Isahluko 11

Wonke umuntu kubantu kufanele amukele ukuhlola koMoya Wami, kufanele babhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwabo, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele babheke izenzo Zami ezimangalisayo. Uzizwa kanjani ngesikhathi sokufika kombuso emhlabeni? Uma amadodana Ami nabantu Bami babuye bathutheleke esihlaweni Sami sobukhosi, ngiqala ngokusemthethweni ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe. Okungukuthi lapho ngiqala umsebenzi Wami emhlabeni ngoKwami nokuthi uma isikhathi sokwehlulela sesisondela ekupheleni, ngiqala ukuqondisa amazwi Ami emhlabeni wonke, ngikhulule izwi loMoya Wami emhlabeni wonke. Ngamazwi Ami, ngizohlanzisisa bonke abantu nezinto phakathi kwakho konke lokho okusezulwini nasemhlabeni, ukuze umhlaba ungabe usangcola futhi ube mubi, kodwa kube umbuso ongcwele. Ngizokwenza zonke izinto kabusha, ukuze zikwazi ukusetshenziswa Yimi ukuze zingabe zisaba nomoya wasemhlabeni, zingasanindwa izinongo zomhlaba. Emhlabeni, umuntu uguduza umgomo nemvelaphi yamazwi Ami, wahlola izenzo Zami, kodwa akekho namunye oke wazi ngeqiniso umsuka wamazwi Ami, futhi akekho namunye oke wabona isimangaliso ezenzweni Zami. Kunamuhla kuphela, lapho ngiza khona ngoKwami phakathi kwabantu ngikhulume amazwi Ami, ukuthi umuntu unolwazi oluncane Ngami, basusa indawo “Yami” emicabangweni yabo, kunalokho bazakhele indawo kaNkulunkulu owenzayo ngokwazi kwabo. Umuntu unemicabango kanti ugcwele ilukuluku lokwazi okufihlekileyo; ubani ongethande ukubona uNkulunkulu? Ubani ongethande ukuhlangana noNkulunkulu? Kodwa into yinye ethole indawo eqinisekayo enhliziyweni yomuntu uNkulunkulu lowo umuntu amuzwa engabonakali futhi engaphatheki. Ubani obengakubona lokhu uma ngabe bengingamtshelanga ngokusobala? Ubani obezokholwa ngeqiniso ukuthi ngempela ngikhona? Impela ngaphandle kokungabaza nakancane? Kunomehluko omkhulu phakathi kokuba khona “Kwami” enhliziyweni yomuntu “Nami” uqobo, akekho ongaqhathanisa phakathi kwabo. Uma ngabe ngingazange ngiphenduke inyama, abantu ngabe abangazi, noma ngabe ungazile, belungeke lolo lwazi luhlale lungumqondo nje? Usuku nosuku ngihambe phakathi kokuhamba kwabantu okungapheli, futhi ngisebenza ngaphakathi komuntu ngamunye nsuku zonke. Uma umuntu engibona ngeqiniso uzokwazi ukungazi emazwini Ami, futhi uzobamba indlela engikhuluma ngayo kanjalo nezinhloso Zami.

Uma umbuso ufika ngokusemthethweni lapha emhlabeni, yini, phakathi kwakho konke, okungethule? Ubani, phakathi kwabo bonke abantu ongesabe? Ngihamba yonke indawo emhlabeni wonke, yonke into ihlelwe Yimi ngoKwami. Ngalesi sikhathi, ubani ongazi ukuthi imisebenzi Yami mihle? Izandla Zami ziphethe zonke izinto, futhi ngingaphezu kwazo zonke izinto. Namuhla akukona ukuba senyameni Kwami nobukhona Bami ngoKwami phakathi kwabantu okuyincazelo eqinisekile yentobeko Yami nokusitheka? Ngaphandle, abantu abaningi bayangihalalisela njengolungile, futhi bangincome njengomuhle, kodwa ubani ongazi ngempela? Namuhla kungani ngibuza ukuthi niyangazi? Ngabe inhloso Yami akukona ukuhlaza udrako omkhulu obomvu? Angifisi ukuphoqa umuntu ukuba angidumise kodwa ukumenza ukuba angazi, lokho kuzoholela ekungithandeni bese eyangidumisa. Ukudunyiswa okunjalo kufanele igama lakho, akuyona inkulumo yeze nje; ukudumisa okunje okungafinyelela esihlalweni Sami sobukhosi kukhuphuke kuye esibhakabhakeni. Ngenxa yokuthi umuntu walingwa waze woniwa uSathane, ngoba uthathwe yimibono nemicabango, ngibe yinyama ukuze nginqobe ngoKwami bonke abantu, ukuveza yonke imicabango yomuntu, nokuklebhula ukucabanga komuntu. Ngenxa yalokho, umuntu akasabukisi phambi Kwami, futhi akasangikhonzi esebenzisa imicabango yakhe, ngakho “uMina” emqondweni womuntu uchithwe ngokupheleleyo. Uma umbuso ufika, ngizoqala ngokwenza lesi sigaba somsebenzi, futhi lokho ngizokwenza phakathi kwabantu Bami. Abangabantu Bami abazalelwe ezweni likadrako omkhulu obomvu, ngempela akukona okuncane, noma ingxenye, yobuthi bukadrako omkhulu obomvu ngaphakathi kwenu. Ngakho, lesi sigaba somsebenzi Wami sigxile kakhulu kinina kanti lokhu olunye lwezimpawu zokubaluleka kokuba senyameni Kwami eShayina. Abantu abaningi bayehluleka ukubamba ngisho isiqephu samazwi engiwakhulumayo kanti uma bewezwa, ukuqonda kwabo kulufifi kudungekile. Leli yiqophelo lokuguquka endleleni engikhuluma ngayo. Uma ngabe bonke abantu bebekwazi ukufunda amazwi Ami baqonde incazelo yawo, ubani phakathi kwabantu obengasindiswa, angaphonselwa eHayidesi. Uma umuntu engazi Mina futhi engilalela kuzoba yileso sikhathi engizophumula ngaso, futhi kuzoba yileso sikhathi lapho abantu bezokwazi ukuthola incazelo yamazwi Ami. Namuhla, isiqu senu sincane kakhulu, sincane lokhu okudabukisayo, asifanelwe ngisho ukuphakanyiswa—ukungasho lutho ngolwazi eninalo Ngami.

Yize ngithi izingelosi seziqalile ukuthunyelwa zizokwelusa amadodana Ami nabantu Bami, akekho noyedwa okwazi ukuqonda incazelo yamazwi Ami. Uma ngizizela mathupha phakathi kwabantu, izingelosi ziqala ukusebenza kanye Nami umsebenzi wokwelusa, futhi ngalesi sikhathi sokwelusa kwezingelosi, wonke amadodana nabantu abatholi kuphela izilingo nokweluswa kodwa kufanele babone ngamehlo abo, ukuvela kwayo yonke inhlobo yemibono. Ngenxa yokuthi ngisebenza ngqo nobuNkulunkulu, yonke into ingena ekuqaleni kabusha, futhi ngenxa yokuthi lobu bunkulunkulu busebenza ngqo, akwenzeki nakancane nje ukuthi kucindezelwe ubuntu, kubukeke sengathi kumuntu kwenzeka ngokukhululeka phansi kwezimo ezingesikho ngokwenzeka kwasemhlabeni. Kodwa, Kimi konke kuhamba ngokujwayelekile (umuntu ukholelwa ukuthi izinto zenzeka ngendlela engesiyo yasemhlabeni ngoba akakaze ahlangabezane nobunkulunkulu ngqo); abuphethe imibono yomuntu futhi abungcoliswa yimiqondo yomuntu. Abantu bazobona lokhu uma bonke bengena ngendlela efanele; ngoba manje kusekuqaleni, uma kufika ekungeneni kwakhe umuntu uba namaphutha amaningi, futhi ukwehluleka nokudungeka kungegwemeke. Namuhla, selokhu nginiholele kule ndawo, ngenze uhlelo olufanele futhi nginezinhloso Zami. Uma benginganitshela ngazo namuhla, beningakwazi ngeqiniso ukuzazi? Ngiyijwayele imicabango yengqondo yomuntu neyezifiso zenhliziyo yomuntu: ubani ongakaze azifunele intuba yokuphuma ngokwakhe? Ubani ongakaze acabange ngakubhekile? Noma ngabe umuntu ebenokuhlakanipha kwezinhlangothi ezintathu, ubani owayengabikezela lokhu, kulandela izinkathi, le eyamanje izoba njengoba injalo? Ngabe ngempela lokhu kuyizithelo nemizamo yakho echemile? Ngabe lokhu inkokhelo yokusebenza kwakho ngokuzikhandla? Ingabe lokhu ngumfanekiso omuhle ocatshangwa yingqondo yakho? Uma ngabe azange ngiqondise abantu, obani ababengakwazi ukuzehlukanisa nezinhlelo Zami bathole ezinye izindlela? Ngabe yimicabango nezifiso zomuntu ezimlethe kunamuhla? Abantu abaningi baphila impilo yabo yonke ngaphandle kokufezekisa izifiso zabo. Ngabe lokhu kwenziwa iphutha abalenzayo ngendlela abacabanga ngayo. Izimpilo zabantu abaningi, zigcwele ukujabula nokwaneliseka okungalindelwe. Ngabe lokhu kwenziwa ukuthi balindele okuncane kakhulu? Ubani kubantu bonke onganakekelwa emehlweni woMninimandla Onke? Obani abangaphili kulokhu okwahlelwa ngaphambilini nguMninimandla Onke? Ngabe ukuphila nokufa komuntu kwenzeka ngokukhetha kwakhe? Ngabe umuntu uyakwazi ukulawula isimiselo sakhe? Abantu abaningi bakhalela ukufa, kodwa, kukude nabo; abantu abaningi bafuna ukuba yilabo abanamandla empilweni futhi basabe ukufa, kodwa ngokungaziwa yibo, usuku lokufa kwabo kubahlomeka kumhome wokufa; abantu abaningi babheka esibhakabhakeni babubule kakhulu; abantu abaningi bakhala kakhulu, isililo esinesilokozane; abantu abaningi bawela ezilingweni; abantu abaningi baba izigqila zokulingwa. Noma ngingaveli ngesiqu Sami ukuvumela umuntu ukuba angibuke kahle, abantu abaningi bayesaba ukubona ubuso Bami, basaba kakhulu ukuthi ngizobaphihliza phansi, nokuthi ngizobanquma. Ngabe umuntu ungazi ngempela noma akangazi? Akekho ongasho ngesiqiniseko. Akunjalo? Nisaba Mina nokujezisa Kwami, kodwa niyama ningiphikise ningehlulele. Akunjalo? Ukuthi umuntu akaze angazi Mina ngenxa yokuthi akakaze abone ubuso Bami noma ezwe izwi Lami. Kanjalo, noma ngisenhliziyweni yakhe, bakhona ezinhliziyweni zabo engingekho lufifi futhi ngingagqamile? Ngabe kukhona labo ezinhliziyweni Zabo engicace ngokupheleleyo kuzo? Angifiseli labo abangabantu Bami ukuthi nabo bangibone kalufifi nangokufiphele, yingakho ngingena kulo msebenzi omkhulu.

Ngiza kubantu buthule, ngiyanyelela uma sengihamba. Ngabe ukhona owake wangibona? Ngabe ilanga liyakwazi ukungibona ngenxa yamalangabi alo avuthayo? Ngabe inyanga iyakwazi ukungibona ngenxa yokucwengeka kokucwebezela kwayo? Ngabe umlaza ungangibona ngenxa yendawo yawo esibhakabhakeni? Uma ngifika, umuntu akazi, futhi zonke izinto ziswela ulwazi; kanti uma ngihamba, umuntu uselokhu engaqapheli. Ubani onganikeza ubufakazi Ngami? Kungaba ukudumisa kwabantu emhlabeni? Kungaba imiduze eqhakaza endle? Ngabe izinyoni ezindiza esibhakabhakeni? Ngabe amabhubesi ebhonga ezintabeni? Akekho ongafakaza Ngami ngokugcwele! Akekho ongenza umsebenzi engizowenza! Noma ngabe bangawenza lo msebenzi, uzoba namphumela muni? Usuku nosuku ngibona konke ukwenza kwabantu abaningi, futhi usuku nosuku ngihlola izinhliziyo nezingqondo zabantu abaningi; akekho oke wasinda ekwahluleleni Kwami, kanti abekho abake baziqhelelanisa ngeqiniso ekwahluleleni Kwami. Ngima phezulu kwesibhakabhaka ngibuke ekudeni: abantu abangabaleki babulawe Yimi, kodwa, noma kunjalo, futhi kunabantu abangabaleki abaphila phansi komusa nothando Lwami. Ngabe nani aniphili phansi kwezimo ezinjalo?

uNdasa 5, 1992

Okwedlule: Ihubo lombuso

Okulandelayo: Isahluko 12

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp