kungabi khona ukuthiyeka. Lokhu kuyisifiso Sami saphakade. Sengathi uNkulunkulu angahlala ephakathi kwethu, futhi sengathi uthando Lwakhe lungakha amabhuloho phakathi kwethu ukuze ubungani phakathi kwethu bube yigugu ngokwengeziwe. Ngethemba ukuthi uthando luzodala ukuqonda okukhulu phakathi kwethu nokuthi uthando lungasenza sisondelane ngokujulile, lususe ibanga phakathi kwethu, futhi uthando phakathi kwethu lujule, lwande, futhi lube mnandi kakhulu. Ngikholwa ukuthi lokhu nakanjani kuyintando kaNkulunkulu Wami. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bazosondela kakhulu Kimi, nokuthi sonke sizozazisa izinsuku ezimbalwa esinazo sindawonye, ukuthi zingasidalela izinkumbulo ezinhle.

Sekube nezinye izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu enkabeni yezwe laseChina kodwa azixakile nhlobo. Uma kucatshangwa ngawo, uzwakala unazo zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe; zonke zenziwe uNkulunkulu mathupha, futhi bonke abantu babambe iqhaza kulo msebenzi. “Isigcawu” ngasinye sihlekisa ngempela, futhi ngubani obengake acabange ukuthi laba bantu bangadlala umdlalo onjalo, ukwethula kwabo kufane kangaka nempilo phakathi kwazo zonke izivivinyo, lonke uhlobo lomuntu ngalunye ludwetshwe ngokucace nangokuphelele kangaka ngepeni likaNkulunkulu, wonke umuntu eveza okuningi emini kabha? Kodwa ngalokhu, angisho ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu ngomsebenzi Wakhe. Lokho angeke kube namqondo. Umsebenzi kaNkulunkulu unenhloso, futhi ngeke nhlobo enze okungabalulekile noma okungenanzuzo. Konke akwenzayo ukwenzela ukuphelelisa abantu, ukubazuza. Kulokhu ngibona ngempela ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu isiza umuntu ngokuphelele. Ngibize lokhu ngokuthi umdlalo, kodwa futhi kungathiwa lo mdlalo ususelwe empilweni yangempela. Ukuthi nje kuNkulunkulu—ongumqondisi jikelele womdlalo—abantu bonke bakhona ukuze basebenzisane Naye ukuze baqedele lo msebenzi. Kodwa ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa lokhu ukuze azuze abantu, ukubenza bamthande ngokwengeziwe. Akusiyo intando kaNkulunkulu le? Ngakho ngethemba ukuthi akekho umuntu onokukhathazeka. Ayikho nhlobo into oyaziyo ngentando kaNkulunkulu? Sengisho okuningi—ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu sebekuqonde konke futhi abayiqondi ngendlela engeyiyo inhliziyo Yami. Angingabazi ukuthi uNkulunkulu uzonizuza nonke. Wonke umuntu uhamba indlela ehlukile. Sengathi indlela engaphansi kwezinyawo zakho ingaba yileyo evulwe uNkulunkulu, futhi sengathi nonke ningakhuleka Kuye nithi: O Nkulunkulu! Sengathi ungangizuza ukuze umoya wami ubuyele Kuwe. Ingabe usukulungele yini ukufuna ukuqondisa kukaNkulunkulu ekujuleni komoya wakho?

Okwedlule: Indlela … (3)

Okulandelayo: Indlela … (5)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp