Isahluko 63

Qonda izimo zakho, futhi ngaphezu kwalokho, cacelwa ngendlela odinga ukuyihamba; ungabe usalinda Mina ukuba ngikuphakamise ngezindlebe zakho bese ngikukhombisa izinto. NginguNkulunkulu obuka inhliziyo yomuntu engaphakathi kakhulu futhi ngazi wonke umcabango nomqondo wakho, ngisho ngaphezulu kwalokho ngiqonda izenzo nokuziphatha kwakho. Kodwa ngabe izenzo nokuziphatha kwakho kuqukethe isethembiso Sami? Ngabe kuqukethe intando Yami? Ngempela ukucingile lokhu? Ngempela usichithile isikhathi esithile kulokhu? Ngabe uwenzile ngempela umzamo othile? Angikugxeki. Niyayiziba nje le ngxenye! Nihlala nidideke kakhulu futhi anikwazi ukubona lutho ngokucacile. Uyazi ukuthi yisiphi isisusa salokhu? Kungenxa yokuthi imicabango yenu ayicacile nemiqondo yenu igxile ngokuqine ngokwedlulele, futhi okwenezelwe kulokho yiqiniso lokuthi anikhombisi ukucabangela intando Yami. Abanye abantu bazothi: “Ungasho kanjani ukuthi asikhombisi ukucabangela intando Yakho? Sihlala sizama ukuqonda intando Yakho, kodwa asikwazi neze ukuyiqonda, ngakho singenzani? Ungasho ngempela ukuthi asenzi mzamo?” Ake ngikubuze: Uyalok0tha uthi wethembeke ngempela Kimi? Futhi ngubani olokotha athi uzinikela Kimi ngokwethembeka okuphelele? Ngiyesaba ukuthi akekho phakathi kwenu ongakusho lokhu. Ngoba, kungekho sidingo sokuthi ngisho, wonke umuntu kinina unokuzikhethela nokuthanda kwakhe, futhi nangaphezulu ninezinhloso zenu. Ningabi nenkohliso! Ngaqonda ngokugcwele kudala konke enikucabangayo ezinhliziyweni zenu; ngabe kusafanele ngikucacise lokhu? Kufanele uhlole ngokwengeziwe ngakuyo yonke ingxenye (imicabango nemiqondo yakho, konke okushoyo, lonke izwi, yonke inhloso nesisusa sawo wonke umnyakazo owenzayo); ngale ndlela uyothola ukungena kuzo zonke izingxenye, futhi nangaphezulu uyokwazi ukuzihlomisa ngeqiniso eliphelele.

Ukuba anginitshelanga ngale ndlela beniyobe nisadidekile, nilangazelela izinjabulo zokwenyama usuku lonke, ningenasifiso nhlobo sokukhombisa intando Yami ukuyicabangela. Ngihlala ngisebenzisa isandla Sami esinothando ukunisindisa, niyakwazi lokho? Senifinyelele kulokhu kubona? Ngikuthanda ngokuqotho; ungalokotha uthi ungithanda ngokuqotho? Zibuze, ungeza ngempela phambi Kwami uzokwamukela ukuhlola Kwami kuzo zonke izenzo zakho? Ungangivumela ngempela ngihlole konke ukuziphatha kwakho? Ngithi wonakele futhi uphuthuma ukuzivikela. Ukwahlulela Kwami kuyeza phezu kwakho; manje kufanele uphaphamele eqinisweni! Konke engikukhulumayo kuyiqiniso, futhi kukhomba izimo zangempela ngaphakathi kuwe. A, sintu! Kulukhuni ukubhekana nani. Kulapho ngikhomba khona izimo zenu ezingokoqobo lapho nikholwa khona ngenhliziyo nangezwi. Uma ngingakwenzi lokhu, khona-ke nihlala nibambisise iqoqo lenu elidala lemiqondo futhi nibambelela ezindleleni zenu zokucabanga, nicabanga ukuthi akekho emhlabeni ohlakaniphile kunani. Ngabe lokhu akuyinina nje nizibona nilungile? Akuyinina nenza ukweneliseka ngeniyikho kanye nokunganaki, nokuba nokuzithwala nokukuziqhayisa? Manje kufanele nikubone lokhu! Ungazicabangi uhlakaniphile noma umangalisa, kodwa kunalokho kufanele uhlale wazi ukusilela kwakho nobuthakathaka bakho. Ngale ndlela, ukuzimisela kwakho ukungithanda ngeke kunciphe, kodwa kuyokuya ngokuya kuqina, futhi izimo zakho ziyokuya ngokuya ziba ngcono; okubaluleke nakakhulu impilo yakho iyoqhubekela phambili njalo, nsuku zonke.

Lapho uqonda intando Yami khona-ke uzazi wena, ngalokho ungazi kangcono futhi uqhubekele phambili ekuqinisekeni kwakho Ngami. Ngesikhathi samanje, uma umuntu engakwazi ukuthola amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye okuqiniseka Ngami, kodwa kunalokho aqhubeke nokuba phezulu ngomzuzu owodwa abe phansi kolandelayo, eshisa aphinde abande, khona-ke ngithi lowo muntu ufanelwe ukulahlwa. Amaphesenti ayishumi aseleyo onke asekukhanyiseleni nasekukhanyiseni Kwami, ngaleyo ndlela kufezwe amaphesenti ayikhulu okuqiniseka Ngami. Okwamanje, ngisho namuhla, bangaki abangafeza lolu hlobo lwesiqu esingokomoya? Ngihlala ngambula intando Yami kuwe futhi imizwa yokuphila igijima njalo ngaphakathi kuwe, ngakho kungani ungenzi ngokuhambelana noMoya? Ngabe wesaba ukwenza amaphutha? Ngakho-ke kungani ungagxili nhlobo ekwenzeni? Ngithi kuwe, awukwazi ukuqonda intando Yami ngokuzama kanye noma kabili; kufanele kube nenqubo. Ngikusho kaningi lokhu, ngakho kungani ungakwenzi? Awucabangi ukuthi awulaleli? Ufuna ukuqeda konke ngesikhashana, awuzimisele neze ukwenza umzamo noma ukuchitha isikhathi esithile kunoma yini. Waze waba yisiwula futhi waze wangazi lutho ngokwengeziwe!

Ngabe anazi ukuthi ngihlala ngikhuluma ngezinto ngaphandle kokumbandaza? Kungani nihlala nibuthuntu, nindikindiki futhi niyiziwula? Kufanele nizihlole ngokwengeziwe, futhi kufanele nize phambi Kwami kaningi ngokwengeziwe uma kukhona into eningayiqondi. Ngithi kuwe, ngikhuluma ngazo zonke lezi zindlela ezehlukene ukuze nginiholele phambi Kwami; kungani, emva kwesikhathi esingaka, ningakakuboni lokhu? Kungoba amazwi Ami anidide nonke? Noma ngukuthi aniwaphathile onke amazwi Ami ngokuzimisela? Lapho nibona amazwi Ami niba nolwazi oluhle Ngani, futhi nithi niyangikweleta noma anikwazi ukuqonda intando Yami. Futhi emva kwalokho? Kusengathi awukaze uhlanganise lutho nalezi zinto, sengathi ungumuntu ongakholwa nhlobo kuNkulunkulu. ngabe awugwinyi nje ulwazi ngaphandle kokuzinikeza isikhathi sokulwetshisa? Lapho uthokozela amazwi Ami, kunjengokubuka ngokushesha izimbali ngenkathi ugabavula wedlula uphezu kwehhashi, ungazami nhlobo ukuqonda intando Yami engaphakathi kwamazwi Ami. Abantu banje: Bahlala bethanda ukubonakala bethobile, futhi lolu hlobo lomuntu lunenzondo kakhulu. Lapho behlangana nabanye ukuze bahlanganyele, bahlala bethanda ukwabelana ngokuzazi kwabo phambi kwabanye abantu, benza ukuthi abanye babone ukuthi bangabantu abakhombisa ukucabangela umthwalo Wami, lapho empeleni beyiziwula eziyiziphukuphuku kakhulu. (Abahlanganyeli ngolwazi lwabo lwangempela noma ulwazi Ngami nabafowabo nodadewabo, kodwa kunalokho bazibonakalisa bona nje futhi babukisa phambi kwabanye abantu; ngibenyanya kakhulu laba bantu, njengoba benginyundela futhi bengifojisa.)

Ngivame ukwenza ukuthi izimangaliso zivele kinina—aniziboni? Lokhu okubizwa ngokuwuqobo kuphilwa yilabo abangithanda ngokweqiniso—anikubonile? Ngabe lokhu akubona ukufakazi obuhle kakhulu eningangazi ngabo? Ngabe akungifakazeli kangcono? Kodwa anikuboni. Ngitsheleni, ngubani ongaphila okuwuqobo kulo mhlaba ongenasimilo ongcolile, onamanyala futhi okhohlakaliswe nguSathane? Ngabe bonke abantu abakhohlakele futhi abanalutho? Noma kunjalo, amazwi Ami asefike esicongweni; awekho amazwi angaqondakala kalula kunalawa. Ngisho nesiphukuphuku esiphelele besingawafunda futhi siwaqonde amazwi Ami, ngakho akuyikho ukuthi anikaze nenze mzamo?

Okwedlule: Isahluko 62

Okulandelayo: Isahluko 64

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp