Isahluko 61

Lapho unolwazi lwesimo sakho khona-ke ufeza intando Yami. Empeleni, intando Yami ayinzima ukuyiqonda, ukuthi nje esikhathini esedlule awukaze ufune ngokwenhloso Yami. Engikufunayo akuyona imiqondo yomuntu noma imicabango yomuntu, ingasaphathwa eyokufuna imali noma izimpahla zakho. Engikufunayo yinhliziyo Yakho, uyaqonda? Yilena intando Yami, futhi ngaphezu kwalokho yilokhu engifuna ukukuthola. Abantu bahlala besebenzisa imiqondo esengqondweni yabo ukuze bangahlulele, futhi balinganise isiqu Sami sokomoya besebenzisa izilinganiso zabo. Kumuntu, lokhu kuyinto enzima kakhulu angabhekana nayo, futhi kuyinto engiyinengwa futhi engiyenyanya kakhulu, uyabona? Ngoba lokhu kuyisimo sikaSathane esibonakala kakhulu. Futhi iziqu ezingokomoya zenu zincane kakhulu, ngakho nivame ukuwela emacebeni obuqili kaSathane. Awukwazi nje ukuwabona! Nginitshele kaningi ukuthi niqaphele ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, ukuthi ningakhohliswa nguSathane. Kodwa anilaleli futhi nikuziba kalula engikushoyo, ngakho nigcina nehlelwa ukulahlekelwa empilweni yenu futhi ukuzisola kufika sekwedlule isikhathi. Noma kunjalo, ngeke yini kube kuhle ukuthi uthathe lokhu njengesifundo ekufuneni kwakho kwesikhathi esizayo? Ngithi kuwe, ukuba nombono ophambene kalula kuyoletha ukulahlekelwa empilweni yakho futhi kuyoba ngokunzima kakhulu. Ngokwazi lokhu, kufanele uvuke, angithi?

Abantu balangazelela imiphumela esheshayo futhi babona kuphela okuphambi kwamehlo abo. Uma ngithi ngiqalile ukujezisa labo abasemandleni, nikhathazeka ngokwengeziwe, bese nibuza: “Kungani labo bantu besesemandleni? Ngabe uNkulunkulu akakhulumile amazwi angenalutho?” Imiqondo yomuntu igxile kakhulu! Aniyiqondi incazelo yalokhu engikushoyo. Labo engibajezisayo yilabo bantu ababi, labo abangedelelayo, labo abangangazi, futhi ngiziba labo abakholwa Kimi kuphela kodwa abangafuni iqiniso. Anazi lutho ngempela! Anikuqondanga nhlobo lokho engikushilo! Noma kunjalo, nisazimbambatha emhlane nicabanga ukuthi nivuthiwe, ukuthi niqonda izinto nokuthi niyakwazi ukuqonda intando Yami. Ngihlala ngithi zonke izinto nezindaba zenzela uKristu umsebenzi, kodwa ngabe uyawaqonda ngokwempela la mazwi? Uyawazi ngempela la mazwi? Ngishilo ngaphambili ukuthi angijezisi noma ngubani ngokugagamela. Wonke umuntu ngamunye emhlabeni nasezulwini ulandela amalungiselelo Ami afanele: Labo abaqondwe ukujezisa Kwami, labo abenzela uKristu umsebenzi (laba ngeke ngibasindise), labo abakhethwe Yimi, nalabo abakhethwe Yimi kodwa emva kwalokho abaqondwe ukususwa, bonke laba engibaphethe ezandleni Zami, ngingasayiphathi eyakho—engikukhethile—engikuqonda nangokwengeziwe. Izinto engizenzayo kulesi sigaba nezinto engizenza ngesigaba esilandelayo zonke zilandela amalungiselelo Ami ahlakaniphile. Awudingi ukungilungiselela noma yini ngaphambi kwesikhathi, lindela nje ukuthokoza kwakho! Lokhu yinto ekufanele. Ngibusa phezu kwezinto okungezami futhi angibayeki kalula labo abakhonondayo noma abalokotha babe neminye imibono Ngami. Ngivame ukuvutha ngolaka kulezi zinsuku, njengoba uhlelo lwezinqumo zokuphatha engilulungisele seluqhubekele kulesi sigaba. Ungacabangi ukuthi anginamizwa. Ngoba ngithe ngaphambili akukho nto, akukho muntu, akukho sigameko esilokotha sibambezele izinyathelo Zami eziya phambili. Ngenza lokho engikushoyo, futhi lokhu yilokhu engiyikho, futhi ngaphezu kwalokho kuwukuvezwa kwesimo Sami okubonakala kakhulu. Ngiphatha bonke abantu ngokufanayo, njengoba nonke ningamadodana Ami, futhi nginithanda nonke. Yimuphi ubaba ongathathi isibopho sempilo yendodana yakhe? Yimuphi ubaba ongasebenzi kanzima imini nobusuku ngenxa yekusasa lendodana yakhe? Futhi ngubani phakathi kwenu ongazi? Ngubani ongakhombisa inhliziyo Yami ukucabangela? Nihlala nenza izinhlelo namalungiselelo ezinjabulo zokwenyama yenu futhi aninakho neze ukubona inhliziyo Yami. Ngihlupha inhliziyo Yami kakhulu ngenxa yenu, kodwa nihlala nilangazelela izinjabulo zokwenyama, ukudla nokuphuza, ukulala, indlela enigqoka ngayo—ngabe aninawo nomncane nje unembeza? Uma kunjalo, khona-ke niyizilwane ezingubeni zabantu. Engikushoyo akukhona okungafanele futhi kufanele nikwazi ukukubekezelela. Lena yindlela engcono kakhulu yokunisindisa futhi ngaphezu kwalokho kulapho ukuhlakanipha Kwami kukhona—galela ebuthakathakeni obukhulu bukaSathane, mnqobe ngokuphelele futhi umshiye ebhujiswe ngokuphelele. Uma nje uphenduka futhi uqiniseka ukuthi ungethembela Kimi ukuthi ngisuse imvelo yakho endala futhi uphile ngomfanekiso womuntu omusha, inhliziyo Yami iyokwaneliswa ngokuphelele, njengoba lokhu kungukuphila ubuntu obejwayelekile, ukufakazela igama lami, futhi kuyilokhu okungenza ngijabule kakhulu.

Ngawo wonke umzuzu kufanele ube seduze Kwami, futhi kuyabonakala ukuthi isivinini Sami siyakhula nsuku zonke. Uma ngokwesikhashana untula ukuhlanganyela ngokomoya, khona-ke ukwahlulela Kwami kuyokwehliselwa kuwe ngokushesha. Kuleli phuzu unokubona okujulile. Akungenxa yokuthi angikuthandi njengoba ngikusola, kunalokho ukuthi ngikuqondisa ngenxa yothando Lwami kuwe. Kungenjalo ubungeke ukhule futhi ubuyohlala wonakele ngaphandle kokuthiya kukaMoya oNgcwele. Lokhu ngokwengeziwe kuyingxenye yokuhlakanipha Kwami.

Okwedlule: Isahluko 60

Okulandelayo: Isahluko 62

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp