Isahluko 2

Ibandla laseFiladelfiya selithole isimo, futhi lokhu kube ngokuphelele ngenxa yomusa nobubele bukaNkulunkulu. Abangcwele bakhiphe uthando lwabo lukaNkulunkulu futhi abazange baphambuke endleleni yabo yokomoya. Baqinile ekukholweni kwabo ukuthi uNkulunkulu wangempela ongukuphela Kwakhe ube yinyama, ukuthi uyiNhloko yezulu nomhlaba olawula zonke izinto—lokhu kuqinisekiswa nguMoya oNgcwele futhi kufakazelwa ngobufakazi obuqanda ikhanda! Akunakuguquka!

O, Nkulunkulu uSomandla! Namuhla uvule amehlo ethu angokomoya, uvumela ukuthi izimpumputhe zibone, izishosha zihambe, abanochoko ukuba basinde. Uvule ifasitela lezulu futhi sibone izimfihlakalo zomhlaba ongokomoya. Amazwi Akho angene kithi, futhi usisindisile ebuntwini obukhohlakele obulethwe nguSathane. Lokhu kuwumsebenzi Wakho omkhulu kanye nomusa Wakho omkhulukazi. Singofakazi Bakho!

Uthobeke futhi wafihlakala ekuthuleni isikhathi eside. Wedlule ekuvukeni nokuhlupheka kokubethelwa; waze intokozo nosizi lokuphila komuntu kanye nokushushiswa nobunzima. Uzwe futhi wanambitha ubuhlungu bomhlaba womuntu, futhi ushiywe yinkathi. UNkulunkulu osesimweni somuntu unguNkulunkulu Ngokwakhe. Usisindisile engqumbini yobulongwe ngenxa yentando kaNkulunkulu wase usiphakamisa ngesandla Sakho sokudla; umusa Wakho unikezwe thina mahhala. Wenza imizamo engapheli yokufaka ukuphila Kwakho kithina; inani olikhokhile ngegazi, umjuluko, nezinyembezi Zakho lokhu kukwabangcwele. Siyizikhonzi zemizamo Yakho yokuzikhandla; siyinani olikhokhayo.

O, Nkulunkulu Somandla! Kungenxa yothando nobubele Bakho, ukulunga nobukhosi Bakho, ubungcwele nokuthobeka Kwakho ukuba bonke abantu bayokhothama phambi Kwakho futhi bakukhonze kuze kube phakade.

Namuhla uphelelelise wonke amabandla—ibandla laseFiladelfiya—eliwukufezwa kohlelo Lwakho lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000. Abangcwele manje sebengalalela ngokuthobeka phambi Kwakho; baxhumene nabanye emoyeni futhi bayaphelezelana othandweni. Baxhumene nomthombo wesiphethu. Amanzi okuphila aphilayo agobhoza ngokungapheli futhi asusa aphinde ahlanze konke ukungcola nodoti ebandleni, ephinda futhi ehlanza ithempeli. Simazile uNkulunkulu wangempela ongokoqobo, sahamba ngaphakathi kwamazwi Akhe, sabona imisebenzi yethu nokufanele sikwenze, futhi senza konke esingakwenza ukuze sizidele ngenxa yebandla. Kufanele sithathe yonke imizuzu ukuze sithule phambi Kwakho futhi silalele umsebenzi woMoya oNgcwele ukuze intando Yakho ingavimbeleki kithi. Phakathi kwabangcwele kukhona ukuthandana, futhi ukuqina kwabanye kuyovala isikhala sokwehluleka kwabanye. Bangahamba emoyeni kuyo yonke imizuzu futhi bazuze ukukhanyiselwa nokukhanya koMoya oNgcwele. Benza iqiniso masinyane emva kokuliqonda; bahambisana nokukhanya okusha futhi balandele izinyathelo zikaNkulunkulu.

Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu; ukumdedela alawule kungukuhamba Naye. Yonke imiqondo yakho, imicabango nemibono, konke ukuxakeka kwethu komhlaba, kushabalala emoyeni njengentuthu. Sivumela uNkulunkulu abuse emoyeni wethu, sihambe Naye futhi sizuze ukwedlula kokuyimvelo, sinqobe umhlaba, futhi imimoya yethu iyandiza iphinde ithole ukukhululwa; lena yimiphumela yokuba yiNkosi kukaNkulunkulu uSomandla. Kungenzeka kanjani singadansi futhi singaculi izindumiso, sinikeze ukudumisa kwethu, futhi sinikeze amaculo amasha?

Empeleni ziningi izindlela zokudumisa uNkulunkulu: ukumemeza igama Lakhe, ukusondela Kuye, ukucabanga Ngaye, ukufunda okuwukuthandaza, ukuhlanganyela, ukucabanga, ukuzindla, umthandazo, namaculo okudumisa. Kulezi zinhlobo zokudumisa kunokuthokoza, futhi kunogcobo; kukhona amandla ekudumiseni futhi kukhona nomthwalo. Kunokholo ekudumiseni, futhi kunolwazi olusha.

Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu, sebenza ngokuhambisana nibe munye, nelisa intando kaNkulunkulu uSomandla, phuthuma ukuba ngumzimba wokomoya ongcwele, nyathela uSathane, futhi uqede isiphetho sakhe. Ibandla laseFiladelfiya lihlwithwe phambi kukaNkulunkulu futhi liyazibonakalisa enkazimulweni kaNkulunkulu.

Okwedlule: Isahluko 1

Okulandelayo: Isahluko 3

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp