Isahluko 17

Ibandla liyakhiwa noSathane uzama ngakho konke ukulibhidliza. Ufuna ukubhidliza nganoma iyiphi indlela lokhu esengikwakhile, ngakho-ke ibandla kumele licwengwe ngokushesha. Akumele kube khona inhlese noma yibuphi ububi obusalayo, kumele lihlanzwe lingabi nasici futhi ligcinwe limsulwa njengaphambilini. Kumele niphaphame futhi nilindile ngaso sonke isikhathi, futhi kufanele nithandaze ngokwengeziwe phambi Kwami.. Kumele niwabone amaqhinga nobuqili baSathane okwahlukahlukene, niwazi umoya, nibazi abantu kanti futhi nikwazi ukwahlukanisa zonke izinhlobo zabantu, izindaba nezinto, kumele nidle niphinde niphuze ngokwengeziwe amazwi Ami, futhi okubaluleke kakhulu ukuthi kumele nikwazi ukuwadla niwaphuze ngokwenu. Zihlomiseni ngeqiniso, nize phambi Kwami ukuze nginivule amehlo omoya khona niyobona zonke izimfihlakalo ezingaphakathi kumoya…. Lapho ibandla lingena esigabeni sokwakhiwa, abangcwele bayamasha baye empini. Izici ezehlukene ezimbi zikaSathane zima phambi kwenu; ngabe niyama nihlehle noma niyasukuma nihambe niphokophele phambili, nithembele kiMina? Dalulani ngokuphelele inkohlakalo nezici ezimbi zikaSathane, ningacabangeli mizwa futhi ningabonisi isihe. Yilwani noSathane kuze kufike ekufeni! Ngiyihawu lakho futhi kumele ube nomoya wengane yesilisa! USathane uyagadla esezinhlungiwni zakhe zokugcina zokufa kodwa akakwazi ukuphunyuka ekwahluleleni Kwami. USathane ungaphansi kwezinyawo zami futhi naye ungaphansi kwezinyawo zenu—kuliqiniso!

Bonke abaphazamisi benkolo kanye nalabo ababhidliza isakhiwo sebandla akumele babekezelelwe nakancane futhi ngiyobehlulela ngokushesha. Mdalululeni uSathane, nimnyathele ngezinyawo, nimbhubhise angabi nayo indawo yokucasha. Zonke izinhlobo zamadimoni nemimoya emibi nakanjani iyoziveza ubuyona phambi Kwami bese ngiyiphonsa emgodini ongenamkhawulo lapho engeke ikwazi ukukhululwa khona, bonke bangaphansi kwezinyawo zethu. Uma ufuna ukulwa ukulwa okulungile kweqiniso, okokuqala nje, ungamuniki uSathane ithuba lokusebenza, futhi ukwenza lokhu uyodinga ukuba munye ngokomqondo futhi ukwazi ukusebenza ngokubambisana, udedele imiqondo yakho siqu, imibono yakho, nezindlela zokwenza izinto, uthulise inhliziyo yakho Kimi, ugxile ezwini loMoya oNgcwele, ulalelisise umsebenzi woMoya oNgcwele futhi uzwe amazwi kaNkulunkulu ngokuphelele. Kumele ube nenhloso eyodwa vo, engukuthi intando Yami yenzeke. Akufanele ube nenye inhloso. Kumele ubheke Kimina ngenhliziyo yakho yonke, ubheke izenzo Zami uqaphelelisise nendlela engenza ngayo izinto, futhi ungabi budedengu nhlobo. Umoya wakho kumele ukhaliphe, amehlo akho avuleke. Ngokujwayelekile, labo izinhloso nemigomo yabo okungalungile, labo abathanda ukubonwa abanye, abamagange ukwenza izinto, abajwayele ukuphazamisa, abamandla emfundisweni yokholo, izinceku zaSathane njll., uma besukuma laba bantu baye babe yizinkinga ebandleni futhi ukudla nokuphuza kwabafowethu nodadewethu kuba yize nje, uma uthola lolu hlobo lwabantu bezenzisa khona-ke baxoshe ngokushesha. Uma, phezu kokukhuzwa kaningi, bengaguquki, khona-ke bayolahlekelwa. Uma labo abaqhubeka ngenkani nezindlela zabo bengaguquki, bezivikela futhi bezama ukufihla izono zabo, ibandla kumele libasuse ngokushesha futhi lingabaniki indawo yokunyakaza. Ningalahlekelwa okuningi ngokuzama ukusindisa okuncane, futhi gcinani amehlo ebuka umfanekiso omkhulu.

Amehlo akho omoya mawavuleke manje futhi wehlukanise izinhlobo ezahlukene zabantu ebandleni:

Ngumuntu onjani oqondisisa izindaba eziphathelene nomoya nowaziyo umoya?

Ngumuntu onjani ongaqondi izinto eziphathelene nomoya?

Ngumuntu onjani onemimoya emibi ngaphakathi kuye?

Ngumuntu onjani okusebenza uSathane kuye?

Ngumuntu onjani ojwayele ukuphazamisa?

Ngumuntu onjani okusebenza uMoya Oyigcwele kuye?

Ngumuntu onjani okhombisa ukucabangela umthwalo kaNkulunkulu?

Ngumuntu onjani okwazi ukwenza intando Yami?

Ngubani ufakazi Wami othembekileyo?

Yazi ukuthi ukukhanyisela uMoya oNgcwele akunika onke amabandla ungumbono ophakeme wanamuhla. Ningadideki ngalezi zinto, kunalokho kumele nithathe isikhathi sokuzixazulula ngokuphelele—lokhu kubaluleke kakhulu ekuqhubekeni kwempilo yenu! Uma ningaziqondi lezi zinto eziphambi kwamehlo enu ngeke nikwazi ukuhamba indlela engaphambili, nizoba sengozini yokulingeka nokuthunjwa noma nini, futhi kungenzeka nishwabadelwe. Okubalulekile njengamanje ukugxila ekusondeleni Kimina enhliziyweni yakho, ukuhlanganyela Nami, futhi konke ukuntula noma okufunayo uzokwenzelwa ngokusondela Kimi nokuhlanganyela Nami. Impilo yakho iyohlinzekwa futhi ube nokukhanyiselwa okusha. Angibheki ukuthi wawungazi kangakanani ngaphambili futhi angizikhumbuli iziphambeko zenu. Ngibheka ukuthi ungithanda kangakanani: Uyakwazi ukungithanda ngaphezulu kwazo zonke izinto na? Ngibheka ukuthi ungakwazi ukuphendukela emuva uthembele Kimi ukususa ukungazi kwakho. Abanye abantu bamelanna Nami, bangiphikise ngokusobala, bahlulele abanye abantu; abawazi amazwi Ami, futhi mancane namathuba okuba bathole ubuso Bami. Bonke labo abaphambi Kwami abangifuna ngokweqiniso, abanezinhliziyo ezilambele futhi ezomele ukulunga, ngizonikhanyisela, nginambulele, nginivumele ukuthi ningibone ngamehlo enu futhi nibambe intando Yami mathupha; inhliziyo Yami nakanjani iyokwembulelwa wena, ukuze uqonde. Kumele ukwenze lokhu esengikukhanyisele khona ngokwamazwi Ami, kungenjalo uzokwahlulelwa. Landela intando Yami futhi ngeke ulahleke.

Kubo bonke abafisa ukungena emazwini Ami, isihe kanye nezibusiso ziyophindwa kabili kubo, bayozuza ukukhanyiselwa nolwazi olusha nsuku zonke, futhi bayozizwa bevuselelekile ekudleni nasekuphuzeni amazwi Ami nsuku zonke. Bayokunambitha ngemilomo yabo: Kwaze kwaba mnandi! … Kumele uqaphele futhi unganeliseki uma unolwazi oluthile futhi uzwa ubumnandi—okusemqoka ukufuna uphokophele phambili! Abanye abantu bacabanga ukuthi ngokuqinisekile umsebenzi woMoya oNgcwele uyisimanga futhi ungokoqobo—lesi ngempela yisiqu sikaNkulunkulu uSomandla sivezwa obala, futhi izimpawu nezimangaliso ezinkulu ngokwengeziwe ziyeza ngaphambili. Niqaphele futhi niphaphame ngazo zonke izikhathi, amehlo enu angasuki emthonjeni, nithule phambili Kwami, ninake futhi nilalelisise, futhi niqiniseke ngamazwi Ami. Akungabikhona ukungabaza; uma unokungabaza, khona-ke ngibona ukuthi uzolahlwa ngaphandle kwesango. Yiba nemibono ecacile, ume esisekelweni esiqinile, ulandele lo mfula wokuphila futhi uwulandele eduze lapho uyogelezela khona; kungabi khona nokuncane ukungabaza. Yidla, uphuze futhi udumise, funa ngenhliziyo emsulwa futhi ungayeki. Letha konke ongakuqondisisi phambi kwami ngokwengeziwe futhi uqinisekise ukuthi ungabi nenhliziyo enokungabaza ukuze ugweme ukwehlelwa ukulahlekelwa okukhulu. Ungasali! Ungasali! Hlala useduze! Susa izithikamezo futhi ungadikibali. Funa ngenhliziyo yonke futhi ungabuyeli emuva. Kumele unikele ngenhliziyo yakho ngaso sonke isikhathi ungaphuthelwa nangomzuzu owodwa. UMoya oNgcwele uhlala unomsebenzi omusha owenzayo, wenza izinto ezintsha futhi unokukhanyisela okusha nsuku zonke; inguquko yasentabeni—umzimba womoya ongcwele kaNkulunkulu ubonakele! ILanga lokulunga likhipha ukukhanya futhi liyakhanya, zonke izizwe nabo konke abantu babubonile ubuso Bakho obukhazimulayo. Ukukhanya Kwami kuzokhanya phezulu kwalabo abeza phambili Kwami. Amazwi Ami angukukhanya, okunihola ngaphambili. Ngeke nijikele kwesobunxele noma kwesokudla lapho nihamba kodwa niyohamba ngaphakathi kokukhanya Kwami, futhi nokugijima kwenu ngeke kube umsebenzi ongenazithelo. Kumele ubone umsebenzi woMoya oNgcwele ngokucacile nentando Yami ingaphakathi kuwo. Zonke izimfihlakalo zifihlakele futhi ziyokwembulwa kancane kancane kuwena. Gcina amazwi Ami emqondweni ngazo zonke izikhathi futhi uze phambili Kwami ukuzohlanganyela Nami ngokwengeziwe. Umsebenzi woMoya oNgcwele uyaqhubeka. Hamba ezinyathelweni Zami; izimfihlakalo ezinkulu zingaphambili futhi zizovezwa kuwe ngakunye ngakunye. Yilabo kuphela abaqaphelayo, abalindayo futhi abaphapheme abayozibona. Qinisekisa ukuthi awuvilaphi. Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu selusondela esigabeni sokugcina, ukwakhiwa kwebandla kuzoba impumelelo, inani labanqobile selinqunyiwe, umnqobi owumntwana wesilisa uzokwakhiwa futhi uzongena embusweni Nami, athathe ubukhosi kanye Nami, abuse izizwe zonke ngenduku yensimbi futhi singene enkazimulweni ndawonye!

Okwedlule: Isahluko 16

Okulandelayo: Isahluko 18

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp