Isahluko 41

Ngike ngenza umsebenzi omkhulu phakathi kwabantu, kodwa abazange babone, ngakho kwadingeka ngisebenzise izwi Lami ukuze ngiwembule kubo. Nokho, umuntu usalokhu engawaqondi amazwi Ami, futhi uhlala engazi lutho ngenhloso yecebo Lami. Futhi ngenxa yokushiyeka kanye namaphutha omuntu, wenza izinto eziphazamisa ukuphatha Kwami, imimoya engcolile yabe seyithola ithuba lokubonakala, yenza abantu baba yizisulu zayo, kwaze kwaba yilapho behlushwa yimimoya engcolile futhi baba ngabangcolile yonke indawo. Kwakungalesi sikhathi lapho ngabona khona inhloso kanye nenjongo yomuntu. Ngabubula ngigcwele izinyembezi: Kungani umuntu ngaso sonke isikhathi enza izinto ezithokozisa yena? Ukusolwa Yimi akwenzelwanga yini ukumenza aphelele? Ingabe ngezama ukumdumaza? Ulimi lomuntu luhle kakhulu, futhi luthambile, nokho izenzo zabantu zimbi ngokwedlulele. Kungani izibopho Zami kumuntu njalo ziba yize? Ingabe kunjengokungathi bengicela inja ukuba igibele esihlahleni? Ingabe ngezama ukubanga inkathazo ngeze? Njengoba ngifeza lonke icebo Lami lokuphatha, ngiye ngenza “amasimu okuhlola” anhlobonhlobo, nokho ngenxa yendawo embi, kanye nokungabi nelanga iminyaka eminingi, indawo ishintsha njalo, okuyenza ikhathale, ngakho enkumbulweni Yami, ngiye ngashiya amasimu amaningi alolu hlobo. Futhi ngisho namanje, izindawo eziningi ziyaqhubeka nokushintsha. Uma ngelinye ilanga umhlaba ungashintsha ngempela ube ngolunye uhlobo, ngizowuchitha ngokushesha—ingabe leso akusona yini isigaba engikuso manje emsebenzini Wami? Kodwa umuntu akanawo nomqondo omncane walokhu. Usolwa kuphela ngaphansi kokuqondiswa Yimi.” Kusizani lokho? Ingabe nginguNkulunkulu oza ukuzosola umuntu kuphela? Emazulwini, ngake ngahlela ukuthi lapho sengiphakathi kwabantu, ngizoba munye kanye nabo, ukuze bonke labo engibathandayo basondelane Nami kungabikho lutho oluzosehlukanisa. Nokho, okwamanje, ngokwezimo zanamuhla, akusikhona nje kuphela ukuthi asixhumani, ngaphezu kwalokho, bazigcina bekude Nami ngenxa yokusolwa Yimi. Angikukhaleli ukungabi bikho kwabo. Yini engenziwa? Bonke abantu bangabadlali abahamba neningi. Bengingavumela abantu baphunyule, futhi ikakhulu ngizokwazi ukubavumela ukuba babuyele embonini Yami yasemazweni angaphandle. Ngalesi sikhathi, yikuphi ukukhononda abebengaba nakho? Yini umuntu angayenza Kimi? Ingabe abantu abafani notshani obumile phezu kodonga? Kodwa nokho, angilimazi muntu ngaleli phutha, kodwa kunalokho ngibanikeza ukudla Kwami. Ubani obenze benza ngendlela engenamandla? Ubani obenze bantula ukudla? Ngishukumisa izinhliziyo zabantu ezibandayo ngokwanga Kwami okufudumele, ubani omunye ongenza into enjalo? Kungani ngiye ngelulela lo msebenzi phakathi kwabantu? Ingabe umuntu angayiqonda ngempela inhliziyo Yami?

Phakathi kwabo bonke abantu engibakhethile, ngenze umsebenzi, ngakho njalo kunokungena kanye nokuphuma kwabantu ekhaya Lami, ngendlela enganqamuki. Bonke benza izinto ezahlukahlukene endaweni Yami, kangangokuthi umsebenzi Wami umatasa kakhulu okwenza ukuthi ngezinye izikhathi ngingabi nethuba lokusingatha konke ukuhilizisana kwabantu. Nginxusa abantu ukuba bangenezeli emithwaleni Yami; kungcono baqondise indlela yabo kunokuba bethembele Kimi njalo. Akufanele ngaso sonke isikhathi benze njengabantwana ekhaya Lami; kunanzuzoni lokho? Umsebenzi Wami uyibhizinisi elikhulu. Awusona isitolo esithile esiseduze, noma isitolo esincane. Abantu ngaso sonke isikhathi bayehlukela ukuqonda isimo Sami sengqondo, kube sengathi bancokola Nami ngamabomu, sengathi bonke bayizingane ezigangile ezikuthanda ngokwedlulele ukudlala, bengawubheki nhlobo umsebenzi obalulekile, futhi abaningi kakhulu bayehluleka ukwenza “umsebenzi wasekhaya” engibanikeze wona. Ngakho bangalokotha kanjani laba bantu baveze ubuso babo “kuthisha”? Kungani bengalokothi benze imisebenzi yabo? Iwuhlobo olunjani lwento inhliziyo yomuntu? Ngisho namanje angicacelwa. Kungani izinhliziyo zabantu zishintsha njalo? Njengosuku lwangoZibandlela, ngezikhathi ezithile ilanga likhipha inhlanzi emanzini, ngezinye izikhathi amafu aba mnyama futhi aminyane, kanti ngezinye kuvunguza umoya onamandla. Ngakho, kungani abantu bengakwazi ukufunda ngabahlangenwe nakho empilweni yabo? Mhlawumbe lokhu kuwukweqisa. Abantu abakwazi ukuphatha isambulela ngenkathi yezimvula, ngakho ngenxa yokungazi kwabo izikhathi eziningi baye baba manzi masinyane ngokufika kwemvula evela emazulwini, njengokungathi ngangibagcona ngamabomu futhi njalo bonakaliswe yimvula yasezulwini. Noma mhlawumbe kuwukuthi “nginonya” kakhulu, ngenza wonke umuntu akhohlwe yizinto futhi ngaleyo ndlela abe yisikhohlwa, alahlekelwe njalo yilokho okufanele akwenze. Akukho muntu oke waqonda ngempela injongo noma ukubaluleka komsebenzi Wami. Ngakho bonke benza umsebenzi obabangela inkathazo, futhi bazisola bona. Ingabe kuwukuthi ngibasola ngamabomu? Kungani abantu bezenzela inkathazo? Kungani behamba njalo bayongena ogibeni? Kungani bengabonisani Nami, kodwa kunalokho bezitholela umsebenzi? Ingabe kuwukuthi engikunikeza isintu kuncane kakhulu?

Ngishicilele umsebenzi Wami wokuqala phakathi kwabo bonke abantu, futhi njengoba umsebenzi Wami wenze abantu bawuncoma kakhulu, bonke baye bawufunda ngokucophelela, futhi ngalokhu kufunda ngokunakisisa babe nokuningi abakutholayo. Kubonakala sengathi umsebenzi Wami ufana nenoveli eyinkimbinkimbi, emangalisayo, njengenkondlo yothando eyiphrozi, njengezinkulumo zohlelo lwezombangazwe, njengenhlanganisela eyinkimbinkimbi yezomnotho esebenzisa ingqondo. Njengoba umsebenzi Wamiucebe kangaka, kunemibono eminingi eyehlukene kuwo, futhi akekho onganikeza isifingqo sesandulela somsebenzi Wami. Nakuba umuntu enolwazi kanye nekhono “elimangalisayo”, wona nje lo msebenzi Wami wanele ukuba udide wonke amaqhawe. Ngesikhathi abantu bethi “kungageleza igazi, kwehle izinyembezi, kodwa umuntu akufanele abulale omunye umuntu,” ekuboniseni ukuzinikela kwabo emsebenzini Wami. Ezifundweni azifunde kulokho adlule kukho, umuntu uchaze ngamafuphi umsebenzi Wami obhaliwe ngokuthi unjengencwadi yasezulwini ewe isuka esibhakabhakeni. Kodwa ngincenga umuntu ukuba angazweli ngokweqile. Ngokombono Wami, lokho engikushilo konke kungokwesiko kakhulu; nokho, ngethemba ukuthi kwethi The Encyclopedia of Life emsebenzini Wami, abantu bayakwazi ukuthola indlela yokuziphilisa, futhi kwethi “Isiphetho Somuntu”, bangathola injongo yokuphila, futhi kwethi “Izimfihlo Zasezulwini”, bangathola intando Yami, futhi kwethi “Indlela Yesintu”, bangathola indlela yokuphila. Ingabe lokhu ngeke kube ngcono nakakhulu? Angimphoqi umuntu; kulabo abangenasithakazelo emsebenzini Wami, ngizobanika “imbuyiselo” ngencwadi Yami, kanye “nemali yokwenza umsebenzi.” Angenzi umuntu ukuba enze ngokuzihudula. Njengombhali wale ncwadi, okuwukuphela kwethemba Lami ukuthi abafundi bazowuthanda umsebenzi Wami, kodwa lokho abantu abakujabulelayo njalo akufani. Nokho ngincenga abantu ukuba bangayekethisi emathembeni abo esikhathi esizayo ngenxa yokuthi bafuna ukuthandwa, Uma bekunjalo, bengingaba kanjani, nenhliziyo enhle njengoba nginjalo, ngithwale ihlazo elingaka? Uma uwuthanda umsebenzi Wami, ngethemba ukuthi uyodlulisela Kimi ukusikisela kwakho okuyigugu, ukuze ngithuthukise ukubhala Kwami, futhi kanjalo nangamaphutha omuntu kuthuthuke okuqukethwe umbhalo Wami. Lokhu kuzuzisa kokubili umbhali kanye nomfundi, akunjalo? Angazi noma lokhu kungacatshangwa njengokulungile yini. Mhlawumbe ngale ndlela ngingandisa ikhono Lami lokubhala, noma mhlawumbe ngiqinise ubungani obuphakathi kwethu. Ngokupheleleyo, ngethemba ukuthi konke kungabambisana nomsebenzi Wami, ngaphandle kokuphazamisana, ukuze izwi Lami lisakazekele kuyo yonke imindeni kanye namakhaya, futhi ukuze bonke abantu emhlabeni bakwazi ukuphila ezwini Lami. Lena yinjongo Yami. Ngethemba ukuthi eSihlokweni esithi Impilo emazwini Ami bonke abantu bazoba nokuthile abazokuzuza, njengempilo enhle, noma ulwazi ngamaphutha ehlela umhlaba wesintu, noma lokho engikufunayo kumuntu, noma “izimfihlo” zabantu bombuso namuhla. Nokho, ngincenga abantu ukuba babheke Amahlazo Omuntu Namuhla; lokhu kungenza bonke bazuze. Ungase futhi ufunde Imfihlo Yakamuva, engazuzisa nakakhulu ezimpilweni zabantu. Kukhona futhi Izihloko Ezishisayo—ingabe lokhu akuzuzisi yini nakakhulu izimpilo zabantu? Ngeke kulimaze ukusebenzisa iseluleko Sami, nanokubona ukuthi asinawo yini noma yimuphi umphumela, kanye nokungazisa ukuthi uzizwa kanjani emva kokuba usufundile, ukuze ngikwazi ukugunyaza umuthi ofanele, ongakwazi ukuthi ekugcineni uqede ngokuphelele ukugula kwesintu. Angazi ukuthi ukusikisela Kwami kuzosebenza kanjani, kodwa ngethemba ukuthi uzokusebenzisa njengesiqondiso. Ubona kanjani?

uNhlaba 12, 1992

Okwedlule: Isahluko 40

Okulandelayo: Isahluko 42

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp