Isahluko 46

Angazi ukuthi abantu bakahle kangakanani ekwenzeni amazwi Ami abe yisesekelo sobukhona babo. Ngibe nalo njalo ixhala ngesigcino somuntu, kodwa abantu babukeka bengakuqondi lokhu—ngaleso sizathu-ke, abakaze bazinake izenzo Zami, futhi alukaze lwakheke noma yiluphi uthando kubo ngenxa yokuziphatha Kwami kumuntu. Kungathi bawukhiphe kudala umuzwa ojulile wokuba banelise inhliziyo Yami. Ekubhekweni yilezi zimo, ngiyaphinda futhi ngiyathula. Kungani amazwi Ami engakufanele ukunakwa ngabantu, ukuba angeniswe futhi? Ngabe kungoba “angiyena ongokoqobo” futhi ngizama ukuthola into engingayisebenzisa ukulwa nabantu? Kungani abantu njalo “bengiphatha ngokwahlukile”? Ngabe angemukeleki egumbini Lami elivelele? Kungani, uma izinto sezifike ezingeni ezikulo namhlanje, abantu basangibuka ngendlela ehlukile? Ngabe kunephutha endleleni engiziphethe ngayo kumuntu? Namuhla, ngiqalile umsebenzi ngaphezu kwemikhathi. Nginikile abantu emhlabeni isiqalo esisha, ngase ngibacela bonke ukuthi baphume endlini Yami. Nokuthi ngoba abantu bayathanda ukuzitotosa, ngiyabeluleka ukuba bazinake bona, futhi bangavami ukuthikameza umsebenzi Wami. “Endlini yezivakashi” engiyivulile, akukho okungigqugquzela ukuthi ngenyanye ngaphezu komuntu, ngoba abantu bayavama ukususa uchuku Kimi futhi bangidumaze. Ukuziphatha kwabo kuletha ihlazo Kimi futhi angikaze ngikwazi ukuphakamisa ikhanda Lami. Ngalokho, ngikhuluma ngokuzithoba nabo, ngibacela ukuba bashiye indlu Yami ngokushesha bayeke ukudla ukudla Kwami mahhala. Uma befuna ukuhlala, kufanele bavumele ukuhlushwa babekezelele ukusola Kwami. Emiqondweni yabo, kanginakile angikwazi futhi abakwenzayo, ngalokho njalo bama ngokuziphakamisa phambi Kwami, ngaphandle kokuveza uphawu lokuwa, bezenza abantu abahlanganisa inani. Uma ngifuna utho kubantu, bayamangala: Bebengazange bacabange ukuthi uNkulunkulu, obe muhle waba nomusa eminyakeni eminingi kangaka, angasho amazwi anjalo, amazwi awukungabi nanhliziyo angavumelekile, ngakho bavaleke imilomo. Ezikhathini ezinjalo, ngiyabona ukuthi inzondo ebhekiswe Kimi ezinhliziyweni zabantu seyiphinde yakhula, ngoba sebeqalile futhi ukukhononda. Njalo bagxeka umhlaba futhi baqalekise iZulu. Kepha emazwini abo, ngithola kungekho lutho oluqalekisa bona uqobo ngoba uthando abazithanda ngalo lukhulu ngokwedlulele. Ngalokho ngifingqa incazelo yempilo yomuntu ngokuthi: Ngoba abantu bazithanda bona ngokwedlulele, izimpilo zabo zonke zingukuhlupheka futhi kazinalutho, futhi bazilethela umonakalo phezu kwabo ngenxa yokungizonda.

Nakuba kukhona “uthando” Lwami okungakhulunywanga ngalo umuntu, uma ngithatha la mazwi ngiwasa “elabhorathri” ukuyowahlola bese ngiwacwaninga ngesibona-khulu, kuphela okuqukethwe yiwo kuvela kucacile kakhulu. Kulesi sikhathi, ngiyafika kumuntu futhi ngizobheka “irekhodi lempilo” yabo ukubenza bakholwe ngeqiniso. Uma bekubona lokhu abantu, ubuso babo bugcwala ukudabula, bezwe bezisola ezinhliziyweni zabo—kanti futhi banexhala lokuthi bashisekela ukuzishiya izindlela zabo ezimbi babuyele endleleni elungile ukuze bangenze ngijabule. Ngokubona isixazululo sabo, ngijabule ngokwedlulele, ngeqiwe yintokozo: “Emhlabeni, ngubani omunye ngaphandle komuntu ongahlanganyela injabulo nokukhathazeka kanye Nami? Akuyena yini umuntu kuphela?” Nokho uma ngihamba, abantu badabula amarekhodi empilo yabo bawajikijele phansi ngaphambi kokushiya. Ezinsukwini kusukela ngaleso sikhathi, ngibone okuncane ezenzweni zabantu ezilandela inhliziyo Yami. Kepha izisombululo zabo phambi Kwami zinqwabelene kakhulu, futhi, ngokubheka izisombululo zabo, ngizwa ngicasuka, ngokuba kuzo akunalutho olubambekayo olungaletha injabulo Kimi, zingcoliswe kakhulu. Ngokuba ukunganaki Kwami izisombululo zabo, bayabanda abantu. Emva kwalokho, bafaka “isicelo” kambalwa nje kuphela ngokuba inhliziyo yomuntu ayikaze inconywe nakanye phambi Kwami futhi kangiyamukelanga—akukho nakanye ukwesekelwa ngokomoya ezimpilweni zabantu, nangalokho amandla abo ashabalele, kangisezwa nokuthi isimo sezulu “sinokushisa okwedlulele.” Abantu bayahlushwa kakhulu ezimpilweni zabo zonke, kangangoba, ngokufika kosuku lwanamuhla, bakhathazeke Ngami ngangokuthi bayazulazula phakathi kwempilo nokufa; ngaleso sizathu, ukukhanya ebusweni babo kufiphele, futhi balahlekelwa “umdlandla,” ngoba bonke “sebekhulile.” Angikwazi ukubekezelela isimo esinganambitheki lapho becwengwa ngesikhathi sokusolwa—nokho ngubani ongahlawulela ukunqotshwa kwesintu okunosizi? Ngubani ongasindisa umuntu empilweni yesintu enosizi? Kungani abantu bengakaze bakwazi ukuzehlukanisa nokugwinywa ulwandle lwezinhlupheko? Ngabe ngibabambe ngibacuphe ngamabomu abantu yini? Abantu abakaze bakuqonde ukuziphatha Kwami, ngaleyo ndlela ngiyalila emkhathini ngokuba kuzo zonke izinto ezulwini nasemhlabeni, akukho okuke kwayiqonda inhliziyo Yami, nokuke kwangithanda ngeqiniso. Ngisho nanamuhla, angikakazi ukuthi kungani abantu bengakwazi ukungithanda. Bangazinikela izinhliziyo zabo Kimi, bayakwazi ukunikela isigcino sabo ngenxa Yami, kodwa kungani bengakwazi ukunginikeza uthando? Abanakho yini engikucelayo? Abantu bayakwazi ukuthanda zonke ezinye izinto ngaphandle kwami—ngakho kungani bengakwazi ukungithanda Mina? Kungani uthando lwabo njalo lufihlekile? Kungani, njengoba bemile phambi Kwami kwaze kwaba namuhla, ngingakaze ngilubone uthando lwabo? Ngabe lokhu yiyo yini into abayeswele? Ngabe ngenza ngamabomu yini ukuba izinto zibe lukhuni kubantu? Ngabe basenaye unembeza ezinhliziyweni zabo? Ngabe besaba ukuthanda umuntu ongafanele na, futhi kabakwazi ukuzilungisa bona uqobo yini? Kubantu kunezimfihlakalo eziningi ngokungenakubalwa ezingachazeki, ngakho ngalokho njalo Mina “ngiyesaba futhi ngiyaqhaqhazela” phambi komuntu.

Namuhla, esikhathini lapho kusondelwa khona esangweni lombuso, bonke abantu baqala ukufohla baye phambili—kodwa uma befika phambi kwesango, ngiyalivala isango, ngibavalela ngaphandle abantu, ngiphoqe ukufuna baveze incwadi yokungena. Umnyakazo ongaqondile kanjalo awuyona nakancane into abebeyilindele abantu, futhi bonke-ke bamangele. Kungani isango—ebelivulwe kakhulu—selivalisisiwe namuhla kungazelelwe? Abantu bagxoba ngezinyawo bezulazula. Bacabanga ukuthi bangaphendla indlela engenayo, kodwa uma sebenginika incwadi yokungena engekho emthethweni, ngibajikijela echibini lomlilo ngaso leso sikhathi—futhi, ngokubona “ubuhlungu bemizamo yabo” emalangabini, baphela ithemba. Babamba amakhanda, bekhala, bebona izindawo ezinhle embusweni kodwa bengakwazi ukungena. Nokho angibangenisi ngenxa yesimo sabo esidabukisayo—ngubani ongaphazamisa icebo Lami ngokuthanda kwakhe? Ngabe izibusiso zesikhathi esizayo zikhishelwa ukuthenga umdlandla wabantu? Ngabe ukuphila komuntu kunencazelo equkethwe ngukungena embusweni Wami ngokuthanda? Ngabe ngiphansi kangako na? Uma kungengokwamazwi Ami anonya, ngabe abantu abazange bangene embusweni kwakudala? Ngakho, abantu bayangizonda njalo Mina ngenxa yazo zonke izinhlupheko obubenzela zona ubukhona Bami. Ukuba ngangingekho, bebezokwazi yini ukuthokozela izibusiso zombuso ngenkathi yosuku lwamanje—bekuzoba nasidingo sini futhi ukuba babekezelele lokhu kuhlushwa? Ngakho futhi ngiyabatshela abantu ukuthi bekuzoba ngcono behambile, ukuthi kumele balisebenzise ithuba elihle lokuthi izinto zihamba kahle esikhathini samanje ukuba bazitholele ngokwabo uqobo indlela ephumayo; kumele balisebenzise ithuba lamanje, besebasha, ukufunda amakhono ambalwa. Uma bengakwenzi lokho, esikhathini esizayo bazobe sebesilele emuva. Endlini Yami, akukho noyedwa oke wathola izibusiso. Ngiyabatshela abantu ukuba basheshe bahambe, banganamatheli ekuphileleni “ubuphofu”; esikhathini esizayo sizokwedlula isikhathi sokuzisola. Ungazicindezeli kakhulu ngokwakho; ukhathazekelani? Nokho ngiyabatshela abantu ukuthi uma behluleka ukuthola izibusiso, akekho ongakhononda Ngami. Anginaso isikhathi sokuchitha amazwi Ami ngomuntu. Ngethemba ukuthi lokhu kuyanamathela emiqondweni yabantu, ukuthi kabakhohlwa yikho—la mazwi ayiqiniso elingakhululi elivela Kimi. Ngakulahla kudala ukwethemba umuntu, ngalilahla kudala ithemba kubantu, ngokuba abanakho ukuphokophelela phambili, abakwazanga nakanye ukunginika inhliziyo ethanda uNkulunkulu, futhi njalo esikhundleni salokho bangipha izinkuthazo zabo. Sengisho okuningi kumuntu, futhi abantu abazinaki izeluleko Zami namuhla, ngibatshela Ngokwami ukuthi kumele bavimbele ukuba bangaqondi inhliziyo Yami esikhathini esizayo; befa noma bephila ezikhathini ezizayo okwabo lokho, anginakho ukukulawula lokhu. Ngethemba ukuthi bazothola indlela yabo yokuzisindisa, kanginamandla kulokhu futhi mina. Kusukela umuntu engangithandi ngokweqiniso, siyehlukana Mina naye; esikhathini esizayo, akuzukuba khona mazwi phakathi Kwami naye, akuzuba khona esizokhuluma ngakho, asizuthintana ngalutho Mina naye, omunye nomunye uzozihambela indlela yakhe, abantu kufanele bangezi ukungifuna, angiyuphinde futhi ngilufune usizo lwabo. Lokhu kuyinto ephakathi kwethu, futhi sikhulumile ngaphandle kokuthandabuza ukuvika ukuthi kube khona noma yiziphi izindaba esikhathini esizayo. Akuzenzi izinto zibe lula lokhu? Kumele thina ngamunye sihambe indlela yethu singabi nalutho oluthinta omunye kithina—yini engalungile kulokho? Ngethemba ukuthi abantu banokukubhekisisa ngandlela thile lokhu.

uNhlaba 28, 1992

Okwedlule: Isahluko 45

Okulandelayo: Isahluko 47

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp