3. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokwahlulela Nokusola

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho lo msebenzi uphela, labo abayovunyelwa ukuba basale bayohlanzwa bonke futhi bangene esimweni sobuntu esiphakeme ngokwengeziwe lapho beyojabulela khona ukuphila kwabantu kwesibili okumangalisa ngokwengeziwe emhlabeni; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu—Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela ekuthobeleni umbuso Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, ukuthinta Kwakhe umuntu kuwukumsindisa. Lolu hlobo lwensindiso lwenziwa lapho kuba nesivumelwano khona. Kulapho kuphela uNkulunkulu emnika khona ngokuphindaphindwe ngamakhulu lapho umuntu ethobeka ngaphambi kwegama likaNkulunkulu bese ezama ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi amnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ukunijesiza nina bantu abafayo bekungenziwe ngokukhuluma izwi elilodwa? Bengisengadinga ukunibhubhisa ngemva kokunisola ngenhloso? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona iZulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane.Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokuphelelisa umuntu. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke ngokokunenza niphile ubuntu obujwayelekile, futhi konke kungafezwa ubuntu bakho obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu waba inyama endaweni esilele emuva nengcole kunazo zonke, futhi yile ndlela kuphela uNkulunkulu akwazi ngayo ukubonisa ngokucacile isimo Sakhe sokulunga kanye nobungcwele Bakhe obuphelele. Futhi sibonakaliswa ngani isimo Sakhe sokulunga? Sibonakaliswa lapho ehlulela izono zomuntu, lapho ehlulela uSathane, lapho ezonda isono, nalapho enyanya izitha ezimelene Naye nezimhlubukayo. Amazwi engiwakhuluma namuhla awokwahlulela izono zomuntu, ukwahlulela ukungalungi komuntu, ukuqalekisa ukungalaleli komuntu. Ukugwegwa kanye nokukhohlisa komuntu, amazwi nezenzo zomuntu zokukhohlisa—konke okuphambene nentando kaNkulunkulu kufanele ukwahlulelwa, nokungalaleli komuntu kusolwe njengesono. Amazwi Akhe agxila ezimisweni zokwahlulela; usebenzisa ukwahlulela ukungalungi komuntu, isiqalekiso sokuhlubuka komuntu, kanye nokudalula izici ezimbi zomuntu ukuze abonakalise isimo Sakhe sokulunga. Ubungcwele buwukuvezwa kwesimo sokulunga Kwakhe, futhi eqinisweni ubungcwele bukaNkulunkulu buyisimo sangempela sokulunga Kwakhe. Izimo zenu ezonakele ziwumongo wamazwi anamuhla—ngizisebenzisa ukuze ngikhulume futhi ngahlulele, nokuthi ngenze umsebenzi wokunqoba. Lokhu kukodwa kungumsebenzi ongokoqobo, futhi lokhu kukodwa kwenza ubungcwele bukaNkulunkulu bukhazimule ngokugcwele. Uma kungekho umnonjana wesimo sokonakala kuwe, khona-ke uNkulunkulu ngeke akwahlulele, futhi ngeke akubonise isimo Sakhe sokulunga. Ngenxa yokuthi unesimo sokonakala, uNkulunkulu ngeke akuyeke, futhi kungenxa yalokhu kubonakaliswa ubungcwele Bakhe. Uma uNkulunkulu ubengabona ukungcola nokuhlubuka komuntu ukuthi kukhulu kakhulu kodwa angakhulumi noma akwahlulele, noma akucwenge ngenxa yokungalungi kwakho, khona-ke lokhu bekungabonisa ukuthi akayena uNkulunkulu, ngoba ubengabe akasizondi isono; ubengabe ungcolile njengomuntu. Namuhla, ukungcola kwakho okwenza ukuthi ngikwahlulele, futhi ukonakala nokuhlubuka kwakho okwenza ukuthi ngikucwenge. Angibukisi ngamandla Ami kini noma nginicindezele ngamabomu; ngenza lezi zinto ngoba nina, enizalwe kulelizwe lokungcola, nonakaliswe kakhulu ukungcola. Nina nimane nalahla ubuqotho nobuntu benu futhi nifana nezingulube ezizalelwe emagumbini omhlaba angcole kakhulu, futhi yilokhu okwenza ukuthi nahlulelwe nokuthi ngithululele phezu kwenu intukuthelo Yami. Yikho kanye lokhu kwahlulela okwenze ukuthi nikwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, nokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele; Yibo kanye ubungcwele Bakhe nokulunga Kwakhe okwenza ukuthi anahlulele futhi athululele ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angembula isimo Sakhe sokulunga lapho ebona ukuhlubuka komuntu, nangenxa yokuthi angembula ubungcwele Bakhe lapho ebona ukungcola komuntu, lokhu kwanele ukukhombisa ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, ongcwele futhi ophelele, nokho uhlala ezweni elingcolile.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 2. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokunqoba

Okulandelayo: 4. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wokuvivinya Nokucwenga

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp