Isahluko 9

Njengoba ungomunye wabantu bendlu Yami, futhi njengoba uthembekile embusweni Wami, konke okwenzayo kumele kuhlangabezane nemigomo engiyidingayo. Angiceli ukuthi ube ngaphezulu kwefu elihambayo, kodwa ukuthi ube yiqhwa elicwebezelayo, ube nalokhu elinakho okungaphezulu ube nobugugu balo. Ngenxa yokuthi ngavela emhlabeni ongcwele, angifani nembali, enegama kuphela kodwa engenalutho kuyo ngenxa yokuthi yavela lapho okunodaka khona hhayi emhlabeni ongcwele. Isikhathi lapho izulu elisha lizokwehla ngaso lize emhlabeni bese umhlaba omusha ugcwalisa isibhakabhaka yisona sikhathi engizobe ngisebenza ngaso kubantu ngokusemthethweni. Ubani kubantu ongaziyo? Ubani owabona ukufika Kwami? Ubani osebonile ukuthi anginalo igama nje kuphela, kodwa, ngaphezu kwalokho, nginobuqu? Ngichitha amafu amhlophe ngesandla Sami bese ngibhekisisa isibhakabhaka; emkhathini, akukho okungahleliwe yisandla Sami, ngaphansi komkhathi, akekho umuntu ongafaki umzamo wakhe omncane ekufezekisweni kwebhizinisi Lami elikhulu. Angifuni izinto ezinzima kubantu emhlabeni, ngoba selokhu ngaba uNkulunkulu owenzayo, futhi ngoba nginguSomandla owadala umuntu futhi ngimazi kahle. Bonke abantu baphambi kwamehlo kaSomandla. Kungenzeka kanjani ukuthi abantu, ngisho nalabo abasemagumbini akude omhlaba, ukuba bangakubalekela ukuhlola koMoya Wami? Yize umuntu “ewazi” uMoya Wami, kodwa uyawona uMoya Wami. Amazwi Ami aveza ububi bobuso babo bonke abantu, abeke obala imicabango ejulile yabo bonke abantu, enze ukuthi bonke abantu emhlabeni bangabi nalutho ngenxa yokukhanya Kwami bese beyawa ekuhloleni Kwami. Kodwa yize umuntu ewa, inhliziyo yakhe ayicabangi ukungihlubuka. Phakathi kwezidalwa, ubani ongangithandi ngenxa yemisebenzi Yami? Ubani onganginxaneli ngenxa yamazwi Ami? Ubani ongabi nayo imizwa yokuzinikela ngenxa yothando Lwami? Ngabe kungenxa yenkohlakalo kaSathane ukuthi umuntu engakwazi ukufinyelela endaweni edingwa Yimi? Ngisho nemigomo esezingeni eliphansi engiyifunayo yenza ukungabaza kuye, ukungasho lutho kokwanamuhla, esikhathini lapho uSathane enza isiphithiphithi engabambeki, noma isikhathi lapho abantu becindezelwe uSathane kuze kube ukuthi umzimba wakhe wonke ungcolile. Kunini lapho ukuhluleka komuntu ukunakekela inhliziyo Yami ngenxa yokonakala kwakhe kwangangibangela khona usizi? Kungenzeka ukuthi ngizwela uSathane? Kungenzeka ukuthi ngiphambukile othandweni Lwami? Uma umuntu engangihloniphi, inhliziyo Yami iyakhala ekusithekeni; uma umuntu engiphikisa, ngiyamjezisa; uma umuntu ngimusindisile wavuswa ekufeni, ngimondla ngokukhulu ukunakekela; uma engithobela, inhliziyo Yami iba nokuthula bese ngizwa izinguquko ezinkulu ezulwini nasemhlabeni nakuzo zonke izinto. Uma abantu bengidumisa, ngingahlala kanjani ngingakuthokozeli lokho? Uma umuntu engibona bese emukelwa Yimi, ngingahlala kanjani ngingakhazinyuliswa? Kungenzeka ukuthi konke okwenziwa umuntu akubuswa futhi akuhlinzekwa Yimi? Uma ngingamkhombisi umuntu indlela, abantu bayahlala bangenzi lutho, bese, uma ngingaboni, bazibandakanye ezintweni ezingcolile “ezincomekayo”. Ucabanga ukuthi inyama, engizigqokise yona, ayazi lutho ngalokhu enikwenzayo, ngendlela eniziphatha ngayo, namazwi enu? Iminyaka eminingi ngibekezelela umoya nemvula, ngalokho Nami ngikuzwile ukubaba okwenzeka emhlabeni wabantu, kodwa uma ngibhekisisa kahle, akukho ukuhlupheka okungenza umuntu wenyama alahlekelwe yithemba Kimi, kanjalo abukho ubumnandi obungenza umuntu wenyama abande, adangale, noma anganginaki. Ngabe uthando Lwami kumuntu lungaphakathi kokungabi khona kobuhlungu nokungabi khona kobumnandi kuphela?

Namuhla, ngingena enyameni futhi sengiqalile ukwenza umsebenzi okumele ngiwenze ngokusemthethweni, kodwa yize umuntu elisaba izwi loMoya Wami, akabuhloniphi ubuqu boMoya Wami. Kumele ngicacise ukuthi kunzima kangakanani kumuntu ukwazi Mina ngisenyameni emazwini Ami. Njengoba ngike ngasho phambilini, angikho lukhuni kwengikudingayo, futhi asikho isidingo sokuthi ningazi ngokugcwele (ngoba umuntu uyantula; lesi yisimo esikubo ngaphakathi, kanti izimo okumele azifunde ngeke zikwazi ukumelana naso). Kumele wazi kuphela lokhu okwenziwa nokushiwo Yimi ngisesimweni senyama. Njengoba engikudingayo kungelukhuni, nginethemba lokuthi uzokwazi futhi ufinyelele kukho. Kumele nizihlambulule kulo mhlaba ongcolile, kumele nilwele inqubekela phambili “emndenini wababusi” osemuva, futhi akumele nidembesele. Akumele nakancane nizizwele: Kuzomele ninikele isikhathi esiningi nizame kakhulu ukuze nazi lokhu engikukhulumayo ngosuku, kanti ulwazi lomusho owodwa nje wokukhulunywe Yimi kuyinto enkulu empilweni. Amazwi engiwakhulumayo acacile futhi asengqondweni, futhi awalona ize. Abantu abaningi bafisa ukuzuza amazwi Ami, kodwa angibanaki; abantu abaningi bafisa amafutha Ami, kodwa angibaniki nokuncane nje; abantu abaningi bafisa ukubona ubuso Bami, kodwa ngilokhu ngibufihlile; abantu abaningi balalelisisa izwi Lami, kodwa ngivala amehlo Ami nginyakazise ikhanda Lami liye emuva, ngingathintwa ukufisa kwabo; abantu abaningi basaba ukuzwakala kwezwi Lami, kodwa amazwi Ami ahlale elungele ukuhlasela; abantu abaningi bayasaba ukubona ubuso Bami, kodwa ngiyaziveza kubo ngamabomu ukuze ngizobawisa phansi. Umuntu akaze abubone ubuso Bami ngeqiniso futhi akaze alizwe izwi Lami ngeqiniso, ngoba akangazi ngeqiniso. Yize noma ngimwisile, yize noma engishiya, yize noma ngimjezisa ngesandla Sami, akazi noma ngempela lokhu akwenzayo kufuna inhliziyo Yami ngeqiniso na, futhi akazi ukuthi inhliziyo Yami ngiyiveza kubani. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, akekho oke wangazi ngeqiniso, noma oke wangibona ngeqiniso, futhi yize ngibe yinyama namuhla, awukangazi. Akulona iqiniso lokhu? Ngabe uke wabona ukwenza Kwami okuncane nesimo Sami enyameni?

Ezulwini kulapho ngenaba khona, kanti ngaphansi kwezulu kulapho ngithola khona ukuphumula. Nginendawo yokuhlala, futhi nginesikhathi sokuveza amandla Ami. Uma ngabe ngangingekho emhlabeni, uma ngabe ngangingazange ngizemboze ngenyama, futhi ukube ngangingazithobile futhi ngifihlakele, izulu nomhlaba ngabe akuzange kushintshwe? Ngabe nina, bantu Bami, anizange nisetshenziswe Yimi? Kodwa kunobuhlakani ezenzweni Zami, futhi yize ngiyazi kahle inkohliso yomuntu, angisilandeli isibonelo sakhe, kodwa kunalokho ngiyakusishintshanisela. Ubuhlakani Bami kwelikamoya abunamkhawulo, kanti ubuhlakani Bami enyameni obungunaphakade. Akusona yini lesi isikhathi okubonakaliswa ngaso imisebenzi Yami? Sengibaxolele ngabathethelela izikhathi eziningi, kuze kube yinamuhla, eNkathini yoMbuso. Ngingaphinda ngisilibazise isikhathi Sami? Yize noma kade nginozwelo olwengezwe ngokungatheni kumuntu obuthakathaka, uma umsebenzi Wami usuphelelisiwe, ngingazilethela inkinga ngokwenza umsebenzi wakudala? Ngingamvumela uSathane angisole? Akukho engifuna ukuthi umuntu akwenze ngaphandle kokwamukela iqiniso lamazwi Ami kanye nencazelo eyiyo yamazwi Ami. Yize amazwi Ami elula, ngobuqu anzima, ngoba nina nibancane kakhulu, futhi anisazweli. Uma ngiveza izimfihlakalo Zami ngqo ngiveze intando Yami enyameni, aninginaki; nilalela umsindo, kodwa aniqondi ukuthi lisho ukuthini. Ngizwa ukudabuka. Yize ngisenyameni, angikwazi ukwenza umsebenzi wenkonzo yenyama.

Ngubani owazi umsebenzi Wami enyameni emazwini Ami nasekwenzeni Kwami? Uma ngiveza izimfihlakalo Zami ngokuzibhala phansi, noma ngizikhulume, bonke abantu bayabakaza, bavale amehlo abo buthule. Kungani engikushoyo kungaqondakali kumuntu? Kungani amazwi Ami enzima kuye? Kungani engayiboni imisebenzi Yami? Ubani okwaziyo ukungibona bese engakhohlwa? Ubani okwazi ukuzwa izwi Lami bese engavumi ukuthi limudlule? Ubani okwaziyo ukubona intando Yami athokozise inhliziyo Yami? Ngiphila ngihamba phakathi kwabantu, ngeza ukuzophila impilo yabo, yize noma ngizwe sengathi yonke into inhle emva kokuthi ngibadalile, angithokozile ngempilo yabo, futhi injabulo yabo ayingithokozisi. Angimenyanyi futhi angimchithi umuntu, kodwa anginamuzwa ngaye—ngoba akangazi, ukuthola kunzima ukubona ubuso Bami ebumnyameni; phakathi kwawo wonke umsindo, kunzima kuye ukuzwa izwi Lami futhi akakwazi ukuzwa lokho engikushoyo. Ngalokho-ke, ngokuzenzisa, konke lokhu enikwenzayo ukuhlonipha Mina, kodwa ezinhliziyweni aningilaleli. Yonke indalo endala yabantu, kungashiwo ukuthi injena. Ubani ohlukile? Ubani ongeke ajeziswe Yimi? Kodwa ubani ongahlali ngaphansi kokubekezela Kwami? Uma abantu bebengabhujiswa ulaka Lwami, kungabaluleka ngani ukudala Kwami amazulu nomhlaba? Ngake ngabaxwayisa abantu abaningi, ngeluleka ngokuqinile abantu abaningi, futhi ngehlulela abantu abaningi—akungcono lokhu kunokuthi ngivele ngibabhubhise ngqo abantu? Inhloso Yami akusikho ukubulala abantu, kodwa ukubenza bazi yonke imisebenzi Yami kukho ukwahlulela Kwami. Uma ninyuka emgodini ongenamkhawulo, okungukuthi, uma nizikhulula ekwahluleleni Kwami, izinto nezinhlelo zenu zizonyamalala, kanti bonke abantu bazofuna ukwanelisa Mina. Ngalokhu, ngizobe ngingafezekisanga inhloso Yami?

KuNdasa 1, 1992

Okwedlule: Isahluko 8

Okulandelayo: Isahluko 10

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp